Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Wangifundisa Ukwenza Intando Yakhe

UJehova Wangifundisa Ukwenza Intando Yakhe

Indaba Yokuphila

UJehova Wangifundisa Ukwenza Intando Yakhe

Njengoba ilandiswa nguMax Lloyd

Kwakusebusuku ngolunye usuku ngo-1955. Mina nesithunywa sevangeli engangisebenza naso sasisesabelweni sethu eParaguay, eSouth America ngesikhathi umuzi esasikuwo uzungezwa isixuku esasithukuthele simemeza: “Unkulunkulu wethu womele igazi, futhi ufuna igazi lezifiki.” Thina zifiki sasifike kanjani kule ndawo?

INDABA yami iqala eminyakeni eminingi edlule e-Australia lapho ngakhulela khona nalapho uJehova aqala khona ukungifundisa ukwenza intando yakhe. Ngo-1938, ubaba wathola incwadi ethi Enemies kuFakazi othile. Yena nomama babengasajabule ngomfundisi wendawo owayebiza izingxenye ezithile zeBhayibheli ngezinganekwane. Esikhathini esingangonyaka kamuva, abazali bami babhapathizwa bebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova. Kusukela lapho, ukwenza intando kaJehova kwaba ingxenye ebaluleke kakhulu ekuphileni komkhaya wakithi. Udadewethu uLesley, owayemdala kunami ngeminyaka emihlanu, wabhapathizwa kamuva, mina ngabe sengibhapathizwa ngo-1940 ngineminyaka engu-9 ubudala.

Ngemva nje kokugqashuka kweMpi Yezwe II, ukunyatheliswa nokusakazwa kwezincwadi zeBhayibheli zoFakazi BakaJehova kwavinjelwa e-Australia. Ngakho, ngafunda ngisemncane ukuchaza isisekelo sokholo lwami ngisebenzisa iBhayibheli kuphela. Ngangihlale ngiphethe iBhayibheli lapho ngiya esikoleni ukuze ngibonise ukuthi kungani ngingalishayeli indesheni ifulege noma ngisekele izimpi.—Eks. 20:4, 5; Math. 4:10; Joh. 17:16; 1 Joh. 5:21.

Izingane eziningi esikoleni zazingixwaya ngoba kwakuthiwa “ngiyinhloli yamaJalimane.” Ngaleso sikhathi, kwakubukiswa amabhayisikobho esikoleni. Ngaphambi kokuba ibhayisikobho iqale, kwakufanele wonke umuntu asukume acule iculo lesizwe. Lapho ngingasukumi, abafana ababili noma abathathu babezama ukungisukumisa ngokungidonsa ngezinwele. Ekugcineni ngaxoshwa esikoleni ngenxa yokunamathela ezinkolelweni zami ezisekelwe eBhayibhelini. Nokho, ngakwazi ukuqhubeka ngifunda ngeposi.

UMGOMO ENGAGCINA NGIWUFINYELELE

Umgomo wami kwakuwukuqala inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona lapho ngiba neminyaka engu-14 ubudala. Ngakho ngadumala kakhulu lapho abazali bami bethi kumelwe ngiqale ngithole umsebenzi futhi ngisebenze. Baphikelela ngokuthi kumelwe ngikhokhele indawo yokuhlala nokudla ekhaya kodwa bathembisa ukuthi ngangingaqala ukuphayona lapho sengineminyaka engu-18. Lokhu kwenza ukuba sixabane njalo ngemali engangiyihola. Ngangibatshela ukuthi ngifuna ukuyongela ukuphayona, kodwa babeyithatha.

Lapho isikhathi sokuba ngiqale ukuphayona sifika, abazali bami bahlala nami phansi bangichazela ukuthi babeyigcine ebhange imali engangibanikeze yona. Babe sebengibuyisela yona yonke ukuze ngithenge izingubo nezinye izinto engangizozidinga lapho sengiphayona. Babengifundisa ukuba ngikwazi ukuzinakekela futhi ngingalindeli ukunakekelwa abanye. Uma ngicabanga ngakho, ngiyabona ukuthi lokho kuqeqeshwa kwaba usizo kakhulu.

Lapho mina noLesley sisakhula, ekhaya sasivame ukuhlalisa amaphayona, futhi sasikujabulela ukusebenza nawo ensimini. Izimpelasonto sasizisebenzisela ukushumayela endlini ngendlu, ukufakaza emgwaqweni nokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Ngaleyo minyaka, ummemezeli webandla kwakufanele afinyelele umgomo wamahora angu-60 ngenyanga. Umama cishe wayewufinyelela njalo lowo mgomo, esibekela isibonelo esihle sinoLesley.

