Ezivela Ezinqolobaneni Zethu
Yafika Ngesikhathi Futhi “Ayisoze Yalibaleka”
“AYISOZE YALIBALEKA!” Yileyo ndlela abaningi abayichaza ngayo i-“Creation Drama.” Yafika ngesikhathi futhi yahlala ezingqondweni zalabo abayibona. Ngempela i-“Creation Drama” yanikeza ubufakazi obunamandla obadumisa uJehova ngaphambi nje kokuba umbuso kaHitler ushushise kanzima abantu baKhe eYurophu. Kodwa yayiyini ‘i-Creation Drama’?
Ngo-1914, indlunkulu yabantu bakaJehova eBrooklyn, eNew York, e-U.S.A., yakhulula i-“Photo-Drama of Creation.” Yayiwumbukiso odlala amahora angu-8 wezithombe zama-slide ezinyakazayo ezinemibala egqamile nemisindo. I-“Photo-Drama” yabukelwa izigidi zabantu emhlabeni wonke. Ngawo lowo nyaka kwaphinde kwakhululwa uhlelo lwayo olufingqiwe—i-“Eureka Drama.” Kodwa ngawo-1920, ama-slide, amafilimu nemishini yokuwadlala kwase kuguge kakhulu. Noma kunjalo, baningi ababesafuna ukuyibuka i-“Photo-Drama.” Ngokwesibonelo, izakhamuzi zaseLudwigsburg, eJalimane, zabuza, “Izophinde ibukiswe nini i-‘Photo-Drama’?” Kwakuzokwenziwa kanjani?
Ukuze kuhlangatshezwane nesidingo esikhulu sale Drama, ngawo-1920 abameleli bomkhaya waseBethel eMagdeburg, eJalimane, bathenga amafilimu amasha enhlanganweni yabezindaba eParis, eFrance, nama-slide ezinkampanini zezithombe eLeipzig naseDresden. Lezi zinto zabe sezihlanganiswa namanye ama-slide amadala e-“Photo-Drama” ayesasebenziseka.
UMfoweth’ u-Erich Frost, owayenekhono emculweni, wabhala umculo ohambisana namafilimu nama-slide. Ingxenye elandisayo yathathwa encwadini yethu ethi Creation. Yingakho uhlelo olubukeziwe lwe-“Photo-Drama” lwanikezwa igama elisha—i-“Creation Drama.”
Le Drama entsha yayisalingana ne-“Photo-Drama”—ingamahora angu-8—futhi yayibukiswa ngezigcawu kusihlwa izinsuku ezilandelanayo. Yanikeza ukwaziswa okuthakazelisayo okuphathelene nezinsuku zokudala, yabukeza umlando weBhayibheli nowezwe yaveza nokuthi inkolo yamanga yehlulekile ukusiza isintu. I-“Creation Drama” yabukiswa e-Austria, eJalimane, eLuxemburg naseSwitzerland, nakubantu abakhuluma isiJalimane ababekwezinye izindawo.
U-Erich Frost wachaza: “Ngesikhathi kubukiswa iDrama, ngakhuthaza ozakwethu, ikakhulukazi labo ababedlala izinsimbi, ukuba ngesikhathi sekhefu bangene phakathi kwezilaleli futhi bazinike izincwadi zethu ezinhle nezincwajana. Sahambisa izincwadi eziningi ngokusebenzisa le ndlela ukwedlula lezo esasizihambisa endlini ngendlu.” UJohannes Rauthe, owahlela ukubukwa kwayo ePoland nasendaweni namuhla okuthiwa iCzech Republic, ukhumbula ukuthi abantu abaningi ababekhona, bashiya amakheli abo ukuze bavakashelwe. Lawo makheli aba isisekelo sezimpindelo ezaba nemiphumela emihle.
Maphakathi nawo-1930 i-“Creation Drama” yadlalwa emahholweni ayegcwele nswi, futhi oFakazi BakaJehova baba ngundaba-mlonyeni. Ngo-1933, cishe abantu abacela esigidini base beyibonile iDrama eyayihlelwe ihhovisi legatsha eJalimane. UKäthe Krauss uyakhumbula: “Ukuze nje sikwazi ukubukela le Drama, sasihamba amakhilomitha ayishumi ukuya usuku ngalunye kwezinhlanu eyayibukiswa ngazo, sinqamula emahlathini sehla senyuka amagquma nemimango.” U-Else Billharz uthi: “I-‘Creation Drama’ yabeka isisekelo sothando lwami ngeqiniso.”
U-Alfred Almendinger ulandisa ukuthi ngesikhathi unina ebukele le Drama, “wahlabeka umxhwele kangangokuba wathenga iBhayibheli futhi wacinga igama elithi ‘isihlanzo.’” Kwathi lapho engalitholi eBhayibhelini, wayeka ukuya esontweni futhi wabhapathizwa. U-Erich Frost ukhumbula ukuthi “baningi abantu abangena eqinisweni ngenxa ye-‘Creation Drama.’”—3 Joh. 1-3.
Ngesikhathi inani labantu ababebuka i-“Creation Drama” landa, babudlondlobala nobuNazi eYurophu. Kusukela ngo-1933, imisebenzi yoFakazi eJalimane yavinjelwa. Kusukela ngaleso sikhathi kuze kube sekupheleni kwempi yezwe yesibili ngo-1945, izinceku zikaJehova eYurophu zashushiswa kanzima. U-Erich Frost wachitha iminyaka engaba ngu-8 evalelwe. Kodwa wasinda futhi kamuva wakhonza eBethel yaseWiesbaden, eJalimane. Yeka ukuthi kwaba kuhle kanjani ukuthi le “Creation Drama” engasoze yalibaleka yafika ngesikhathi ukuze iqinise amaKristu amaningi ayesezobhekana nokuvivinywa kokholo phakathi neMpi Yezwe II!—Sivela ezinqolobaneni zethu eJalimane.