Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Nginani”

“Nginani”

“Nginani”

“Abaningi bayozula- zula, futhi ulwazi lweqiniso luyoba luningi.”—DAN. 12:4.

UNGAPHENDULA KANJANI?

Luye lwatholakala kanjani “ulwazi lweqiniso” ezikhathini zanamuhla?

Baye baba kanjani “baningi” labo abamukela iqiniso?

Ulwazi olunembile luye lwaba “luningi” ngaziphi izindlela?

1, 2. (a) Sazi kanjani ukuthi uJesu ukanye nezikhonzi zakhe manje nokuthi uyoba nazo nasesikhathini esizayo? (b) NgokukaDaniyeli 12:4, ukutadisha imiBhalo ngokucophelela kuyoba namuphi umphumela?

 ZICABANGE usePharadesi. Usuku ngalunye uvuka uqabulekile futhi ulangazelela ukuqala kwalo. Awuzwa zinhlungu namahlaba. Noma ikuphi ukugula owake waba nakho akusekho. Zonke izinzwa zakho—ukubona, ukuzwa, ukuhogela, ukuthinta nokunambitha—zisebenza kahle. Uyingqabavu, umsebenzi wakho uyajabulisa, unabangane abaningi futhi zonke izinto ezazikukhathaza sezedlule. Lezi izibusiso ongazijabulela lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu. UKristu Jesu, iNkosi emisiwe, uyobusisa izikhonzi zakhe futhi azifundise ngoJehova.

2 UJehova uyoba nezikhonzi zakhe ezithembekile njengoba zihlanganyela kulowo msebenzi wesikhathi esizayo wokufundisa emhlabeni wonke. Sekungamakhulu eminyaka uNkulunkulu neNdodana yakhe besekela abathembekile. Ngaphambi kokuba anyukele ezulwini, uJesu waqinisekisa abafundi bakhe abaqotho ukuthi wayeyoba nabo. (Funda uMathewu 28:19, 20.) Ukuze siqinise ukholo lwethu kulesi sithembiso, ake sihlole umusho owodwa nje wesiprofetho esiphefumulelwe uNkulunkulu esalotshwa eBhabhiloni lasendulo eminyakeni engaba ngu-2 500 edlule. Ngokuphathelene ‘nesikhathi sokuphela’ esiphila kuso manje, umprofethi uDaniyeli wabhala: “Abaningi bayozulazula, futhi ulwazi lweqiniso luyoba luningi.” (Dan 12:4) Uma siyibheka njengesingathekiso nangokuvumelana namaqiniso osuku lwethu, inkulumo yesiHebheru lapha ehunyushwe ngokuthi ‘ukuzulazula’ inomqondo wokuhlola ngokucophelela. Yeka izibusiso ezimangalisayo eziyolethwa yilokho kuzulazula! Labo abatadisha imiBhalo ngokucophelela babeyobusiswa ngolwazi lweqiniso noma olunembile lweZwi likaNkulunkulu. Lesi siprofetho sibuye siveze nokuthi abaningi babeyolamukela “ulwazi lweqiniso.” Ngaphezu kwalokho, ulwazi olunjalo lwaluyoba luningi. Lwaluyosakazwa kabanzi futhi lutholakale kalula. Njengoba sihlola indlela lesi siprofetho esiye sagcwaliseka ngayo, sizobona ukuthi uJesu ukanye nabafundi bakhe namuhla nokuthi uJehova ukwazi ngokugcwele ukufeza konke akuthembisile.

“ULWAZI LWEQINISO” LUYATHOLAKALA

3. Yini eyenzeka ‘olwazini lweqiniso’ ngemva kokufa kwabaphostoli?

3 Ngemva kokufa kwabaphostoli, ukuhlubuka ebuKristwini beqiniso okwakubikezelwe kwaqala futhi kwabhebhetheka njengomlilo. (IzE. 20:28-30; 2 Thes. 2:1-3) Emakhulwini eminyaka alandela, “ulwazi lweqiniso” lwaluyivelakancane, hhayi nje phakathi kwalabo ababengazi lutho ngeBhayibheli kodwa naphakathi kwalabo ababethi bangamaKristu. Nakuba babethi bayakholelwa emiBhalweni, abaholi beLobukholwa babefundisa amanga enkolo—‘izimfundiso zamademoni’ ezazihlazisa uNkulunkulu. (1 Thim. 4:1) Abantu babegcinwa besebumnyameni ngokomoya. Izimfundiso zezihlubuki zazihlanganisa imfundiso engamanga ethi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu, ethi umphefumulo awufi nethi eminye imiphefumulo ihlushwa phakade esihogweni somlilo.

