Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Usuye Waguqulwa?

Ingabe Usuye Waguqulwa?

“Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu.”—ROMA 12:2.

1, 2. Indlela esikhuliswe ngayo nendawo esihlala kuyo inaliphi ithonya kithi?

SONKE sithonywa kakhulu indlela esikhuliswe ngayo nendawo esihlala kuyo. Sigqoka ngendlela ethile; sithande ukudla okuthile futhi siziphathe ngendlela ethile. Kungani? Ngokwengxenye, lokhu kubangelwa ithonya labantu abasizungezile nezimo zethu ekuphileni.

2 Nokho, kunezinto ezibaluleke ngaphezu kokudla nezitayela zokugqoka esizikhethayo. Ngokwesibonelo, indlela esikhuliswa ngayo yenza sibheke izinto ezithile njengezilungile nezamukelekayo futhi ezinye sizenqabe njengezingalungile nezingamukeleki. Eziningi zalezo zinto zixhomeke kumuntu ngamunye futhi ziyehluka kumuntu nomuntu. Izinto esizikhethayo zingase zibonise ngisho nokusebenza konembeza bethu. IBhayibheli liyavuma ukuthi ngokuvamile “abantu bezizwe abangenawo umthetho benza ngokwemvelo izinto zomthetho.” (Roma 2:14) Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi uma nje ungekho umthetho ocacile ovela kuNkulunkulu, kufanele sivele silandele izindlela nezindinganiso esikhuliswe ngazo nezamukelwa iningi endaweni yakithi?

3. Iziphi izizathu ezimbili ezenza ukuba amaKristu angamane alandele izindlela nezindinganiso ezamukelwa iningi?

3 Kunezizathu okungenani ezimbili ezibalulekile ezenza lokhu kungabi njalo ngamaKristu. Esokuqala, iBhayibheli liyasikhumbuza: “Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kodwa ukuphela kwayo kamuva kuyizindlela zokufa.” (IzAga 16:25) Ngenxa yokuthi asiphelele, asinalo ikhono lokubona ngokugcwele ukuthi ikuphi okuyinzuzo ngempela kithi ukuze siqondise izinyathelo zethu ngokuphelele. (IzAga 28:26; Jer. 10:23) Esesibili, iBhayibheli libonisa ukuthi imikhuba ethandwayo nezindinganiso zezwe kugqugquzelwa uSathane, “unkulunkulu walesi simiso sezinto.” (2 Kor. 4:4; 1 Joh. 5:19) Ngakho-ke, uma sifuna ukuba uJehova asibusise futhi asamukele, kudingeka silalele iseluleko esikweyabaseRoma 12:2.Funda.

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

 4 Kunamaphuzu amaningana abalulekile akweyabaseRoma 12:2 okudingeka siwanakisise. (1) Kungani kudingeka ukuba ‘siguqulwe’? (2) Ukuguqulwa kuhilelani? futhi (3) Singaguqulwa kanjani? Ake siyihlole le mibuzo.

KUNGANI KUDINGEKA UKUBA SIGUQULWE?

5. Amazwi kaPawulu asencwadini yabaseRoma 12:2 ayenencazelo ekhethekile kobani?

5 Amazwi omphostoli uPawulu asencwadini yabaseRoma ayengabhalelwanga abantu abangakholwa noma umphakathi nje, kodwa ayebhalelwe amaKristu agcotshiwe ayekanye nawo. (Roma 1:7) Wawanxusa ukuba aguqulwe futhi ‘ayeke ukulolongwa afane nalesi simiso sezinto.’ KumaKristu ayeseRoma ngaleso sikhathi, cishe ngo-56 C.E., ‘isimiso sezinto’ sasihilela izindinganiso, amasiko, imikhuba nezitayela ezazivamile ezweni laseRoma. Ukusebenzisa kukaPawulu igama elithi “yekani,” kubonisa ukuthi leso simiso sezinto sasisenethonya kwamanye awo. Sasinamaphi amathonya kubafowethu nodadewethu ababephila ngaleso sikhathi?

