Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yimani Niqine Futhi Nigweme Izicupho ZikaSathane!

Yimani Niqine Futhi Nigweme Izicupho ZikaSathane!

Yimani Niqine Futhi Nigweme Izicupho ZikaSathane!

“[Melanani] ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.”—EFE. 6:11.

UNGAPHENDULA KANJANI?

Inceku kaJehova ingakugwema kanjani ukubanjwa ugibe lokuthanda izinto ezibonakalayo?

Yini engasiza umKristu oshadile ukuba angaweli esicuphweni esiwumgodi sokuphinga?

Kungani ukholelwa ukuthi kuyazuzisa ukumelana ngokuqinile nokuthanda izinto ezibonakalayo nokuziphatha okubi ngokobulili?

1, 2. (a) Kungani uSathane engenaluzwela ngabagcotshiweyo “nezinye izimvu”? (b) Kuzokhulunywa ngaziphi izicupho zikaSathane kulesi sihloko?

 USATHANE UDEVELI akanaluzwela ngabantu, ikakhulu labo abakhonza uJehova. Eqinisweni, ulwa nensali yabagcotshiweyo. (IsAm. 12:17) Lawo maKristu athembekile aye ahola emsebenzini wanamuhla wokushumayela ngoMbuso futhi aye adalula uSathane njengombusi waleli zwe. UDeveli akazithandi “nezinye izimvu” ezisekela abagcotshiwe futhi ezisethubeni lokuthola ukuphila okuphakade—ithemba uSathane angasenalo. (Joh. 10:16) Yingakho ethukuthele! Kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lasezulwini noma lasemhlabeni, ngokuqinisekile uSathane akanandaba nenhlalakahle yethu. Umgomo wakhe ukusenza izisulu zakhe.—1 Pet. 5:8.

2 Ukuze afeze lokho, uSathane uye wasebenzisa izicupho, noma izingibe ezahlukahlukene. Njengoba eye ‘waphuphuthekisa izingqondo’ zabangakholwa, abazamukeli izindaba ezinhle futhi abaziboni lezi zicupho. Nokho, uDeveli ubamba nabathile abaye bamukela isigijimi soMbuso. (2 Kor. 4:3, 4) Isihloko esandulele sibonise indlela esingazigwema ngayo izicupho ezintathu zikaSathane: (1) inkulumo engalawuliwe, (2) ukwesaba nokucindezelwa (3) nomuzwa wecala owedlulele. Manje ake sicabangele indlela esingamelana ngayo ngokuqinile nezinye izicupho noma izingibe zikaSathane—ukuthanda izinto ezibonakalayo nesilingo sokuphinga.

ISICUPHO ESIKLINYAYO—UKUTHANDA IZINTO EZIBONAKALAYO

3, 4. Izinkathazo zalesi simiso sezinto zingaholela kanjani ekuthandeni izinto ezibonakalayo?

3 Komunye wemifanekiso yakhe, uJesu wakhuluma ngembewu ehlwanyelwe phakathi kwameva. Wabonisa ukuthi umuntu angase alizwe izwi, “kodwa izinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa kuliminyanise izwi, angatheli.” (Math. 13:22) Ngempela, ukuthanda izinto ezibonakalayo kungolunye lwezingibe ezisetshenziswa isitha sethu uSathane.

4 Kunezici ezimbili okuthi lapho zihlangene ziliminyanise izwi. Isici sokuqala “izinkathazo zalesi simiso sezinto.” Kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” kuningi okungakukhathaza. (2 Thim. 3:1) Njengoba izindleko zokuphila ziphakeme futhi kwanda ukuntuleka kwemisebenzi, kungase kube nzima ukuziphilisa. Kungenzeka ukhathazekile nangekusasa futhi uyazibuza, ‘Ingabe ngiyoba nemali eyanele yokuzinakekela ngemva kokuthatha umhlalaphansi?’ Ngenxa yokukhathazeka okunjalo, abanye baye baphishekela ingcebo, becabanga ukuthi imali iyobalethela ukulondeka nakanjani.

5. “Amandla engcebo” angakhohlisa ngayiphi indlela?

5 UJesu wakhuluma nangesinye isici—“amandla engcebo okukhohlisa.” Uma leso sici sihlangene nokukhathazeka singaliminyanisa izwi. IBhayibheli liyavuma ukuthi ‘imali iyisivikelo.’ (UmSh. 7:12) Noma kunjalo, akukhona ukuhlakanipha ukuphishekela ingcebo. Abaningi baye bathola ukuthi lapho bezikhandla ukuze bacebe, yilapho bebanjwa nakakhulu ugibe lokuthanda izinto ezibonakalayo. Abanye sebeze baba ngisho izigqila zengcebo.—Math. 6:24.

