Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ungakhathali’

‘Ungakhathali’

“Masingayeki ukwenza okuhle.”—GAL. 6:9.

1, 2. Ukucabanga ngenhlangano kaJehova yendawo yonke kukuqinisa kanjani ukuyethemba kwethu?

KUSENZA sikhexe ukucabanga ukuthi siyingxenye yenhlangano enkulu yendawo yonke. Imibono elotshwe kuHezekeli isahluko 1 nakuDaniyeli isahluko 7 imbonisa ngokucacile uJehova eqondisa izinto zize zifinyelele emvuthwandabeni wazo omkhulu. UJesu uyahola ekuqondiseni ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaJehova ukuze igxile ekushumayeleni izindaba ezinhle, inakekele ngokomoya labo abenza lo msebenzi futhi isekele ukukhulekelwa kweqiniso kukaJehova. Yeka ukuthi lokhu kusenza siyethembe kangakanani inhlangano kaJehova!—Math. 24:45.

2 Ingabe thina siyahambisana nale nhlangano emangalisayo? Ingabe ukushisekela kwethu iqiniso kuqhubeka kukhula noma kuyancipha? Lapho sicabanga ngemibuzo enjengalena, singase siphawule ukuthi sesiqale ukukhathala noma ngandlela-thile intshiseko yethu isinciphile. Lokho kungenzeka. Ekhulwini lokuqala, umphostoli uPawulu kwadingeka akhuthaze amaKristu ayekanye nawo ukuba acabangele isibonelo sikaJesu sentshiseko. UPawulu wathi lokhu kwakuyowasiza ukuba ‘angakhathali aphele amandla emiphefumulweni yawo.’ (Heb. 12:3) Ngendlela efanayo, ukucabangela ngokucophelela isihloko esandulele esibonisa lokho okufezwa yinhlangano kaJehova, kumelwe ukuba kusisize kakhulu ukuba silondoloze intshiseko nokukhuthazela kwethu.

3. Yini edingekayo ukuze singakhathali, futhi yini esizoyicabangela kulesi sihloko?

3 Nokho, uPawulu wabonisa ukuthi kudingeka okwengeziwe uma sifuna ukungakhathali. Wathi kuyodingeka sisebenzele “ukwenza okuhle.” (Gal. 6:9) Ngakho, kudingeka sithathe isinyathelo. Ake sicabangele izici ezinhlanu zokukhulekela kwethu ezingasisiza sihlale siqinile futhi sihambisana nenhlangano kaJehova. Ngemva kwalokho singanquma ukuthi zikhona  yini izici okudingeka ukuba thina noma imikhaya yethu sizinake kakhudlwana.

UKUHLANGANA UKUZE SIKHUTHAZANE FUTHI SIKHULEKELE

4. Kungani singase sithi ukuhlangana ndawonye kuyingxenye esemqoka yokukhulekela kweqiniso?

4 Ukuhlangana ndawonye bekulokhu kuyisici esibaluleke kakhulu ezincekwini zikaJehova. UJehova uyazimema izidalwa zomoya ezulwini ukuba zize phambi kwakhe ngezikhathi ezifanele. (1 AmaKh. 22:19; Jobe 1:6; 2:1; Dan. 7:10) Kwa-Israyeli wasendulo, abantu kwakumelwe bahlangane “ukuze balalele futhi bafunde.” (Dut. 31:10-12) AmaJuda ekhulu lokuqala ayenomkhuba wokuya emasinagogeni ayofunda imiBhalo. (Luka 4:16; IzE. 15:21) Lokhu kugcizelelwa kokubaluleka kokuhlangana ndawonye kwaqhubeka lapho kumiswa ibandla lobuKristu futhi kuseyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu. AmaKristu eqiniso ‘ayacabangelana ukuze avuselelane uthando nemisebenzi emihle.’ Kudingeka siqhubeke ‘sikhuthazana, ikakhulu njengoba sibona usuku lukaJehova lusondela.’—Heb. 10:24, 25.

5. Singakhuthazana kanjani emihlanganweni yethu?

5 Enye indlela ebalulekile esikhuthazana ngayo iwukuba sibe nengxenye emihlanganweni yethu. Singaluvuma obala ukholo lwethu ngokuphendula umbuzo obhaliwe, ngokuchaza ukuthi umBhalo ungena kanjani, ngokusho okuhlangenwe nakho okufushane okubonisa ukuhlakanipha kokulandela izimiso zeBhayibheli, noma ngezinye izindlela. (IHu. 22:22; 40:9) Ngokuqinisekile uzovuma ukuthi kungakhathaliseki ukuthi isiminingi kangakanani iminyaka siya emihlanganweni, kuhlale kuwumthombo wesikhuthazo ukulalela izimpendulo ezisuka enhliziyweni zabafowethu nodadewethu—abancane nabadala.