6, 7. Ngosuku lukaPawulu, indlela yokuphila nokukhulekela yaseRoma yaba kanjani inselele kumaKristu?

6 Namuhla, izivakashi ezihambele eRoma zibona izinsalela zamathempeli, amathuna, izikhumbuzo, izinkundla zemidlalo ehlukahlukene nokunye. Ezinye zalezi zinto zingezekhulu lokuqala leminyaka. Lezo zinsalela zisisiza ukuba siqonde indlela yokuphila neyokukhulekela yaseRoma lasendulo. Singafunda nasezincwadini zomlando ngemidlalo yakhona yobudlova, imijaho yezinqola zamahhashi, imidlalo yaseshashalazini ehlanganisa nomculo ekhuluma ngezinto eziningi ezinye zazo ezazingamahlazo. IRoma lalibuye libe isikhungo esichumayo sezentengiselwano, ngakho kwakunamathuba amaningi okuzuza ngokwezinto ezibonakalayo.—Roma 6:21; 1 Pet. 4:3, 4.

7 Naphezu kokuba namathempeli amaningi nenqwaba yonkulunkulu, amaRoma ayengadumile ngokuba nobuhlobo bomuntu siqu nonkulunkulu ayebakhulekela. Kuwo, inkolo yayimane nje iwukugcina imicikilisho ethile—yokuzalwa, ukushada nemingcwabo—eyayiyingxenye yokuphila kwawo. Cabanga nje ukuthi konke lokhu kwakuyinselele enkulu kangakanani kumaKristu ayeseRoma. Iningi lawo lalivela kuleso sizinda, ngakho kusobala ukuthi kwakudingeka aguqulwe ukuze abe amaKristu eqiniso, futhi lokho kuguqulwa kwakungeke kuphele ngosuku ayebhapathizwa ngalo.

8. Izwe liyinselele kanjani kumaKristu namuhla?

8 Njengezwe laseRoma, izwe namuhla liwusongo nakumaKristu azinikezele. Kungani kunjalo? Ngenxa yokuthi umoya wezwe ubonakala ngezindlela eziningi. (Funda eyabase-Efesu 2:2, 3; 1 Johane 2:16.) Njengoba nsuku zonke sichayeke ezifisweni, ekucabangeni, ezimisweni nasezindinganisweni zokuziphatha zaleli zwe, sihlale sisengozini yokuba lisithonye. Ngenxa yalokho, sinezizathu eziningi zokulalela iseluleko esiphefumulelwe ‘sokuyeka ukulolongwa sifane nalesi simiso sezinto,’ kodwa ‘siguqulwe.’ Yini okumelwe siyenze?

 YINI OKUDINGEKA IGUQULWE?

9. Ngaphambi kokuba bafanelekele ubhapathizo, iziphi izinguquko abaningi abaye bazenza?

9 Lapho umuntu efunda iqiniso leBhayibheli futhi elisebenzisa, uqala ukuthuthuka ngokomoya. Le ntuthuko ibonakala ngokwenza kwakhe izinguquko ekuphileni kwakhe ngokuvumelana nalokho akufundile. Ulahla imikhuba yenkolo yamanga nemikhuba engathandeki yendlela yakhe yokuphila yangaphambili bese ehlakulela ubuntu obunjengobukaKristu. (Efe. 4:22-24) Siyajabula ukubona amakhulu ezinkulungwane zabantu benza intuthuko enjalo unyaka ngamunye futhi befanelekela ukubhapathizwa njengesibonakaliso sokuzinikezela kwabo kuJehova uNkulunkulu. Ngokuqinisekile, lokhu kuyayijabulisa inhliziyo kaJehova. (IzAga 27:11) Nokho, senza kahle ngokucabanga ngalo mbuzo: Ingabe kudingeka ukuba kwenziwe lezi zinguquko kuphela?

