Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

U-Yebo Wenu Makasho UYebo

U-Yebo Wenu Makasho UYebo

“Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha.”—MATH. 5:37.

1. Wathini uJesu ngokuphathelene nokufunga, futhi kungani?

NGOKUVAMILE, amaKristu eqiniso akudingeki ukuba enze izifungo. Lokhu kungenxa yokuthi alalela uJesu, owathi: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo.” Wayesho ukuthi umuntu kufanele aligcine izwi lakhe. Ngaphambi kokunikeza lowo myalo, uJesu wathi: “Ningafungi nhlobo.” Wakusho lokhu ekhuza umkhuba abantu abaningi abanawo lapho bexoxa, wokufunga ngokuphindaphindiwe ezintweni ezihlukahlukene bebe bengahlosile ngempela ukukwenza lokho abakushoyo. Ngokusho “okungalé” kokumane bathi Yebo noma Cha lapho beveza izinhloso zabo, abantu abanjalo bangase bembule ukuthi empeleni abathembekile futhi bangaphansi kwethonya ‘lomubi.’—Funda uMathewu 5:33-37.

2. Chaza ukuthi kungani kungekubi ukufunga ngezikhathi ezithile.

2 Ingabe amazwi kaJesu asho ukuthi konke ukufunga kubi? Kungenzeka kanjani lokho? Njengoba sifundile esihlokweni esandulele, uJehova uNkulunkulu nenceku yakhe elungile u-Abrahama bafunga ezenzakalweni ezibalulekile. Ngaphezu kwalokho, noMthetho kaNkulunkulu wawufuna ukuba kufungwe ukuze kuxazululwe izimpikiswano ezithile. (Eks. 22:10, 11; Num. 5:21, 22) Ngakho, kungase kudingeke ukuba umKristu afunge ukuthi uzokhuluma iqiniso lapho enikeza ubufakazi enkantolo yomthetho. Noma, ezimweni ezingavamile, umKristu angase abone kudingekile ukuba afunge ukuze aqinisekise abanye ngalokho akuhlosile noma ukuze asize ekuxazululweni kodaba oluthile. Eqinisweni, lapho, uJesu efungiswa umpristi ophakeme, akazange amelane nalokho kodwa wenza ngokwaleso sifungo wakhuluma iqiniso phambi kweSanhedrini yamaJuda. (Math. 26:63, 64) Nokho, kwakungadingeki ukuba uJesu afunge. Noma kunjalo, ukuze agcizelele ukuthi isigijimi sakhe siyiqiniso, wayevame  ukwethula lokho akushoyo ngale ndlela ekhethekile: “Ngiqinisile impela [ngokwezwi nezwi, “Ngiqinisile, ngiqinisile”] ngithi kini.” (Joh. 1:51; 13:16, 20, 21, 38) Ake sibone ukuthi yikuphi okunye esingakufunda esibonelweni sikaJesu, esikaPawulu nakwezabanye abenza u-Yebo wabo waba uYebo.

UJESU—ISIBONELO ESIHLE KUNAZO ZONKE

Kusukela ekubhapathizweni kuze kube sekufeni kwakhe, uJesu wakufeza lokho akuthembisa uYise

3. Yini uJesu ayithembisa uNkulunkulu ngesikhathi ethandaza, futhi wasabela kanjani uYise wasezulwini?

3 “Bheka! Ngizile . . . ukuba ngenze intando yakho, Nkulunkulu.” (Heb. 10:7) Ngala mazwi abalulekile, uJesu wayeziletha kuNkulunkulu ukuba afeze konke okwakubikezelwe ngokuphathelene neNzalo ethenjisiwe, okuhlanganisa ‘nokulinyazwa kwakhe esithendeni’ nguSathane. (Gen. 3:15) Akekho omunye umuntu owake wavuma ngokuzithandela ukwenza umsebenzi onzima kangaka. Ekhuluma esezulwini, uJehova wezwakalisa ukuyethemba ngokuphelele iNdodana yakhe, futhi akazange afune ukuba uJesu afunge ukuthi uzokwenza akushilo.—Luka 3:21, 22.

