Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Feza Indima Yakho Njengomvangeli

Feza Indima Yakho Njengomvangeli

“Wenze umsebenzi womvangeli, uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho.”—2 THIM. 4:5.

1. Kungani uJehova engase abizwe ngokuthi uMvangeli wokuqala nomkhulu kunabo bonke?

UMVANGELI umuntu omemezela izindaba ezinhle. UMvangeli wokuqala nomkhulu kunabo bonke uJehova uNkulunkulu. Ngemva nje kokuhlubuka kwabazali bethu bokuqala, uJehova wamemezela izindaba ezinhle zokuthi inyoka, empeleni enguSathane uDeveli—izobhujiswa. (Gen. 3:15) Phakathi namakhulu eminyaka, uJehova waphefumulela amadoda athembekile ukuba alobe imininingwane echaza indlela uNkulunkulu azosusa ngayo isihlamba egameni lakhe, indlela umonakalo obangelwe uSathane ozolungiswa ngayo nendlela abantu abangakwazi ngayo ukubuye bathole amathuba alahlwa u-Adamu no-Eva.

2. (a) Ngokuqondene nomsebenzi wobuvangeli, iyiphi indima efezwa izingelosi? (b) Isiphi isibonelo uJesu asibekela abavangeli?

2 Izingelosi nazo zingabavangeli. Nazo zimemezela izindaba ezinhle, futhi zisiza abanye ekusakazeni izindaba ezinhle. (Luka 1:19; 2:10; IzE. 8:26, 27, 35; IsAm. 14:6) Kuthiwani ngoMikayeli, ingelosi enkulu? Ngesikhathi esemhlabeni enguJesu, wabekela abavangeli abangabantu isibonelo. Phela, uJesu wagxilisa ukuphila kwakhe ekusakazeni izindaba ezinhle!—Luka 4:16-21.

3. (a) Ziyini izindaba ezinhle esizisakazayo? (b) Imiphi imibuzo esinesithakazelo kuyo njengabavangeli?

3 UJesu wayala abafundi bakhe ukuba babe abavangeli. (Math. 28:19, 20; IzE. 1:8) Umphostoli uPawulu wakhuthaza isisebenzi esikanye naye uThimothewu: “Wenze umsebenzi womvangeli, uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho.” (2 Thim. 4:5) Ziyini izindaba ezinhle thina esizisakazayo njengabalandeli bakaJesu? Zihlanganisa neqiniso eliduduzayo lokuthi uBaba wethu osezulwini, uJehova, uyasithanda. (Joh. 3:16; 1 Pet. 5:7) Ngokuyinhloko, uJehova uNkulunkulu ubonisa uthando lwakhe kithi ngoMbuso. Ngenxa yalokho, siyakujabulela ukumemezela kwabanye ukuthi bonke abazithoba eMbusweni kaNkulunkulu, bamlalele futhi benze ukulunga bangaba nobuhlobo naye babe abangane bakhe. (IHu. 15:1, 2) Eqinisweni, kuyinjongo kaJehova  ukuqeda konke ukuhlupheka. Uzoqeda nobuhlungu obubangelwa izinkumbulo zokuhlupheka kwesikhathi esedlule. Izindaba ezinhle ngempela! (Isaya 65:17) Njengoba singabavangeli, ake sicabangele izimpendulo zemibuzo emibili ebaluleke kakhulu: Kungani kubalulekile ukuba abantu bezwe izindaba ezinhle namuhla? Singakwazi kanjani ukuyifeza ngokuphumelelayo indima yethu njengabavangeli?

KUNGANI KUDINGEKA UKUBA ABANTU BEZWE IZINDABA EZINHLE?

