Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ziphatheni Njengezakhamuzi ZoMbuso!

Ziphatheni Njengezakhamuzi ZoMbuso!

Ziphatheni Njengezakhamuzi ZoMbuso!

“Ziphatheni ngendlela efanele izindaba ezinhle.”—FIL 1:27.

UNGAPHENDULA KANJANI?

Obani abangaba izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu?

Yini okudingeka siyenze ngokuphathelene nolimi, umlando nemithetho yoMbuso kaNkulunkulu?

Izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu zibonisa kanjani ukuthi ziyazithanda izindinganiso zakhe?

1, 2. Kungani iseluleko sikaPawulu esasiya ebandleni laseFilipi sasinencazelo ekhethekile?

 UMPHOSTOLI uPawulu wakhuthaza ibandla laseFilipi ukuba ‘liziphathe ngendlela efanele izindaba ezinhle.’ (Funda eyabaseFilipi 1:27.) Inkulumo yesiGreki uPawulu ayisebenzisa kwelithi “ziphatheni” ingahunyushwa nangokuthi “yibani njengezakhamuzi.” Lawo mazwi ayenencazelo ekhethekile ebandleni laseFilipi. Ngani? Ngoba kubonakala sengathi iFilipi yayingomunye wemizi ekhethekile ezakhamuzi zayo zazinikezwe uhlobo oluthile lobuzwe baseRoma. Izakhamuzi zaseRoma ezazihlala eFilipi nakuwo wonke uMbuso WamaRoma zaziziqhenya ngobuzwe bazo futhi zijabulela isivikelo esikhethekile ngaphansi komthetho wamaRoma.

2 Amalungu ebandla laseFilipi ayenesizathu esikhulu nakakhulu sokuziqhenya. UPawulu wawakhumbuza ukuthi njengamaKristu agcotshiwe, ayeyizakhamuzi “zasemazulwini.” (Fil. 3:20) Ayengezona nje izakhamuzi zombuso wabantu kodwa zoMbuso kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, ayethola isivikelo nezinzuzo ezingenakuqhathaniswa.—Efe. 2:19-22.

3. (a) Obani abanethuba lokuba izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Iseluleko sikaPawulu esithi “ziphatheni njengezakhamuzi” ngokuyinhloko sisebenza kulabo abayobusa noKristu ezulwini. (Fil. 3:20) Kodwa singasebenza nakulabo abazoba izikhonzi zasemhlabeni zoMbuso kaNkulunkulu. Ngani? Ngoba wonke amaKristu azinikezele akhonza iNkosi eyodwa, uJehova, futhi kumelwe aphile ngezindinganiso ezifanayo. (Efe. 4:4-6) Namuhla, abantu bayazikhandla ukuze bafanelekele ukuba izakhamuzi zezwe elichumayo. Yeka ukuthi kufanele silazise kangakanani ithuba lokuba izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu! Ukuze sijulise ukulazisa kwethu lelo lungelo, ake sicabangele ukufana okukhona phakathi kwezimfuneko zokuba isakhamuzi sikahulumeni wabantu nokuba isakhamuzi soMbuso kaNkulunkulu. Sizobe sesihlola izinto ezintathu okumelwe sizenze uma sifuna ukulondoloza ilungelo lokuba izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu.

OKUDINGEKAYO UKUZE SIBE IZAKHAMUZI

4. Luyini ulimi oluhlanzekile futhi “silukhuluma” kanjani?

4 Funda ulimi. Abanye ohulumeni babantu bafuna ukuba labo abafaka isicelo sokuba izakhamuzi bakwazi ukukhuluma ulimi olukhulunywa kakhulu kulelo zwe. Ngisho nangemva kokuba abantu sebebutholile ubuzwe, bangase bashikashikeke iminyaka ukuze balukhulume kahle ulimi olusha. Bangase basheshe ukufunda imithetho yolimi kodwa kubathathe isikhathi ukuphimisa kahle amagama. Ngokufanayo, uMbuso kaNkulunkulu ufuna ukuba izakhamuzi zawo zifunde lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘ulimi oluhlanzekile.’ (Funda uZefaniya 3:9.) Luyini lolo limi? Luyiqiniso ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe ezitholakala eBhayibhelini. “Sikhuluma” ulimi oluhlanzekile lapho ukuziphatha kwethu kuvumelana nemithetho nezimiso zikaNkulunkulu. Izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu zingase zisheshe ukufunda izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo futhi zibhapathizwe. Nokho, ngisho nangemva kokubhapathizwa, kumelwe zilwele ukuthuthuka “ekukhulumeni” ulimi oluhlanzekile. Kanjani? Sonke kudingeka sivale igebe elikhona phakathi kwalokho esikwaziyo ngezimiso zeBhayibheli nalokho esikwenzayo.

5. Kungani kufanele sifunde konke esingakufunda ngomlando wenhlangano kaJehova?

5 Funda umlando. Umuntu ofisa ukuba isakhamuzi kuhulumeni wabantu kungase kudingeke afunde okuthile ngomlando walowo hulumeni. Ngokufanayo, labo abafisa ukuba izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu benza kahle ngokufunda konke abangakufunda ngawo. Cabanga ngesibonelo samadodana kaKhora ayekhonza kwa-Israyeli wasendulo. Ayejabule kakhulu ngeJerusalema nangendawo yalo yokukhulekela futhi ekujabulela ukulandisa ngomlando walo muzi. Ayehlatshwa umxhwele yilokho lo muzi naleyo ndawo yokukhulekela okwakukumelela, hhayi nje ubuhle bamatshe ezindonga zawo. IJerusalema ‘laliwumuzi weNkosi Enkulu,’ uJehova, ngoba laliyisikhungo sokukhulekela okuhlanzekile. UMthetho kaJehova wawufundiswa lapho. UJehova wayebonisa umusa wakhe wothando kubantu ababebuswa iNkosi yaseJerusalema. (Funda iHubo 48:1, 2, 9, 12, 13.) Njengamadodana kaKhora, unaso yini isifiso sokufunda nokulandisa ngomlando wengxenye yasemhlabeni yenhlangano kaJehova? Lapho ufunda okwengeziwe ngenhlangano kaJehova nangendlela abasekela ngayo abantu baKhe, uMbuso wakhe uyoba ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe. Isifiso sakho sokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu siyokhula ngokuzenzakalelayo.—Jer. 9:24; Luka 4:43.

6. Kungani kufaneleka ukuba uJehova afune ukuba sifunde futhi silalele imithetho nezimiso zoMbuso wakhe?

6 Yazi imithetho. Ohulumeni babantu bafuna ukuba izikhonzi zabo zifunde futhi zilalele imithetho yezwe. Ngakho-ke, kubonakala kufaneleka ukuba uJehova alindele ukuba sifunde futhi silalele imithetho nezimiso eziqondisa zonke izakhamuzi zoMbuso wakhe. (Isaya 2:3; Joh. 15:10; 1 Joh. 5:3) Imithetho yabantu ngokuvamile inamaphutha futhi ingase ingabi nabulungisa. Ngokuphambene, “umthetho kaJehova uphelele.” (IHu. 19:7) Ingabe siyajabula ngomthetho kaNkulunkulu futhi silifunda nsuku zonke iZwi lakhe? (IHu. 1:1, 2) Ukuphela kwendlela esingafunda ngayo umthetho kaNkulunkulu ukuba sizitadishele wona ngokwethu. Akekho omunye umuntu ongasenzela lokho.