6. Imihlangano yethu isisiza kanjani ukuba siqhubeke siphila ngokomoya?

6 Iziphi ezinye izizathu ezenza uNkulunkulu wethu akugcizelele kangaka ukuhlangana kwethu njalo ndawonye? Imihlangano yethu yebandla, imihlangano emincane nemikhulu isisiza ukuba sibe nesibindi sokukhuluma ngokungesabi nesokubhekana nokuphikiswa noma ukunganakwa ensimini yethu. (IzE. 4:23, 31) Izinkulumo ezisekelwe emiBhalweni ziyasiqinisa okholweni. (IzE. 15:32; Roma 1:11, 12) Ukufundiswa nethuba lokukhuthazana esiba nalo emibuthanweni yethu yokukhulekela kusisiza ukuba sithole injabulo yangempela futhi kusinika “ukuzola ezinsukwini zenhlekelele.” (IHu. 94:12, 13) IKomiti Yokufundisa YeNdikimba Ebusayo yengamela ukulungiselelwa kwazo zonke izinhlelo ezingokomoya zokufundisa abantu bakaJehova emhlabeni wonke. Yeka ukuthi siwazisa kanjani amalungiselelo enzelwa ukuba sijabulele imfundo eyakhayo emihlanganweni yethu masonto onke!

7, 8. (a) Iyini injongo eyinhloko yemihlangano yethu yebandla? (b) Ikusiza kanjani imihlangano ngokomoya?

7 Nokho, kunokuthile okubaluleke nakakhulu ngaphezu kwezinzuzo esizithola emihlanganweni yethu. Injongo eyinhloko yokuhlangana kwethu ndawonye ukukhulekela uJehova. (Funda iHubo 95:6.) Yeka ilungelo esinalo lokudumisa uNkulunkulu wethu omangalisayo! (Kol. 3:16) UJehova uyakufanelekela ukuba simkhulekele njalo ngokuba khona nangokuba nengxenye emibuthanweni engokwasezulwini. (IsAm. 4:11) Yingakho sinxuswa ukuba “singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye”!—Heb. 10:25.

8 Ingabe sibheka imihlangano yethu yobuKristu njengelungiselelo lokusisiza sikhuthazele kuze kube yilapho uJehova ethatha isinyathelo sokuqeda lesi simiso sezinto esibi? Uma kunjalo, imihlangano iyoba phakathi ‘kwezinto ezibaluleke kakhulu’ esiyozifunela indawo ekuphileni kwethu okumatasa. (Fil. 1:10) Kumelwe  kube isizathu esingenakugwenywa ngempela esisenza siphuthelwe ithuba lokuhlangana nabafowethu ekukhulekeleni uJehova.

FUNA ABANHLIZIYO ZIQOTHO

9. Sazi kanjani ukuthi umsebenzi wokushumayela ubalulekile?

9 Ukuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela nakho kungasisiza sihambisane nenhlangano kaJehova. Lo msebenzi waqalwa uJesu ngesikhathi elapha emhlabeni. (Math. 28:19, 20) Kusukela ngaleso sikhathi, yonke inhlangano kaJehova iye yagxila emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Okuhlangenwe nakho okuningi kwanamuhla kunikeza ubufakazi bokuthi izingelosi ziyawusekela umsebenzi wethu futhi zisiqondisa kulabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzE. 13:48; IsAm. 14:6, 7) Ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaJehova ekhona namuhla ihlelelwe ukuba isekele lo msebenzi obaluleke kunayo yonke. Ingabe nakithi inkonzo iza kuqala ekuphileni kwethu?

10. (a) Chaza indlela esingakwazi ngayo ukugcina uthando lwethu ngeqiniso luvutha. (b) Ikusize kanjani inkonzo ukuba ungakhathali?

