Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ngaphambi kokuba sazi iqiniso, mina nomkami savuma ukuba akhulele ngosizo lwenqubo okuthiwa i-“in vitro fertilization” (ukuvundiswa kweqanda elikhishwe kowesifazane okwenziwa egunjini lokucwaninga lasesibhedlela) ngoba sasifisa ukuba nomntwana. Awasetshenziswanga wonke amaqanda avundiswa (imibungu); amanye awo omiswa ngesiqandisi ayeselondolozwa. Ingabe kumelwe alondolozwe noma kulungile ukuba alahlwe?

Lena enye yezindaba ezilukhuni eziphathelene nezimiso zokuziphatha imibhangqwana ebhekana nazo uma ivuma ukusebenzisa i-in vitro fertilization (IVF). Umbhangqwana ngamunye unesibopho phambi kukaJehova sokunquma ozokwenza. Nokho, kungase kusize ukukucabangela kafushane lokho okuhilelekile kulobu buchwepheshe bokusiza owesifazane akhulelwe.

Ngo-1978 owesifazane othile waseNgilandi waba ngowokuqala ukubeletha ingane ngosizo lwe-IVF. Wayengakwazi ukukhulelwa ngoba amashubhu esibeletho sakhe ayevalekile, engavumeli ukuba isidoda neqanda kuhlangane. Abezokwelapha bamhlinza babe sebethatha iqanda elase likhule ngokwanele, balifaka esitsheni sengilazi, balivundisa ngesidoda somyeni wakhe. Umbungu owakheka wafakwa kumakhemikhali anomsoco ukuze ukhule ngemva kwalokho wabe usufakwa esibelethweni sakhe, futhi wakhulela kuso. Ngesikhathi esifanele wabeletha intombazane. Le nqubo nezinye izinhlobo zayo ezihlukahlukene, zaqala ukwaziwa ngokuthi i-in vitro fertilization noma i-IVF, okungukuthi, ukuvundiselwa kweqanda ebhodleleni.

Nakuba imininingwane ingase ihluke emazweni ngamazwe, ngokuvamile i-IVF ihilela lokhu: Kusasele amasonto amaningi owesifazane unikezwa imithi eyenza ukuba izindlala zamaqanda zikhiqize amaqanda amaningi. Umyeni angase acelwe ukuba ashaye indlwabu ukuze akwazi ukukhipha isidoda esisha. Amaqanda alumbaniswa nesidoda esihlanziwe egunjini lokucwaninga esibhedlela. Kungase kuvundiswe amaqanda amaningi futhi aqale ukukhula, abe imibungu. Ngemva kwesikhathi esingaba usuku, le mibungu esanda kwakheka ihlolwa ngokucophelela ukuze kuhlukaniswe engakhekile kahle kuleyo ebonakala iphile kahle nokungenzeka ikhule lapho ifakwa esibelethweni. Cishe ngosuku lwesithathu, ibe isifakwa esibelethweni senkosikazi, kodwa ngokuvamile akufakwa umbungu owodwa kuphela kepha emibili noma emithathu ukuze kwandiswe amathuba okukhulelwa. Uma kutshaleka umbungu owodwa noma engaphezulu, usuke esekhulelwe futhi kungalindelwa ukuba ngesikhathi esifanele abelethe.

 Kodwa kuthiwani ngemibungu engazange isetshenziswe, kuhlanganise naleyo ebonakala ingaphilile kahle noma ingakhekile kahle? Uma iyekwa, ngeke iphile isikhathi eside ingaphandle kwesibeletho. Ukuvimbela lokho, leyo mibungu ingase iqandiswe ngoketshezi lwe-nitrogen. Kungani? Ukuze kuthi uma umbungu wokuqala ungakhuli, kuthathwe omunye umbungu kwegciniwe futhi kube nezindleko eziphansi. Nokho, lokhu kuphakamisa izimpikiswano ngokuphathelene nezimiso zokuziphatha. Njengoba kunjalo ngombhangqwana obuze umbuzo ongenhla, kunzima ngabaningi ukunquma ukuthi benzeni ngemibungu yabo eqandisiwe. Kungenzeka abasazifuni ezinye izingane. Kungenzeka ukuthi iminyaka yobudala noma izimo zezimali azisavumi ukuba baphinde bazame ukuthola enye ingane. Kungenzeka besabe izingozi ezihambisana nokukhulelwa izingane eziningi ngasikhathi sinye. * Kanti ukushona komngane womshado noma ukuba semshadweni wesibili kungabangela izinkinga. Yebo, ziningi izinto ezibangela ukukhathazeka, futhi ngenxa yalokho eminye imibhangqwana iyaqhubeka ikhokha imali yokugcina le mibungu iminyaka eminingi.

Ngo-2008, isazi esiyinhloko sesayensi yemibungu nokukhula kwayo saphawula kuyi-New York Times ukuthi akuve kunzima ngabazali abaningi ukunquma ukuthi kwenziweni ngemibungu engasetshenzisiwe. Isihloko sathi: “Kunemibungu okungenani engu-400 000 eqandisiwe egcinwe emitholampilo yakulo lonke leli zwe, kanti kunezelwa eminye usuku nosuku . . . Imibungu ingaqhubeka iphila iminyaka eyishumi noma ngaphezulu uma iqandiswe kahle kodwa akuyona yonke eqhubeka iphila lapho incibilikiswa.” (Omalukeke sizenzele.) Leli qiniso elishiwo lapha lenza amanye amaKristu acabangisise ngempela ngalolu daba. Kungani?

Imibhangqwana engamaKristu ebhekene nezinkinga ezibangelwa yinqubo ye-IVF, ingase icabangisise nangesinye isimo sezempilo esiye siphakame.  UmKristu kungase kudingeke ukuba anqume ukuthi kwenziweni ngomuntu amthandayo osegulela ukufa futhi osephila ngomshini, njengomshini wokuphefumula. AmaKristu eqiniso amelene nokunganakwa kwempilo; ngokuvumelana no-Eksodusi 20:13 neHubo 36:9, akwazisa kakhulu ukuphila. I-Phaphama! ka-May 8, 1974 yesiNgisi, yathi: “Ngenxa yokuthi bahlonipha umbono kaNkulunkulu ngobungcwele bokuphila, becabangela onembeza babo futhi belalela imithetho kahulumeni, labo abafisa ukuvumelanisa ukuphila kwabo nezindinganiso zeBhayibheli abasoze baphendukela enqubweni yokuqedela isiguli,” okuyisenzo esiqondile sokunqamula ukuphila kwesiguli. Nokho, kwezinye izimo ukuphila kothandekayo kusuke sekusekelwe kuphela imishini yobuchwepheshe. Amalungu omkhaya kumelwe anqume ukuthi kuqhutshekwe yini nokusekela ukuphila kwakhe ngaleyo ndlela noma cha.

Yiqiniso, lesi simo asifani nesombhangqwana owasebenzisa i-IVF futhi manje osunemibungu egciniwe. Enye yezinto ongase ucelwe ukuba ucabangele ukuyenza ukuba ikhishwe leyo mibungu oketshezini oluqandisayo lwe-nitrogen, ukuze incibilike. Uma ingaphandle kwaleso siqandisi, leyo mibungu iyowohloka masinyane igcine ngokufa. Umbhangqwana kumelwe unqume ukuthi uzokuvumela yini lokho.—Gal. 6:7.

Ngenxa yokuthi umbhangqwana uye wavuma ukusebenzisa i-IVF ngethemba lokuthola ingane, ungase ukhethe ukubhekana nezindleko zokugcina imibungu eqandisiwe noma ukubuye uyisebenzise. Nokho, omunye umbhangqwana ungase unqume ukuyeka ukukhokhela imibungu eqandisiwe, uyibheke njengephila ngemishini. AmaKristu abhekene nalesi sinqumo anomthwalo wemfanelo phambi kukaNkulunkulu wokusebenzisa unembeza wawo oqeqeshwe ngeBhayibheli. Isifiso sawo kufanele sibe ukuba nonembeza ongeke uwahluphe, ngesikhathi esifanayo afuna nokucabangela unembeza wabanye.—1 Thim. 1:19.