IZAKHAMUZI ZOMBUSO KANKULUNKULU ZITHANDA IZINDINGANISO ZAKHE

7. Izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu ziphila ngayiphi indinganiso ephakeme?

7 Ukuze sihlale siyizakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu, kudingeka singagcini nje ngokwazi izindinganiso zakhe kodwa nokuba sizithande. Izakhamuzi eziningi zohulumeni babantu zithi ziyavumelana nemithetho nezindinganiso zamazwe ezihlala kuwo. Nokho, lapho kunomthetho ezingahambisani nawo nalapho zinomuzwa wokuthi azibonwa, ziyawephula lowo mthetho. Ngokuvamile, laba bantu “bajabulisa abantu.” (Kol. 3:22) Izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu ziphila ngendinganiso ephakeme. Siyakujabulela ukulalela imithetho kaNkulunkulu ngisho noma kungekho muntu osibonayo. Ngani? Ngoba siyamthanda lowo onguMniki-mthetho.—Isaya 33:22; funda uLuka 10:27.

8, 9. Ungazi kanjani ukuthi uyithanda ngempela imithetho kaNkulunkulu?

8 Ungazi kanjani ukuthi uyithanda ngempela imithetho kaNkulunkulu? Hlola indlela osabela ngayo lapho unikwa iseluleko ngento onomuzwa wokuthi indaba yokuzikhethela—ngokwesibonelo, endabeni yokugqoka nokuzilungisa. Ngaphambi kokuba isakhamuzi soMbuso kaNkulunkulu, kungenzeka wawuthanda ukugqoka budlabha noma ngendlela evusa inkanuko. Njengoba uthando lwakho ngoNkulunkulu lwalukhula, wafunda ukugqoka ngendlela emdumisayo. (1 Thim. 2:9, 10; 1 Pet. 3:3, 4) Kungenzeka manje unomuzwa wokuthi ugqoka ngesizotha. Kodwa kuthiwani uma umdala engakutshela ukuthi indlela yakho yokugqoka ikhuba abamemezeli abaningana ebandleni? Ubuyosabela kanjani? Ingabe ubuyozithethelela, ucasuke noma ube nenkani? Umthetho oyisisekelo woMbuso kaNkulunkulu uwukuba zonke izakhamuzi zilingise uKristu. (1 Pet. 2:21) Ngokuphathelene nesibonelo sikaJesu, umphostoli uPawulu wabhala: “Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane wakhe ngento ezomakha. Ngoba ngisho noKristu akazijabulisanga yena.” (Roma 15:2, 3) Ukuze kube nokuthula ebandleni, umKristu ovuthiwe ukulungele ukuhoxa ngenhliziyo emhlophe ngenxa yonembeza babanye.—Roma 14:19-21.

9 Cabangela ezinye izinto ezimbili okubalulekile ukuba sizinake: isimo sethu sengqondo ngobulili nombono wethu ngomshado. Labo abangakabi izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu bangase bangabi nankinga nobungqingili, babheke ukubuka izithombe zobulili ezingcolile njengokuzijabulisa okungenangozi futhi bacabange ukuthi ukuphinga nesehlukaniso kumane kuyindaba yomuntu siqu. Izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu zisilahlile leso simo sengqondo sobugovu nokuba nombono ofiphele. Yize amaKristu amaningi ayeziphatha kabi esikhathini esidlule, manje asebheka ubulili nomshado njengezipho ezivela kuNkulunkulu. Ayazazisa izindinganiso zikaJehova eziphakeme futhi avuma ngenhliziyo ephelele ukuthi labo abaqhubeka beziphatha kabi ngokobulili abakufanelekeli ukuba izakhamuzi zoMbuso waKhe. (1 Kor. 6:9-11) Nokho, ayaqaphela nokuthi inhliziyo iyakhohlisa. (Jer. 17:9) Ngakho ayakwazisa ukuthola izixwayiso eziqondile eziwasiza ukuba alondoloze izindinganiso eziphakeme zokuziphatha.

IZAKHAMUZI ZOMBUSO ZIYAZAZISA IZIXWAYISO

10, 11. Iziphi izixwayiso ezikhishwa uMbuso kaNkulunkulu ezifike ngesikhathi, futhi wena uzizwa kanjani ngalezo zixwayiso?