10 Ukushiseka enkonzweni kungasisiza ukuba sigcine uthando lwethu ngeqiniso luvutha. Cabangela lokho okwashiwo uMitchel, osekhonze isikhathi eside njengomdala nephayona elivamile. Uthi: “Ngiyakuthanda ukutshela abantu ngeqiniso. Lapho ngifunda isihloko esisha kumagazini INqabayokulinda noma i-Phaphama! ngivele ngikhexe ngenxa yokuhlakanipha, ukuqonda kanye nokulinganisela okuhle okukumagazini ngamunye. Kungenza  ngifune ukuya enkonzweni ukuze ngibone indlela abantu abayosabela ngayo kuwo nendlela engingavusa ngayo isithakazelo sabo. Inkonzo yami ingigcina ngigxilile. Ngiqikelela ukuba zonke ezinye izinto ngizenze ngaphambi noma ngemva kwesikhathi engisibekele inkonzo.” Ngendlela efanayo, ukuhlala kwethu simatasa enkonzweni yethu engcwele kungasisiza siqhubeke sigxilile kulezi zinsuku zokugcina.—Funda eyoku-1 Korinte 15:58.

WASEBENZISE AMALUNGISELELO ANGOKOMOYA

11. Kungani kufanele sikusebenzise ngokugcwele ukudla okungokomoya okuvela kuJehova?

11 UJehova usilungiselele insada yokudla okungokomoya okubhaliwe ukuze kusinike amandla. Akungabazeki ukuthi ungase ukhumbule isikhathi okwathi ngemva kokufunda enye yezincwadi zethu, wacabanga: ‘Yikho kanye ebengikudinga! Kunjengokungathi uJehova uyibhalele mina!’ Lokho akukhona nje ukuqondana kwezinto. Ngala malungiselelo, uJehova uyasifundisa futhi asiqondise. Uthe: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo.” (IHu. 32:8) Ingabe silwela ukukudla konke ukudla okungokomoya esikutholayo futhi sizindle ngakho? Ukwenza kanjalo kuyosisiza ukuba siqhubeke sithela izithelo futhi singabuni ngokomoya kulezi zinsuku zokugcina ezinzima.—Funda iHubo 1:1-3; 35:28; 119:97.

12. Yini engasisiza ukuba singakuthathi kalula ukudla kwethu okungokomoya?

12 Kuyasisiza ukucabanga ngomsebenzi ohilelekile ekuqinisekiseni ukuthi sikuthola njalo ukudla okunempilo okungokomoya. IKomiti Yokubhala Yendikimba Ebusayo yengamela ukucwaningwa, ukubhalwa, ukufundwa komsebenzi, ukucatshangelwa kwezithombe ezizosetshenziswa kanye nokuhunyushwa kwezincwadi zethu ezinyatheliswayo nalezo ezizofakwa engosini yethu. Amagatsha anyathelisayo athumela izincwadi emabandleni aseduze nakude. Kungani kwenziwa wonke lo msebenzi? Ukuze abantu bakaJehova bondleke kahle ngokomoya. (Isaya 65:13) Kwangathi singakukhuthalela ukudla konke ukudla okungokomoya esikuthola ngenhlangano kaJehova.—IHu. 119:27.

SEKELA AMALUNGISELELO ENHLANGANO

13, 14. Obani abasekela amalungiselelo kaJehova ezulwini, futhi singawasekela kanjani ngendlela efanayo lapha emhlabeni?

13 Embonweni owanikwa umphostoli uJohane, uJesu ubonakala egibele ihhashi elimhlophe eyonqoba labo abavukela uJehova. (IsAm. 19:11-15) Yeka ukuthi kuqinisa ukholo kanjani ukwazi ukuthi uJesu ulandelwa yizingelosi ezithembekile kanye nabanqobi abagcotshiwe abavela emhlabeni, asebethole umvuzo wabo wasezulwini! (IsAm. 2:26, 27) Yeka isibonelo esihle kakhulu sokusekela amalungiselelo kaJehova!

14 Ngendlela efanayo, isixuku esikhulu siwusekela ngokugcwele umsebenzi wabafowabo bakaKristu abagcotshiwe abasesemhlabeni abaholayo enhlanganweni namuhla. (Funda uZakariya 8:23.) Singabonisa kanjani njengabantu ngabanye ukuthi siyawasekela amalungiselelo kaJehova? Enye indlela ukuzithoba kulabo abaholayo. (Heb. 13:7, 17) Lokhu kuqala khona kanye emabandleni ethu. Ingabe izinto esizishoyo ngabadala zikhuthaza inhlonipho ngabo nezabelo zabo? Ingabe siyazikhuthaza izingane zethu ukuba ziwahloniphe la madoda athembekile futhi zicele kuwo iseluleko seBhayibheli? Ukwenezela kulokhu, ingabe siyaxoxa njengomkhaya ngezindlela esingasebenzisa ngayo imali ekusekeleni umsebenzi womhlaba wonke ngokunikela? (IzAga 3:9; 1 Kor. 16:2; 2 Kor. 8:12) Ingabe silibheka njengelibalulekile ilungelo lokuhlanganyela ekugcineni iHholo LoMbuso lisesimweni esihle? Umoya kaJehova ugeleza ngokukhululekile lapho kunenhlonipho nobunye khona. Siqhubeka sisizwa ngalo moya ukuze singakhathali kulezi zinsuku zokugcina.—Isaya 40:29-31.