4. UJesu wenza u-Yebo wakhe washo uYebo ngokwezinga elingakanani?

4 UJesu wayekwenza njalo lokhu akushoyo ngokwenza u-Yebo wakhe asho uYebo. Akavumelanga lutho ukuba lumphambukise emsebenzini awunikwa uYise, wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nokwenza bonke abantu uNkulunkulu ayebadonsela kuye babe abafundi. (Joh. 6:44) IBhayibheli lichaza izinga lokwethembeka kukaJesu ngala mazwi adumile: “Kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izithembiso zikaNkulunkulu, ziye zaba nguYebo [ngaye].” (2 Kor. 1:20) Ngempela, uJesu uyisibonelo esihle kunazo zonke somuntu owasifeza isithembiso ayesenze kuYise. Manje, ake sicabangele isibonelo sothile owenza konke okusemandleni akhe ukuze alingise uJesu.

UPAWULU—INDODA EYALIGCINA IZWI LAYO

5. Isiphi isibonelo umphostoli uPawulu asibekela sona?

5 “Kufanele ngenzeni, Nkosi?” (IzE. 22:10) La mazwi aqotho ashiwo uPawulu, ngaleso sikhathi owayaziwa ngelikaSawulu, esabela esiqondisweni seNkosi uJesu ekhazinyulisiwe, eyayibonakale kuye embonweni ukuze imvimbe ekushushiseni abafundi bayo. Ngenxa yaleso senzakalo, uSawulu wazithoba waphenduka enkambweni yakhe yangaphambili, wabhapathizwa, futhi wamukela isabelo esikhethekile sokufakaza ngoJesu ezizweni. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, uPawulu waqhubeka ebiza uJesu ngokuthi “iNkosi” yakhe, wenza ngokuvumelana nalawo mazwi kwaze kwaba sekupheleni kokuphila kwakhe kwasemhlabeni. (IzE. 22:6-16; 2 Kor. 4:5; 2 Thim. 4:8) UPawulu wayengafani nabanye  uJesu athi kubo: “Khona-ke, ‘Ningibizelani ngokuthi ‘Nkosi! Nkosi!’ nibe ningazenzi izinto engizishoyo?” (Luka 6:46) Yebo, uJesu ulindele ukuba bonke abamamukela njengeNkosi bagcine izwi labo, njengoba kwenza umphostoli uPawulu.

6, 7. (a) Kungani uPawulu ashintsha uhlelo lwakhe lokuphinde avakashele eKorinte, futhi kungani ababemgxeka babengenasizathu sokungabaza ukwethembeka kwakhe? (b) Kufanele sibabheke kanjani labo abamisiwe ukuba bahole phakathi kwethu?

6 UPawulu wasakaza isigijimi soMbuso ngentshiseko kulo lonke elase-Asia Minor naseYurophu, emisa amabandla amaningi futhi ephinde ewavakashela. Ngesinye isikhathi, wakubona kufanele ukuba afungele ukuba yiqiniso kwalokho ayekuloba. (Gal. 1:20) Lapho abathile eKorinte bemsola ngokuthi akathembekile, wabhala ezivikela: “UNkulunkulu kungathenjelwa kuye ukuthi inkulumo yethu ebhekiswe kini ayiyena uYebo kodwa ibe inguCha.” (2 Kor. 1:18) UPawulu waloba la mazwi esesukile e-Efesu futhi enqamula eMakedoniya eya eKorinte. Ekuqaleni, wayehlele ukuphinde avakashele eKorinte ngaphambi kokuya eMakedoniya. (2 Kor. 1:15, 16) Kodwa, njengoba kunjalo ngababonisi abajikelezayo namuhla, ngezinye izikhathi kuye kudingeke ukuba bashintshe umzila. Ushintsho olunjalo alwenziwa nje ngenxa yezizathu ezingathi shú noma zobugovu kodwa ngenxa yesimo esithile esiphuthumayo. Endabeni kaPawulu, isizathu sokuhlehlisa uhambo lwakhe oluya eKorinte sasizozuzisa lona kanye leli bandla. Kanjani?

