Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Izakhamuzi Zesikhashana” Zinobunye Ekukhulekeleni Kweqiniso

“Izakhamuzi Zesikhashana” Zinobunye Ekukhulekeleni Kweqiniso

“Abezinye izizwe bayoba abalimi benu nabagcini-zivini benu. Kepha nina, niyobizwa ngokuthi ningabapristi bakaJehova.” —ISAYA 61:5, 6.

1. Abanye abantu bababheka kanjani abantu bezinye izizwe, kodwa kungani lokho kungafaneleki?

NJENGOBA kuboniswe esihlokweni esandulele, abantu basebenzisa inkulumo ethi “owesinye isizwe” ngomqondo wokwedelela, obonisa ukumbukela phansi noma ukumeyisa okusobala lowo muntu. Kuwukwedelela ukubheka abantu besinye isizwe njengabaphansi kunabezwe lakithi. Ngaphezu kwalokho, ukuba nesimo sengqondo esinjalo kubonisa ukungawazi amaqiniso. Incwadi ethi The Races of Mankind ithi: “Izinhlanga zabantu ziyilokho iBhayibheli elithi ziyikho—izingane zandawonye.” Kuyenzeka ukuba izingane zandawonye zihluke kakhulu, kodwa noma kunjalo zizalwa abazali ababodwa.

2, 3. Uyini umbono kaJehova ngabantu bezinye izizwe?

2 Yebo, kungakhathaliseki ukuthi sihlala kuphi, kuhlale kunabantu bezinye izizwe phakathi kwethu. Babekhona naphakathi kwama-Israyeli asendulo uJehova uNkulunkulu awangenisa ebuhlotsheni obukhethekile naye ngesivumelwano soMthetho. Amalungelo alabo bantu ababengewona ama-Israyeli ayelinganiselwe ngandlela-thile, noma kunjalo kwakulindeleke ukuba ama-Israyeli abaphathe ngenhlonipho futhi angabacwasi. Yeka isibonelo esihle okumelwe sisilandele! Ayikho indawo yokucwasa noma yobandlululo phakathi kwamaKristu eqiniso. Ngani? Umphostoli uPetru wathi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzE. 10:34, 35.

3 Abezinye izizwe ababehlala kwa-Israyeli wasendulo babezuza ngokuba nobudlelwane obuseduze nama-Israyeli emvelo. Lokhu kwakuhambisana nombono kaJehova kule ndaba umphostoli uPawulu awubonisa eminyakeni eminingi kamuva lapho ebuza ngokuphathelene noJehova: “Ingabe unguNkulunkulu wamaJuda kuphela? Akayena yini nowabantu bezizwe? Yebo, ungowabantu bezizwe futhi.”—Roma 3:29; Joweli 2:32.

4. Kungani kungase kushiwo ukuthi abekho abezinye izizwe “ku-Israyeli kaNkulunkulu”?

 4 Ngesivumelwano esisha, ibandla lamaKristu agcotshiwe lathatha indawo ka-Israyeli wemvelo laba isizwe esasesizoba nobuhlobo obukhethekile noNkulunkulu. Ngenxa yalokho libizwa ngokuthi “u-Israyeli kaNkulunkulu.” (Gal. 6:16) Njengoba uPawulu achaza, kulesi sizwe esisha, ‘akukho mGreki namJuda, ukusoka noma ukungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila, okhululekile, kodwa uKristu uyikho konke futhi ukubo bonke.’ (Kol. 3:11) Ngalowo mqondo-ke, abekho ebandleni lobuKristu okwakufanele babhekwe njengabezinye izizwe.

5, 6. (a) Imuphi umbuzo ongase uphakame ngokuphathelene no-Isaya 61:5, 6? (b) Bangobani “abapristi bakaJehova” “nabezinye izizwe” u-Isaya akhuluma ngabo? (c) La maqembu amabili afana ngani?

5 Ngakolunye uhlangothi, omunye angase abhekisele esahlukweni 61 sencwadi ka-Isaya, enesiprofetho esigcwaliseka ebandleni lobuKristu. Ivesi 6 laleso sahluko likhuluma ngalabo abayokhonza ‘njengabapristi bakaJehova.’ Nokho, ivesi 5 likhuluma ‘ngabezinye izizwe’ ababeyobambisana futhi basebenze ndawonye nalabo “bapristi.” Kufanele sikuqonde kanjani lokhu?

