Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yenza Izinqumo Zakho Ngokuhlakanipha

Yenza Izinqumo Zakho Ngokuhlakanipha

“Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.”—IZAGA 3:5.

1, 2. Uyakuthanda yini ukwenza izinqumo, futhi uzizwa kanjani ngezinqumo oye wazenza?

IZINQUMO! Izinqumo! Nsuku zonke kudingeka senze inqwaba yezinqumo. Uzizwa kanjani ngazo? Abanye abantu bayakuthanda ukuzenzela zonke izinqumo. Bathi kuyilungelo labo ukuzenzela izinqumo, abawuthandi nhlobo umqondo wokwenzelwa izinqumo omunye umuntu. Nokho, kunabanye abakwesabayo ukwenza izinqumo ngaphandle kwezivamile zansuku zonke. Abanye bafuna usizo ezincwadini nakubeluleki baze bakhokhe imali eningi ukuze bathole izeluleko abanomuzwa wokuthi bayazidinga.

2 Abaningi kithi abazazi ukuthi bamiphi. Siyaqaphela ukuthi ezinye izinto zingaphezu kwamandla ethu futhi akukho lutho esingalwenza ngazo; noma kunjalo, siyajabula ngokuthi ezicini eziningi zokuphila, singenza izinqumo ngendlela esiyithandayo. (Gal. 6:5) Noma kunjalo, cishe siyavuma ukuthi akuzona zonke izinqumo esizenzayo ezihlakaniphile noma ezizuzisayo.

3. Iziphi iziqondiso esinazo ngokuphathelene nokwenza izinqumo, kodwa kuhlale kunayiphi inselele?

3 Njengezinceku zikaJehova, siyajabula ngokuthi uye wasinika iziqondiso ezicacile mayelana nezindaba eziningi ezibalulekile ekuphileni kwethu. Siyazi ukuthi uma silandela lezo ziqondiso, singenza izinqumo ezingajabulisa uJehova futhi zisizuzise nathi. Nokho, singase sibhekane nezinkinga nezimo iZwi likaNkulunkulu elingakhulumi ngazo ngokuqondile. Sinquma kanjani-ke ukuthi kufanele senzeni? Ngokwesibonelo, siyazi ukuthi akufanele sebe. (Efe. 4:28) Kodwa kuyini ngempela ukweba? Ingabe kunqunywa inani lento eyebiwe, isisusa noma okunye? Singanquma kanjani ukuthi yini okumelwe siyenze ezindabeni abanye abathi akunamthetho oqondile ngazo? Kukhona yini okungasiqondisa?

UKUBA NENGQONDO EHLUZEKILE

4. Cishe, isiphi iseluleko esiye sasithola lapho kufanele senze isinqumo?

4 Lapho sitshela umKristu esikanye naye ukuthi kunesinqumo  esibalulekile okumelwe sisenze, angase asitshele ukuthi kudingeka sisenze ngengqondo ehluzekile. Yiseluleko esihle impela leso. IBhayibheli lisinika lesi sixwayiso ngokwenza izinqumo ngokuxhamazela: “Noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” (IzAga 21:5) Kodwa kusho ukuthini ukuba nengqondo ehluzekile? Ingabe kumane kusho ukuthi kufanele sizinike isikhathi, sicabangisise kahle, sibheke indaba nhlangothi zonke futhi sahlulele kahle? Konke lokhu kuwusizo ekufinyeleleni esinqumweni esihle, kodwa ukusebenzisa ukuhluzeka kwengqondo kuhilela okungaphezu kwalokhu.—Roma 12:3; 1 Pet. 4:7.

5. Kungani singenayo ingqondo ehluzeke ngokuphelele ngokwemvelo?

5 Kumelwe sivume ukuthi akekho kithi ozalwa enengqondo ehluzeke ngokuphelele. Kungani? Kungenxa yokuthi sonke sizalelwe esonweni futhi asiphelele, ngakho asisoze saba nemizimba ephile saka nengqondo ehluzeke ngokuphelele. (IHu. 51:5; Roma 3:23) Ngaphezu kwalokho, abaningi kithi bake baba phakathi kwalabo ‘abaphuphuthekiswe’ uSathane; sake sangamazi uJehova nezindinganiso zakhe ezilungile. (2 Kor. 4:4; Thithu 3:3) Ngakho uma singasekela izinqumo zethu kuphela kulokhu esicabanga ukuthi kuhle futhi kulungile, kungenzeka ukuthi siyazikhohlisa, kungakhathaliseki ukuthi sicabange kangakanani ngesinqumo sethu.—IzAga 14:12.