 PHILA NGOKUVUMELANA NESIGIJIMI SETHU

15. Kungani kufanele siqhubeke silwa ukuze siphile ngokuvumelana nenjongo kaJehova ephakeme?

15 Okokugcina, ukuze sikhuthazele futhi sihambisane nenhlangano kaJehova, kumelwe sigcine ukuphila kwethu kuvumelana nesigijimi esisimemezelayo ‘ngokuqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’ (Efe. 5:10, 11) Ekuphileni kwethu silwa njalo namathonya amabi ngenxa yokungapheleli kwethu, imizamo kaSathane naleli zwe elibi. Abanye kini bafowethu nodadewethu abathandekayo kudingeka balwe kanzima nsuku zonke ukuze balondoloze ubuhlobo babo noJehova. Lokho kunenza nithandeke kakhulu kuye. Ningalokothi niphele amandla! Ukuphila ngokuvumelana nenjongo kaJehova kuyosinika ukwaneliseka okukhulu futhi kuqinisekise ukuthi ukukhulekela kwethu akulona ize.—1 Kor. 9:24-27.

Khuthalela ukusiza abanye ukuba babone ukuthi nabo bangaba yingxenye yenhlangano kaJehova enkulu

16, 17. (a) Yini okufanele siyenze lapho senze isono esingathi sína? (b) Singazuza kanjani esibonelweni sika-Anne?

16 Nokho, yini okufanele siyenze uma senze isono esingathi sína? Cela usizo ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ukufihla leso sono kuyomane kwenze izinto zibe zimbi nakakhulu. Khumbula, uDavide wathi lapho ethula engakhulumi ngezono zakhe, ‘amathambo akhe aguga ngenxa yokububula kwakhe usuku lonke.’ (IHu. 32:3) Yebo, ukufihla izono kuyomane kusenze sikhathale ngokomzwelo nangokomoya, kodwa umuntu “ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.”—IzAga 28:13.

17 Cabanga ngesibonelo sika-Anne. * Lapho u-Anne esecela eminyakeni engu-20, wakhonza njengephayona elivamile. Nokho, waqala ukuphila ukuphila okumbaxambili. Lokhu kwamlimaza kakhulu. Uthi: “Unembeza wawusangidla. Ngangihlale ngingajabule futhi ngicindezelekile.” Yini ayenza? Uthi ngolunye usuku emihlanganweni, kwaxoxwa ngoJakobe 5:14, 15. U-Anne waqaphela ukuthi wayedinga usizo, wayeseya kubadala eyocela usizo. Lapho ebheka emuva, uthi: “Leyo miBhalo ingumuthi esiwubhalelwe nguJehova wokuselapha ngokomoya. Akulula ukuwugwinya lo muthi, kodwa uyelapha. Ngasilalela iseluleko saleyo miBhalo futhi ngelapheka.” U-Anne usevuselelekile futhi sekuyiminyaka ekhonza uJehova ngentshiseko enonembeza ohlanzekile.

18. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

18 Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuphila kulezi zinsuku zokugcina nokuba ingxenye yenhlangano kaJehova emangalisayo! Kwangathi singazimisela ukuba singalokothi sikuthathe kalula lokhu. Kunalokho, masibambisane njengemikhaya ukuze sibe khona njalo emihlanganweni ukuze sikhulekele nebandla lakithi, sifune ngenkuthalo abanhliziyo ziqotho ensimini yethu futhi siwazise amalungiselelo okudla okungokomoya esiwathola njalo. Masisekele nalabo abaholayo futhi siphile ngokuvumelana nesigijimi esisimemezelayo. Uma senza kanjalo, ngeke sigcine nje ngokuhambisana nenhlangano kaJehova kodwa futhi asisoze sakhathala ekwenzeni okuhle!

^ isig. 17 Igama lishintshiwe.