6, 7. (a) Emsebenzini wokuziphilisa, ukuthanda izinto ezibonakalayo kungaba kanjani ingozi? (b) Iziphi izinto umKristu okufanele azicabangele lapho ecelwa ukuba asebenze isikhathi esengeziwe?

6 Isifiso sokuceba singase siqale ngendlela enganakekile. Ngokwesibonelo, cabanga ngalesi simo. Umqashi wakho uza kuwe bese ethi: “Ngikuphathele izindaba ezimnandi! Inkampani yethu ithole inkontileka enkulu. Lokhu kusho ukuthi sizosebenza isikhathi esengeziwe kaningi ezinyangeni ezimbalwa ezizayo. Kodwa ngiyakuqinisekisa ukuthi imali ozoyithola iyokwenza ungawakhaleli amandla nesikhathi sakho.” Ubuyosabela kanjani kulesi simo? Yiqiniso, isidingo sokondla umkhaya wakho singumthwalo ongathi sína, kodwa asiwona ukuphela komthwalo onawo. (1 Thim. 5:8) Kunezinye izinto eziningana okudingeka uzicabangele. Singakanani isikhathi esengeziwe okuzodingeka usisebenze? Ingabe umsebenzi wakho uyophazamisa imisebenzi engokomoya, ehlanganisa imihlangano yebandla nobusuku bokuKhulekela Komkhaya?

7 Lapho ucabangela isinqumo sakho, yini ozoyibheka njengeza kuqala—indlela ukusebenza isikhathi esengeziwe okuzokungenisela ngayo imali ethe xaxa noma okuzolithinta ngayo ingokomoya lakho? Ingabe ukulangazelela kwakho ukwenza imali eningi kungakwenza uyeke ukubeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwakho? Uyayibona yini indlela ukuthanda izinto ezibonakalayo okungakuthinta ngayo uma ungadebeselela ingokomoya lakho nelomkhaya wakho? Uma kuwukuthi ubhekene naleso simo, ungama kanjani uqinile futhi ugweme ukuminyaniswa ukuthanda izinto ezibonakalayo?—Funda eyoku-1 Thimothewu 6:9, 10.

8. Ukucabangela ziphi izibonelo ezingokomBhalo okungasisiza ukuba sihlole indlela yethu yokuphila?

8 Ukuze ugweme ukucinaniswa ukuthanda izinto ezibonakalayo, hlale uhlola indlela yakho yokuphila. Awufuni nanini ukuba njengo-Esawu, owabonisa ngezenzo ukuthi akazazisi izinto ezingokomoya! (Gen. 25:34; Heb. 12:16) Ngokuqinisekile akufanele futhi ube njengendoda ecebile okwathiwa ayithengise konke okungokwayo, iphe abampofu bese ilandela uJesu. Kunokuba yenze kanjalo, le ndoda “yahamba ilusizi, ngoba yayinempahla eningi.” (Math. 19:21, 22) Ibanjwe yingcebo, yaphuthelwa yilungelo elikhulu—elokulandela umuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila! Qaphela ukuba ungaphuthelwa ilungelo lokuba umfundi kaJesu Kristu.

9, 10. Ungathi uyini umbono weBhayibheli ngezinto ezibonakalayo?

9 Ukuze ulwisane nokukhathazeka ngokungadingekile ngezinto ezibonakalayo, lalela iseluleko sikaJesu: “Ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ Ngoba konke lokhu kuyizinto izizwe eziziphishekela ngokulangazela. UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto.”—Math. 6:31, 32; Luka 21:34, 35.

10 Kunokuba isisulu samandla engcebo okukhohlisa, lwela ukwamukela umbono womlobi weBhayibheli u-Aguri, owathi: “Ungavumi ukuba ngibe mpofu kakhulu noma ngicebe kakhulu. Nginike lokho nje engikudingayo.” (IzA. 30:8, Contemporary English Version) Ngokusobala, u-Aguri wayewaqonda amandla emali okuvikela kanye namandla engcebo okukhohlisa. Yazi ukuthi izinkathazo zalesi simiso sezinto kanye namandla engcebo okukhohlisa kungaholela enhlekeleleni engokomoya. Ukukhathazeka ngokungafanele ngezinto ezibonakalayo kungadla isikhathi sakho, amandla akho futhi kukushiye ungenamdlandla wokuphishekela izithakazelo zoMbuso. Ngakho, zimisele ukuba ungabanjwa ugibe lukaSathane lokuthanda izinto ezibonakalayo!—Funda amaHebheru 13:5.

ISICUPHO ESIWUMGODI OFIHLWE NGOBUHLAKANI—UKUPHINGA

11, 12. UmKristu angawela kanjani esonweni sokuphinga emsebenzini?