7 Ngemva kwesikhathi ehlele uhambo lwakhe, uPawulu wathola izindaba ezikhathazayo zokwahlukana nokuziphatha kabi okwakuthalaliswa eKorinte. (1 Kor. 1:11; 5:1) Ukuze alungise lesi simo, wabhala iseluleko esiqinile encwadini yakhe yokuqala eya kwabaseKorinte. Ngemva kwalokho, esikhundleni sokuhamba ngomkhumbi aye ngqo eKorinte esuka e-Efesu, uPawulu wakhetha ukunika abafowabo ithuba lokuba basisebenzise iseluleko sakhe ukuze lapho efika, ukuhambela kwakhe kube okukhuthaza nakakhulu. Ebaqinisekisa ngesizathu esiqotho sokushintsha kwakhe uhlelo, uPawulu wabhala encwadini yakhe yesibili: “Ngibiza uNkulunkulu njengofakazi ngokumelene nomphefumulo wami siqu ukuthi kungenjongo yokuphephisa nina ukuthi angikezi eKorinte.” (2 Kor. 1:23) Kwangathi singelokothe sifane nabagxeki bakaPawulu; kunalokho, masibabonise inhlonipho ejulile labo abamisiwe ukuba bahole phakathi kwethu. Iqiniso liwukuthi siyobe senza kahle uma silingisa uPawulu, njengoba nje naye ayelingisa uKristu.—1 Kor. 11:1; Heb. 13:7.

EZINYE IZIBONELO EZINHLE

8. Isiphi isibonelo uRebheka asibekela sona?

8 “Ngizimisele ukuhamba.” (Gen. 24:58) Ngala mazwi alula, uRebheka waphendula unina nomfowabo ngokuphathelene nokuvuma kwakhe ukushiya ikhaya ngalelo langa ahambe nomuntu angamazi ibanga elingamakhilomitha angaphezu kwangu-800 ukuze ayoba umka-Isaka indodana ka-Abrahama. (Gen. 24:50-58) U-Yebo kaRebheka washo uYebo, futhi waba inkosikazi ka-Isaka ethembekile nemesabayo uNkulunkulu. Konke ukuphila kwakhe, wahlala ematendeni njengesihambi eZweni Lesithembiso. Wathola umvuzo ngokwethembeka kwakhe wokuba abe ukhokhokazi weNzalo ethenjisiwe, uJesu Kristu.—Heb. 11:9, 13.

9. URuthe waligcina kanjani izwi lakhe?

9 “Cha, sizobuyela nawe kubantu bakini.” (Ruthe 1:10) Abafelokazi bakwaMowabi uRuthe no-Orpa baqhubeka besho la mazwi kuNawomi uninazala ongumfelokazi, owayebuyela eBhetlehema esuka kwaMowabi. Ekugcineni, ngemva kokuncengwa uNawomi, u-Orpa wabuyela ezweni lakubo. Kodwa u-Cha kaRuthe wawusho uCha. (Funda uRuthe 1:16, 17.) Wanamathela ngobuqotho kuNawomi, wawushiya ngokuphelele umndeni wakubo nenkolo yamanga yakwaMowabi. Wakhuthazela  njengomkhulekeli othembekile kaJehova futhi wavuzwa ngokuba ngomunye wabesifazane abahlanu kuphela ababalwa uMathewu ohlwini lozalo lukaKristu.—Math. 1:1, 3, 5, 6, 16.

10. Kungani u-Isaya aba isibonelo sethu esihle?

10 “Nangu mina! Thuma mina.” (Isaya 6:8) Ngaphambi kokusho lokhu, u-Isaya wabona umbono okhazimulayo kaJehova esesihlalweni saKhe sobukhosi ngaphezu kwethempeli lakwa-Israyeli. Esabheke lo mbono okhazimulayo, wezwa izwi likaJehova lithi: “Ngizothuma bani, ubani ozosiyela?” Lesi kwakuyisimemo sokuba abe umkhulumeli kaJehova ozodlulisela isigijimi sikaNkulunkulu kubantu baKhe abangalaleli. U-Isaya waligcina izwi lakhe—u-Yebo wakhe washo uYebo. Wakhonza ngokwethembeka njengomprofethi iminyaka engaphezu kwengu-46, edlulisela izigijimi ezinamandla zesahlulelo kuhlanganise nezithembiso ezinhle zokubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso.