4. Ngawo-1870, iqembu lamaKristu laqala kanjani ukufuna “ulwazi lweqiniso”?

4 Nokho, ngawo-1870—kusasele iminyaka engaba amashumi amane ngaphambi kokuqala ‘kwezinsuku zokugcina’—iqembu elincane lamaKristu aqotho ePennsylvania, e-U.S.A., lahlangana ukuze litadishe iBhayibheli ngokucophelela futhi lifune “ulwazi lweqiniso.” (2 Thim. 3:1) Lalizibiza ngabaFundi BeBhayibheli. Laba kwakungebona ‘abahlakaniphileyo nongqondongqondo’ uJesu athi ulwazi lwaluyofihleka kubo. (Math. 11:25) Kwakungabantu abathobekile ababefisa ngobuqotho ukwenza intando kaNkulunkulu. Ngokucophelela nangosizo lomthandazo babefunda, baxoxe futhi bazindle ngemiBhalo. Babebuye baqhathanise amavesi eBhayibheli futhi bahlole okwakubhalwe abanye ababenze ucwaningo olufanayo. Kancane kancane, laba baFundi BeBhayibheli baqonda amaqiniso okwase kungamakhulu eminyaka efihlekile.

5. Yayiyini injongo yochungechunge lwamapheshana abizwa ngokuthi The Old Theology?

5 Nakuba abaFundi BeBhayibheli babejabule ngezinto ababezifunda, abazange bavumele ulwazi ababesanda kuluthola ukuba lubakhukhumeze; abazange futhi bazishaye isifuba ngokuthi babememezela okuthile okusha. (1 Kor. 8:1) Kunalokho, banyathelisa uchungechunge lwamapheshana abizwa ngokuthi The Old Theology. Babehlose ukusiza abantu bafunde amaqiniso emiBhalo ayelotshwe eBhayibhelini. Elokuqala kula mapheshana “lalinokwaziswa okwengeziwe okusiza ekutadisheni iBhayibheli, ngenjongo yokusiza abantu bahlukane nazo zonke izimfundiso zamanga futhi babuyele ngokugcwele emfundisweni endala yeNkosi yethu nabaphostoli.”—The Old Theology, No. 1, April 1889, k. 32.

6, 7. (a) Yimaphi amaqiniso esiye sasizwa ukuba siwaqonde kusukela ngawo-1870? (b) Yimaphi amaqiniso wena oye wakwazisa ngokukhethekile ukuwafunda?

6 Yeka amaqiniso amangalisayo aye ambuleka kusukela kuleso siqalo esincane eminyakeni engaphezu kweyikhulu edlule! a La maqiniso awazona izindaba ezingathakazelisi zezifundiswa, izazi zenkolo eziphikisana ngazo. Angamaqiniso athakazelisayo nakhululayo asinika injongo ekuphileni futhi asigcwalise ngenjabulo nethemba. Asisiza ukuba sazi uJehova—ubuntu bakhe obuthandekayo nezinjongo zakhe. Aphinde acacise indima kaJesu, achaze ukuthi kungani aphila futhi wafa bese ebonisa lokho akwenzayo manje. La maqiniso ayigugu embula ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi, kungani sifa, kufanele sithandaze kanjani nokuthi singayithola kanjani injabulo yangempela.