6 Siqonda ukuthi labo “bapristi bakaJehova” bangamaKristu agcotshiwe anesabelo “ovukweni lokuqala” futhi ayoba “ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse njengamakhosi kanye naye iminyaka eyinkulungwane.” (IsAm. 20:6) Ngaphezu kwalokho, kunamaKristu amaningi aqotho anethemba lasemhlabeni. Nakuba lawa maKristu esebenza futhi enobudlelwane obuseduze nalabo abayokhonza ezulwini, ngomqondo ongokomfanekiso, angabantu bezinye izizwe. Ayakujabulela ukusekela nokusebenza kanye ‘nabapristi bakaJehova,’ njengokungathi akhonza ‘njengabalimi nabagcini-zivini.’ Yebo, asiza ekuhlakuleleni izithelo zomoya ezikhazimulisa uNkulunkulu, ekunakekeleni nasekubutheni abantu. Ngempela, abagcotshiweyo ‘nabezinye izimvu’ bathola abantu abaqotho abafisa ukukhonza uNkulunkulu phakade bese bebalusa ngothando.—Joh. 10:16.

“IZAKHAMUZI ZESIKHASHANA” NJENGO-ABRAHAMA

7. AmaKristu namuhla afana kanjani no-Abrahama nabanye abantu basendulo bokholo?

7 Njengoba kuye kwaphawulwa esihlokweni esandulele, amaKristu eqiniso anjengabantu bezinye izizwe, noma anjengezakhamuzi zesikhashana ezweni likaSathane elibi. Ngale ndlela, ayefana nabantu bokholo basendulo—abahlanganisa no-Abrahama’—okuthiwa ngabo ‘babengabafokazi nezakhamuzi  zesikhashana ezweni.’ (Heb. 11:13) Kungakhathaliseki ukuthi sinaliphi ithemba ngesikhathi esizayo, sinelungelo lokujabulela ubuhlobo obunjengalobo obabuphakathi kukaJehova no-Abrahama. UJakobe uchaza ukuthi “‘u-Abrahama waba nokholo kuJehova, kwabalelwa kuye njengokulunga,’ futhi wabizwa ngokuthi ‘umngane kaJehova.’”—Jak. 2:23.

8. Isiphi isithembiso esanikezwa u-Abrahama, futhi wazizwa kanjani ngokugcwaliseka kwaso?

8 UNkulunkulu wathembisa ukuthi ngo-Abrahama nangenzalo yakhe, yonke imindeni yomhlaba—hhayi isizwe esisodwa kuphela—yayiyobusiswa. (Funda uGenesise 22:15-18.) Nakuba kwakusazothatha isikhathi ukuba lesi sithembiso sikaNkulunkulu sigcwaliseke, u-Abrahama waqhubeka enokholo oluqinile lokuthi siyogcwaliseka. Yena nomkhaya wakhe bachitha isikhathi esingaphezu kwesigamu seminyaka ayiphila bengonozulane. U-Abrahama walondoloza ubungane bakhe noJehova sonke leso sikhathi.

9, 10. (a) Singasilingisa ngaziphi izindlela isibonelo sika-Abrahama? (b) Isiphi isimemo esingahlanganyela ekusidluliseleni?

9 Naphezu kokungazi ukuthi wayezolinda isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba leso sithembiso sigcwaliseke, uthando u-Abrahama ayenalo ngoJehova nokuzinikela kwakhe kuye akuzange kuntengantenge. Wagcina amehlo akhe egxilile, akazange azinze esizweni esithile ngenjongo yokuba isakhamuzi saphakade kuso. (Heb. 11:14, 15) Yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ngathi ukulandela isibonelo sika-Abrahama, ngokuphila ukuphila okulula, singazivumeli ukuba sikhathazeke ngokweqile ngokuthola izinto ezibonakalayo, izikhundla emphakathini noma ngemigomo yomsebenzi wokuziphilisa! Singazikhandlelani nje ukuba siphile ukuphila okuthiwa kuvamile kulesi simiso osekuseduze ukuba siphele? Singazithandelani ngempela izinto ezingezesikhashana? Njengoba kwakunjalo ngo-Abrahama, siphokophele kokuthile okungcono kakhulu. Sizimisele ukubonisa isimo sengqondo sokubekezela nesokulinda kuze kube yilapho ithemba lethu ligcwaliseka.—Funda amaRoma 8:25.

Ingabe uyohlale ugxile ekugcwalisekeni kwezithembiso zikaNkulunkulu njengo-Abrahama?

10 UJehova usamema abantu bazo zonke izizwe ukuba beze bazobusiswa ngenzalo ka-Abrahama. “Abapristi bakaJehova” abagcotshiwe kanye nabezinye izimvu ‘abangabezinye izizwe,’ badlulisela lesi simemo kubantu emhlabeni wonke ngezilimi ezingaphezu kuka-600.