Imibuzo ephumelelayo isiza abantu bazitholele izizathu zezinkolelo zabo

4. Iziphi izindaba ezingelona iqiniso abantu abaye batshelwe zona ngoNkulunkulu?

4 Zicabange utshelwa ukuthi uyihlo unilahlile wena nomndeni wakini wonke. Ake sithi labo abathi bayamazi bathi wayengumuntu ongangeneki, onezimfihlo futhi ononya. Abanye bangaze bakwenze ukholelwe ukuthi akusizi ngalutho ukuzama ukuxhumana noyihlo ngoba ufile. Empeleni, abantu abaningi batshelwa izindaba ezifana nalezi ngoNkulunkulu. Batshelwa ukuthi uNkulunkulu uyimfihlakalo, ayikho indlela yokumazi, noma ukuthi unonya. Ngokwesibonelo, abanye abaholi benkolo bathi uNkulunkulu ujezisa abantu ababi phakade endaweni yokuhlushwa. Abanye bathi ukuhlupheka okulethwa izinhlekelele zemvelo kubangelwa uNkulunkulu. Nakuba lezi zinhlekelele zibulala abalungile nababi, kuthiwa ziyisijeziso esivela kuNkulunkulu.

Imibuzo ivula izingqondo nezinhliziyo zabo ukuba zamukele iqiniso

5, 6. Imfundiso yokuziphendukela kwemvelo nezinye izimfundiso ezingamanga ziye zabathinta kanjani abantu?

5 Abanye bayagomela ukuthi uNkulunkulu akekho. Kule ndaba, cabanga ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo. Abaningi abayisekelayo bathi ukuphila kwaba khona ngaphandle kwesiqondiso sanoma imuphi umuntu ohlakaniphile. Bathi akekho uMdali. Abanye baze bathi umuntu umane nje ungesinye isilwane, ngakho akufanele simangale lapho ngezinye izikhathi enza izinto eziwubulwane. Bathi abantu abanamandla abacindezela ababuthaka ngonya, bamane balandela lokho abakubiza ngemithetho yemvelo. Khona-ke, akumangalisi ukuthi abaningi bakholelwa ukuthi ukungabi nabulungisa kuyohlale kukhona. Ngakho labo abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo abanalo ithemba langempela.

6 Akungabazeki ukuthi imfundiso yokuziphendukela kwemvelo nezinye izimfundiso ezingamanga ziye zaba nomthelela osizini isintu esiye sabhekana nalo kulezi zinsuku zokugcina. (Roma 1:28-31; 2 Thim. 3:1-5) Lezi zimfundiso zabantu azizange zilethe izindaba ezinhle zangempela nezihlala njalo. Kunalokho, njengoba umphostoli uPawulu ephawula, ziye zashiya abantu ‘besebumnyameni ngengqondo, behlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu.’ (Efe. 4:17-19) Ngaphezu kwalokho, imfundiso yokuziphendukela kwemvelo nezinye izimfundiso zamanga ziye zavimbela abantu ukuba bamukele izindaba ezinhle ezivela kuNkulunkulu.—Funda eyabase-Efesu 2:11-13.

Imibuzo ibasize nokuba bacabange ngendlela ezobenza bafinyelele eziphethweni ezinembile

7, 8. Iyiphi kuphela indlela abantu abangaziqonda ngayo ngokugcwele izindaba ezinhle?

7 Ukuze babuyisane noNkulunkulu, abantu kumelwe baqiniseke kuqala ukuthi uJehova ukhona nokuthi kunezizathu ezinhle zokusondela kuye. Singabasiza ukuba bathole lolo lwazi ngokubakhuthaza ukuba bahlole indalo. Lapho abantu behlola indalo ngomqondo ovulekile, bafunda ukuhlakanipha namandla kaNkulunkulu. (Roma 1:19, 20) Lapho sizama ukusiza abantu ukuba babe nokwazisa lapho becabanga ngalokho uMdali Omkhulu akufezile, singasebenzisa izincwajana ezimbili ezingangomagazini ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? nethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking. Noma kunjalo, labo abafunda ngokubuka indalo kuphela ngeke bathole izimpendulo zeminye yemibuzo edida kakhulu, enjengale: Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba? Ingabe uNkulunkulu uyangikhathalela mina?

 8 Abantu bangaziqonda ngokugcwele izindaba ezinhle ngoNkulunkulu nangenjongo yakhe kuphela ngokutadisha iBhayibheli. Yeka ukuthi kuyilungelo kangakanani ukusiza abantu bathole izimpendulo zemibuzo yabo! Nokho, ukuze sifinyelele inhliziyo yabantu esixoxa nabo, kudingeka senze okungaphezu kokubatshela amaqiniso; kumelwe sibakholise. (2 Thim. 3:14) Singabathonya ngokwengeziwe ngokulandela isibonelo sikaJesu. Kungani ayephumelela kakhulu? Esinye sezizathu ukuthi wayesebenzisa imibuzo ngokuphumelelayo. Singamlingisa kanjani?

ABAVANGELI ABAPHUMELELAYO BASEBENZISA IMIBUZO NGOKUPHUMELELAYO

9. Ukuze sisize abantu ngokomoya, yini okumelwe siyenze?

9 NjengoJesu, kungani kufanele sisebenzise imibuzo emsebenzini wobuvangeli? Ake ucabange ngalesi simo: Udokotela wakho ukutshela ukuthi ukuphathele izindaba ezinhle. Angayelapha inkinga yakho uma uvuma ukuhlinzwa okukhulu. Ungase umkholwe. Kodwa kuthiwani uma ekwethembisa lokhu engabuzanga lutho ngempilo yakho? Uma kunjalo, cishe awunakumethemba. Kungakhathaliseki ukuthi udokotela unekhono elingakanani, kudingeka abuze imibuzo futhi alalele lapho echazelwa izimpawu zesifo ngaphambi kokuba anikeze noma iluphi usizo. Ngokufanayo, ukuze sisize abantu bamukele izindaba ezinhle zoMbuso, kumelwe sifunde ikhono lokubuza imibuzo ephumelelayo. Kungemva kokuba sesinombono ocacile ngesimo sabo esingokomoya kuphela lapho siyokwazi khona ukubasiza.

Ukuze sifinyelele inhliziyo yabantu esixoxa nabo, kudingeka sibakholise

10, 11. Yini esingase sikwazi ukuyifeza ngokulingisa indlela kaJesu yokufundisa?

10 UJesu wayazi ukuthi imibuzo ekhethwe kahle ayisizi kuphela umfundisi ukuba azi umfundi kodwa isiza nalowo okuxoxwa naye ukuba ahileleke engxoxweni. Ngokwesibonelo, lapho uJesu efuna ukufundisa abafundi bakhe ngokuthobeka, waqale wababuza umbuzo owashukumisa ingqondo yabo. (Marku 9:33) Ukuze afundise uPetru indlela yokucabanga ngezimiso, wambuza umbuzo owawufuna akhethe impendulo eyodwa kweziningi. (Math. 17:24-26) Ngesinye isikhathi, lapho efuna ukuthola okwakusezinhliziyweni zabafundi bakhe, uJesu wababuza imibuzo eminingana ukuze athole umbono wabo. (Funda uMathewu 16:13-17.) Ngokusebenzisa imibuzo nangamazwi ayewasho, uJesu wenza okungaphezu kokudlulisela amaqiniso. Wafinyelela izinhliziyo zabantu, ebashukumisela ukuba benze ngokuvumelana nezindaba ezinhle.

11 Lapho silingisa uJesu ngokusebenzisa imibuzo ngokuphumelelayo, okungenani kunezinto ezintathu esizifezayo. Sithola indlela engcono yokusiza abantu, sinqoba labo abafuna ukuvimba ingxoxo futhi sifundisa abathobekile indlela engcono abangazizuzisa ngayo. Cabangela izimo ezintathu ezibonisa indlela esingasebenzisa ngayo imibuzo ngokuphumelelayo.

12-14. Ungayisiza kanjani ingane yakho ukuba izethembe ngokwengeziwe lapho ixoxa nabanye ngezindaba ezinhle? Nikeza isibonelo.