11 Abazingeli abafuna ukubamba isilwane esinamandla bangase bambe umgodi endleleni okuvame ukuhamba kuyo isilwane abasifunayo. Lo mgodi ngokuvamile umbozwa ngamahlamvu nangomhlabathi ukuze ungabonakali. Esinye sezilingo zikaSathane esiphumelela kakhulu sifana nalolo hlobo lwesicupho. Isono sokuziphatha okubi. (IzAga 22:14; 23:27) AmaKristu amaningana aye awela kulo mgodi ngokuzibeka ezimweni okuzoba lula kuzo ukuyekethisa. Amanye amaKristu ashadile aye awela ekuphingeni ngemva kokuthandana nothile kungafanele.

12 Ukuthandana okungafanele kungaqala emsebenzini. Empeleni, ukuhlola okuthile kwembula ukuthi abesifazane abangaphezu kwesigamu abaye baphinga balale nothile abasebenza naye, kanti cishe abesilisa abathathu kwabane abaye benza okufanayo. Ingabe umsebenzi wakho wokuziphilisa udinga ukuba uhlangane nabobulili obuhlukile? Uma kunjalo, bunjani ubudlelwano bakho nabo? Ikhona yini imingcele oyibekile egcina ubudlelwano benu buphathelene nomsebenzi kuphela hhayi okungaphezu kwalokho? Ngokwesibonelo, ngemva kokuncokola izikhathi eziningana nowesilisa asebenza naye, udade ongumKristu angase aqale ukuthululela kuye isifuba aze amtshele ngisho nangezinkinga zomshado wakhe. Kwesinye isimo, ngemva kokuba nobungane nowesifazane esebenza naye, indoda engumKristu ingase icabange: “Uyayazisa imibono yami futhi uyalalelisisa lapho ngikhuluma naye. Ngaphezu kwalokho, uyangihlonipha. Ukube nomkami ubengangiphatha kanje!” Uyayibona yini indlela amaKristu asezimweni ezinjalo angaba ngayo sengozini yokuphinga?

13. Ukuthandana nothile ngokungafanele kungaqala kanjani ngaphakathi ebandleni?

13 Ukuthandana nothile ngokungafanele kungaqala nangaphakathi ebandleni. Cabanga ngalesi sibonelo esenzeka ngempela. USabelo nomkakhe uZinhle, a babengamaphayona avamile. USabelo uzichaza ngokuthi “wayengumdala ongalokothi enqabe isabelo.” Noma yiliphi ilungelo ayelinikezwa, wayelamukela ngaphandle kokunqikaza. Wayefundela izinsizwa ezinhlanu—ezintathu kuzo zabhapathizwa. Laba bazalwane ababesanda kubhapathizwa babenokuningi ababedinga ukusizwa kukho. Lapho uSabelo ematasa ngezabelo zakhe zenkonzo ezihlukahlukene, uZinhle owayevame ukubanikeza lolo sizo. Kungakabiphi, kwaqala lo mkhuba: Uma laba ababefundelwa uSabelo bedinga ukusekelwa ngokomzwelo, babekuthola kuZinhle. Naye uma edinga umuntu ozomnaka, kwakuba omunye wezifundo zikaSabelo. Sasesicushiwe-ke isicupho. USabelo uthi, “Izinyanga eziningi umkami azichitha ebasiza zamkhandla ngokomoya nangokomzwelo. Lokhu, kanye nokuthi ngangingasamnaki, kwaholela enhlekeleleni. Umkami waphinga nomunye walaba engangibafundela. Wayebe buthaka ngokomoya phambi kwamehlo ami, kodwa angizange ngikuqaphele lokho ngoba ngangikhathazeke kakhulu ngamalungelo ami enkonzo.” Ungayigwema kanjani inhlekelele enjengale?

14, 15. Yiziphi izinto ezingasiza amaKristu ashadile ukuba agweme isicupho esiwumgodi sokuphinga?

14 Ukuze ugweme isicupho esiwumgodi sokuphinga, cabanga ngalokho okushiwo yisibopho somshado. UJesu wathi: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” (Math. 19:6) Ungalokothi ucabange ukuthi amalungelo akho enkonzo abaluleke ngaphezu komngane wakho womshado. Ngaphezu kwalokho, qaphela ukuthi ukungavami ukuchitha isikhathi nomngane wakho womshado ngenxa yezinto ezingabalulekile kungase kubonise ubuthaka emshadweni wakho futhi kungaholela esilingweni mhlawumbe nasesonweni esikhulu.

15 Nokho, uma ungumdala, kuthiwani ngomhlambi? Umphostoli uPetru wabhala: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela.” (1 Pet. 5:2) Ngokuqinisekile amalungu ebandla eniliphathisiwe akufanele anganakwa. Nokho, akufanele udebeselele indima yakho njengomyeni ngenxa yomthwalo wakho njengomalusi. Ngeke kusize ngalutho—kungaba ngisho nayingozi—ukugxila kakhulu ekondleni ibandla kuyilapho umngane wakho womshado “ebulawa indlala” ekhaya. USabelo uthi, “Akusizi ukuzikhandla unakekela amalungelo enkonzo umkhaya wakho ube ufa ngokomoya.”