BHEKA NGALÉ KWEMINGCELE

11. USolomoni wezwakalisa muphi umbono owawuhlanganisa nabantu abangewona ama-Israyeli?

11 Lapho kunikezelwa ithempeli ngo-1026 B.C.E., ngokuvumelana nesithembiso uJehova asenza ku-Abrahama, uSolomoni washo amazwi empeleni ayemema abantu bazo zonke izizwe ukuba nabo bahlanganyele ekudumiseni uJehova. Ethandaza ngokusuka enhliziyweni wathi: “Nowesinye isizwe, ongeyona ingxenye yabantu bakho u-Israyeli empeleni ozayo evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho (ngoba bayozwa ngegama lakho elikhulu nangesandla sakho esinamandla nangengalo yakho eyeluliwe), futhi empeleni afike athandaze ebheke kule ndlu, kwangathi wena ngokwakho ungamlalela usemazulwini, indawo yakho yokuhlala emisiwe, wenze ngokuvumelana nakho konke lowo wesinye isizwe akucela kuwe; ukuze zonke izizwe zomhlaba zilazi igama lakho ukuze zikwesabe njengoba nje isizwe sakho u-Israyeli sikwesaba.”—1 AmaKh. 8:41-43.

12. Kungani abanye abantu bengase babheke oFakazi BakaJehova njengabangaqondakali noma “abezinye izizwe”?

12 Ngokuyinhloko, umuntu ubhekwa njengowesinye isizwe uma esezweni okungelona elenkaba yakhe noma efika emphakathini noma eqenjini labantu abathile evela kwelinye. Lokhu kukuchaza kahle ukuma koFakazi BakaJehova. OFakazi ngokuyinhloko bathembeka kuhulumeni wasezulwini, uMbuso kaNkulunkulu osemahlombe kaKristu. Ngakho, balondoloza ukungathathi hlangothi ngokuphelele ezindabeni zezombusazwe, ngisho noma abanye  abantu bebabheka njengabangaqondakali emphakathini wanamuhla.

Emehlweni kaJehova, akekho kubo ongowesinye isizwe

13. (a) Kungani ngokuvamile umqondo welithi “owesinye isizwe” umane uyindaba yombono womuntu? (b) Ingabe injongo kaJehova yasekuqaleni yayihlanganisa nokuba abanye abantu babhekwe njengabezinye izizwe? Chaza.

13 Abantu abangabezinye izizwe ngokuvamile babonakala ngezici ezivame eqenjini labo elincane. Lezo zici zingaba ulimi abalukhulumayo, amasiko nendlela ababukeka nabagqoka ngayo. Noma kunjalo, izinto abafana ngazo nabo bonke abanye abantu, kungakhathaliseki ubuzwe babo, zibaluleke ngaphezu kwalezo abahluka ngazo. Ngakho, umuntu ubhekwa njengowesinye isizwe ngoba nje ehlukile ngezindlela ezithile. Lapho sifunda ukubheka ngalé kwalowo mahluko, okhona ngempela, noma nje osezingqondweni zethu, igama elithi “owesinye isizwe,” alibe lisasho lutho. Ukube bonke abantu emhlabeni bebengaphansi kukahulumeni owodwa noma inhlangano eyodwa yezombusazwe, akekho owayezobhekwa njengowesinye isizwe ngokomqondo wezombusazwe waleli gama. Eqinisweni, kwasekuqaleni uJehova wayehlose ukuba bonke abantu babe munye njengomkhaya owodwa ngaphansi kombuso owodwa—umbuso wakhe. Kungenzeka yini kube nento ecishe ifane nale manje kubantu bazo zonke izizwe emhlabeni wonke?

14, 15. Yini oFakazi BakaJehova abaye bayiqaphela njengeqembu?

14 Ezweni elinobugovu nelishisekela ubuzwe, kuyaqabula ukuthola abantu abakwaziyo ukubheka ngalé kwemingcele yezizwe nabakwenzayo lokhu. Kuyavunywa ukuthi kungaba umzukuzuku ukunqoba ubandlululo. Umsunguli wesiteshi sokusakaza sethelevishini i-CNN, uTed Turner, uphawula ngokusebenza kwakhe nabantu abaningi abanamakhono abavela ezizweni ezihlukahlukene: “Ukuhlangana nalaba bantu kwaba okuhlangenwe nakho okuhle ngendlela engakholeki. Kungenze ngabheka abantu abavela kwamanye amazwe hhayi “njengabezinye izizwe,” kodwa njengezakhamuzi engikanye nazo kulo mhlaba. Ngaqala ukubheka elithi “owesinye isizwe” njengelingafaneleki futhi ngabeka umthetho wokuthi lelo gama alinakusetshenziswa emoyeni noma ezingxoxweni zasemahhovisi esiteshi se-CNN. Esikhundleni salo kumelwe kusetshenziswe elithi, ‘umuntu ovela emphakathini womhlaba wonke.’