12 Isimo 1: Njengomzali, ungenzenjani uma ingane yakho esiyevile eshumini nambili ithi ikuthola kunzima ukuvikela inkolelo yayo yokuthi izinto zadalwa lapho ixoxa nezingane efunda nazo? Cishe uyofuna ukuyisiza ukuba izethembe ngokwengeziwe lapho ixoxa nabanye ngezindaba ezinhle. Ngakho kunokuba uyigxeke noma uyeluleke ngokushesha, kungani ungalingisi isibonelo sikaJesu, ubuze imibuzo efuna umbono? Ungakwenza kanjani lokhu?

13 Ngemva kokufunda nengane yakho izingxenye ezithile encwajaneni ethi The  Origin of Life—Five Questions Worth Asking, ungayibuza ukuthi iziphi izizathu ezinikezwayo ezithola zishukumisa ingqondo. Yikhuthaze ukuba ithole ezayo izizathu eziyenza ikholelwe kuMdali nokuthi kungani ifuna ukwenza intando kaNkulunkulu. (Roma 12:2) Yitshele ingane yakho ukuthi akudingekile ukuba izizathu zayo zifane ncamashi nezakho.

14 Chazela ingane yakho ukuthi lapho ixoxa nengane efunda nayo esikoleni, ingalandela indlela enisanda kuyisebenzisa. Ngamanye amazwi, ingase isho amaqiniso athile bese ibuza imibuzo eholayo noma efuna umbono. Ngokwesibonelo, ingase icele ingane efunda nayo esikoleni ukuba ifunde ibhokisi elisekhasini 21 encwajaneni ethi Origin of Life. Ingane yakho ingabe isibuza, “Ingabe kuyiqiniso ukuthi kule nkathi yanamuhla yama-computer ayikho into ekhona enamandla okugcina ukwaziswa njenge-DNA?” Cishe ingane efunda nayo iyophendula ngokuthi kunjalo. Ingane yakho ingabe isibuza, “Uma ochwepheshe bama-computer behluleka ukwakha into enjalo, pho into engenabuchopho ingakwenza kanjani lokhu ngokwayo?” Ukuze usize ingane yakho ikhululeke ngokwengeziwe lapho ixoxa nabanye ngokholo lwayo, prakthiza nayo njalo. Uma uyiqeqesha ukuba isebenzise imibuzo ngokuphumelelayo, uyoyisiza ukuba ifeze indima yayo njengomvangeli.

15. Singayisebenzisa kanjani imibuzo lapho sizama ukusiza umuntu ongakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona?

15 Isimo 2: Emsebenzini wethu wokufakaza, sihlangana nabantu abangabazayo ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ngokwesibonelo, umuntu angase asitshele ukuthi akakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Esikhundleni sokuvumela lokhu kunqamule ingxoxo, singambuza ngenhlonipho ukuthi usenesikhathi esingakanani ekholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho nokuthi yini eyamenza waba nalowo mbono. Ngemva kokuzwa izimpendulo zakhe nokumbonga ngokucabangisisa ngale ndaba, singambuza ukuthi unomuzwa wokuthi kungaba  okungalungile yini ngaye ukufunda okuthile okunikeza ubufakazi bokuthi izinto eziphilayo zadalwa. Uma umninikhaya enomqondo ovulekile, cishe uyothi kungaba ukungabi nangqondo ukwenqaba ukuhlola lobo bufakazi. Singabe sesimnika incwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? noma ethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking. Imibuzo engacunuli, uma ibuzwe ngomusa ingaba njengesihluthulelo esivula inhliziyo yomuntu ukuba ilalele izindaba ezinhle.

