Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Badala—Ingabe Niyowuqabula “Umphefumulo Okhathele”?

Badala—Ingabe Niyowuqabula “Umphefumulo Okhathele”?

U-Angela, * udade ongashadile oneminyaka eyevile kwengu-30, unovalo. Ulindele abadala. Bazothini kuye? Kuyiqiniso ukuthi uke wangaba khona emihlanganweni yebandla embalwa, kodwa usuke ekhathele ngemva kokusebenza usuku lonke enakekela asebekhulile. Ngaphezu nje kwezinkathazo zakhe zansuku zonke, ukhathazeke kakhulu nangesimo sempilo kanina.

Ukube ubungase umvakashele u-Angela, ubungawukhuthaza kanjani lo “mphefumulo okhathele”? (Jer. 31:25) Nokho, okokuqala, ubungalungiselela kanjani ukuze wenze ukuhambela kokwalusa okuqabulayo?

CABANGA NGEZIMO ZABAFOWENU

Ngezinye izikhathi, sonke siyakhathala ngenxa yomsebenzi wokuziphilisa noma imithwalo yemfanelo engokwasezulwini. Ngokwesibonelo, umprofethi uDaniyeli ‘wazizwa ephelelwa amandla’ lapho ethola umbono ayengawuqondi. (Dan. 8:27) Wathola usizo lapho kufika kuye ingelosi uGabriyeli. Lesi sithunywa sikaNkulunkulu samsiza waba nokuqonda, samqinisekisa ukuthi uJehova uyizwile imithandazo yakhe, samtshela nokuthi ‘usengumuntu ofiseleka kakhulu.’ (Dan. 9:21-23) Kamuva, amazwi akhethwe kahle ashiwo ngenye ingelosi aphinde amqinisa lo mprofethi owayekhathele.—Dan. 10:19.

Ngaphambi kokwenza ukuhambela kokwalusa, hlola izimo zalowo okholwa naye

Ngokufanayo, ngaphambi kokuhambela othile okholwa naye okungenzeka ukhathele futhi udangele, zinike isikhathi sokucabanga ngezimo zakhe. Yiziphi izinkinga abhekene nazo? Zimkhandla kangakanani lezi zinkinga? Iziphi izimfanelo ezinhle  azibonisayo? “Ngigxila ezimfanelweni ezinhle zabafowethu,” kuphawula uRichard, osekhonze njengomdala iminyaka engaphezu kwengu-20. Uyanezela, “Ukuhlola ngokucophelela izimo zabo ngaphambi kokubahambela kwenza kube lula ukuthola izindlela zokubakhuthaza ezihlangabezana nezidingo zabo.” Uma uzohamba nomunye umzalwane ukuyokwalusa, kungani ningahlangani nixoxe ngesimo salowo enizomhambela?

BENZE BAKHULULEKE ABAFOWENU

Cishe uzovuma ukuthi kubangela amahloni ukukhuluma ngemizwa yakho. Ngokwesibonelo: Umfowenu angase akuthole kunzima ukuthulula isifuba kubadala abamvakashele. Ungakunqoba kanjani lokhu? Ukumomotheka ngobuqotho namazwi akhuthazayo kungaba nomphumela omuhle. UMichael, osekhonze njengomdala iminyaka engaphezu kwengu-40, ngokuvamile uqala ukuhambela kwakhe ngala mazwi: “Uyazi, elinye lamalungelo amahle kakhulu njengomdala ukuvakashela abazalwane emakhaya abo ukuze ubazi kangcono. Ngakho bengilokhu ngibheke phambili ekunivakasheleni namuhla.”

Ungase ukhethe ukuqala ingxoxo yenu ngomthandazo osuka enhliziyweni. Emithandazweni yakhe, umphostoli uPawulu waluphawula kufanele ukholo, uthando nokukhuthazela kwabazalwane bakhe. (1 Thes. 1:2, 3) Ngokuveza indlela ozizwa ngayo ngezimfanelo ezinhle zomfowenu, usuke ulungiselela inhliziyo yakho neyakhe ingxoxo eyakhayo. Amazwi akho angaba aduduzayo futhi. URay osekuyisikhathi eside engumdala uyaphawula, “Ngezinye izikhathi, siyazikhohlwa izinto ezinhle esizenzayo. Ngakho lapho othile esikhumbuza zona, kuyawuqabula umphefumulo.”