16, 17. (a) Iziphi izinyathelo ezingokoqobo amaKristu ashadile angazithatha emsebenzini ukuze abonise ngokucacile ukuthi awayingeni eyokuthandana? (b) Nikeza isibonelo sokwaziswa okunyathelisiwe okungasiza amaKristu ukuba agweme ukuphinga.

16 Kunezeluleko eziningi ezinhle eziye zanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ukuze kusizwe amaKristu ashadile agweme ukuwela ogibeni lokuphinga. Ngokwesibonelo, INqabayokulinda ka-September 15, 2006, yanikeza lesi seluleko: “Emsebenzini nakwezinye izindawo, qaphela izimo ezingase zibangele ukwakheka kwemizwa yothando. Ngokwesibonelo, ukuchitha isikhathi esengeziwe usebenzelana eduze nomuntu wobulili obuhlukile kungadala isilingo. Njengendoda noma owesifazane oshadile, kufanele ukwenze kucace ngenkulumo nangokuziphatha kwakho ukuthi awuyingeni eyokuthandana. Njengomuntu ophishekela ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, ngeke neze uthande ukuzibangela ukunakashelwa ngokudlala ngothando noma ngokugqoka futhi uzilungise ngendlela engenasizotha. . . . Ukubeka izithombe zomngane wakho womshado nezezingane zenu obala emsebenzini kuyokhumbuza wena nabanye ukuthi umkhaya wakho ubalulekile kuwe. Zimisele ukungalokothi ubavumele abanye—ingasaphathwa eyokubakhuthaza—ukuba bazidlise satshanyana kuwe ngezinhloso zothando.”

17 Isihloko se-Phaphama! ka-April 2009, esasithi “Ukuthembeka Emshadweni—Kusho Ukuthini Ngempela?” saxwayisa ngokuhlale ucabanga ngokulala nomuntu ongashadile naye. Leso sihloko sabonisa ukuthi ukuhlale ucabanga ngobulili kuyokwandisa amathuba okuba uphinge. (Jak. 1:14, 15) Uma ushadile, kuyoba ukuhlakanipha ngawe noshade naye ukuba nilokhu nikubukeza ndawonye lokho kwaziswa. Umshado wasungulwa uJehova ngokwakhe, ngakho ungcwele. Ukuba nesikhathi sokuxoxa noshade naye ngomshado wenu kuyindlela enhle kakhulu yokubonisa ukuthi uyazazisa izinto ezingcwele.—Gen. 2:21-24.

18, 19. (a) Iyini imiphumela yokuphinga? (b) Ukuthembeka emshadweni kunaziphi izinzuzo?

18 Uma ulingeka ukuba uqale ukuthandana nothile ngokungafanele, zindla ngemiphumela elimazayo yobufebe nokuphinga. (IzAga 7:22, 23; Gal. 6:7) Labo abaziphatha kabi ngokobulili badumaza uJehova, balimaze abashade nabo futhi bazilimaze nabo ngokwabo. (Funda uMalaki 2:13, 14.) Cabanga nangezinzuzo ezitholwa yilabo abalondoloza ukuziphatha okumsulwa. Abagcini ngokuba nethemba lokuphila okuphakade kodwa kwamanje bajabulela ukuphila okungcono kakhulu nokuba nonembeza ohlanzekile.—Funda izAga 3:1, 2.

19 Umhubi wahlabelela: “Ukuthula okuchichimayo kungokwalabo abathanda umthetho wakho [Nkulunkulu], futhi akunasikhubekiso kubo.” (IHu. 119:165) Ngakho thanda iqiniso futhi ‘uqaphelisise ukuthi indlela ohamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo’ kulezi zikhathi ezimbi. (Efe. 5:15, 16) Izindlela esihamba kuzo zigcwele izicupho ezibekwe uSathane ukuze abambe abakhulekeli beqiniso. Kodwa sihlonyiswe kahle ukuze sizivikele. UJehova usinikile esikudingayo ukuze ‘sime siqinile’ futhi ‘sicime yonke imicibisholo evuthayo yomubi.’—Efe. 6:11, 16.

[Umbhalo waphansi]

a Amagama ashintshiwe.

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 26]

Ukuthanda izinto ezibonakalayo kungaminyanisa ingokomoya lomuntu. Ungakuvumeli lokho ukuba kwenzeke kuwe

[Isithombe ekhasini 29]

Ukudlala ngothando—noma ukukuvumela—kungaholela ekuphingeni