16. Kungani kungafanele saneliswe ukufunda komfundi izimpendulo ezisencwadini eyinsiza kufunda iBhayibheli?

16 Isimo 3: Lapho siqhuba isifundo seBhayibheli, singamyeka umfundi afunde izimpendulo ezisencwadini eyinsiza kufunda iBhayibheli. Nokho, uma senza kanjalo singase sikuthiye ukukhula kwakhe okungokomoya. Kanjani? Ngoba umfundi ofunda izimpendulo ngaphandle kokuzindla ngazo cishe ngeke abe nezimpande ezijulile ngokomoya. Angagcina enjengesitshalo esibunayo lapho kufika ukushisa okuwukuphikiswa. (Math. 13:20, 21) Ukuze lokho kungenzeki, kudingeka simbuze umfundi ukuthi uzizwa kanjani ngalokho akufundayo. Zama ukuthola ukuthi yena uyavumelana yini nalokho akufundayo. Okubaluleke nakakhulu ukumcela achaze ukuthi kungani evumelana noma engavumelani nakho. Yibe usumsiza ukuba acabange ngemiBhalo ukuze ekugcineni akwazi ukufinyelela eziphethweni ezinembile. (Heb. 5:14) Uma sisebenzisa imibuzo ngokuphumelelayo, abantu esibafundisayo cishe bayoba nezimpande ezigxilile okholweni futhi bakwazi ukumelana nalabo abayobaphikisa noma bazame ukubadukisa. (Kol. 2:6-8) Yini enye esingayenza ukuze sifeze indima yethu njengabavangeli?

ABAVANGELI ABAPHUMELELAYO BAYASIZANA

17, 18. Singasebenza kanjani ngokubambisana lapho sihamba nothile enkonzweni?

17 UJesu wabathuma ngababili abafundi bakhe ukuba bayoshumayela. (Marku 6:7; Luka 10:1) Kamuva, umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngezisebenzi ayekanye nazo,’ ezaziye ‘zazabalaza kanye naye ezindabeni ezinhle.’ (Fil. 4:3) Ngokuvumelana naleso sandulela esingokomBhalo, ngo-1953, abamemezeli boMbuso baqala isimiso sokuqeqesha abanye enkonzweni.

18 Lapho uhamba nothile enkonzweni yobuKristu, ningakwazi kanjani ukusebenza ngokubambisana? (Funda eyoku-1 Korinte 3:6-9.) Yivule nawe imiBhalo ayifundayo. Mbheke umata wakho nomninikhaya lapho bekhuluma. Yilalelisise ingxoxo ukuze usize uma kwenzeka kuba nempikiswano. (UmSh. 4:12) Kodwa nakhu esifuna ukukuqaphela: Melana nesifiso sokumngena emlonyeni umuntu ohamba naye lapho esayichaza kahle indaba. Ukungazibambi kwakho kungase kumqede amandla umata wakho noma kukhungathekise umninikhaya. Ngezinye izikhathi kungase kufaneleke ukuba uhlanganyele engxoxweni. Kodwa uma ukhetha ukusho okuthile, qinisekisa ukuthi uphawula kafushane kube kanye noma kabili. Yibe usuvumela umata wakho aqhubeke ehola ingxoxo.

19. Yini okuyoba kuhle ukuyikhumbula, futhi kungani?

19 Wena nalowo ohamba naye ensimini ningasizana kanjani lapho nisaya kwenye indlu? Kungaba njani nisebenzise leso sikhathi nixoxe ngendlela eningathuthukisa ngayo izintshumayelo zenu? Qikelelani ukuba ningakhulumi izinto ezidumazayo ngabantu abahlala ensimini yenu. Gwemani nogibe lokukhuluma ngemikhuba eningayithandi kubavangeli esikanye nabo. (IzAga 18:24) Siyokwenza kahle nangokukhumbula ukuthi siyizitsha zobumba. UJehova usibonise umusa omkhulu kakhulu ngokusiphathisa ingcebo yenkonzo yezindaba ezinhle. (Funda eyesi-2 Korinte 4:1, 7.) Ngakho, kwangathi sonke singabonisa ukuyazisa leyo ngcebo ngokwenza konke okusemandleni ethu ukuba sifeze indima yethu njengabavangeli.