Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yazisa Ubuqotho Nokuthethelela KukaJehova

Yazisa Ubuqotho Nokuthethelela KukaJehova

“Wena Jehova, umuhle futhi ukulungele ukuthethelela; umusa wothando kubo bonke abakubizayo uyachichima.”—IHU. 86:5.

1, 2. (a) Kungani sibazisa abangane abaqotho nabathethelelayo? (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

UNGAMCHAZA kanjani umngane weqiniso? Udade othile ogama lakhe lingu-Ashley uthi: “Umngane weqiniso kimi, umuntu ohlale ekhona uma umdinga futhi okuthethelelayo uma wenze iphutha.” Sonke siyabazisa abangane abaqotho nabathethelelayo. Basenza sizizwe silondekile futhi sithandwa.—IzAga 17:17.

2 UJehova unguMngane oqotho nothethelela kunabo bonke abangane esingaba nabo. Kunjengoba umhubi ekubeka: “Wena Jehova, umuhle futhi ukulungele ukuthethelela; umusa wothando [noma, “uthando oluqotho”] kubo bonke abakubizayo uyachichima.” (IHu. 86:5) Kusho ukuthini ukuba oqotho nothethelelayo? UJehova uzibonisa kanjani lezo zimfanelo ezinhle? Singasilingisa kanjani isibonelo sakhe? Izimpendulo zale mibuzo zizojulisa uthando esinalo ngoMngane wethu omkhulu, uJehova. Zizosisiza nokuba siqinise ubungane bethu nabanye.—1 Joh. 4:7, 8.

UJEHOVA UQOTHO

3. Kusho ukuthini ukuba oqotho?

3 Ubuqotho buyimfanelo ethandekayo ehlanganisa ukuzinikela nokwethembeka okungaguquguquki. Umuntu oqotho akayena umalalephenduka. Kunalokho, ngothando uyanamathela kumuntu (noma entweni) kumnyama kubomvu. Ngempela, uJehova ‘ungothembekileyo’ kunabo bonke abantu.—IsAm. 16:5.

4, 5. (a) UJehova ububonisa kanjani ubuqotho? (b) Kungasiqinisa kanjani ukuzindla ngezenzo zikaNkulunkulu zobuqotho?

4 UJehova ububonisa kanjani ubuqotho? Akalokothi abalahle abakhulekeli bakhe abathembekile. INkosi uDavide engomunye walabo bakhulekeli, yabufakazela ubuqotho bukaJehova. (Funda eyesi-2 Samuweli 22:26.) UJehova waqondisa, wavikela futhi wakhulula uDavide ngobuqotho phakathi nazo zonke izilingo  zakhe. (2 Sam. 22:1) UDavide wayazi ukuthi uJehova ubonisa ubuqotho bakhe ngezenzo, hhayi ngamazwi kuphela. Kungani uJehova aba qotho kuDavide? Kungenxa yokuthi noDavide ‘wayeqotho.’ UJehova uyabazisa ubuqotho babakhulekeli bakhe futhi ubavuza ngokuthi naye abe qotho kubo.—IzAga 2:6-8.

5 Ukuzindla ngezenzo zikaJehova zobuqotho kungasiqinisa. UReed, umzalwane othembekile, uthi: “Kuyangisiza ngempela ukufunda ngendlela uJehova asebenzelana ngayo noDavide ngezikhathi zokucindezeleka kwakhe. Ngisho nalapho engumbaleki, ehlala emihumeni, uJehova wayelokhu emsekela. Akuve kungikhuthaza lokho. Kungikhumbuza ukuthi kungakhathaliseki ukuthi izimo zinjani, ukuthi isimo sibonakala singathembisi kanjani, uJehova uyoba nami uma nje ngihlale ngiqotho kuye.” Akungabazeki ukuthi nawe uzizwa ngendlela efanayo.—Roma 8:38, 39.

6. Iziphi ezinye izindlela uJehova abonisa ngazo ubuqotho, futhi kubazuzisa kanjani abakhulekeli bakhe?

6 UJehova ububonisa nangaziphi ezinye izindlela ubuqotho? Uyanamathela ezindinganisweni zakhe. Uyasiqinisekisa: “Ngisho nasekugugeni komuntu ngingofanayo.” (Isaya 46:4) Zonke izinqumo zakhe zisekelwe ezindinganisweni zokulungile nokungalungile ezingaguquki. (Mal. 3:6) Ngaphezu kwalokho, uJehova ubonisa ubuqotho ngokugcina izithembiso zakhe. (Isaya 55:11) Ngaleyo ndlela ubuqotho bukaJehova bubazuzisa bonke abakhulekeli bakhe abathembekile. Kanjani? Lapho sinamathela ezindinganisweni zikaJehova ngokusemandleni ethu onke, singaqiniseka ukuthi uyosigcina isithembiso sakhe sokusibusisa.—Isaya 48:17, 18.