Baningi okudingeka baphume ezweni likaSathane futhi baguqulwe (Bheka isigaba 9)

10. Ukuguqulwa kuhluke kanjani ekuthuthukisweni?

10 Empeleni, ukuguqulwa kuhilela okungaphezu kokwenza intuthuko. Kuyenzeka ukuba umkhiqizo othile ubhalwe ukuthi “uthuthukisiwe,” ube empeleni useyinto efanayo. Kungenzeka ukuthi kunezelwe isithako esisodwa nje esisha kwase kwenziwa isembozo saba esikhanga kakhudlwana. Ngokuphathelene nenkulumo ethi “maniguqulwe,” ukuphawula okulotshwe kuyi-Vine’s Expository Dictionary kuyachaza: “KumaRom[a] 12:2 kwenziwa umahluko phakathi kokwenziwa uvumelane nezinto zale nkathi [noma isimiso sezinto] nokuguqulwa (ukushintshwa isimo) ngaphakathi ngokushintsha ngokuphelele imicabango ngokusebenza kwamandla oMoya Ongcwele.” Ngenxa yalokho, ukuguqulwa okumelwe kwenzeke kumKristu akukona nje ukulahla imikhuba elimazayo, inkulumo engcolile nokuziphatha okubi. Nabanye abantu abangenalo ulwazi lweBhayibheli bayazama ukuzigwema lezi zinto ekuphileni kwabo. Pho, yini ehilelekile ekuguqulweni okumelwe kwenzeke kumaKristu?

11. UPawulu wabonisa ukuthi ukuguqulwa kwenzeka ngayiphi indlela?

11 UPawulu wabhala: “Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu.” “Ingqondo” ihlobene namandla ethu okucabanga. Kodwa ngokwendlela elisetshenziswe ngayo eBhayibhelini, leli gama lihlanganisa ukuthambekela kwengqondo yethu, isimo sengqondo namandla ethu okucabanga. Ngaphambilini kuyo le ncwadi ayibhalela abaseRoma, uPawulu wachaza abantu ababebonakalisa ‘isimo sengqondo esingamukeleki.’ Labo bantu babezinikele ekwenzeni “ukungalungi, ukukhohlakala, ukuhaha, ububi, begcwele umona, ukubulala, ukuxabana, inkohliso” nezinye izinto ezilimazayo. (Roma 1:28-31) Singabona ukuthi kungani uPawulu anxusa labo ababekhulele endaweni enjalo kodwa abase beyizinceku zikaNkulunkulu ukuba ‘baguqulwe’ futhi ‘bashintshe ingqondo yabo.’

‘Makususwe kini yonke intukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza.’—Efe. 4:31

12. Yini oyibona iwukucabanga okuvamile kubantu namuhla, futhi lesi simo sengqondo singaba kanjani ingozi kumaKristu?

12 Kuyadabukisa ukuthi sizungezwe abantu abasezweni abafana nsé nalabo uPawulu abachaza. Cishe bacabanga ukuthi  ukugcizelela izindinganiso nezimiso kuyisidala noma kuwukungayamukeli imibono yabanye. Othisha nabazali abaningi bayayekelela futhi bakhuthaza indlela yokucabanga “ekhululekile.” Kubo, konke kuxhomeke embonweni womuntu ngamunye; ayikho into okungathiwa iyona kuphela efanele. Ngisho nabaningi abathi bayasonta banomuzwa wokuthi bakhululekile ukuba benze lokho abacabanga ukuthi kulungile, ngaphandle kokuzizwa bebophekile ukuba balalele uNkulunkulu nemiyalo yakhe. (IHu. 14:1) Isimo sengqondo esinjalo singaba usongo ngempela kumaKristu eqiniso. Lawo angaqaphile angase abe nombono ofanayo ngamalungiselelo angokwasezulwini. Angase angathandi ukuhambisana nezinqubo zebandla futhi aze akhononde nganoma yini angayithandi. Noma angase angabaze iseluleko esisekelwe eBhayibhelini ngokuzijabulisa, ukusebenzisa i-Internet nokuphishekela imfundo ephakeme.