10 Ohulumeni babantu bangase banikeze izixwayiso zezempilo mayelana nokudla nemithi. Ngokusobala, akukona konke ukudla nemithi okuyingozi. Kodwa uma umkhiqizo othile uyingozi, uhulumeni angase akhiphe izixwayiso ezinokulinganisela ukuze avikele izakhamuzi. Uma uhulumeni ungakwenzanga lokho, ungasolwa ngokuba budedengu. Ngokufanayo, uMbuso kaNkulunkulu ukhipha izixwayiso ezifika ngesikhathi eziphathelene nezingozi ezithile zokuziphatha nezingokomoya. Ngokwesibonelo, i-Internet isiyindlela ewusizo kwezokuxhumana, ezemfundo nezokuzijabulisa. Inhlangano kaNkulunkulu iyayisebenzisa futhi ifeza okuningi okuhle ngayo. Noma kunjalo, izingosi eziningi ze-Internet ziyingozi ngokokuziphatha nangokomoya. Izingosi ezibonisa izithombe zobulili ezingcolile zibeka ingokomoya lezakhamuzi zoMbuso engozini. Sekungamashumi eminyaka isigaba senceku ethembekile sixwayisa ngalezo zingosi. Yeka indlela esibonga ngayo ngalezi zixwayiso ezivikela impilo yethu engokomoya!

11 Eminyakeni yamuva, kunolunye uhlobo lwengosi oseluthandwa kakhulu—olungaba usizo uma lusetshenziswa ngokuqapha okukhulu. Lezi zingosi ezaziwa ngokuthi izingosi zokuxhumana, zingaphinde zibe ingozi kakhulu. Zingachaya umuntu kubangane ababi. (1 Kor. 15:33) Yingakho-ke, inhlangano kaNkulunkulu iye yakhipha izixwayiso ezinokulinganisela ngokuphathelene nokusetshenziswa kwezingosi ezinjalo. Usukufundile yini konke ukwaziswa kwamuva okunyatheliswe inceku ethembekile okuphathelene nokusetshenziswa kwezingosi zokuxhumana? Yeka indlela okungaba ubuwula ngayo ukusebenzisa izingosi ezinjalo singakufundanga lokho kwaziswa! a Bekuyofana nokuphuza umuthi onamandla ungasifundanga isixwayiso esisebhodleleni lawo.

12. Kungani kuwubuwula ukungazinaki izixwayiso?

12 Labo abazishaya indiva izixwayiso ezikhishwa inceku ethembekile bazilimaza bona nabathandekayo babo. Abanye baye baba imilutha yokubuka izithombe zobulili ezingcolile noma baziphatha kabi base bezikhohlisa ngokuthi uJehova akakuboni abakwenzayo. Yeka ukuthi kuwubuwula kanjani ukucabanga ukuthi singafihlela uJehova indlela esiziphatha ngayo! (IzAga 15:3; funda amaHebheru 4:13.) UNkulunkulu ufuna ukubasiza abanjalo futhi ushukumisa abameleli bakhe emhlabeni ukuba bazame ukubasiza. (Gal. 6:1) Nokho, njengoba nje ohulumeni babantu bengaphuca umuntu ilungelo lokuba isakhamuzi uma enze izenzo ezithile, noJehova uyobaphuca ilungelo lokuba izakhamuzi labo abaphula izindinganiso zakhe bangaphenduki. b (1 Kor. 5:11-13) Kodwa-ke, unesihe. Labo abaphendukayo futhi bashintshe inkambo yabo yokuziphatha bangaphinde babe nobuhlobo obuhle noJehova futhi baqhubeke beyizakhamuzi zoMbuso. (2 Kor. 2:5-8) Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukukhonza iNkosi enothando kangaka!

IZAKHAMUZI ZOMBUSO KANKULUNKULU ZIYAYAZISA IMFUNDO

13. Izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu zibonisa kanjani ukuthi ziyayazisa imfundo?

13 Ohulumeni abaningi babantu bayazikhandla ukuze bafundise izakhamuzi zezwe labo. Bakha izikole zokufundisa nezokuqeqeshela amakhono omsebenzi awusizo. Izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu ziyazazisa lezi zikole futhi zikukhuthalele ukufunda ukufunda, ukubhala namakhono okuziphilisa. Kodwa zazisa nakakhulu imfundo eziyithola ngokuba izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu. UJehova unikeza leyo mfundo ngebandla lobuKristu. Abazali bakhuthazwa ukuba bafundele izingane zabo. Inyanga ngayinye, inceku ethembekile inyathelisa amakhasi amaningi aqukethe ukwaziswa okusekelwe eBhayibhelini kuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Uma ufunda amakhasi ambalwa usuku ngalunye, uyobe uhambisana nalo mzila obalulekile wemfundo yoMbuso.