LINGISA UBUQOTHO BUKAJEHOVA

7. Iyiphi enye indlela esingalingisa ngayo ubuqotho bukaNkulunkulu?

 7 Singabulingisa kanjani ubuqotho bukaJehova? Enye indlela iwukuba sithathe isinyathelo sokusiza labo abasebunzimeni. (IzAga 3:27) Ngokwesibonelo, ukhona yini umkhulekeli okanye naye odangele, mhlawumbe ngenxa yezinkinga zempilo, ukuphikiswa ekhaya noma amaphutha akhe? Thatha isinyathelo sokumkhuthaza lowo muntu “ngamazwi amahle, amazwi aduduzayo.” (Zak. 1:13) * Uma wenza kanjalo, ubonisa ukuthi ungumngane oqotho noweqiniso, “onamathela ngaphezu komfowenu.”—IzAga 18:24.

8. Ngokwesibonelo, singabulingisa kanjani ubuqotho bukaJehova emshadweni?

8 Singalingisa ubuqotho bukaJehova nangokuhlale siqotho kulabo esibathandayo. Ngokwesibonelo, uma sishadile, siyazi ukuthi kumelwe sithembeke kulabo esishade nabo. (IzAga 5:15-18) Ngakho asilokothi sithathe isinyathelo esizosiholela ekuphingeni. (Math. 5:28) Ngaphezu kwalokho, sibonisa ubuqotho kwesikholwa nabo ngokugwema inhlebo elimazayo noma ukunyundela, ngokwenqaba ukusakaza ngisho nokuyilalela inkulumo enjalo engakhi.—IzAga 12:18.

9, 10. (a) Obani ngokukhethekile esifuna ukuba qotho kubo? (b) Kungani ukulalela imiyalo kaJehova kungeke kube lula ngaso sonke isikhathi?

9 Ngaphezu kwakho konke, sifuna ukuhlale siqotho kuJehova. Sikwenza kanjani lokho? Ngokulwela ukubheka izinto ngendlela azibheka ngayo—sithande lokho akuthandayo futhi sizonde akuzondayo—bese siziphatha ngokuvumelana nalokho. (Funda iHubo 97:10.) Lapho siqhubeka sivumelanisa imicabango nemizwa yethu nemizwa nemicabango kaJehova, siyothambekela ngokwengeziwe ekulaleleni imiyalo yakhe.—IHu. 119:104.

10 Kuyavunywa ukuthi ngeke kube lula ngaso sonke isikhathi ukulalela imiyalo  kaJehova. Kungase kudingeke ukuba silwe kanzima ukuze sihlale sethembekile. Ngokwesibonelo, amanye amaKristu angashadile ayafisa ukushada, kodwa awamtholi umngane ofanelekayo phakathi kwabakhulekeli bakaJehova. (1 Kor. 7:39) Udade ongashadile angase abone njalo abantu asebenza nabo abangakholwa bezama ukumhlanganisa nabesilisa abacabanga ukuthi bayafaneleka. Kungenzeka ukuthi unesizungu. Noma kunjalo, uyazikhandla ukuze ahlale eqotho kuJehova. Asizazisi yini izibonelo ezinjalo zobuqotho? Ngokuqinisekile uJehova uyobavuza bonke abahlale bethembekile kuye naphezu kobunzima ababhekana nabo.—Heb. 11:6.

“Kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.”—IzAga 18:24 (Bheka isigaba 7)

“Nithethelelane ngokukhululekile.”—Efe. 4:32 (Bheka isigaba 16)

UJEHOVA UYATHETHELELA

11. Kusho ukuthini ukuba othethelelayo?

11 Enye yezimfanelo zikaJehova ezithandeka kakhulu ukuzimisela kwakhe ukuthethelela. Kusho ukuthini ukuba othethelelayo? Ngokuyisisekelo kuhlanganisa ukuxolela okonile lapho ku-nesisekelo sokwenza kanjalo. Lokho akusho ukuthi umuntu othethelelayo uthalalisa ububi obenziwe noma uyakuphika okwenzekile. Kunalokho, ukhetha ukudlulisa intukuthelo. ImiBhalo ifundisa ukuthi uJehova ‘ukulungele ukubathethelela’ labo abaphenduka ngobuqotho.—IHu. 86:5.