6. Yini engasisiza ukuba sihlakulele ukuhluzeka kwengqondo?

6 Nakuba sinemizimba engaphelele nengqondo engahluzekanga ngokuphelele, uJehova, uBaba wethu osezulwini uphelele kuzo zonke izici. (Dut. 32:4) Ngokujabulisayo, usenzele indlela yokusisiza ukuba sikwazi ukulungisa izingqondo zethu futhi sihlakulele ukuhluzeka kwengqondo. (Funda eyesi-2 Thimothewu 1:7.) NjengamaKristu, sifuna ukucabanga ngendlela enengqondo futhi senze ngokuvumelana nalokho. Kufanele silawule ukucabanga kwethu nemizwa yethu futhi silingise indlela uJehova acabanga nazizwa futhi enze ngayo.

7, 8. Landisa okuhlangenwe nakho kwendlela umuntu angenza ngayo isinqumo esihluzekile naphezu kwezingcindezi nobunzima.

7 Cabanga ngalesi sibonelo. Umkhuba ovamile kwabathile abayizifiki ukuthumela izinsana abasanda kuzizala emakhaya ukuze ziyonakekelwa izihlobo ngesikhathi bona beqhubeka besebenzela ukuthola imali. * Owesifazane othile ohlala ezweni elingelona elenkaba yakhe wazala umfanyana omuhle. Cishe ngaso leso sikhathi, waqala ukufunda iBhayibheli futhi wathuthuka ngokomoya. Abangane nezihlobo bamcindezela yena nomyeni wakhe ukuba bathumele ingane yabo ekhaya ukuze iyonakekelwa abazali bomyeni. Nokho, njengoba ayeqhubeka efunda, lona wesifazane wabona ukuthi njengomzali, kwakuwumsebenzi wakhe awunikwe uNkulunkulu ukukhulisa ingane yakhe. (IHu. 127:3; Efe. 6:4) Ingabe kwakufanele alandele umkhuba owawubonakala uyinkambo enengqondo kwabaningi? Noma ingabe kwakufanele alandele lokho ayekufunda eBhayibhelini futhi abe sengcupheni yokudonsa kanzima ngokwezimali nokudelelwa abanye abantu? Wawuyokwenzenjani wena ukube wawusesimweni sakhe?

8 Ecindezelekile futhi ekhathazekile emoyeni, lona wesifazane osemusha wathulula inhliziyo yakhe kuJehova, wacela isiqondiso sakhe. Ngemva kokukhuluma nalowo owayemfundisa iBhayibheli nabanye ebandleni ngalesi simo, waqala ukuqonda umqondo kaJehova ngale ndaba. Wabe esecabanga ngomonakalo ongokomzwelo oba khona enganeni uma ihlukana nabazali bayo phakathi neminyaka efundiseka kakhulu ngayo. Ngemva kokucabangela le ndaba ngemiBhalo, waphetha ngokuthi  kwakungalungile ukuhambisa ingane yakhe. Umyeni wakhe wabona indlela amalungu ebandla abasekela ngayo nendlela ingane eyayijabule futhi inempilo ngayo. Wamukela isifundo seBhayibheli futhi waqala ukuba khona emihlanganweni yebandla nomkakhe.

9, 10. Kusho ukuthini ukusebenzisa ukuhluzeka kwengqondo, futhi singakwenza kanjani?

9 Lesi kumane nje kuyisibonelo esisodwa, kodwa sibonisa ukuthi ukusebenzisa ukuhluzeka kwengqondo akusho nje ukulandela lokho thina noma abanye esicabanga noma esinomuzwa wokuthi kunengqondo noma kuwukuhlakanipha. Ingqondo nenhliziyo yethu engaphelele kungafana newashi elishesha kakhulu noma elihamba kancane. Ukuqondiswa yilo kungasifaka ezinkingeni ezinkulu. (Jer. 17:9) Kufanele silolonge izingqondo nezinhliziyo zethu ngezindinganiso zikaNkulunkulu ezinokwethenjelwa.—Funda u-Isaya 55:8, 9.

10 IBhayibheli liseluleka kufanele: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” (IzAga 3:5, 6) Phawula inkulumo ethi “ungenciki kokwakho ukuqonda.” Ilandelwa inkulumo ethi “mqaphele [uJehova].” NguYe onengqondo ehluzeke ngokuphelele. Ngenxa yalokho, kuyafaneleka ukuba lapho kufanele senze isinqumo, sibheke eBhayibhelini ukuze sibone ukuthi uyini umbono kaNkulunkulu. Ngemva kwalokho, kufanele sisekele izinqumo zethu kuwo. Lokho kuwukusebenzisa ukuhluzeka kwengqondo—ukulingisa ingqondo kaJehova.