UKUPHAYONA ETASMANIA

Isabelo sami sokuqala sokuphayona sasisesiqhingini sase-Australia, iTasmania, lapho udadewethu nomyeni wakhe babephayona khona. Nokho, bahamba ngokushesha ngemva kwalokho beyoqeqeshwa ekilasini le-15 leSikole SaseGileyadi. Ngangingeve nginamahloni futhi ngingakaze ngibe kude nasekhaya. Abanye babecabanga ukuthi ngangizobuya ngemva nje kwezinyanga ezintathu. Noma kunjalo, ungakapheli nonyaka, ngo-1950, ngamiswa ukuba ngikhonze njengenceku yebandla, umzalwane owayenza umsebenzi ocishe ufane nowomxhumanisi wendikimba yabadala. Kamuva, ngamiswa njengephayona elikhethekile, futhi ngaphayona nomunye umzalwane osemusha.

Isabelo sethu kwakuyidolobha elicezile elinezimayini zethusi elalingenabo oFakazi. Safika khona ngebhasi sekuhlwile. Ngobusuku bokuqala salala ehhotela elidala. Ngakusasa, njengoba sasishumayela endlini ngendlu, sabuza abaninikhaya ukuthi ayikho yini indlu abayaziyo eqashisayo. Ngasekupheleni kosuku, othile wasitshela ukuthi kunendlu yomfundisi eseduze nesonto laseHabe eyayingenamuntu futhi wathi kufanele sikhulume nedikoni. Lalinobungane futhi lasiqashisela leyo ndlu. Kwakuyinto eyinqaba ukuphuma endlini yomfundisi usuku ngalunye siyoshumayela.

Insimu yayikhiqiza. Saba nezingxoxo ezimnandi futhi saqala nezifundo zeBhayibheli eziningi. Lapho izikhulu zesonto ezisenhloko-dolobha zizwa ngalokhu nokuthi oFakazi BakaJehova babehlala endlini yomfundisi, zayala idikoni ukuba lisixoshe ngokushesha. Saphinde seswela indawo yokuhlala!

Ngosuku olulandelayo sashumayela kwaze kwaba maphakathi nentambama, sabe sesifuna indawo esingalala kuyo. Indawo engcono kunazo zonke esayithola kwaba umpheme ohlala izibukeli enkundleni yemidlalo. Safihla amapotimende ethu khona sabe sesiqhubeka nokufakaza. Kwase kuhwalala, kodwa sanquma ukuqedela imizi embalwa eyayisele kulowo mgwaqo. Komunye umuzi indoda ethile yasinikeza indawo yokuhlala endlini encane enamakamelo amabili engemuva!

UKUJIKELEZA NOKUYA EGILEYADI

Ngemva kwezinyanga ezingaba ngu-8 ngikulesi sabelo sokushumayela, ngacelwa ihhovisi legatsha lase-Australia ukuba ngibe umbonisi wesifunda. Njengoba ngangineminyaka engu-20 kuphela ubudala, ngashaqeka. Ngemva kokuqeqeshwa amasonto ambalwa, ngaqala ukuhambela amabandla ukuze ngiwakhuthaze. Cishe bonke abamemezeli babebadala kunami kodwa abazange bangibukele phansi ngoba ngimncane futhi ngingenakho okuhlangenwe nakho, kunalokho bawuhlonipha umsebenzi wami.

Yeka indlela ezazihlukahluke ngayo izinto zokuhamba engangizisebenzisa lapho ngihambela amabandla! Ngelinye isonto ngangihamba ngebhasi, ngelinye ngihambe ngebhasi likajantshi, ngelinye kube imoto noma ngigitsheliswe esithuthuthwini ngibe ngiphethe ipotimende nesikhwama sasensimini. Ukuhlala noFakazi kwakujabulisa ngempela. Enye inceku yebandla yayifisa ukuba ngihlale emzini wayo nakuba wawusakhiwa. Kulelo sonto ngendlalelwa kubhavu ukuze ngilale khona, kodwa yeka ukuthi lelo sonto laba elijabulisa kangakanani ngokomoya!