12. (a) UJehova ukubonisa kanjani ukuthethelela? (b) Kusho ukuthini ‘ukwesula’ izono zomuntu?

12 UJehova ubonisa kanjani ukuthethelela? Lapho uJehova ethethelela, ukwenza “ngendlela enkulu”; uthethelela ngokuphelele futhi phakade. (Isaya 55:7) Sazi kanjani ukuthi uJehova uthethelela ngokuphelele? Cabangela isiqinisekiso esisithola encwadini yezEnzo 3:19. (Funda.) Umphostoli uPetru wanxusa ababemlalele ukuba ‘baphenduke futhi baguquke.’ Lapho isoni siphenduka ngobuqotho, sisuke sizisola ngokujulile ngenkambo yaso embi. Siyazimisela nokungasiphindi leso sono. (2 Kor. 7:10, 11) Ngaphezu kwalokho, ukuphenduka ngobuqotho kushukumisa isoni ukuba ‘siguquke,’ sishiye inkambo  yaso embi futhi siphishekele inkambo ejabulisa uNkulunkulu. Wawuyoba yini umphumela uma labo ababelalele uPetru bebonisa ukuphenduka okunjalo? UPetru wathi izono zabo ‘zaziyosulwa.’ Lelo gama livela kwelesiGreki elisho ‘ukwesula noma ukucima.’ Ngakho lapho uJehova ethethelela, usesula ngokuphelele isono. Uthethelela ngokuphelele.—Heb. 10:22; 1 Joh. 1:7.

13. Asiqinisekisa ngani amazwi athi ‘isono sabo ngeke ngisasikhumbula’?

13 Sazi kanjani ukuthi uJehova uthethelela phakade? Cabanga ngesiprofetho esiphathelene nesivumelwano esisha esenziwa namaKristu agcotshiwe, esenza kwenzeke ukubathethelela ngeqiniso labo ababonisa ukholo esihlengweni. (Funda uJeremiya 31:34.) UJehova uthi: “Ngizosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.” Ngakho uJehova usiqinisekisa ngokuthi lapho nje ethethelela, akasoze esikhathini esizayo asithathele isinyathelo ngenxa yalezo zono. Akazivusi izono zethu ukuze asimangalele noma asijezisele zona futhi. Kunalokho, uJehova uyazithethelela lezo zono futhi azidlulise phakade.—Roma 4:7, 8.

14. Singayithola kanjani induduzo ngokuzindla ngokuthethelela kukaJehova? Nikeza isibonelo.

14 Singathola induduzo ngokuzindla ngokuthethelela kukaJehova. Cabanga ngalesi sibonelo. Eminyakeni eminingi edlule, udade esizombiza ngokuthi u-Elaine wasuswa ekuhlanganyeleni. Ngemva kweminyaka ethile wabuyiselwa. Uthi: “Nakuba ngangizitshela futhi ngize ngitshele nabanye ukuthi ngangikholelwa ukuthi uJehova ungithethelele, ngangilokhu nginomuzwa wokuthi ngikude naye nokuthi abanye babesondelene naye futhi engokoqobo kubo kakhudlwana.” Nokho, u-Elaine waduduzwa ukufunda nokuzindla ngeminye yemifanekiso iBhayibheli eliyisebenzisayo ekuchazeni ukuthethelela kukaJehova. Uyanezela: “Ngezwa uthando nesisa sikaJehova kimi ngendlela engangingakaze ngiluzwe ngayo ngaphambili.” Washukunyiswa ikakhulu yilo mcabango: “Lapho uJehova ethethelela izono zethu, akudingeki ukuba sibe nomuzwa wokuthi ibala elishiywe yileso sono liyohlale likithi ukuphila kwethu konke.” * U-Elaine uthi: “Ngaqaphela ukuthi ngangingazange ngikukholelwe ukuthi uJehova angangithethelela ngokugcwele, futhi ngangicabanga ukuthi ngiyothwala umthwalo wesono sami ukuphila kwami konke. Ngiyazi ukuthi kuzothatha isikhathi, kodwa sengiqala ukuzizwa ngisondela ngempela kuJehova futhi nginomuzwa wokuthi umthwalo usukile emahlombe ami.” Yeka ukuthi sikhonza uNkulunkulu onothando nothethelela kangakanani!—IHu. 103:9.