AmaKristu abhekene nalesi sinqumo anomthwalo wemfanelo phambi kukaNkulunkulu wokusebenzisa unembeza wawo oqeqeshwe ngeBhayibheli

Uchwepheshe othile emkhakheni wokusebenza kwama-hormone aphathelene nezitho zokuzala wathola ukuthi imibhangqwana eminingi “yayikhungathekile ngesikhathi esifanayo ikhathazeke ngokujulile ngomthwalo wemfanelo enawo wokunquma ukuthi yenzeni ngemibungu yawo [eqandisiwe].” Waphetha ngokuthi: “Ngokombono wemibhangqwana eminingi, kubonakala singekho isinqumo esihle.”

AmaKristu eqiniso acabangela ukusebenzisa i-IVF kufanele ahlaziye kahle zonke izinkinga ezibangelwa yilobu buchwepheshe. IBhayibheli liyaseluleka: “Umuntu ohlakaniphile ubona ingozi acashe, kodwa ongahlakaniphile uyaqhubeka elokhu ehamba abese elimala.”—IzAga 22:3, NET Bible.

Umbhangqwana ongashadile ofundelwa iBhayibheli ufuna ukubhapathizwa kodwa awukwazi ukubhalisa umshado wawo ngoba indoda ihleli ezweni ngokungemthetho. Uhulumeni awumvumeli umuntu wakwelinye izwe ukuba ashade uma esezweni ngokungemthetho. Ingabe bangalisayina ifomu loBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka [Declaration Pledging Faithfulness] bese bebhapathizwa?

Ukwenza lokhu kungase kubonakale kuyikhambi, kodwa akuyona indlela engokomBhalo yokuxazulula inkinga. Ukuze sibone ukuthi kungani, ake siqale sixoxe ngenjongo yaleli fomu loBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka, ukuthi elani nokuthi lisebenza kanjani futhi nini.

Leli ifomu elinamazwi alotshiwe elisayinwa phambi kofakazi ngumbhangqwana ongavunyelwe ukushada ngenxa yesizathu esingezansi. Kuleli fomu ufunga ukuthi uzokwethembeka komunye nomunye nokuthi uzobhalisa umshado uma izimo sezivuma. Ibandla liyobe seliwubheka njengofunge phambi kukaNkulunkulu nabantu ukuthi uzothembeka komunye nomunye ukuze isibopho sawo sibhekwe njengokungathi sigunyazwe iziphathimandla zezwe.

Lisetshenziselwani, futhi nini leli fomu? UJehova wasungula umshado futhi uwuhlonipha kakhulu. INdodana yakhe yathi: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” (Math. 19:5, 6; Gen. 2:22-24) UJesu wanezela: “Noma  ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe [ukuziphatha okubi ngokobulili], ashade nomunye, uyaphinga.” (Math. 19:9) Ngakho “ubufebe,” noma ukuziphatha okubi ngokobulili, buwukuphela kwesizathu esingokomBhalo sesehlukaniso. Ngokwesibonelo, uma indoda ilala nomunye umuntu engashadile naye, umkayo ongenacala angakhetha ukuthi uyasifaka yini isehlukaniso noma cha. Uma esifaka, khona-ke ukhululekile ukuphinde ashade.

Nokho, kwamanye amazwe, ikakhulukazi esikhathini esidlule, isonto elithile elivelele lalingasamukeli lesi siqondiso seBhayibheli esicacile. Kunalokho, lalifundisa ukuthi isehlukaniso asinakuvunyelwa ngisho nanganoma isiphi isizathu. Yingakho kwezinye izindawo lapho lelo sonto lalinethonya elikhulu khona, imithetho yezwe ayikuvumeli nhlobo ukufaka isehlukaniso, ngisho noma kunesizathu esizwakalayo esashiwo uJesu. Kwamanye amazwe, isehlukaniso sivumelekile kodwa kunemidanti eminingi, eyinkimbinkimbi nekhathazayo. Kungase kuthathe iminyaka ukuthola isehlukaniso. Kuba sengathi isonto noma uhulumeni ‘uthiya’ lokho uNkulunkulu akuvumele.—IzE. 11:17.

Ngokwesibonelo, umbhangqwana ungase uhlale ezweni okungenakwenzeka kulo ukuthola isehlukaniso noma okunzima kakhulu ukusithola, mhlawumbe kuthatha iminyaka kuba sigunyazwe. Uma wenze konke okusemandleni awo ukunqamula umshado wangaphambili owawusemthethweni futhi ukufanelekela ukushada emehlweni kaNkulunkulu, ungase usayine ifomu loBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka. Leli ilungiselelo lomusa elenziwa ibandla lobuKristu kulawo mazwe. Nokho, alisebenzi emazweni amaningi lapho isehlukaniso sivunyelwe khona, ngisho noma inqubo ingase imbe eqolo noma ibe yinkimbinkimbi.

Ukungaliqondi ifomu loBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka kuye kwenza abanye abahlala emazweni lapho isehlukaniso sivunyelwe khona bafune ukusayina leli phepha ukuze bangabhekani nobunzima noma izinkinga.

Kule ndaba sikhuluma ngendoda nowesifazane abakipitile abafuna ukushada. Ngamunye kubo ukhululekile ngokomBhalo ukushada; akekho kubo oboshwe umshado wangaphambili. Nokho, indoda ihleli ezweni ngokungemthetho futhi uhulumeni akakugunyazi ukushada komuntu wakwelinye izwe ongenazo izincwadi. (Emazweni amaningi iziphathimandla ziyakuvumela ukushada ngisho noma oyedwa noma bobabili bengenazo izincwadi ezingokomthetho zokuhlala ezweni.) Kule ndaba, izwe linalo ilungiselelo lokufaka isehlukaniso. Ngenxa yalokho alinakusetshenziswa ifomu loBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka kulokhu. Phawula ukuthi kulo mbhangqwana akuyona indaba yokuthi othile kuwo bekudingeka athole isehlukaniso kodwa uhulumeni akasigunyazi. Bakhululekile ukushada. Njengoba indoda ihleli ezweni ngokungemthetho, ungashada kanjani lo mbhangqwana? Ungase uye kwelinye izwe lapho indoda ingeke yenqatshelwe khona umthetho. Noma ungase ushadele kulo izwe ohlala kulo njengamanje uma indoda ithatha izinyathelo zokuthola izincwadi ezingokomthetho zokuhlala lapho.

Yebo, lo mbhangqwana ungakwenza ukuphila kwawo kuvumelane nezindinganiso zikaNkulunkulu nemithetho kaKhesari. (Marku 12:17; Roma 13:1) Sethemba ukuthi uyokwenza kanjalo. Ngemva kwalokho ungase ufanelekele ukubhapathizwa.—Heb. 13:4.

^ isig. 6 Kuthiwani uma ingane ekhulayo esibelethweni ibonakala inokukhubazeka okuthile, noma uma kwenzeka kukhula izingane ezingaphezu kweyodwa? Ukukunqamula ngamabomu ukukhulelwa kungaba ukukhipha isisu. Lapho umuntu esebenzisa le ndlela yokusizwa ekukhuleleni kuvamile ukuba akhulelwe ingane engaphezu kweyodwa (amawele, ezintathu, noma ngaphezulu), okwandisa ingozi yokubeletha ngaphambi kwesikhathi noma yokopha kakhulu. Owesifazane okhulelwa izingane eziningi angase anxuswe ukuba acabangele “ukukhetha ukunciphisa,” avume ukuba kubulawe eyodwa noma ezingaphezulu. Lokho kungaba ukukhipha isisu ngamabomu, okuyinto efana nokubulala.—Eks. 21:22, 23; IHu. 139:16.