Enye into ejabulisayo engangingayilindele yenzeka ngo-1953 lapho ngithola ifomu lesicelo sokuya ekilasini lama-22 eSikoleni SaseGileyadi. Ngangijabule kodwa ngesikhathi esifanayo ngikhathazekile. Phela, ngemva kokuba udadewethu nomyeni wakhe bethole iziqu eGileyadi ngo-July 30, 1950, bathunyelwa ePakistan. Ungakapheli unyaka, uLesley wagula futhi washonela khona. Ngazibuza ukuthi abazali bami babeyozizwa kanjani uma ngiyokhonza kwelinye izwe amanxeba okushona kwakhe engakapholi nakuphola? Nokho, bathi: “Hamba uyokhonza uJehova nomaphi lapho ekuthuma khona.” Angiphindanga ngambona ubaba. Washona ngasekupheleni kwawo-1950.

Kungakabiphi, mina nabanye oFakazi abahlanu base-Australia sathatha uhambo lomkhumbi lwamasonto ayisithupha saya eNew York. Endleleni, sasifunda iBhayibheli, sitadisha futhi sifakaze kwabanye abagibeli. Ngaphambi kokuya lapho isikole sasikhona eSouth Lansing, eNew York, saya emhlanganweni wezizwe owawuseYankee Stadium ngo-July 1953. Inani lababekhona lafinyelela ku-165 829!

Ikilasi lethu laseGileyadi lalinabafundi abangu-120 ababevela kuwo wonke amagumbi omhlaba. Saze satshelwa ngosuku esathola ngalo iziqu ukuthi sasabelwe ukuyokhonza kuphi. Kwathi nje lapho sithola ithuba, saphuthuma emtatsheni wezincwadi waseGileyadi siyofunda ngamazwe esasabelwe kuwo. Ngathola ukuthi izwe engangabelwe kulo, iParaguay, lihlale linemibhikisho yezombangazwe. Ngisanda kufika, ekuseni ngelinye ilanga ngabuza ezinye izithunywa zevangeli ukuthi ‘bekuwumkhosi’ wani lo obuqhubeka izolo ebusuku. Zamomotheka zathi: “Usuqalile ukuzwa imibhikisho yalapha. Lunguza emnyango ongaphambili.” Hhabe, kwakugcwele amasosha yonke indawo!

OKUHLANGENWE NAKHO OKUNGASOZE KWALIBALEKA

Ngesinye isikhathi, ngaphelezela umbonisi wesifunda eyohambela ibandla elicezile futhi ezobonisa ibhayisikobho ethi The New World Society in Action. Sachitha amahora angu-8 kuya kwangu-9 sisendleleni, saqale sahamba ngesitimela, kwabe sekuba ikalishi elidonswa ihhashi, futhi ekugcineni kwaba elidonswa izinkomo. Sasiphethe i-generator nomshini wokudlala amabhayisikobho. Sesifikile lapho sasiya khona, sachitha usuku lonke ngakusasa sivakashela amapulazi futhi simema wonke umuntu ukuba azobuka ibhayisikobho ngalobo busuku. Cishe babengu-15 abantu ababa khona.

Ngemva kokuba isadlale imizuzu engaba ngu-20, satshelwa ukuba singene endlini ngokushesha okukhulu. Sathatha masinyane umshini wokudlala amabhayisikobho sangena endlini. Yingaleso sikhathi-ke lapho lesiya sixuku samadoda saqala khona ukumemeza, siqhumisa izibhamu, silokhu sithi: “Unkulunkulu wethu womele igazi, futhi ufuna igazi lezifiki.” Babili kuphela abantu ababeyizifiki lapho, futhi ngangingomunye wabo! Ababezobuka ibhayisikobho basivimba isixuku ukuba singangeni ngenkani endlini. Kodwa abaphikisi babuye babuya cishe ngehora lesithathu entathakusa, beqhumisa izibhamu futhi besisongela ngokuthi bazosibamba uma sesiphindela edolobheni emini.

Abazalwane babiza iphoyisa, futhi lafika ntambama namahhashi amabili ukuze lisiyise edolobheni. Endleleni, kwakuthi lapho sisondela endaweni eyihlathi noma enezihlahla, likhiphe isibhamu, lihambe phambili liyoyihlola. Ngabona ukuthi ihhashi liyinto yokuhamba ebalulekile, ngakho ngokuhamba kwesikhathi ngalithenga.

KUFIKA IZITHUNYWA ZEVANGELI EZENGEZIWE

Umsebenzi wokushumayela waqhubeka uphumelela naphezu kokuphikiswa njalo abefundisi. Ngo-1955, kwafika izithunywa zevangeli ezintsha ezinhlanu, kuhlanganise nodade waseCanada owayesemusha, u-Elsie Swanson, owayethole iziqu ekilasini lama-25 laseGileyadi. Saba ndawonye okwesikhashana ehhovisi legatsha ngaphambi kokuba abelwe ukuyokhonza kwelinye idolobha. Wayenikele ngokuphila kwakhe enkonzweni kaJehova ethola usizo olungatheni kubazali bakhe, abangazange balamukele iqiniso. Mina no-Elsie sashada ngo-December 31, 1957, futhi sahlala sodwa ekhaya lezithunywa zevangeli elalisengxenyeni eseningizimu yeParaguay.