LINGISA UKUTHETHELELA KUKAJEHOVA

15. Singakulingisa kanjani ukuthethelela kukaJehova?

15 Singalingisa ukuthethelela kukaJehova ngokukhetha ukuthethelelana noma nini lapho kunesisekelo sokwenza kanjalo. (Funda uLuka 17:3, 4.) Khumbula ukuthi lapho uJehova ethethelela, uyazikhohlwa izono zethu ngomqondo wokuthi akabe esasijezisela zona. Nathi lapho sithethelela abanye, singazikhohlwa izono zabo ngokuyidlulisa indaba singabe sisayivusa esikhathini esizayo.

16. (a) Ingabe ukuba othethelelayo kusho ukuthalalisa izono noma ukuvumela abanye ukuba badlale ngathi? Chaza. (b) Yini okumelwe siyenze ukuze uNkulunkulu asithethelele?

 16 Ukuthethelela akusho ukuthi siyazithalalisa izono zabanye noma sibavumela ukuba badlale ngathi. Cha. Ngokuyisisekelo kusho ukuthi sikhetha ukuba singaqhubeki sithukuthele. Nokho, kuyaphawuleka ukuthi ukuze uNkulunkulu asithethelele, kumelwe silingise ukuthethelela kwakhe lapho sisebenzelana nabanye.  (Math. 6:14, 15) Kakade, uzwela lukaJehova lumshukumisela ukuba akhumbule ukuthi “siluthuli.” (IHu. 103:14) Ngakho-ke, akufanele yini nathi uzwela lusishukumisele ukuba siwadlulise amaphutha abanye, sibathethelele ngokukhululekile ngokusuka enhliziyweni?—Efe. 4:32; Kol. 3:13.

Kwangathi ingasuka enhliziyweni imithandazo yethu yokucela intethelelo (Bheka isigaba 17)

17. Yini engasisiza uma esikholwa naye esilimazile?

 17 Yiqiniso, akulula ngaso sonke isikhathi ukuthethelela. Kubonakala sengathi ngisho namaKristu athile agcotshiwe ekhulwini lokuqala akuthola kuyinselele ukulungisa ukungezwani kwawo. (Fil. 4:2) Yini engasisiza uma umuntu esikholwa naye esilimazile? Cabanga ngoJobe. Walimala kakhulu lapho “abangane” bakhe—u-Elifazi, uBhilidadi noZofari—bemmangalela ngamanga. (Jobe 10:1; 19:2) Ekugcineni uJehova wabasola labo bamangaleli bamanga. UNkulunkulu wabayala ukuba baye kuJobe futhi balethe umnikelo ngezono zabo. (Jobe 42:7-9) Kodwa kunokunye uJehova afuna ukuba noJobe akwenze. Ikuphi lokho? UJehova wayala uJobe ukuba abathandazele labo bamangaleli bakhe. UJobe wenza njengoba uJehova emyalile, futhi uJehova wawubusisa umoya wakhe wokuthethelela. (Funda uJobe 42:10, 12, 16, 17.) Sifundani kulokhu? Ukumthandazela ngobuqotho umuntu osonile kungasisiza ukuba siyidlulise intukuthelo.

QHUBEKA UZAZISA NGOKUGCWELE IZIMFANELO ZIKAJEHOVA

18, 19. Singaqhubeka kanjani sijulisa ukwazisa kwethu ngobuntu bukaJehova?

18 Ngokuqinisekile, kuye kwasiqabula ukufunda ngezici ezihlukahlukene zobuntu bukaJehova obuthandekayo. Sibonile ukuthi uyangeneka, akakhethi, uyephana, uyacabangela, uqotho futhi uyathethelela. Kodwa simane sakha phezulu. Singathola injabulo ngokufunda okwengeziwe ngoJehova kulo lonke iphakade. (UmSh. 3:11) Sivumelana nomphostoli uPawulu owaloba: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu”—ingasaphathwa eyothando lwakhe kanye nalezi zimfanelo eziyisithupha esixoxe ngazo.—Roma 11:33.

19 Kwangathi sonke singaqhubeka sijulisa ukubazisa kwethu ubuntu bukaJehova obuthandekayo. Singakwenza lokho ngokujwayelana nezimfanelo zakhe, sizindle ngazo bese sizilingisa ekuphileni kwethu. (Efe. 5:1) Njengoba senza kanjalo, ngokuqinisekile siyovumelana ngokwengeziwe nomhubi owahlabelela: “Kepha mina, ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.”—IHu. 73:28.

^ isig. 7 Ukuze uthole amacebiso awusizo kule ndaba, bheka isihloko esithi “Ingabe Ukhona Oye Wamkhuthaza Muva Nje?” kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 1995, nesithi “Vuselelani Uthando Nemisebenzi Emihle—Kanjani?” kweka-April 1, 1995.