13. Kungani kufanele sizihlole ngobuqotho?

13 Ngenxa yalokho, ukuze singaqhubeki silolongwa izwe, kudingeka sizihlole ngobuqotho izimo zengqondo yethu, imizwa, imigomo nezindinganiso zethu. Lezi zinto zingase zifihleke emphakathini. Abanye bangase basitshele ukuthi senza kahle. Kodwa, yithina kuphela esaziyo ukuthi siye sakuvumela yini ngempela lokho esikufunda eBhayibhelini ukuba kusiguqule kulezi zici ezibalulekile nokuba kuqhubeke kusiguqula.—Funda uJakobe 1:23-25.

INDLELA UKUGUQULWA OKWENZEKA NGAYO

14. Yini engasiza ekwenzeni izinguquko ezidingekayo?

14 Ukuguqulwa kuhilela lokho esiyikho ngaphakathi, ngakho ukuze kwenzeke, sidinga into ezongena ifinyelele ngaphakathi kithi. Yini engasisiza ngaleyo ndlela? Lapho sifunda ngalokho uJehova akufunayo kithi, ngokuvumelana nenjongo yakhe echazwe eBhayibhelini, indlela esisabela ngayo kulokho esikufundayo yembula lokho okusezinhliziyweni zethu nezinguquko okumelwe sizenze ukuze senze ngokuvumelana ‘nentando kaNkulunkulu epheleleyo.’—Roma 12:2; Heb. 4:12.

15. Ukubunjwa uJehova kungaveza ukuguqulwa kwaluphi uhlobo?

15 Funda u-Isaya 64:8. Umfanekiso umprofethi u-Isaya awusebenzisile usinikeza iphuzu eliwusizo esingacabanga ngalo. UJehova, uMbumbi, usibumba kanjani, thina lubumba? Ngokuqinisekile akashintshi isimo sethu esingokomzimba, mhlawumbe ukuze asenze sikhange noma sibukeke ngokwengeziwe. UJehova akasiqeqeshi ngokwenyama kodwa ngokomoya. Uma simvumela ukuba asibumbe, ukuguqulwa okuba umphumela kwenzeka ngaphakathi, noma ngokomoya—okuyilokho kanye esikudingayo ukuze simelane namathonya ezwe. Isebenza kanjani inqubo yokubumba?

16, 17. (a) Chaza lokho umbumbi akwenzayo obumbeni ukuze enze izitsha ezinhle. (b) IZwi likaNkulunkulu lisisiza kanjani ukuze siguqulwe sibe yigugu kuJehova?

16 Ukuze enze izitsha zobumba ezinhle kakhulu, umbumbi usebenzisa ubumba lwezinga elihle. Nokho, kunezinto ezimbili okudingeka azenze. Okokuqala, kudingeka aluhlanze ngamanzi ubumba ukuze asuse konke ukungcola noma izinto ezingadingekile. Okwesibili kumelwe ubumba aluxube nesilinganiso esifanele samanzi bese eluxova ukuze lungabhidliki lapho eselubumba.

17 Phawula ukuthi amanzi asetshenziswa kokubili ekuhlanzeni ukungcola okusobumbeni nasekulwenzeni lujiye kodwa futhi luthambe ngesilinganiso esifanele ukuze umbumbi akwazi ukwenza ngalo isitsha asihlosile, ngisho nesintekenteke. Siyalibona yini iZwi likaNkulunkulu lifeza izindima ezifanayo ekuphileni kwethu? Lingasisiza ukuba silahle indlela yethu yokucabanga yangesikhathi singakamazi uNkulunkulu futhi siguqulwe sibe yigugu emehlweni akhe. (Efe. 5:26) Cabanga ukuthi kukangaki sikhuthazwa ukuba sifunde iBhayibheli  nsuku zonke futhi sibe khona njalo emihlanganweni yobuKristu, lapho kuxoxwa khona ngeZwi likaNkulunkulu. Kungani siye sakhuthazwa ukuba senze lezi zinto? Ngoba uma senza kanjalo, sivumela uJehova ukuba asibumbe.—IHu. 1:2; IzE. 17:11; Heb. 10:24, 25.