7 Manje singakwazi ukuqonda incazelo yeziprofetho ezahlala ‘ziyimfihlo’ iminyaka eminingi kodwa ezigcwalisekayo kulesi sikhathi sokuphela. (Dan. 12:9) Lezi zihlanganisa iziprofetho ezitholakala kuyo yonke imiBhalo, ikakhulu emaVangelini nasencwadini yesAmbulo. UJehova uye wasisiza ngisho nokuba siqonde izenzakalo ezazingeke zibonakale ngamehlo enyama—ukubekwa kukaJesu esihlalweni sobukhosi, impi eyaba sezulwini nokuphonswa kukaSathane phansi emhlabeni. (IsAm. 12:7-12) UNkulunkulu usenze saqonda nencazelo yalokho esingakubona—izimpi, ukuzamazama komhlaba, izifo eziwumshayabhuqe, ukusweleka kokudla kuhlanganise nabantu abangamhloniphi uNkulunkulu abanomthelela kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.”—2 Thim. 3:1-5; Luka 21:10, 11.

8. Ubani esimbongayo ngezinto esiye sazibona futhi sazizwa?

8 Kulula ngathi ukuba sikuqonde lokho uJesu akutshela abafundi bakhe: “Ayajabula amehlo abona izinto enizibonayo. Ngoba ngithi kini, Abaprofethi abaningi namakhosi babefisa ukubona izinto enizibonayo kodwa abazibonanga, nokuzwa izinto enizizwayo kodwa abazizwanga.” (Luka 10:23, 24) Sibonga uJehova uNkulunkulu ngokusenza sikwazi ukubona nokuzwa lezo zinto. Yeka indlela esibonga ngayo nangokuthi “umsizi,” umoya ongcwele kaNkulunkulu, uye wathunyelwa ukuba uholele abalandeli bakaJesu “kulo lonke iqiniso”! (Funda uJohane 16:7, 13.) Kwangathi singahlale silwazisa “ulwazi lweqiniso” futhi siluhlanganyele nabanye ngokungagodli!

“ABANINGI” BAMUKELA “ULWAZI LWEQINISO”

9. Yisiphi isicelo esenziwa kumagazini ka-April 1881?

9 Ngo-April 1881, kungakapheli neminyaka emibili kunyatheliswe INqabayokulinda yokuqala yesiNgisi, lo magazini wenza isicelo sabashumayeli abayinkulungwane. Leso sihloko sathi: “Kulabo abazimo zabo ziyabavumela ukuba banikele ngengxenye yesikhathi sabo noma ngesikhathi esithe xaxa emsebenzini weNkosi, kunohlelo esilusikiselayo . . . , okungukuthi: Ukuba niye emadolobheni amakhulu noma amancane, kuye ngokwamandla enu, njengama-Colporteur noma abaVangeli, nifune amaKristu aqotho kuzo zonke izindawo akuzo, amaningi awo niyowathola enentshiseko ngoNkulunkulu kodwa hhayi ngokolwazi; abanjalo lwelani ukubazisa ingcebo yomusa kaBaba wethu nobuhle beZwi laKhe.”

10. Basabela kanjani abantu esicelweni sabashumayeli besikhathi esigcwele?

10 Leso sicelo sabonisa ukuthi abaFundi BeBhayibheli babeqaphela ukuthi umsebenzi obalulekile amaKristu eqiniso okumelwe awenze, ukushumayela izindaba ezinhle. Kodwa leso sicelo sabashumayeli besikhathi esigcwele abayinkulungwane sasibonisa ukuthi ayemakhulu amathemba ababenawo, ngoba ngaleso sikhathi babengamakhulu ambalwa kuphela abantu ababeza emihlanganweni yabaFundi BeBhayibheli. Nokho, ngemva kokufunda ipheshana noma umagazini, abaningi babebona ukuthi leli iqiniso bese besabela ngokushesha. Ngokwesibonelo, ngemva kokufunda umagazini INqabayokulinda kanye nencwajana enyatheliswa abaFundi BeBhayibheli, ngo-1882 umfundi othile waseLondon, eNgilandi, wabhala: “Ngicela ninginikeze iziqondiso zokushumayela ukuze ngifeze lo msebenzi obusisekile uNkulunkulu afisa wenziwe.”

