Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ubafunde ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo:

Ingabe izinwele zikaSamsoni yizo ezazimnika amandla?

Izinwele zikaSamsoni ngokwazo zazingamniki amandla. Zazimelela ubuhlobo obukhethekile ayenabo noNkulunkulu njengomNaziri. Lobo buhlobo bathinteka lapho uDelila enza ukuba zigundwe.—4/15, ikhasi 9.

Uma kuqhathaniswa nenhliziyo yethu engokoqobo, iziphi izinto ezintathu ezingaba nethonya elihle enhliziyweni yethu engokomfanekiso?

(1) Ukudla. Njengoba nje inhliziyo yethu engokoqobo idinga ukudla okunempilo, kudingeka sithole nokudla okungokomoya okunempilo okwanele. (2) Ukuvivinya umzimba. Ukuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni kungagcina inhliziyo yethu engokomoya isesimweni esihle. (3) Indawo esizungezile. Singanciphisa ukucindezeleka ngokuzihlanganisa nesikholwa nabo abasikhathalelayo.—4/15, ikhasi 16.

Ngemva kokuba umngane womshado eye wangathembeka, abangane bomshado bangaphinde bakwakhe kanjani ukwethembana?

Kufanele (1) bathembeke komunye nomunye; (2) basebenze ngokubambisana; (3) bayeke imikhuba emidala baqale emisha; futhi (4) bazi lapho sekuyisikhathi sokuba badlulise okwenzekile, balwele ukulungisa umonakalo odalekile.—5/1, amakhasi 12-15.

Kungani isikhulumi esinikeza inkulumo yomngcwabo kungafanele sisebenzise iHubo 116:15 kumuntu oshonile?

Leli vesi lithi: “Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabaqotho bakhe.” Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu ubheka ukufa kwabo bonke abaqotho bakhe njengokuwukulahlekelwa okukhulu kakhulu ukuba angakuvumela ukuba kwenzeke. Ngeke avumele izinceku zakhe njengeqembu ukuba ziqothulwe ziphele emhlabeni.—5/15, ikhasi 22.

Ayengobani ama-colporteur?

Ngaphambi kuka-1931, igama elithi “colporteurs” lalisetshenziselwa labo namuhla asebebizwa ngokuthi amaphayona.—5/15, ikhasi 31.

Iziphi ezinye izici ezibonisa ukuthi iBhayibheli aliyona nje enye yezincwadi ezilotshwe abantu?

IBhayibheli liqukethe iziprofetho eziningi ezagcwaliseka. Linikeza umlando onembile, hhayi inganekwane. Liyavumelana nesayensi enembile, futhi izincwadi zalo ziyavumelana. Linokwaziswa okuwusizo namuhla.—6/1, amakhasi 4-8.

Inkulumo ethi “yonke le mibuso” esetshenziswe kuDaniyeli 2:44 ibhekisela kumiphi imibuso?

Ibhekisela emibusweni noma kohulumeni abafanekiselwa izingxenye ezihlukahlukene zesithombe esachazwa uDaniyeli.—6/15, ikhasi 17.

UMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika waba nini umbuso wezwe wesikhombisa wesiprofetho seBhayibheli?

Lo mbuso wezwe ohlangene waba khona lapho iBrithani ne-United States zisebenza ngokubambisana ngendlela ephawulekayo phakathi neMpi Yezwe I.—6/15, ikhasi 19.

UNkulunkulu uzithethelela futhi azikhohlwe kanjani izono zabantu abaphendukayo?

UJehova uthi ngalabo abamukelayo: “[Isono] sabo ngeke ngisasikhumbula.” (Jer. 31:34) Angathethelela izono ngesisekelo sesihlengo. Lapho enza kanjalo, uNkulunkulu ukhohlwa ngomqondo wokuthi ngeke esazikhumbula lezo zono ngenjongo yokubajezisela zona futhi.—7/1, ikhasi 18.

Kungani singase sizikholelwe izimangaliso eziseBhayibhelini?

Ngokuvamile zazenziwa phambi kwabantu, hhayi ekusithekeni. Zaziphawuleka ngokungabi nemidanti eminingi nezinto zasesiteji ezikhethekile. Zazenzelwa ukukhazimulisa uNkulunkulu, hhayi abantu. Kwenziwa izimangaliso eziningi ezihlukahlukene futhi abaphikisi bangaleso sikhathi abazange bangabaze ukuthi zenzeka. Yilezi izizathu ezenza siwethembe umlando weBhayibheli wezimangaliso.—8/1, amakhasi 7-8.