Ukuguqulwa kuyokusiza ukuba ubhekane nezinkinga ngendlela engcono kunangesikhathi esidlule (Bheka isigaba 18)

18. (a) Kungani ukuzindla kubalulekile uma sifuna ukuba iZwi likaNkulunkulu lisithonye futhi lisiguqule? (b) Imiphi imibuzo engaba usizo?

18 Ukuze iZwi likaNkulunkulu lisiguqule ngaleyo ndlela edingekayo, sifunda iBhayibheli njalo futhi sithole izifundo eziwusizo ezikulo. Kodwa lokhu kumane kuyisiqalo. Baningi abantu abalifundayo iBhayibheli ngezikhathi ezithile futhi asebenolwazi oluthile ngalokho elikushoyo. Mhlawumbe uye wahlangana nabantu abanjalo lapho usenkonzweni yasensimini. Abanye baze bakwazi nokusho izindinyana ezithile zeBhayibheli ngekhanda. * Noma kunjalo, lokhu kungase kungabi nethonya elitheni endleleni abacabanga nabaphila ngayo. Yini entulekayo? Ukuze iZwi likaNkulunkulu limthonye futhi limguqule umuntu, kumelwe alivumele ukuba lingene lijule enhliziyweni yakhe. Ngakho, kudingeka sizinike isikhathi sokucabanga ngalokho esikufundayo. Kuhle ukuzibuza: ‘Ingabe ngiyaqiniseka ukuthi lokhu akuyona imfundiso nje yenkolo? Bukhona yini ubufakazi engibubonile bokuthi lokho engikufundayo kuyiqiniso? Ngaphezu kwalokho, ngiyazibona yini izindlela engingakusebenzisa ngayo lokho engikufundayo ekuphileni kwami, futhi ngingakubheki nje njengokuthile okumelwe ngikufundise abanye? Ingabe nginomuzwa wokuthi uJehova ukhuluma nami ngqo?’ Ukucabanga nokuzindla ngale mibuzo kungasisiza ukuba sijulise uthando lwethu ngoJehova ezinhliziyweni zethu. Uthando lwethu ngaye luyokhula. Lapho inhliziyo yethu ithinteke ngaleyo ndlela, siyokwenza izinguquko ezidingekile.—IzAga 4:23; Luka 6:45.

19, 20. Ukusebenzisa siphi iseluleko seBhayibheli okungasizuzisa ngempela?

19 Ukufunda iZwi likaNkulunkulu njalo nokuzindla ngalo kuyosishukumisela ukuba siqhubeke senza lokho okungenzeka ukuthi ngezinga elithile sesikwenzile: ‘Ukuhlubula ubuntu obudala nemikhuba yabo nokugqoka ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile.’ (Kol. 3:9, 10) Yebo, singaqhubeka siphumelela lapho siwuthola ngempela umqondo walokho okushiwo iZwi likaNkulunkulu. Lokhu kuphumela ebuntwini obusha bobuKristu obuyosiza ekusivikeleni emaqhingeni kaSathane obuqili.

20 Umphostoli uPetru uyasikhumbuza: “Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili . . . kodwa . . . yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu.” (1 Pet. 1:14, 15) Ukwenza konke esingakwenza ekulahleni ukucabanga nezimo zengqondo esasinazo nokuvuma ukuba siguqulwe kuyophumela ezibusisweni, njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo.

^ isig. 18 Bheka isibonelo esinikezwe kuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 1994, ikhasi 9, isigaba 7.