11. (a) Kungani kubaluleke kakhulu ukuligcina izwi lethu? (b) Iziphi izibonelo eziyisixwayiso ezikhona zabathile abangazange baligcine izwi labo?

11 Kungani uJehova enza ukuba izibonelo ezingenhla zilotshelwe thina eZwini lakhe? Kubaluleke kangakanani ukuba u-Yebo wethu asho uYebo? IBhayibheli lixwayisa ngokuqondile ukuthi umuntu ‘ongathembekile esivumelwaneni’ uphakathi kwalabo ‘abafanelwe ukufa.’ (Roma 1:31, 32) UFaro waseGibhithe, uZedekiya iNkosi yakwaJuda, no-Ananiya noSafira baphakathi kwabantu abayizibonelo ezimbi eziseBhayibhelini zabantu u-Yebo wabo ongazange asho uYebo. Bonke kwabahambela kabi futhi bayizibonelo eziyisixwayiso kithi.—Eks. 9:27, 28, 34, 35; Hez. 17:13-15, 19, 20; IzE. 5:1-10.

12. Yini eyosisiza ukuba sigcine izwi lethu?

12 Njengoba siphila “ezinsukwini zokugcina,” sizungezwe abantu ‘abangathembekile, abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.’ (2 Thim. 3:1-5) Kufanele sikugweme ngangokunokwenzeka ukuzihlanganisa nalabo bantu ababi. Kunalokho, kufanele sihlangane njalo nalabo abalwela ukuba u-Yebo wabo asho uYebo ngaso sonke isikhathi.—Heb. 10:24, 25.

U-YEBO WAKHO OBALULEKE KAKHULU

13. Imuphi u-Yebo obaluleke kakhulu kumlandeli kaJesu Kristu?

13 Isithembiso esibaluleke kunazo zonke umuntu angasenza siphathelene nokuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu. Labo abafuna ukuzidela babe abafundi bakaJesu banikezwa ithuba kathathu lokuba bathi Yebo lapho bebuzwa ngezinhloso zabo. (Math. 16:24) Lapho abadala ababili bexoxa nothile ofuna ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe, ubuzwa lo mbuzo, “Ingabe ufuna ngempela ukuba omunye woFakazi BakaJehova?” Kamuva, lapho lowo muntu esenze intuthuko eyengeziwe ngokomoya futhi efisa ukubhapathizwa, abadala bahlangana naye bambuze, “Ingabe wena usuzinikezele kuJehova ngomthandazo?” Ekugcineni,  ngosuku lokubhapathizwa, ngamunye kulabo abazobhapathizwa uyabuzwa, “Ngesisekelo somhlatshelo kaJesu Kristu, ingabe usuphendukile ezonweni zakho, wazinikezela kuJehova ukuba wenze intando yakhe?” Ngaleyo ndlela, labo abasha bathi Yebo phambi kofakazi ngokuphathelene nesithembiso sabo sokukhonza uNkulunkulu kuze kube phakade.

Ingabe uyethembeka kuYebo wakho obaluleke kakhulu?

14. Ikuphi ukuzihlola okufanele sikwenze njalo?

14 Kungakhathaliseki ukuthi usanda kubhapathizwa noma sekungamashumi eminyaka ukhonza uNkulunkulu, kufanele uzihlole njalo futhi uzibuze imibuzo enjengale: ‘Njengoba ngilingisa uJesu Kristu, ingabe ngisathembekile ku-Yebo wami obaluleke kakhulu? Ingabe ngiyaqhubeka nokulalela uJesu ngokwenza umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi uze kuqala ekuphileni kwami?’—Funda eyesi-2 Korinte 13:5.

