Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ilungu Elisha LeNdikimba Ebusayo

Ilungu Elisha LeNdikimba Ebusayo

NgoLwesithathu ekuseni, ngo-September 5, 2012, kwenziwa isaziso emkhayeni waseBethel wase-United States nowaseCanada sokuthi kwenezelwe ilungu elisha eNdikimbeni Ebusayo YoFakazi BakaJehova. UMark Sanderson uqale ukukhonza kulesi sabelo ngo-September 1, 2012.

UMfoweth’ uSanderson wakhulela eSan Diego, eCalifornia, e-U.S.A., ekhuliswa abazali bakhe abangamaKristu futhi wabhapathizwa ngo-February 9, 1975. Waqala ukuphayona eSaskatchewan, eCanada, ngo-September 1, 1983. Ngo-December 1990, wathola iziqu ekilasini lesikhombisa leSikole Sokuqeqeshelwa Inkonzo (manje esaziwa ngokuthi iSikole SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile) e-United States. UMfoweth’ uSanderson wabelwa ukuba ayokhonza njengephayona elikhethekile esiqhingini saseNewfoundland, eCanada, ngo-April 1991. Ngemva kokukhonza njengombonisi wesifunda obambele, wamenyelwa ukuba abe ilungu lomkhaya waseBethel eCanada ngo-February 1997. Ngo-November 2000, wabelwa egatsheni lase-United States, lapho asebenza khona eMnyangweni Wokwaziswa Ngezezibhedlela futhi kamuva wasebenza eMnyangweni Wenkonzo.

Ngo-September 2008, uMfoweth’ uSanderson waya eSikoleni Samalungu AmaKomiti Amagatsha futhi ngemva kwalokho wamiswa njengelungu leKomiti Yegatsha lasePhilippines. Ngo-September 2010, wamenywa ukuba abuye e-United States, lapho afike wakhonza khona njengomsizi eKomitini Yenkonzo YeNdikimba Ebusayo.