DLULISELA ISIPHO ESINGOKOMOYA

NjengoPawulu, ungadlulisela ‘isipho esingokomoya’ ngokukhuluma ngomBhalo othile, ngisho noma kuyivesi elilodwa nje. (Roma 1:11) Ngokwesibonelo, umzalwane  ocindezelekile angase azizwe engelutho, njengomhubi owazifanisa ‘negabha lesikhumba elishwabene elisemsini.’ (IHu. 119:83, 176) Ngemva kokuchaza kafushane ukuthi isho ukuthini le nkulumo, ungase uveze ukuthi uyaqiniseka ukuthi umzalwane wakho ‘akayikhohliwe’ imiyalo kaNkulunkulu.

Ngokufanayo, ungemthinte yini umfanekiso wohlamvu lwesiliva udade ongasahlanganyeli noma osedonsa izinyawo? (Luka 15:8-10) Kungenzeka uhlamvu olulahlekile beluyingxenye yomgexo oyigugu owenziwe ngezinhlamvu eziningi zesiliva. Ngokuxoxa ngalo mfanekiso, angasizwa ukuba abone ukuthi uyingxenye ebalulekile yebandla lobuKristu. Ngemva kokuxoxa ngalokho, ungase uveze indlela uJehova amkhathalela ngayo njengenye yezimvu zakhe ezincane.

Esikholwa nabo bavame ukukujabulela ukusho lokho abakucabangayo ngemiBhalo. Ngakho ungakhulumi kakhulu! Ngemva kokufunda ivesi elisebenza esimweni sabo, ungase ukhethe igama noma inkulumo ethile bese ubacela ukuba baphawule ngayo. Ngokwesibonelo, ngemva kokufunda eyesi-2 Korinte 4:16, umdala angase abuze, “Ingabe usuke wazibonela ngokwakho indlela uJehova akuvuselela ngayo?” Le ndlela ingaholela ‘ekukhuthazaneni’ ngempela.—Roma 1:12.

Esikholwa nabo bavame ukukujabulela ukusho lokho abakucabangayo ngemiBhalo

Ungase uqabule othile okhulekela naye ngokuxoxa ngomlingiswa waseBhayibhelini owabhekana nesimo esithi asifane nesakhe. Umuntu odangele angase abe nemizwa efanayo neyabalingiswa abanjengoHana noma u-Ephafrodithu, abake bacindezeleka kodwa baqhubeka beyigugu emehlweni kaNkulunkulu. (1 Sam. 1:9-11, 20; Fil. 2:25-30) Kungani ningaxoxi ngezibonelo ezinhle eziseBhayibhelini uma isimo sivuma ukuba nenze kanjalo?

QINISEKA UKUTHI UYALANDELELA

Ungabonisa ukubakhathalela ngobuqotho abafowenu nodadewenu ngisho nangemva kokubahambela. (IzE. 15:36) Ekuphetheni, ungase ukuthole kuwusizo ukuhlela isikhathi esithile usebenze nabo enkonzweni. Lapho uBernard, umdala onokuhlangenwe nakho, ephinde ebonana nomzalwane noma udade asanda kumhambela, angase abhekisele ngokuhlakanipha eselulekweni sakhe ngokuthi, “Ake ungitshele, ingabe iyalunga leya nto?” Ngokubonisa isithakazelo esinjalo kumuntu, uyokwazi ukubona ukuthi uyaludinga yini usizo olwengeziwe.

Manje kunanini ngaphambili, abazalwane nodadewethu badinga kakhulu ukuzizwa bekhathalelwa, beqondwa futhi bethandwa. (1 Thes. 5:11) Khona-ke, ngaphambi kokwenza ukuhambela kokwalusa, zinike isikhathi sokucabanga ngesimo somzalwane wakho. Thandaza ngalokhu. Khetha imiBhalo efanele. Nakanjani uyowathola amazwi afanele okuqabula “umphefumulo okhathele”!

^ isig. 2 Amagama ashintshiwe.