15. Kukuziphi izici zokuphila lapho kubaluleke khona ukuba u-Yebo wethu asho uYebo?

15 Ukuze sethembeke esifungweni sethu sokuzinikezela, kumelwe sethembeke nakwezinye izinto ezibalulekile. Ngokwesibonelo: Ingabe ushadile? Qhubeka usihlonipha isifungo esiyigugu sokuthanda nokwazisa lowo oshade naye. Ingabe usayine isivumelwano sebhizinisi noma ugcwalise ifomu elithile lokungenela ilungelo elingokwasezulwini? Khona-ke, thembeka kulokho okuthembisile nozibophezele kukho. Ingabe wamukele isimemo esivela kothile ophansi? Ungashintshi lapho usuthola isimemo esivela kothile obonakala engcono. Noma, ingabe uthembise othile omthole enkonzweni yendlu ngendlu ukuthi uzobuya uzomsiza ngokomoya? Khona-ke, yenza konke okusemandleni ukuba u-Yebo wakho asho uYebo, futhi uJehova uyoyibusisa inkonzo yakho.—Funda uLuka 16:10.

UKUZUZA KUMPRISTI OPHAKEME NOYINKOSI YETHU

16. Uma sehlulekile ukugcina izwi lethu, yini okufanele siyenze?

16 IBhayibheli lithi njengabantu abangaphelele, “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi,” ikakhulukazi lapho sikhuluma. (Jak. 3:2) Yini okufanele siyenze lapho sibona ukuthi sehlulekile ukugcina izwi lethu? EMthethweni kaNkulunkulu awunika ama-Israyeli, kwakunelungiselelo lesihe uma kunothile owayenecala ‘lokukhuluma ngokungacabangi ngezindebe zakhe.’ (Lev. 5:4-7, 11) Likhona ilungiselelo lothando nakumKristu okungenzeka enze isono esinjalo. Uma sisivuma kuJehova leso sono, uyosithethelela ngesihe ngomPristi Ophakeme, uJesu Kristu. (1 Joh. 2:1, 2) Nokho, ukuze siqhubeke sithola umusa kaNkulunkulu, kufanele sibonise izithelo zokuphenduka ngokungazenzi umkhuba izono ezinjalo nangokwenza konke esingakwenza ukulungisa isimo esibangelwe ukukhuluma kwethu ngaphandle kokucabanga. (IzAga 6:2, 3) Kuyiqiniso ukuthi kungcono kakhulu ukucabangisisa ngaphambi kokwenza izithembiso esingase sihluleke ukuzifeza.—Funda umShumayeli 5:2.

17, 18. Iliphi ikusasa elikhazimulayo eliyotholwa yibo bonke abalwela ukuba u-Yebo wabo asho uYebo?

17 Yeka ikusasa elihle abayoba nalo bonke abakhulekeli bakaJehova abaqhubeka belwela ukuba u-Yebo wabo asho uYebo! Abagcotshiweyo abangu-144 000 bayothola ukuphila okungenakufa ezulwini, lapho beyohlanganyela khona noJesu eMbusweni wakhe futhi “babuse njengamakhosi kanye naye iminyaka eyinkulungwane.” (IsAm. 20:6) Izigidi zabantu ezingenakubalwa, ziyozuza ekubuseni koMbuso kaKristu emhlabeni oyipharadesi. Lapho ziyosizwa ukuba zifinyelele ukuphelela emzimbeni nasengqondweni.—IsAm. 21:3-5.

18 Uma siyothembeka ovivinyweni lokugcina ekupheleni kokuBusa KukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane, ngeke siphinde sibe nesizathu sokungabaza izwi lothile. (IsAm. 20:7-10) Bonke o-Yebo bayosho uYebo, no-Cha bayosho uCha. Ngoba bonke abayobe bephila ngaleso sikhathi bayobe bemlingisa ngokuphelele uBaba wethu wasezulwini onothando, uJehova, ‘uNkulunkulu weqiniso.’—IHu. 31:5.