QEQESHA AMANDLA AKHO OKUQONDA

11. Siyini isihluthulelo sokufunda ukwenza izinqumo ezihlakaniphile?

11 Akuyona into elula ukufunda ukwenza izinqumo ezihlakaniphile nokwenza ngokuvumelana nazo. Lokhu kungaba yinselele ikakhulu kulabo abasanda kuthola iqiniso noma laba abasaqala ukuthuthukela ekuvuthweni ngokomoya. Nokho, njengoba iBhayibheli libabiza ngezingane ezingokomoya, bangakwazi ukuthuthuka ngempela. Cabanga indlela usana olufunda ngayo ukuhamba ngaphandle kokuwa. Into eyenza luphumelele ngokuvamile ukuthatha amagxathu amafushane futhi lukwenze ngokuphindaphindiwe. Kunjalo nangengane engokomoya uma kuziwa ekwenzeni izinqumo ezihlakaniphile. Khumbula  ukuthi umphostoli uPawulu wachaza abantu abavuthiwe njengalabo “okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” Igama elithi “ngokusebenzisa” nelithi ‘ukuqeqesha’ anomqondo womzamo oqhubekayo nophindaphindwayo, futhi yilokho labo abasebasha okudingeka bakwenze.—Funda amaHebheru 5:13, 14.

Lapho senza izinqumo ezifanele ezindabeni zansuku zonke, siqeqesha amandla ethu okuqonda (Bheka isigaba 11)

12. Singalihlakulela kanjani ikhono lokwenza izinqumo ezihlakaniphile?

12 Njengoba sekushiwo, usuku ngalunye kumelwe senze izinqumo eziningi, ezinkulu nezincane. Ngokocwaningo oluthile, izenzo zethu ezingamaphesenti angaphezu kwangu-40 asicabangi ngazo kusengaphambili kodwa sizenza ngokuvumelana nemikhuba esigxilile kithi. Ngokwesibonelo, ngokuvamile njalo ekuseni kufanele unqume ukuthi uzogqokani. Ungase ukubheke njengento encane lokhu, futhi wenza leso sinqumo ngaphandle kokucabangisisa, ikakhulukazi uma uphuthuma. Kodwa kubalulekile ukucabanga ngokuthi lokho okugqokayo kuyayifanela yini indima yakho njengenceku kaJehova. (2 Kor. 6:3, 4) Lapho uyothenga izimpahla zokugqoka, ungase ucabange ngezitayela nangalokho okusemfashinini, kodwa kuthiwani ngesizotha nenani lazo? Ukwenza izinqumo ezifanele kulezi zindaba kuyoba nomthelela ekuqeqesheni amandla ethu okuqonda, okungasisiza ukuba senze izinqumo ezifanele ezindabeni ezinkulu.—Luka 16:10; 1 Kor. 10:31.

HLAKULELA ISIFISO SOKWENZA OKUHLE

13. Yini edingekayo ukuze siqinisekise ukuthi siyanamathela ezinqumweni esizenzile?

13 Sonke siyazi ukuthi ukwenza isinqumo esifanele kukodwa akwanele; kumelwe sinamathele kuso futhi sisisebenzise. Ngokwesibonelo, abanye abafuna ukuyeka ukubhema bayehluleka ngenxa yokuthi abanaso isisusa esibagqugquzelayo. Into edingekayo ukuzimisela ukulandela inkambo asebeyikhethile. Abanye bakholelwa ukuthi isifiso sinjengesicubu somzimba. Lapho sisisebenzisa njalo noma sisivocavoca, siyaqina. Uma singavamile ukusisebenzisa, siba buthaka siwohloke. Khona-ke, yini engasisiza sihlakulele noma siqinise isifiso sethu sokunamathela futhi sifeze esikunqumile? Ukuphendukela kuJehova.—Funda eyabaseFilipi 2:13.

14. Kungani uPawulu aba namandla okwenza lokho ayazi ukuthi kufanele akwenze?

14 UPawulu wazibonela ngawakhe lokhu. Wake wabalisa: “Amandla okufisa akhona kimi, kodwa amandla okwenza okuhle awekho.” Wayekwazi ayefuna ukukwenza noma okwakufanele akwenze, kodwa ngezikhathi ezithile kwakuba nokuthile okumvimbayo. Wavuma: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.” Ingabe isimo sakhe sasingenathemba? Lutho neze. Wathi: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!” (Roma 7:18, 22-25) Kwenye incwadi wabhala lokhu: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Fil. 4:13.

