Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Vumela Ukuqhathanisa Kukusize

Vumela Ukuqhathanisa Kukusize

Awuvumi yini ukuthi uJesu wayenguMfundisi omkhulu kunabo bonke abake baphila emhlabeni? Kungenzeka ukuthi uye wazama ukulingisa ezinye izindlela ayefundisa ngazo, njengokusebenzisa imibuzo nemifanekiso. Nokho, ingabe wake waqaphela ukuthi ngokuvamile wayesebenzisa iziqhathaniso lapho efundisa?

Abantu abaningi bavamile ukuqhathanisa izinto lapho bekhuluma. Cishe nawe uvamile ukuqhathanisa, unganakile. Ungase usho into enjengokuthi, “Bathe zonke lezi zithelo zivuthiwe; kodwa, lezi zisaqinile.” Noma uthi, “Wayeyingane enamahloni kodwa manje uyiqhalaqhala.”

Ezimweni ezinjengalezi, uqala ngokuveza into eyiqiniso noma umbono; bese uqhathanisa usebenzisa izinkulumo ezinjengokuthi kodwa, nokho, kunalokho, noma ethi ngakolunye uhlangothi. Noma ungase uveze umqondo ohlukile ngokwenezela ukwaziswa noma ngokuwufakazela. Uma ukhuluma ngaleyo ndlela, okushoyo kuzwakala kungokwemvelo futhi kungasiza abanye ukuba bakuqonde.

Ngisho noma ukuqhathanisa okuveza umqondo ohlukile kungavamile kwezinye izilimi noma amasiko, senza kahle ngokuqaphela ukubaluleka kwakho. Kungani? Ngoba kusetshenziswe kakhulu eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe. UJesu wakusebenzisa kaningi ukuqhathanisa. Cabanga ngalokhu: “Abantu abasikhanyisi isibani basibeke ngaphansi kwesitsha sokulinganisa, kodwa basibeka othini lwesibani.” “Angizelanga ukuchitha [uMthetho], kodwa ukugcwalisa.” “Nizwile ukuthi kwathiwa, ‘Ungaphingi.’ Kodwa mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane . . . ” “Kwathiwa, ‘Iso ngeso nezinyo ngezinyo.’ Nokho, mina ngithi kini: Ningamelani nomubi; kodwa noma ubani okushaya ngempama esihlathini sesokunene, mphendulele nesinye futhi.”—Math. 5:15, 17, 27, 28, 38, 39.

Ezinye izincwadi zeBhayibheli zinokuqhathanisa okuthi akufane nalokhu. Zingakusiza uqonde iphuzu noma zigcizelele indlela engcono yokwenza okuthile. Uma ungumzali, zindla ngalokhu kuqhathanisa: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efe. 6:4) Ukube umphostoli uPawulu wamane waloba ukuthi ubaba (noma umama) kufanele akhulise umntwana ngesiyalo sikaNkulunkulu, wayeyobe esho amazwi ahlakaniphile nayiqiniso. Noma kunjalo, umqondo ucaca ngokwengeziwe lapho esebenzisa lokhu kuqhathanisa, ‘ningabacasuli kodwa niqhubeke nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.’

Kamuva kuleso sahluko, uPawulu wabhala: “Asibambene negazi nenyama kodwa sibambene . . . nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.” (Efe. 6:12) Lokhu kuqhathanisa kukusiza uqonde ukuthi usempini engathi sína ngempela. Awulwi nabantu abavamile; kunalokho ulwa nebandla lomoya ababi.

 ZUZA EKUQHATHANISENI

Kule ncwadi yeBhayibheli yabase-Efesu, uzothola eminye imiBhalo eminingi lapho uPawulu asebenzisa khona ukuqhathanisa. Ukucabanga ngakho kungasisiza ukuba sithole iphuzu likaPawulu futhi cishe sikuqonde ngokucace ngokwengeziwe lokho okufanele sikwenze.

Ungase ukuthole kujabulisa futhi kuzuzisa ukuhlola ishadi elihambisana nalesi sihloko elibonisa ukuqhathanisa okukweyabase-Efesu izahluko 4 no-5. Njengoba ufunda ngokuqhathanisa ngakunye, cabanga ngokuphila kwakho. Zibuze: ‘Ngempela, siyini isimo sami sengqondo? Ngisabela kanjani kulesi simo noma esimweni esifanayo? Iluphi uhlangothi lwalokhu kuqhathanisa abanye abangacabanga ukuthi luchaza mina?’ Uma uphawula ukuthi ngemva kokuqhathanisa kunokuthile okufanele ukulungise, zama ukukulungisa. Vumela lokho kuqhathanisa kukusize.

Noma ungase usebenzise lelo shadi njengengxenye yokukhulekela komkhaya wakho. Okokuqala, wonke amalungu omkhaya angafunda ukuqhathanisa okukulelo shadi. Omunye wenu angase akhulume ngengxenye yokuqala yalokho kuqhathanisa, bese enika abanye ithuba lokuzama ukukhumbula iphuzu eliqokonyiswe engxenyeni yesibili. Lokhu kungase kuholele engxoxweni yomkhaya ejabulisayo yendlela eningayisebenzisa ngayo ngokugcwele ingxenye yesibili. Yebo, ukuhlola ukuqhathanisa ngaleyo ndlela kungasiza abasha nabadala ukuba baphishekele inkambo yokuziphatha kobuKristu lapho besekhaya nakwezinye izindawo.

Ungakwazi yini ukuqedela ingxenye yesibili yesiqhathaniso?

Njengoba uqhubeka ubona ukubaluleka kokuqhathanisa, uyoshesha ukukubona eBhayibhelini, futhi uyothola ukuthi kuwusizo kakhulu enkonzweni yakho yobuKristu. Ngokwesibonelo, ungase uthi kumninikhaya: “Abantu abaningi bathi wonke umuntu unomphefumulo ongafi, nokho qaphela okushiwo iZwi likaNkulunkulu lapha.” Noma lapho uqhuba isifundo seBhayibheli, ungase ubuze: “Abantu abaningi kule ndawo bakholelwa ukuthi uNkulunkulu noJesu bangumuntu oyedwa; nokho, sithole ukuthi lithini iBhayibheli? Wena yini oyikholelwayo?”

Yebo, kuningi ukuqhathanisa okufundisayo okusemiBhalweni, okungasisiza sihambe endleleni kaNkulunkulu. Nathi singayisebenzisa le ndlela yokuqhathanisa ukuze sisize abanye bazi iqiniso leBhayibheli.