Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Vumela UJehova Akuholele Enkululekweni Yangempela

Vumela UJehova Akuholele Enkululekweni Yangempela

Vumela UJehova Akuholele Enkululekweni Yangempela

“Bukisisa umthetho ophelele ongowenkululeko.”—JAK. 1:25.

UNGACHAZA?

Imuphi umthetho oholela enkululekweni yangempela, futhi obani abazuza kuwo?

Iyini imfihlo yokuthola inkululeko yeqiniso?

Iyiphi inkululeko ezotholwa yibo bonke abahlala endleleni eya ekuphileni?

1, 2. (a) Kwenzekani enkululekweni yabantu emhlabeni, futhi ngani? (b) Iyiphi inkululeko ezotholwa izinceku zikaJehova?

 SIPHILA enkathini lapho ukuhaha, ukungabi namthetho nobudlova kwanda khona. (2 Thim. 3:1-5) Ngenxa yalokhu, ohulumeni bashaya imithetho eminingi, bandise amaphoyisa baze bafake namakhamera okuqapha. Kwamanye amazwe, ukuze izakhamuzi ziphephe kakhudlwana zifaka izinhlaba-mkhosi emizini yazo, izihluthulelo eziningi, zibiye nangocingo lukagesi. Abaningi abafuni ukuphumela ngaphandle ebusuku noma ukuvumela izingane zabo ukuba zidlale ngaphandle zingagadiwe—emini noma ebusuku. Ngokusobala, inkululeko iyancipha futhi cishe lokhu kusazoqhubeka.

2 Ensimini yase-Edene, uSathane wagomela ngokuthi isihluthulelo senkululeko yangempela siwukuzibusa ngaphandle kukaJehova. Yeka ukuthi lokho kwakungamanga amabi kangakanani! Yiqiniso, lapho abantu beyishaya indiva imingcele yokuziphatha nengokomoya ebekwe uNkulunkulu, kulimala wonke umphakathi. Lesi simo esiya siba sibi siyasithinta nathi njengezinceku zikaJehova. Noma kunjalo, sinethemba lokubona ukuphela kokugqilazwa kwesintu isono nokonakala nelokujabulela lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21) Eqinisweni, uJehova useqalile ukuzilungiselela leyo nkululeko izinceku zakhe. Kanjani?

3. Imuphi umthetho uJehova awunike abalandeli bakaKristu, futhi imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

3 Impendulo itholakala kulokho umlobi weBhayibheli uJakobe akubiza ngokuthi “umthetho ophelele ongowenkululeko.” (Funda uJakobe 1:25.) Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zihumusha la mazwi ngokuthi “umthetho osikhululayo” (The New English Bible) nangokuthi “umthetho ophelele wenkululeko” (IBhayibheli lesiZulu elivamile). Yiqiniso, abantu bavame ukuhlobanisa umthetho nokubekelwa imingcele, hhayi inkululeko. Uyini-ke, “umthetho ophelele ongowenkululeko”? Futhi usikhulula kanjani?

UMTHETHO OKHULULAYO

4. Uyini “umthetho ophelele ongowenkululeko,” futhi obani abazuza kuwo?

4 “Umthetho ophelele ongowenkululeko” akuwona uMthetho KaMose, ngoba okaMose wenza izeqo zabonakala futhi wagcwaliseka kuKristu. (Math. 5:17; Gal. 3:19) Pho uJakobe wayebhekisele kumuphi umthetho? Wayecabanga ‘ngomthetho kaKristu,’ obizwa nangokuthi ‘umthetho wokholo’ ‘nomthetho wabantu abakhululekile.’ (Gal. 6:2; Roma 3:27; Jak. 2:12) Ngakho-ke, “umthetho ophelele” uhlanganisa zonke izinto uJehova azifuna kithi. AmaKristu agcotshiwe “nezinye izimvu” bayazuza kuwo.—Joh. 10:16.

5. Kungani umthetho wenkululeko ungewona umthwalo?

5 Ngokungefani nemithetho yamazwe amaningi, “umthetho ophelele” awuyona inkimbinkimbi noma umthwalo kodwa unemiyalo elula nezimiso eziyisisekelo. (1 Joh. 5:3) UJesu wathi: “Ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Math. 11:29, 30) Ngaphezu kwalokho, “umthetho ophelele” awudingi uhlu olude lwezijeziso, noma izigwebo, ngoba usekelwe othandweni futhi ulotshwe ezingqondweni nasezinhliziyweni, hhayi ezibhebheni zamatshe. (Funda amaHebheru 8:6, 10.)

INDLELA “UMTHETHO OPHELELE” OSIKHULULA NGAYO

6, 7. Singathini ngezindinganiso zikaJehova, futhi kungani umthetho wenkululeko ukhulula?

6 Imingcele uJehova ayibekele izidalwa zakhe ezihlakaniphile ivikela futhi izuzise zona. Ngokwesibonelo, cabanga ngemithetho yemvelo elawula amandla nezinto ezidaliwe. Abantu abakhonondi ngokuthi leyo mithetho iyabacindezela. Kunalokho, bayayazisa, beqaphela ukuthi ibalulekile enhlalakahleni yabo. Ngokufanayo, izindinganiso zikaJehova zokuziphatha nezingokomoya eziboniswe ‘emthethweni ophelele’ kaKristu, zizuzisa abantu.

7 Ngaphezu kokuba isivikelo, umthetho wenkululeko usenza sikwazi ukwanelisa zonke izifiso zethu ezifanele futhi singalimali noma siphazamise amalungelo nenkululeko yabanye. Ngakho, imfihlo yenkululeko yangempela—ukukwazi ukwenza lokho esikufisayo—iwukuhlakulela izifiso ezifanele, ezivumelana nobuntu nezindinganiso zikaJehova. Ngamanye amazwi, kufanele sifunde ukuthanda lokho uJehova akuthandayo nokuzonda lokho akuzondayo, okuyilokho umthetho wenkululeko osisiza ukuba sikwenze.—Amose 5:15.

8, 9. Iziphi izinzuzo ezitholwa yilabo abanamathela emthethweni wenkululeko? Bonisa.

8 Njengoba singaphelele, kuwumzukuzuku ukunqoba izifiso ezimbi. Noma kunjalo, njengoba sinamathela ngokwethembeka emthethweni wenkululeko, siyawezwa amandla awo akhululayo ngisho namanje. Ngokwesibonelo: Umfundi omusha weBhayibheli obizwa ngokuthi uJay wayengumlutha kagwayi. Lapho efunda ukuthi lo mkhuba awumjabulisi uNkulunkulu, kwadingeka ukuba enze isinqumo. Ingabe wayezoqhubeka elalela inyama yakhe noma wayezolalela uJehova? Ngokuhlakanipha, wakhetha ukukhonza uNkulunkulu, nakuba ayesawuqalekela ugwayi. Wazizwa kanjani ngemva kokunqoba lo mkhuba wakhe? Kamuva wathi: “Ngazizwa ngikhululeke futhi ngijabule ngendlela emangalisayo.”

9 UJay wafunda ngokuzibonela mathupha ukuthi inkululeko yezwe, evumela abantu ukuba ‘banake inyama,’ eqinisweni iyagqilaza, kuyilapho inkululeko evela kuJehova, esho “ukunaka umoya,” ikhulula futhi iholela ‘ekuphileni nasekuthuleni.’ (Roma 8:5, 6) UJay wawatholaphi amandla okunqoba umkhuba wakhe ogqilazayo? Hhayi kuye ngokwakhe; wawathola kuNkulunkulu. Wathi: “Ngangitadisha iBhayibheli njalo, ngithandazele nomoya ongcwele, futhi ngamukele usizo lothando engangilunikezwa ibandla lobuKristu.” La malungiselelo afanayo angasisiza sonke ekufuneni inkululeko yangempela. Ake sibone ukuthi kanjani.

BUKISISA EZWINI LIKANKULUNKULU

10. Kusho ukuthini ‘ukubukisisa’ emthethweni kaNkulunkulu?

10 Ngokwengxenye, uJakobe 1:25 uthi: “Lowo obukisisa umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo . . . uyojabula lapho ewenza.” Igama lesiGreki lokuqala elihunyushwe ngokuthi “bukisisa” lisho “ukugoba ukuze ubheke okuthile,” okudlulisela umqondo wokuzikhandla. Yebo, uma sifuna ukuba umthetho wenkululeko uthonye izingqondo nezinhliziyo zethu, kumelwe sifeze ingxenye yethu ngokutadisha iBhayibheli ngenkuthalo nangokuzindla ngosizo lomthandazo ngalokho esikufundayo.—1 Thim. 4:15.

11, 12. (a) UJesu wasigcizelela kanjani isidingo sokwenza iqiniso libe indlela yethu yokuphila? (b) Njengoba kuboniswe ngenhla, iyiphi ingozi abasha ngokukhethekile okumelwe bayigweme?

11 Ngesikhathi esifanayo, kumelwe ‘siphikelele,’ noma sikhuthazele, ekusebenziseni iZwi likaNkulunkulu, kanjalo senze iqiniso libe indlela yethu yokuphila. UJesu waveza umqondo ofanayo lapho etshela abathile ababekholwa nguye: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Joh. 8:31, 32) Enye incwadi ithi, ‘ukwazi,’ lapha kusho nokwazisa ngoba leyo nto “‘eyaziwayo’ inenzuzo noma ibalulekile kulowo oyaziyo.” Ngaleyo ndlela, sisuke ‘silazi’ ngomqondo ogcwele iqiniso lapho silenza indlela yethu yokuphila. Khona-ke, singasho kufanele ukuthi “izwi likaNkulunkulu” ‘liyasebenza’ kithi, lilolonga ubuntu bethu ukuze silingise uBaba wethu osezulwini ngokuseduze.—1 Thes. 2:13.

12 Zibuze, ‘Ingabe ngilazi ngempela iqiniso? Sengilenzile yini laba indlela yami yokuphila? Noma ingabe ngisalangazelela ezinye zezinto “zenkululeko” yezwe?’ Ekhumbula esemusha, udade othile owakhuliswa abazali abangamaKristu wabhala: “Lapho ukhuliswa abazali abangamaKristu, ukhula wazi ukuthi uJehova uhlale ekhona. Kodwa mina, angizange ngimazi ngempela. Angizange ngifunde ukuzonda lokho akuzondayo. Angikaze ngikholelwe ukuthi engikwenzayo kuyamthinta. Angikaze ngifunde ukuthandaza kuye lapho nginenkinga. Ngangincika kokwami ukuqonda, esengazi manje ukuthi kwakuwubuwula ngoba ngangingazi lutho.” Kuyajabulisa ukuthi kamuva lo dade waqaphela ukuthi ukucabanga kwakhe kwakungalungile neze, wabe esenza izinguquko ezinkulu. Waze waqala ngisho nokukhonza njengephayona elivamile.

UMOYA ONGCWELE UNGAKUSIZA UTHOLE INKULULEKO

13. Umoya ongcwele kaNkulunkulu usisiza kanjani ukuba sikhululeke?

13 Kweyesi-2 Korinte 3:17 sifunda lokhu: “Lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.” Umoya ongcwele unayiphi indima enkululekweni yethu? Phakathi kokunye, uveza kithi izimfanelo ezidingekayo ukuze sithole inkululeko—“uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.” (Gal. 5:22, 23) Ngaphandle kwazo, ikakhulu uthando, abekho abantu abangaba abakhululeke ngempela—okuyinto esobala ezweni namuhla. Kuyathakazelisa ukuthi ngemva kokubala izithelo zomoya, umphostoli uPawulu wanezela: “Akukho mthetho omelene nezinto ezinjalo.” Wayesho ukuthini? Awukho umthetho ongavimbela ukukhula kwezithelo zomoya kaNkulunkulu. (Gal. 5:18) Besiyoba yini nje isizathu salowo mthetho? Kuyintando kaJehova ukuba sihlakulele izimfanelo ezinjengezikaKristu phakade futhi sizibonise ngaphandle kokuvinjelwa.

14. Umoya wezwe ubagqilaza ngaziphi izindlela labo abawuvumelayo?

14 Labo ababanjwe umoya wezwe futhi abazitika ngezifiso zenyama bangase bacabange ukuthi bakhululekile. (Funda eyesi-2 Petru 2:18, 19.) Nokho, amaqiniso abonisa okuphambene. Kudingeka inqwaba yemithetho neziqondiso ukuze kulawulwe izinkanuko nokuziphatha kwabo okulimazayo. UPawulu uthi: “Umthetho awukhishelwa umuntu olungileyo, kodwa abantu abangenamthetho nabangalawuleki.” (1 Thim. 1:9, 10) Baphinde babe yizigqila zesono, beqhutshwa ukuba benze “izinto ezithandwa yinyama,” eyinkosi enonya. (Efe. 2:1-3) Ngandlela-thile, abanjalo banjengezinambuzane ezikhalakathela esitsheni esinoju. Beqhutshwa izifiso zabo, bazithola sebebambekile.—Jak. 1:14, 15.

SIKHULULEKILE EBANDLENI LOBUKRISTU

15, 16. Kubaluleke kangakanani ukuhlanganyela kwethu nebandla, futhi iyiphi inkululeko esiyijabulela kulo?

15 Lapho uqala ukuhlanganyela nebandla lobuKristu, akuzange kube njengokungathi ujoyina iqembu likaqed’ isizungu. Kunalokho, weza ebandleni ngoba udonswe uJehova. (Joh. 6:44) Yini eyamshukumisela ukuba akudonse? Ingabe wayekubona ungumuntu olungile, owesaba uNkulunkulu? Ungase uthi “Lutho neze!” Wabonani-ke? Wabona inhliziyo eyayiyowamukela umthetho wakhe okhululayo futhi ivume ukulolongwa nguye ngendlela enomusa. Ebandleni, uJehova uye wanakekela inhliziyo yakho ngokukondla ngokomoya, ekukhulula emangeni enkolo nasekukholelweni ezeni nangokukufundisa indlela yokuhlakulela ubuntu obunjengobukaKristu. (Funda eyabase-Efesu 4:22-24.) Ngenxa yalokho, unelungelo lokuba phakathi kwabantu okuwukuphela kwabo emhlabeni abangabizwa kufanele ngokuthi “abantu abakhululekile.”—Jak. 2:12.

16 Cabanga ngalokhu: Lapho uphakathi kwabantu abathanda uJehova ngenhliziyo yonke, ingabe uzizwa wesaba? Ingabe uzithola ulokhu ujeqeza emuva? Lapho uxoxa nomfowenu noma udadewenu eHholo LoMbuso, ingabe uhlale ubambe izinto zakho ngoba wesaba ukuthi zizonyamalala? Lutho neze! Uzizwa ukhululekile. Ubungazizwa yini ngaleyo ndlela embuthanweni wezwe? Cishe ubungeke! Ngaphezu kwalokho, inkululeko oyijabulela manje phakathi kwabantu bakaNkulunkulu imane nje ingamazwibela enkululeko eseza.

‘INKULULEKO EKHAZIMULAYO YABANTWANA BAKANKULUNKULU’

17. Inkululeko yesintu ihlobene kanjani ‘nokwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu’?

17 Lapho ekhuluma ngenkululeko uJehova ayibekele izinceku zakhe zasemhlabeni, uPawulu wabhala: “Indalo ilindele ngokulangazela okukhulu ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.” Wabe esenezela: “Indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:19-21) “Indalo” ibhekisela kubantu abanethemba lasemhlabeni, abayozuza ‘ekwambulweni’ kwabantwana bakaNkulunkulu abagcotshwe ngomoya. Lokho kwambulwa kuyoqala lapho laba “bantwana,” abavuselwe endaweni yomoya, behlanganyela noKristu ekususeni ububi emhlabeni nasekusindiseni “isixuku esikhulu” singene esimisweni esisha sezinto.—IsAm. 7:9, 14.

18. Iyokwanda kanjani inkululeko kubantu abalalelayo, futhi iyiphi inkululeko abayoyijabulela ekugcineni?

18 Isintu esihlengiwe siyobe sesijabulela inkululeko entsha ngokuphelele—ukukhululeka ethonyeni likaSathane nelamademoni. (IsAm. 20:1-3) Yeka impumuzo lokho okuyoba yiyo! Ngemva kwalokho, amakhosi nabapristi abangu-144 000 abakanye noKristu bayoqhubeka kancane kancane bekhulula isintu besebenzisa izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo kuze kube yilapho isono sika-Adamu nokungapheleli sekususwe ngokuphelele. (IsAm. 5:9, 10) Lapho sebezibonakalise bethembekile ngaphansi kovivinyo, abantu bayobe sebethole khona kanye ukupheleliswa kwenkululeko uJehova aye wabalungiselela yona—‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ Cabanga nje! Ngeke kusaba umzukuzuku ukwenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu, ngoba umzimba wakho wonke uyobe sewenziwe waphelela nobuntu bakho sebuguqulwe ngokuphelele bavumelana nomfanekiso kaNkulunkulu.

19. Yini okumelwe siqhubeke siyenza namuhla ukuze sihlale sisendleleni eya enkululekweni yangempela?

19 Ingabe ulangazelela ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu’? Uma kunjalo, vumela ingqondo nenhliziyo yakho kuqhubeke kuthonywa “umthetho ophelele ongowenkululeko.” Yebo, yitadishe ngenkuthalo imiBhalo. Phila ngokuvumelana neqiniso, ulenze libe ngelakho. Thandazela umoya ongcwele. Zuza ngokugcwele ebandleni lobuKristu nasekudleni okungokomoya uJehova akunikezayo. Ungavumi ukuba uSathane akukhohlise, njengoba enza ku-Eva, ukuba ucabange ukuthi izindlela zikaNkulunkulu zicindezela ngokungenasidingo. Yebo, uDeveli angaba yiqili kakhulu. Kodwa njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, akudingeki ukuba ‘siphanjwe nguye, ngoba asibona abangenalwazi ngamacebo akhe.’—2 Kor. 2:11.

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 9]

Ingabe ngisazifisa ezinye zezinto ‘zenkululeko’ yezwe?

[Izithombe ekhasini 9]

Ingabe sengilenzile iqiniso laba indlela yami yokuphila?