15. Ukwenza isinqumo esiwujuqu noma ukungasenzi kubathinta kanjani abahilelekile?

15 Kuyacaca ukuthi ukuze sijabulise uNkulunkulu, kudingeka isinyathelo esiwujuqu. Khumbula amazwi u-Eliya awasho kubakhulekeli bakaBhali nasezihlubukini ezingama-Israyeli eNtabeni iKarmeli: “Kuyoze kube nini nixhugela phakathi kwemibono emibili? Uma uJehova enguNkulunkulu weqiniso, landelani yena; kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” (1 AmaKh. 18:21) Abantwana bakwa-Israyeli babekwazi lokho okufanele bakwenze, kodwa ‘babexhugela’ ngenxa yokuba manqikanqika. Ngokuhlukile, eminyakeni eminingi ngaphambili, uJoshuwa wayebeke isibonelo esihle lapho etshela ama-Israyeli: “Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza  uJehova, zikhetheleni namuhla ukuthi nizokhonza bani . . . Kepha mina nendlu yami, sizokhonza uJehova.” (Josh. 24:15) Ukungananazi kwakhe ekwenzeni izinqumo kwaba namuphi umphumela? UJoshuwa nalabo ababambisana naye babusiswa ngokuhlala bazinze eZweni Lesithembiso, “izwe eligeleza ubisi noju.”—Josh. 5:6.

YENZA IZINQUMO EZIHLAKANIPHILE FUTHI UBUSISWE

16, 17. Bonisa izinzuzo ezitholakala ngokwenza izinqumo ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu.

16 Cabangela lesi simo esenzeka esikhathini sethu. Umzalwane osanda kubhapathizwa nomkakhe banabantwana abathathu. Ngelinye ilanga, umuntu asebenza naye wasikisela ukuthi yena nalo mzalwane bahambe bayosebenzela enye inkampani ekhokhela kangcono futhi enikeza izisebenzi zayo izinzuzo ezengeziwe. Umzalwane wethu wacabanga ngale ndaba futhi wathandaza ngayo. Ekuqaleni wayekhethe lo msebenzi akuwo, empeleni owawungakhokheli kahle, ukuze angasebenzi ngezimpela-sonto, futhi akwazi ukuba aye emihlanganweni nasensimini nomkhaya wakhe. Wacabanga ukuthi wayengeke esakwazi ukwenza kanjalo uma ethatha lo msebenzi omusha—okungenani isikhathi esithile. Wena wawuyokwenzenjani?

17 Lo mzalwane waqhathanisa izinzuzo ezingokomoya, wazibona zingcono kuneholo elikhudlwana ayezolithola, wawenqaba lo msebenzi. Ucabanga ukuthi wazisola ngesinqumo sakhe? Lutho neze. Waba nomuzwa wokuthi izibusiso ezingokomoya zaziyomzuzisa kakhulu yena nomkhaya wakhe ngaphezu kokuhola imali eningi. Yena nomkakhe bajabula kakhulu lapho indodakazi yabo endala, eneminyaka eyishumi, ibatshela ukuthi iyabathanda, ithanda nabazalwane nodade futhi imthanda kakhulu uJehova. Yathi ifuna ukunikezela ukuphila kwayo kuJehova futhi ibhapathizwe. Yeka ukuthi kumelwe ukuba yasazisa kangakanani isibonelo esihle sikayise sokubeka ukukhulekela uJehova kuqala ekuphileni kwakhe!

Yenza izinqumo ezihlakaniphile futhi uthole injabulo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu (Bheka isigaba 18)

18. Kungani kubalulekile ukuba senze izinqumo zomuntu siqu ezihlakaniphile nsuku zonke?

18 UMose Omkhulu, uJesu Kristu, ubelokhu ehola abakhulekeli bakaJehova beqiniso ehlane lezwe likaSathane amashumi eminyaka. NjengoJoshuwa Omkhulu, uJesu manje ulungele ukusiqeda lesi simiso esonakele futhi ahole abalandeli bakhe abayise ezweni elisha lokulunga elithenjisiwe. (2 Pet. 3:13) Ngakho-ke, manje akusona isikhathi sokubuyela ezindleleni zethu zokucabanga zakudala, emikhubeni yethu yakudala, ezindinganisweni zokuziphatha nasezifisweni zakudala. Manje yisikhathi sokuba sikuqonde ngokucace kakhulu kunanini ngaphambili lokho okuyintando kaNkulunkulu ngathi. (Roma 12:2; 2 Kor. 13:5) