Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qaphela Izingibe ZikaDeveli!

Qaphela Izingibe ZikaDeveli!

Qaphela Izingibe ZikaDeveli!

‘Phuma ogibeni lukaDeveli.’—2 THIM. 2:26.

UNGAPHENDULA KANJANI?

Ikuphi ukuzihlola okudingekayo uma uthambekele ekudlinzekeleni abanye ngokungafanele?

Esibonelweni sikaPilatu nesikaPetru, yini ongayifunda ngokungavumeli ukunqotshwa ukwesaba nokucindezelwa?

Ungawugwema kanjani umuzwa wecala owedlulele?

1, 2. Iziphi izingibe zikaDeveli esizoxoxa ngazo kulesi sihloko?

 UDEVELI ucathamela izinceku zikaJehova. Umgomo wakhe awukona ngempela ukuzibulala, njengoba kwenza umzingeli wezinyamazane. Kunalokho, umgomo oyinhloko kaSathane ukusibamba siphila isisulu sakhe bese esisebenzisa ngendlela athanda ngayo.—Funda eyesi-2 Thimothewu 2:24-26.

2 Ukuze abambe isilwane asizingelayo siphila, umcuphi angase asebenzise uhlobo oluthile logibe. Angase azame ukusiyenga ukuba siphumele obala lapho engasibamba khona kahle ngesihibe. Noma angase asebenzise isicupho esifihlekile ukuze asibambe singalindele. UDeveli usebenzisa izingibe ezithi azifane ukuze abambe izinceku zikaNkulunkulu ziphila. Uma sifuna ukungabanjwa, kumelwe siqaphe futhi sinake izimpawu eziyisixwayiso ezibonisa ukuthi olunye lwezingibe noma izicupho zikaSathane luseduze. Lesi sihloko sizoxoxa ngendlela esingaqapha ngayo izicupho ezintathu uDeveli aye wazisebenzisa ngokuphumelelayo. Zihlanganisa (1) inkulumo engalawuliwe, (2) ukwesaba nokucindezelwa, (3) nomuzwa wecala owedlulele. Isihloko esilandelayo sizodingida ezinye izicupho noma izingibe ezimbili zikaSathane.

NQANDA UMLILO WENKULUMO ENGALAWULIWE

3, 4. Ukwehluleka ukulawula ulimi lwethu kungaba namuphi umphumela? Nikeza isibonelo.

3 Ukuze umzingeli akhiphe izilwane lapho zicashe khona, angase athungele leyo ndawo ngomlilo, abese ezibamba njengoba zizama ukubaleka. Ngomqondo ongokomfanekiso, uDeveli angathanda ukuthungela ibandla lobuKristu ngomlilo. Uma ephumelela, angenza amalungu alo aphume kuleyo ndawo ephephile bese ezithela khona kanye ezidladleni zakhe. Singabambisana kanjani naye singahlosile bese ngaleyo ndlela esibamba?

4 Umfundi uJakobe wafanisa ulimi nomlilo. (Funda uJakobe 3:6-8.) Uma sehluleka ukulawula ulimi lwethu, singokhela umlilo wequbula ongokomfanekiso ebandleni. Kungenzeka kanjani lokhu? Cabanga ngalesi simo: Kwenziwa isaziso emhlanganweni webandla sokuthi udade othile umiswe njengephayona elivamile. Ngemva komhlangano, odade ababili baxoxa ngalesi saziso. Omunye ujabule ngalokhu futhi ulifisela okuhle leli phayona elisha. Omunye ungabaza izisusa zalo futhi usikisela ukuthi limane nje lifuna ukuvelela ebandleni. Imuphi kulab’ odade ongathanda ukuba abe umngane wakho? Akunzima ukubona ukuthi yimuphi ongase okhele umlilo ebandleni ngenkulumo yakhe.

5. Ukuze sinqande umlilo wenkulumo engalawuliwe, yikuphi ukuzihlola okuyoba kuhle sikwenze?

5 Singawunqanda kanjani umlilo wenkulumo engalawuliwe? UJesu wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Math. 12:34) Ngakho isinyathelo sokuqala ukuhlola inhliziyo yethu. Ingabe siyayigwema imizwa engafanele edala inkulumo elimazayo? Ngokwesibonelo, uma sizwa ukuthi umzalwane othile uzama ukufinyelela ilungelo elithile lenkonzo, ingabe siye sikholelwe ukuthi izisusa zakhe zimsulwa noma siye sisole ukuthi ushukunyiswa izifiso zobugovu? Uma sithambekele ekungabazeni izisusa zabanye, kuhle sikhumbule ukuthi uDeveli wangabaza izisusa zenceku kaNkulunkulu ethembekile uJobe. (Jobe 1:9-11) Kunokuba sisole izisusa zomfowethu, siyobe senza kahle ngokucabanga ukuthi kungani simdlinzekela. Ingabe ngempela sinesizathu esihle sokusabela ngaleyo ndlela? Noma ingabe inhliziyo yethu seyonakaliswe umoya wokungabi naluthando odlangile kulezi zinsuku zokugcina?—2 Thim. 3:1-4.

6, 7. (a) Iziphi ezinye zezizathu ezingasenza sigxeke abanye? (b) Kufanele sisabele kanjani uma sethukwa?

6 Cabanga ngezinye izizathu ezingenza sigxeke abanye. Esinye kungaba ukuthi sifisa ukuqhakambisa lokho thina esikufezile. Empeleni, kungenzeka sizama ukuvelela ngokucindezela abanye. Noma kungenzeka sizama ukuthethelela ukwehluleka kwethu ukwenza okufanele. Kungakhathaliseki ukuthi siqhutshwa ukuzikhukhumeza, umona noma ukuzama ukuzivikela thina, umphumela uyalimaza.

7 Kungenzeka sinomuzwa wokuthi simgxeka kufanele othile. Kungenzeka wake wasilimaza ngenkulumo yakhe engalawuliwe. Uma kunjalo, ukuziphindiselela akulona ikhambi. Ukwenza kanjalo kumane kubhebhethekise umlilo futhi kufeze intando kaDeveli, hhayi ekaNkulunkulu. (2 Thim. 2:26) Senza kahle ngokulingisa uJesu kule ndaba. Lapho ethukwa, “akaphindiselanga ngokuthuka.” Kunalokho, “waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga.” (1 Pet. 2:21-23) UJesu wayeqiniseka ukuthi uJehova wayeyosingatha izinto ngendlela yakhe nangesikhathi sakhe. Kufanele simethembe ngokufanayo uNkulunkulu. Lapho sisebenzisa ulimi lwethu ukuze siphulukise, sisiza ekulondolozeni ‘isibopho esihlanganisayo sokuthula’ ebandleni lakithi.—Funda eyabase-Efesu 4:1-3.

BALEKELA UGIBE LOKWESABA NOKUCINDEZELWA

8, 9. Kungani uPilatu alahla uJesu ngecala?

8 Isilwane esibambeke ogibeni asikwazi ukunyakaza ngokukhululekile. Ngokufanayo, umuntu onqotshwa ukwesaba nokucindezelwa okuhambisana nakho ngandlela-thile akakulawuli ukuphila kwakhe. (Funda izAga 29:25.) Ake sicabangele izibonelo zamadoda amabili ahluke kakhulu anqotshwa ukucindezelwa nokwesaba bese sibona ukuthi singafundani kulokho okwenzeka kuwo.

9 UMbusi WamaRoma uPontiyu Pilatu wayazi ukuthi uJesu wayengenacala futhi kubonakala sengathi wayengafuni ukumlimaza. Eqinisweni, uPilatu wathi uJesu wayengenzanga lutho “olumenza afanelwe ukufa.” Noma kunjalo, wamgwebela ukufa. Kungani? Wanqotshwa ukucindezela kwesixuku. (Luka 23:15, 21-25) Labo baphikisi bamcindezela ukuze kwenzeke intando yabo ngokumemeza: “Uma umkhulula lo muntu, awuyena umngane kaKhesari.” (Joh. 19:12) Kungenzeka ukuthi uPilatu wesaba ukuthi wayeyolahlekelwa isikhundla—noma mhlawumbe ukuphila kwakhe—uma ayengaba sohlangothini lukaKristu. Ngakho wavuma ukuba enziswe intando kaDeveli.

10. Yini eyenza uPetru waphika uKristu?

10 Umphostoli uPetru wayengomunye wabangane bakaJesu ababeseduze kakhulu. Wavuma obala ukuthi uJesu wayenguMesiya. (Math. 16:16) Akazange amhlamuke uJesu lapho abanye abafundi bengayiqondi incazelo yalokho akusho futhi bemshiya. (Joh. 6:66-69) Lapho izitha zizobopha uJesu, uPetru wasebenzisa inkemba ukuze avikele iNkosi yakhe. (Joh. 18:10, 11) Nokho, kamuva, uPetru wanqotshwa ukwesaba waze waphika nokuthi uyamazi uJesu Kristu. Okwesikhashana, lo mphostoli wabambeka ogibeni lokwesaba umuntu futhi waluvumela ukuba lumvimbele ekuthatheni isinyathelo esidinga isibindi.—Math. 26:74, 75.

11. Imaphi amathonya amabi esingase sibhekane nawo?

11 NjengamaKristu, kudingeka simelane nengcindezi yokwenza izinto ezingadumaza uNkulunkulu. Abaqashi noma abanye abantu bangase bazame ukusicindezela ukuba singathembeki noma bafune ukusinxenxela ekuziphatheni okubi ngokobulili. Abafunda isikole kungase kudingeke babhekane nontanga abazama ukubacindezela ukuba bakopele, babukele izithombe zobulili ezingcolile, babheme, basebenzise izidakamizwa, badakwe noma baziphathe kabi ngokobulili. Khona-ke, yini engasisiza ukuba sibalekele ugibe lokwesaba nolokucindezelwa ukuba senze izinto ezidumaza uJehova?

12. Iziphi izifundo esingazifunda kuPilatu noPetru?

12 Ake sibone ukuthi singafundani esibonelweni sikaPilatu nesikaPetru. Kuncane uPilatu ayekwazi ngoKristu. Noma kunjalo, wayazi ukuthi uJesu wayengenacala nokuthi wayehlukile kwabanye abantu. Kodwa uPilatu wayengathobekile futhi engenalo uthando ngoNkulunkulu weqiniso. UDeveli wambamba kalula ephila. UPetru wayenolwazi olunembile ngoNkulunkulu futhi emthanda. Nokho, ngezinye izikhathi wayenza ngendlela ebonisa ukungabi nasizotha, futhi enqotshwa ukwesaba nokucindezelwa. Ngaphambi kokuboshwa kukaJesu, wazishaya isifuba: “Ngisho noma bonke abanye bekhubeka, nokho mina ngeke.” (Marku 14:29) Lo mphostoli wayeyobe elulungele kangcono uvivinyo ayesazobhekana nalo ukube wayebe nesimo esifana nesomhubi owathembela kuNkulunkulu futhi wahlabelela: “UJehova ungakimi; ngeke ngesabe. Umuntu wasemhlabeni angangenzani?” (IHu. 118:6) Ngobusuku bokugcina bokuphila kwakhe emhlabeni, uJesu wathatha uPetru nabanye abaphostoli ababili wangena nabo phakathi impela nensimu yaseGetsemane. Nokho, kunokuba bahlale bephapheme, uPetru nalabo ayenabo balala. UJesu wabavusa futhi wathi: “Madoda, hlalani nilindile futhi nithandaza, ukuze ningangeni esilingweni.” (Marku 14:38) Kodwa uPetru waphinde walala futhi kamuva wanqotshwa ukwesaba nokucindezelwa.

13. Singamelana kanjani nokucindezelwa ukuba senze okubi?

13 Kunesinye isifundo esibalulekile esingasifunda esibonelweni sikaPilatu nesikaPetru: Ukuphumelela ekumelaneni nokucindezelwa kuhilela izici eziningana ezinjengolwazi olunembile, ukuthobeka, isizotha, ukuthanda uNkulunkulu nokwesaba yena hhayi abantu. Uma ukholo lwethu lusekelwe olwazini olunembile, siyokhuluma ngesibindi nangokuqiniseka ngezinkolelo zethu. Lokhu kuyosisiza ukuba simelane nokucindezela futhi sinqobe ukwesaba abantu. Yiqiniso, akumelwe sizethembe ngokweqile. Kunalokho, kufanele sithobeke siqaphele ukuthi sidinga amandla kaNkulunkulu ukuze simelane nokucindezelwa. Kudingeka sithandazele umoya kaJehova futhi kumelwe sivumele uthando ngaye lusishukumisele ukuba siphakamise igama lakhe futhi sisekele izindinganiso zakhe. Ngaphezu kwalokho, kudingeka sizilungiselele ukubhekana nokucindezelwa lungakafiki uvivinyo. Ngokwesibonelo, ukulungiselela kusengaphambili nokuthandaza kungasiza izingane zethu ukuba zibhekane ngokuphumelelayo nontanga lapho bezinxenxela ekwenzeni okubi.—2 Kor. 13:7. a

GWEMA UGIBE OLUCHOBOZAYO —UMUZWA WECALA OWEDLULELE

14. Yini uDeveli angathanda ukuba siphethe ngayo ngokuphathelene namaphutha esawenza?

14 Ngezinye izikhathi isicupho sezilwane siba nogodo olusindayo noma itshe elilenga phezu komzila izilwane ezizingelwayo ezivame ukuhamba kuwo. Lapho isilwane esingaqaphile sinyathela ucingo lwesicupho, lolo godo noma itshe kuwela phezu kwaso kusichoboze. Umuzwa wecala owedlulele ungase ufaniswe nomthwalo osindayo ochobozayo. Lapho sicabanga ngephutha elithile esalenza, singase sizizwe ‘sichotshozwe kwaze kwedlulela.’ (Funda iHubo 38:3-5, 8.) USathane angathanda ukusenza siphethe ngokuthi asisifanele isihe sikaJehova nokuthi asikwazi ukuhlangabezana nezimfuneko zaKhe.

15, 16. Ungalugwema kanjani ugibe lokunqotshwa umuzwa wecala owedlulele?

15 Ungalugwema kanjani lolu gibe oluchobozayo? Uma uye wahileleka esonweni esingathi sína, thatha isinyathelo manje sokulungisa ubuhlobo bakho noJehova. Thintana nabadala, ucele usizo. (Jak. 5:14-16) Yenza okusemandleni akho ukulungisa isimo. (2 Kor. 7:11) Uma unikwa isiyalo, ungadangali. Isiyalo siyisibonakaliso esicacile sokuthi uJehova uyakuthanda. (Heb. 12:6) Nquma ukuba ungaphinde wenze izinto ezaholela kuleso sono, bese wenza ngokuvumelana nesinqumo sakho. Ngemva kokuba usuphendukile waguquka, yiba nokholo lokuthi umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu ungazisibekela ngempela izono zakho.—1 Joh. 4:9, 14.

16 Abanye abantu baqhubeka benomuzwa wecala ngezono empeleni asebezithethelelwe. Uma kunjalo ngawe, khumbula ukuthi uJehova wamthethelela uPetru nabanye abaphostoli ngokushiya iNdodana yakhe ethandekayo, uJesu, ngesikhathi eyayibadinga kakhulu ngaso. UJehova wamthethelela umuntu owasuswa ebandleni laseKorinte ngenxa yokuziphatha kabi ngendlela ehlazisayo kodwa owaphenduka kamuva. (1 Kor. 5:1-5; 2 Kor. 2:6-8) IZwi likaNkulunkulu likhuluma ngabantu abenza izono ezimbi kakhulu abaphenduka futhi uNkulunkulu wabathethelela.—2 IziKr. 33:2, 10-13; 1 Kor. 6:9-11.

17. Isihlengo singasenzelani?

17 UJehova uyokuthethelela futhi azidlulise izono zakho zesikhathi esidlule uma uphenduka ngeqiniso futhi wamukele isihe sakhe. Ungalokothi ube nomuzwa wokuthi umhlatshelo wesihlengo kaJesu ngeke uzisibekele izono zakho. Ukuba nalowo muzwa kungakwenza ube isisulu solunye lwezingibe zikaSathane. Kungakhathaliseki lokho uSathane afuna ukuba ukukholelwe, isihlengo singazisibekela izono zabo bonke abaye bawela esonweni futhi baphenduka. (IzAga 24:16) Ukuba nokholo esihlengweni kungakwethula umthwalo womuzwa wecala owedlulele osemahlombe akho futhi kukunike amandla okukhonza uNkulunkulu ngenhliziyo, ingqondo nomphefumulo wakho wonke.—Math. 22:37.

SIYAWAZI AMACEBO KASATHANE

18. Singazigwema kanjani izingibe zikaDeveli?

18 USathane akanandaba nokuthi sibanjwa iluphi ugibe, inqobo nje uma esibambile. Njengoba siwazi amacebo akhe, singakugwema ukuphanjwa nguye. (2 Kor. 2:10, 11) Asisoze sabanjwa izingibe noma izicupho zakhe uma sithandazela ukuhlakanipha kokubhekana novivinyo. UJakobe wabhala: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola; uyomnika kona.” (Jak. 1:5) Kudingeka senze ngokuvumelana nemithandazo yethu ngokuba nesifundo somuntu siqu njalo nangokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu. Izinsiza kufunda iBhayibheli ezilungiselelwa isigaba senceku ethembekile neqondayo zisiqwashisa ngezicupho zikaDeveli futhi zisisize ukuba sizigweme.

19, 20. Kungani kufanele sizonde okubi?

19 Umthandazo nokutadisha iBhayibheli kukhulisa uthando lokuhle kithi. Kodwa kubaluleke ngokufanayo ukuhlakulela inzondo ngokubi. (IHu. 97:10) Ukuzindla ngemiphumela yokuphishekela izifiso zobugovu kungasisiza ukuba sizigweme. (Jak. 1:14, 15) Lapho sifunda ukuzonda okubi futhi sikuthande ngempela okuhle, izinto uSathane asiyengela ngazo ezingibeni zakhe azibe zisasikhanga; ziphelelwa amandla.

20 Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uNkulunkulu uyasisiza ukuba singaphanjwa uSathane! UJehova usikhulula “komubi” ngomoya, ngeZwi nangenhlangano yakhe. (Math. 6:13) Esihlokweni esilandelayo, sizofunda indlela yokugwema ezinye izingibe ezimbili ezimsebenzelayo uDeveli ekubambeni izinceku zikaNkulunkulu ziphila.

[Umbhalo waphansi]

a Abazali bayokwenza kahle ngokuxoxa nezingane zabo besebenzisa isihloko esithi “Uhlelo Lokumelana Nokucindezela Kontanga” esitholakala encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2, amakhasi 132-133. Lokhu kwaziswa kungasetshenziswa ngobusuku bokuKhulekela koMkhaya.

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 21]

Inkulumo engalawuliwe ingokhela ibandla ngezinkinga

[Isithombe ekhasini 24]

Ungawethula umthwalo womuzwa wecala owedlulele