15 Kuwo wonke amazwe omhlaba, oFakazi BakaJehova kuphela abaye bamukela indlela kaNkulunkulu yokucabanga njengeqembu. Ngokufunda ukubheka izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo, baye bakwazi ukudiliza imingcele yobuzwe ezingqondweni zabo nasemizweleni yabo. Esikhundleni sokuphatha abantu bamaqembu ezizwe ahlukile ngokungabethembi, ukubazindlekela, noma ngisho ngenzondo esobala, baye bafunda ukwazisa izici namakhono ahlukahlukene ala maqembu njengokuthile okuhle. Ingabe wake wacabanga ngalokhu nangendlela okuye kwakuzuzisa ngayo ekusebenzelaneni kwakho nabanye?

 IZWE ELINGENABO ABANTU BEZINYE IZIZWE

16, 17. Ukugcwaliseka kwesAmbulo 16:16 noDaniyeli 2:44 kuyosho ukuthini kuwe?

16 Maduze zonke izizwe ezikhona namuhla zizobhekana noJesu Kristu namabutho asezulwini empini yokugcina yokulwa nabamelene nobukhosi bukaNkulunkulu, impi “ngesiHebheru ebizwa ngokuthi iHar–Magedoni.” (IsAm. 16:14, 16; 19:11-16) Eminyakeni engaphezu kuka-2 500 edlule, umprofethi uDaniyeli waphefumulelwa ukuba abikezele ukuthi wawuyoba yini umphumela kohulumeni babantu abalwisana nenjongo kaNkulunkulu, wabhala: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”—Dan. 2:44.

17 Uyabona yini ukuthi ukugcwaliseka kwalokhu kuyosho ukuthini kuwe? Imingcele yamazwe ebekwe umuntu, ngomqondo othile namuhla ephawula bonke abantu njengabesinye isizwe ngeke isaba khona. Noma imuphi umahluko endleleni umuntu abonakala ngayo ngaphandle nanoma iziphi ezinye izici ezivamile eziyoqhubeka zikhona, konke lokhu kuyomane kubonise ubuhle obunhlobonhlobo obutholakala endalweni kaNkulunkulu. Ukucabanga ngekusasa elihle kangaka kufanele kusishukumisele sonke ukuba siqhubeke senza konke okusemandleni ukuba sidumise futhi sazise uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu.

Ingabe ulangazelela isikhathi lapho ingeke ibe khona imingcele yamazwe ebekwe umuntu, lapho umqondo wegama elithi “owesinye isizwe” uyoba into yesikhathi esidlule?

18. Iziphi izenzakalo zamuva ezibonisa ukuthi umqondo welithi “owesinye isizwe” ungaqedwa?

18 Ingabe akunangqondo ukukholelwa ukuthi lungenzeka ushintsho olunjalo emhlabeni wonke? Akunjalo. Kunalokho, kunengqondo impela ukukholelwa ukuthi luyokwenzeka. Wona kanye umqondo welithi “owesinye isizwe” awusasho lutho ngempela koFakazi BakaJehova, abangenandaba nobuzwe babantu abaphakathi kwabo. Ngokwesibonelo, muva nje amahhovisi abo amagatsha athile amancane aye ahlanganiswa namanye ukuze kwenziwe lula umsebenzi wokuwengamela futhi kuthuthukiswe izinga okufezwa ngalo umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. (Math. 24:14) Uma nje kungangqubuzani nezimfuneko zomthetho, imingcele yamazwe abazange bazikhathaze ngayo lapho behlanganisa lawo magatsha. Lokho kungobunye ubufakazi bokuthi uJesu Kristu njengoMbusi ofanelekayo obekwe uJehova esihlalweni sobukhosi uyayidiliza imingcele yabantu, futhi nguye maduze ‘ozophelelisa ukunqoba kwakhe’!—IsAm. 6:2.

19. Ulimi oluhlanzekile lweqiniso luye lwabangela ukuba kwenzekeni?

19 Njengoba bevela ezizweni eziningi futhi ngenxa yalokho bekhuluma izilimi eziningi ezihlukahlukene, oFakazi BakaJehova balwela ukukhuthaza ulimi oluhlanzekile lweqiniso. Lokhu kwakha isibopho sobunye okungelula ukusinqamula. (Funda uZefaniya 3:9.) Nakuba lo mkhaya wabantu bezizwe zonke uphakathi kwalesi simiso sezinto esibi, wona uhlukile kuso. Lo mkhaya onobunye okhona manje umane ungamazwibela ezwe elizayo—izwe elingenabo abantu bezinye izizwe. Ngaleso sikhathi bonke abaphilayo, yebo bonke abantu ngothi lwabo, bayojabulela ukubona iqiniso lamazwi ashiwo encwadini ecashunwe ekuqaleni athi: “Izinhlanga zabantu ziyilokho iBhayibheli elithi ziyikho—izingane zandawonye.”—The Races of Mankind.