14. (a) Yikuphi ukuqeqeshwa esikutholayo? (b) Ikuphi ukusikisela okuphathelene nokuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa oye wajabulela ukukusebenzisa?

14 Isonto ngalinye, izakhamuzi zoMbuso zithola ukuqeqeshwa emihlanganweni yazo yebandla. Ngokwesibonelo, sekuyiminyaka engamashumi angaphezu kwayisithupha iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini sisiza abafundi ukuba babe abafundisi abaphumelelayo beZwi likaNkulunkulu. Ingabe ubhalisile kulesi sikole? Eminyakeni yamuva inceku ethembekile iye yakhuthaza kakhulu ubusuku bokuKhulekela Komkhaya kwamasonto onke. Leli lungiselelo liyawuqinisa umkhaya. Uye wakwazi yini ukusebenzisa ukusikisela okusezincwadini zethu? c

15. Iliphi elinye lamalungelo amakhulu kakhulu esinawo?

15 Izakhamuzi zohulumeni babantu azinankinga yokukhankasa zifuna abazosekela iqembu lazo lezombusazwe, zize zingene ngisho umuzi nomuzi zenza lokho. Izakhamuzi zoMbuso ziwusekela ngentshiseko uMbuso kaNkulunkulu, emigwaqweni nasendlini ngendlu ngezinga elikhulu nakakhulu. Eqinisweni, njengoba kushiwo esihlokweni esandulele, INqabayokulinda, ememezela uMbuso kaJehova, iwumagazini osakazwa kabanzi ngaphezu kwanoma imuphi emhlabeni! Elinye lamalungelo amakhulu kakhulu esinawo elokutshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu. Ingabe uhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela?—Math. 28:19, 20.

16. Ungabonisa kanjani ukuthi uyisakhamuzi esihle soMbuso kaNkulunkulu?

16 Maduze uMbuso kaNkulunkulu uzoba ukuphela kukahulumeni obusayo emhlabeni. Uzoqondisa zonke izici zokuphila kwansuku zonke, hhayi ezingokomoya kuphela kodwa nezenhlalo. Ingabe uyobe uyisakhamuzi esihle soMbuso kaNkulunkulu ngaleso sikhathi? Bonisa kwamanje ukuthi uyoba yiso. Zonke izinqumo ozenzayo usuku ngalunye, zenzele inkazimulo kaJehova futhi ngaleyo ndlela ubonise ukuthi uziphatha njengesakhamuzi esihle soMbuso kaNkulunkulu.—1 Kor. 10:31.

[Imibhalo yaphansi]

a Ngokwesibonelo, bheka i-Phaphama! ka-July 2011, amakhasi 24-27; eka-August 2011, amakhasi 10-13 neka-February 2012, amakhasi 3-9.

b Bheka INqabayokulinda ka-March 15, 2012, amakhasi 30-31.

c Bheka INqabayokulinda ka-August 15, 2011, amakhasi 6-7 ne-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2011, amakhasi 3-6.

[Imibuzo Yesifundo]

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]

Ingabe uyazilalela izixwayiso ezisekelwe eBhayibhelini ngokuphathelene ne-Internet?

[Isithombe ekhasini 12]

Njengamadodana kaKhora, ingabe uyakujabulela ukukhulekela okuhlanzekile nomlando wako?

[Isithombe ekhasini 15]

Ubusuku benu bokuKhulekela Komkhaya bungenza lukhulu ekwenzeni wena nabathandekayo bakho nibe izakhamuzi ezinhle zoMbuso