11, 12. (a) Iyiphi injongo esinayo efana neyama-colporteur? (b) Ama-colporteur ayewamisa kanjani “amakilasi,” noma amabandla?

11 Ngo-1885, babebalelwa emakhulwini amathathu abaFundi BeBhayibheli ababehlanganyela enkonzweni yama-colporteur. Lezo zikhonzi zesikhathi esigcwele zazinenjongo efanayo neyethu namuhla—eyokwenza abafundi bakaJesu Kristu. Nokho, izindlela ababezisebenzisa zazehlukile kwezethu. Namuhla, ngokuvamile siqhuba isifundo seBhayibheli nomuntu oyedwa ngesikhathi. Sibe sesimmema ukuba azihlanganise nebandla eselikhona kakade. Esikhathini esidlule, ama-colporteur ayehambisa izincwadi bese ebuthela abathakazelayo ndawonye ukuze batadishe imiBhalo beyiqembu. Kunokufunda nabantu ngabanye, ayemisa “amakilasi,” noma amabandla.

12 Ngokwesibonelo, ngo-1907, elinye iqembu lama-colporteur laphuma umkhankaso edolobheni elithile lifuna labo abase benamakhophi e-Millennial Dawn (ebuye ibizwe ngokuthi Studies in the Scriptures). INqabayokulinda yabika: “Laba [abathakazelayo] babizelwa ekhaya lomunye wabo ukuze babe nomhlangano omncane. I-colporteur lachitha usuku lonke lwangeSonto lixoxa nabo ngeNjongo KaNkulunkulu Yaphakade, kwathi ngeSonto elilandelayo labakhuthaza ukuba babe nemihlangano njalo.” Ngo-1911, abazalwane bayishintsha le nqubo. Izikhonzi ezijikelezayo ezikhethekile ezingu-58 zanikeza izinkulumo zeningi kulo lonke elase-United States naseCanada. Laba bazalwane babebhala amagama namakheli abantu abathakazelayo ababeza ukuzolalela izinkulumo bese bebahlela ukuba bahlangane emakhaya abathile ukuze kwakhiwe “amakilasi” amasha. Ngo-1914, kwase kunamabandla abaFundi BeBhayibheli angu-1 200 emhlabeni wonke.

13. Yini ekuhlaba umxhwele ngezinga “ulwazi lweqiniso” oselusabalele ngayo namuhla?

13 Namuhla, kunamabandla angu-109-400 emhlabeni wonke, nabazalwane nodade abakhonza njengamaphayona abangu-895 800. Manje bacishe babe yizigidi ezingu-8 abantu abamukela “ulwazi lweqiniso,” balusebenzise ekuphileni kwabo. (Funda u-Isaya 60:22.) b Lokhu kuhlaba umxhwele ngokukhethekile, njengoba uJesu abikezela ukuthi abafundi bakhe babeyoba “yizinto zokuzondwa abantu bonke” ngenxa yegama lakhe. Wanezela nokuthi abalandeli bakhe babeyoshushiswa, baboshwe baze ngisho babulawe. (Luka 21:12-17) Naphezu kokuphikisa kukaSathane, amademoni akhe nabaphikisi abangabantu, abantu bakaJehova baye baba nempumelelo enkulu kakhulu ekufezeni isabelo sabo sokwenza abafundi. Namuhla bashumayela “emhlabeni wonke owakhiwe,” kusukela emahlathini asezindaweni ezishisayo kuya emathafeni abandayo, ezintabeni, ezingwadule, emadolobheni nasemaphandleni akude kakhulu. (Math. 24:14) Lokhu bekungenakufezwa ngaphandle kokusekela kukaNkulunkulu.

“ULWAZI LWEQINISO” LUBA “LUNINGI”

14. “Ulwazi lweqiniso” luye lwasakazwa kanjani ngezincwadi?

