Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Ezivela Ezinqolobaneni Zethu

‘Kwakuyizindaba Ezinhle Kunazo Zonke’

‘Kwakuyizindaba Ezinhle Kunazo Zonke’

“EZOKWENZANI zonke lezi?” kubuza uGeorge Naish, ekhomba inqwaba yezingodo ezingamamitha angu-18 ubude ezazisendaweni yokugcina izikhali eSaskatoon, eSaskatchewan, eCanada. Watshelwa ukuthi lezi zingodo zazisetshenziselwa ukwakha imibhoshongo yokuthumela imiyalezo phakathi neMpi Yezwe I. UMfoweth’ uNaish kamuva walandisa, “Kwabe sekufika engqondweni yami ukuthi singazisebenzisa lezi zingodo ukuze sakhe imibhoshongo yokusakaza. Waqala kanjalo-ke umbono wokuba nesiteshi sokusakaza esingokwasezulwini.” Ngemva nje konyaka—ngo-1924—isiteshi sethu okuthiwa iCHUC saqala ukusakaza. Kwakungesinye seziteshi zokuqala ezazikhuluma ngenkolo eCanada.

(1) Isiteshi e-Edmonton, e-Alberta (2) Umzalwane usebenza ngezintambo zikagesi zomshini wokusakaza eToronto, e-Ontario

Njengoba icishe ilingane neYurophu, iCanada yayiyindawo enhle yokufakaza ngesiteshi somsakazo. UFlorence Johnson owayesebenza esiteshini saseSaskatoon wathi, “Ngenxa yezinhlelo esasizisakaza, iqiniso lafinyelela abantu esasingenakukwazi ukubafinyelela mathupha. Kanti njengoba umsakazo wawuyinto eseyintsha, abantu babemagange ukuzwa noma yini eyayisakazwa.” Ngo-1926, abaFundi BeBhayibheli (njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo) base beneziteshi zabo zemisakazo emadolobheni amane aseCanada. *

(3) Isiteshi sokusakaza iCHUC eSaskatoon, eSaskatchewan

Yini owawungase uyizwe uma uvula esinye salezi ziteshi? Umculo wabaculi bebandla lendawo ababevame ukucula behambisana neqembu elincane labadlali bomculo wezinsimbi. Abazalwane babebuye bashumayele futhi baqhube nezingxoxo zeBhayibheli. U-Amy Jones, owaba nengxenye ezingxoxweni ezinjalo, uyakhumbula, “Ngezinye izikhathi kwakuthi lapho ngizethula enkonzweni yasensimini, umninikhaya athi, ‘O, ngiyakukhumbula, ngikuzwile emsakazweni.’”

“Izingcingo zazingena zingenile okwakwenza kube nzima ukuziphendula zonke”

AbaFundi BeBhayibheli eHalifax, eNova Scotia, basebenzisa indlela yokusakaza eyayingavamile ngaleso sikhathi—lolu hlelo lwaluvumela izilaleli ukuba zishaye izingcingo ukuze zibuze imibuzo ephathelene neBhayibheli. Omunye umzalwane wabhala, “Indlela abantu ababesabela ngayo kulolu hlelo  yayimangalisa. Izingcingo zazingena zingenile okwakwenza kube nzima ukuziphendula zonke.”

Njengoba kwenzeka kumphostoli uPawulu, abantu basabela ngezindlela ezihlukahlukene esigijimini sabaFundi BeBhayibheli. (IzE. 17:1-5) Abanye basithanda isigijimi. Ngokwesibonelo, lapho uHector Marshall ezwa abaFundi BeBhayibheli bekhuluma ngemiqulu ethi Studies in the Scriptures emsakazweni, wa-oda imiqulu eyisithupha. Kamuva wabhala, “Ngangicabanga ukuthi lezi zincwadi zizongisiza lapho ngifundisa kuSonto-sikole.” Nokho, lapho eqeda ukufunda uMqulu wokuqala, uHector wanquma ukulishiya isonto lakhe. Waba umvangeli oshisekayo, futhi wakhonza uJehova ngokwethembeka kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1998. Empumalanga yeNova Scotia, ngemva kosuku kusakazwe inkulumo ethi “UMbuso, Ithemba Lomhlaba,” uKhenela J. A. MacDonald wathi kumzalwane wakuleyo ndawo: “Izolo abantu baseCape Breton Island bezwe izindaba ezinhle kunazo zonke kule ngxenye yomhlaba.”

Ngakolunye uhlangothi, abefundisi bathukuthela bagan’ unwabu. AmaKatolika athile eHalifax asongela ngokuthi ayezosiqhumisa isiteshi esasisakaza izinhlelo zabaFundi BeBhayibheli. Eshoshozelwa abaholi benkolo, ngokungazelelwe, ngo-1928 uhulumeni wamemezela ukuthi ngeke uwavuselele amalayisense okusakaza eziteshi zabaFundi BeBhayibheli. Lapho bezwa lokhu abafowethu nodadewethu basakaza isigijimi esinyathelisiwe esasinesihloko esithi Who Owns the Air? ukuze bazwakalise ukungajabuli kwabo ngalesi senzo esingenabulungisa. Noma kunjalo izikhulu zikahulumeni zenqaba ukuvuselela amalayisense okusakaza abaFundi BeBhayibheli.

Ingabe lokho kwalidikibalisa leli qembu elincane lezinceku zikaJehova eCanada? “Ekuqaleni, kwabonakala sengathi isitha sasinqobe ngempela,” kuvuma u-Isabel Wainwright. “Kodwa ngangazi ukuthi uJehova wayeyokuvimbela lokhu ukube kwakuyinjongo yakhe ukuba siqhubeke sisakaza emoyeni. Ngakho kumelwe ukuba lokhu kwakusho ukuthi kufanele sijwayele enye indlela ephumelela kangcono yokusakaza izindaba ezinhle zoMbuso.” Kunokuba bathembele kakhulu emsakazweni ukuze bafakaze, abaFundi BeBhayibheli eCanada baqala ukugxila ekuvakasheleni abantu emakhaya abo. Nokho, akungabazeki ukuthi umsakazo waba nendima enkulu ekusakazeni ‘izindaba ezinhle kunazo zonke’ ngesikhathi usasetshenziswa.—Ivela ezinqolobaneni zethu eCanada.

^ isig. 4 Ukuze bafakaze ngomsakazo, abazalwane eCanada bathenga nesikhathi sokusakaza eziteshini zemisakazo zezentengiselwano.