Ikhaya lethu lalingenawo umpompi; kunalokho sasinomthombo egcekeni elingemuva. Ngakho sasingenayo indlu yokugezela noma yangasese engaphakathi, umshini wokuwasha, singenaso ngisho nesiqandisi. Ukudla okonakalayo sasikuthenga ngosuku esasizokusebenzisa ngalo. Kodwa lokho kuphila okulula nobungane nabafowethu nodadewethu ebandleni kwenza leso sikhathi saba esijabulisa kakhulu emshadweni wethu.

Ngokushesha ngemva kokufika e-Australia sivakashele umama ngo-1963, wahlaselwa isifo senhliziyo, okubonakala sengathi sabangelwa ukujabula kakhulu ngenxa yokungibona ngemva kweminyaka eyishumi angigcina. Njengoba isikhathi sokubuyela esabelweni sethu eParaguay sasisondela, sabhekana nesinye sezinqumo ezinzima kunazo zonke ekuphileni kwethu. Ingabe kwakufanele simshiye umama esibhedlela, ngethemba lokuthi ukhona owayezomnakekela, futhi sibuyele esabelweni sethu esasisithanda eParaguay? Ngemva kokuthandaza kaningi, sanquma ukuba sihlale simnakekele. Sakwazi ukwenza lokho sibe siqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele waze washona ngo-1966.

Ngajabulela ilungelo lokusetshenziswa iminyaka ethile esifundeni nasesigodini e-Australia nasekufundiseni eSikoleni Senkonzo SoMbuso sabadala. Kwabe sekuba nolunye ushintsho ekuphileni kwethu. Ngabelwa ukuba ngiyokhonza njengelungu leKomiti Yegatsha yokuqala yase-Australia. Kamuva, lapho sekuzokwakhiwa ihhovisi legatsha elisha, ngamiswa ukuba ngibe usihlalo wekomiti yokwakha. Sakha igatsha elihle, ngosizo lwezisebenzi ezingomakad’ ebona nezinokubambisana.

Ngabe sengabelwa eMnyangweni Wenkonzo, owengamela umsebenzi wokushumayela. Ngathola nelungelo lokuhambela amanye amagatsha emhlabeni wonke njengombonisi wawo ukuze ngiwasize futhi ngiwakhuthaze. Kwakungiqinisa ukholo ngokukhethekile emazweni athile ukuvakashela labo ababechithe iminyaka ethile ngisho namashumi eminyaka emajele nasemakamu okuhlushwa ngenxa yokulalela kwabo uJehova ngokwethembeka.

ISABELO SETHU MANJE

Ngemva kokubuya ohambweni lokuvakashela amagatsha olwasishiya sikhathele ngo-2001, ngathola incwadi eyayingimema ukuba ngiyokhonza eBrooklyn, eNew York, njengelungu leKomiti Yegatsha Yase-United States eyayisanda kumiswa. Mina no-Elsie sasicabangela leso simemo futhi sathandaza ngaso, sabe sesisamukela ngenjabulo. Sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-11 siseBrooklyn.

Ngijabula kakhulu ngokuba nenkosikazi ekujabulelayo ukwenza noma yini uJehova ayifunayo. Manje mina no-Elsie sisanda kweva eminyakeni engu-80 futhi sisenempilo ekahle. Sibheke phambili ekujabuleleni ukufundiswa uJehova kuze kube phakade nasekutholeni zonke izibusiso ezicebile eziyojatshulelwa yilabo abaqhubeka benza intando yakhe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

Ngelinye isonto ngangihamba ngebhasi, ngelinye ngihambe ngebhasi likajantshi, ngelinye kube imoto noma ngigitsheliswe esithuthuthwini ngibe ngiphethe ipotimende nesikhwama sasensimini

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]

Sibheke phambili ekujabuleleni ukufundiswa uJehova kuze kube phakade

[Izithombe ekhasini 18]

Kwesobunxele: Ngesikhathi ngijikeleza e-Australia

Kwesokudla: Nginabazali bami

[Isithombe ekhasini 20]

Ngosuku lwethu lomshado ngo-December 31, 1957