14 “Ulwazi lweqiniso” luye lwaba luningi ngenxa yobuningi babantu abamemezela izindaba ezinhle. Luye lwaba luningi nangenxa yezincwadi. Ngo-July 1879, abaFundi BeBhayibheli banyathelisa umagazini wokuqala we-Nqabayokulinda, owawubizwa ngokuthi i-Zion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence. Lowo magazini, owanyatheliswa inkampani eqashiwe, waba namakhophi angu-6 000 ngesiNgisi kuphela. Kwakhethwa uCharles Taze Russell owayeneminyaka engu-27 ubudala ukuba abe umhleli wawo, esizwa abanye abaFundi BeBhayibheli abavuthiwe abahlanu. Manje INqabayokulinda inyatheliswa ngezilimi ezingu-195. Iwumagazini osakazwa kabanzi kunabo bonke emhlabeni, njengoba kunyatheliswa amakhophi angu-42 182 000 kamagazini ngamunye. Ibe isilandelwa umagazini ohambisana nayo i-Phaphama!, okunyatheliswa amakhophi ayo angu-41 042 000 ngezilimi ezingu-84. Ngaphezu kwalokho, kunyatheliswa izincwadi namaBhayibheli okungaba izigidi eziyikhulu unyaka ngamunye.

15. Umsebenzi wethu wokunyathelisa usekelwa kanjani ngokwezimali?

15 Lo msebenzi omkhulu ngokubabazekayo usekelwa ngeminikelo yokuzithandela. (Funda uMathewu 10:8.) Lokho nje kukodwa kuyabamangaza labo abasembonini yokunyathelisa abaziqondayo izindleko zemishini yokunyathelisa, iphepha, uyinki nezinye izinto. Omunye umzalwane owenza umsebenzi wokuthengela amagatsha izinto wathi: “Osomabhizinisi abavakashela izindawo zethu zokunyathelisa bayamangala lapho bezwa ukuthi le ndawo enobuchwepheshe obusezingeni eliphakeme kangaka nekhiqiza kangaka isekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Kubahlaba umxhwele nokubona izisebenzi zethu zaseBethel zingabantu abasebasha futhi abajabule.”

ULWAZI NGONKULUNKULU LUYOGCWALA EMHLABENI

16. Iyini injongo yokwembula “ulwazi lweqiniso”?

16 “Ulwazi lweqiniso” luye lwaba luningi ngenjongo enhle. Intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:3, 4) UJehova ufuna abantu bazi iqiniso ukuze bamkhulekele ngendlela efanele bese bethola isibusiso sakhe. Ngokwembula “ulwazi lweqiniso,” uJehova uye wabutha insali ethembekile yamaKristu agcotshiwe. Ubutha ‘nesixuku esikhulu’ esivela “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi” esinethemba lokuphila phakade emhlabeni.—IsAm. 7:9.

17. Ukwanda kokukhulekela kweqiniso kuwubufakazi bani?

17 Ukwanda kokukhulekela kweqiniso kule minyaka engu-130 edlule kuwubufakazi obunamandla bokuthi uNkulunkulu neNkosi ayimisile, uJesu Kristu, bebelokhu bekanye nezinceku zikaJehova emhlabeni—beziqondisa, bezivikela, bezihlela futhi bezifundisa. Ukwanda kwazo kubuye kugcizelele ukuthi izithembiso zikaJehova ngekusasa zizogcwaliseka nakanjani. “Umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.” (Isaya 11:9) Yeka izibusiso eziyojatshulelwa yisintu ngaleso sikhathi!

[Imibhalo yaphansi]

a Uyozuza ngokubukela i-DVD ethi OFakazi BakaJehova—Izenzo Ezibonisa Ukholo, Ingxenye 1: Ukuphuma Ebumnyameni nethi OFakazi BakaJehova—Izenzo Ezibonisa Ukholo, Ingxenye 2: Ukukhanya Makukhanye.

b Bheka incwadi ethi Isiprofetho Sika-IsayaUkukhanya Kuso Sonke Isintu II, ikhasi 320.

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 6]

AbaFundi BeBhayibheli bokuqala babengabantu abathobekile ababefisa ngobuqotho ukwenza intando kaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 7]

UJehova uyayazisa imizamo yenu ekusakazeni “ulwazi lweqiniso” ngoNkulunkulu