Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INqabayokulinda Eyenziwe Lula—Kungani Ibe Khona?

INqabayokulinda Eyenziwe Lula—Kungani Ibe Khona?

SEKUNGAMASHUMI eminyaka abesilisa nabesifazane emhlabeni belwazisa futhi bezuza olwazini olusekelwe eBhayibhelini olunyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda. Ngo-July 2011, kwanyatheliswa umagazini wokuqala owenziwe lula ngolimi lwesiNgisi onezihloko ezifundwa ebandleni. Lowo magazini wachaza: “Lo magazini omusha uzozanywa unyaka owodwa, uma uzuzisa, uzoqhubeka unyatheliswa.”

Manje, siyajabula ukusho ukuthi sinqume ukuqhubeka siwunyathelisa. Ngaphezu kwalokho, ngokuhamba kwesikhathi lo magazini owenziwe lula uzoba khona nangolimi lwesiFulentshi, isiPutukezi kanye neSpanishi.

OKWENZA UTHANDWE

Ngemva kokuthola lo magazini owenziwe lula, abaningi eNingizimu YePacific babika: “Manje abafowethu sebeyakwazi ukuthola umqondo ophelele we-Nqabayokulinda.” Enye incwadi yathi: “Isikhathi esasichithwa kubhekwa izincazelo zamagama kuchazwa nezinkulumo ezithile manje sisetshenziselwa ukuthola umqondo wemiBhalo ekhonjiwe nokuthi ihlangana kanjani nendaba.”

“Isikhathi esasichithwa kubhekwa izincazelo zamagama kuchazwa nezinkulumo ezithile manje sisetshenziselwa ukuthola umqondo wemiBhalo ekhonjiwe nokuthi ihlangana kanjani nendaba”

Omunye oneziqu zasekolishi e-United States uthi: “Ngachitha iminyaka engu-18 ngikhuluma futhi ngibhala ulimi lwezifundiswa. Ngangenwa umkhuba wokukhuluma nokucabanga ngendlela edida abaningi. Ngaqaphela ukuthi kwakudingeka ngenze ushintsho olukhulu endleleni yami yokucabanga neyokukhuluma.” Manje njengoba esengumshumayeli ophumelelayo, uthi: “INqabayokulinda eyenziwe lula ibe usizo olukhulu. Indlela amagama asetshenziswe ngayo iyisibonelo  esihle kakhulu sendlela elula yokukhuluma.”

Udade waseNgilandi owabhapathizwa ngo-1972 wabhala lokhu mayelana ne-Nqabayokulinda eyenziwe lula: “Lapho ngifunda umagazini wokuqala ngqa, kwaba sengathi uJehova uhleli eduze kwami, ungigaxile futhi siwufunda ndawonye. Kwakungathi ubaba ufundela ingane yakhe indaba ethile ngaphambi kokuba ilale.”

Udade oseBethel e-United States oseneminyaka engaphezu kuka-40 abhapathizwa wathi lo magazini owenziwe lula ngezinye izikhathi uye wamnika ukuqonda okusha. Ngokwesibonelo, ibhokisi elithi “Izincazelo Zamanye Amagama” kumagazini ka-September 15, 2011, lachaza inkulumo ethi “ifu lofakazi” ekumaHebheru 12:1 ngala mazwi: “Babebaningi kakhulu bengenakubalwa.” Wathi: “Lokhu kwenza lakhanya bha leli vesi.” Mayelana nemihlangano yamasonto onke, wanezela: “Ngisho noma ingane izifunda ngokuqondile izimpendulo zayo kumagazini owenziwe lula, azifani nezikamagazini ovamile we-Nqabayokulinda ofundwa iningi. Ngakho izilaleli ziyazithokozela izimpendulo zezingane.”

Omunye udade oseBethel wabhala: “Ngihlale ngimagange ukuzwa izimpendulo zezingane ebandleni. INqabayokulinda eyenziwe lula izisizile ukuba zikwazi ukuveza imizwa yazo ngokuqiniseka. Izimpendulo zazo ziye zaba isikhuthazo kimi.”

Udade owabhapathizwa ngo-1984 washo  amazwi okwazisa ngalo magazini owenziwe lula, wathi: “Kusengathi lo magazini ubhalelwe mina. Wenza kube lula ngempela ukuqonda engikufundayo. Manje sengiyazethemba ukuthi ngingaphendula eSifundweni Se-Nqabayokulinda.”

ITHULUZI ELAZISWA ABAZALI

Umama womfana oneminyaka engu-7 wathi: “Ukuchaza imisho eminingi lapho silungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda kwakuthatha isikhathi eside futhi kukhathaza.” Wamsiza kanjani lo magazini owenziwe lula? Uyabhala: “Kuyangimangaza ukuthi naye useyazifunda izigaba futhi akuqonde ngempela akufundayo. Njengoba amagama asetshenzisiwe engenzima nemisho imifushane, akesabi. Useqale ukulungiselela izimpendulo zemihlangano ngaphandle kosizo lwami, futhi useyakwazi ukugxilisa umqondo wakhe kumagazini size siphele isifundo.”

“Kuyangimangaza ukuthi naye useyazifunda izigaba futhi akuqonde ngempela akufundayo”

Umama wentombazanyana eneminyaka engu-9 wabhala: “Ngaphambilini kwakudingeka simsize ngezimpendulo zakhe. Manje uselungiselela yedwa. Asivamile ukuchitha isikhathi simchazela ukwaziswa. Ngenxa yokuthi lokhu akufundayo kulula ukukuqonda, manje usezizwa eyingxenye ngempela yeSifundo Se-Nqabayokulinda.”

IZINGANE ZIZIZWA KANJANI?

Izingane eziningi zinomuzwa wokuthi le-Nqabayokulinda eyenziwe lula ilungiselelwe zona ngokukhethekile. URebecca oneminyaka engu-12 wacela: “Ngicela niqhubeke niwunyathelisa lo magazini!” Wanezela: “Ngiyayithanda le ngxenye ethi, ‘Izincazelo Zamanye Amagama.’ Ilula kakhulu ezinganeni.”

UNicolette oneminyaka engu-7 uzizwa ngendlela efanayo: “Ngangikuthola kunzima ukuqonda INqabayokulinda. Manje sengikwazi ukuphendula kaningi ngingasizwanga.” U-Emma oneminyaka engu-9 wabhala: “Lo magazini uye waba usizo olukhulu kimi nakumfowethu, oneminyaka eyisithupha. Sesiwuqonda kangcono! Ngiyabonga!”

Kusobala ukuthi abaningi bayazuza kulo magazini we-Nqabayokulinda osebenzisa amagama nemisho elula ukuyiqonda. Wanelisa isidingo futhi uzoqhubeka unyatheliswa kanye nomagazini ovamile obulokhu uyilungiselelo eliyigugu kusukela ngo-1879.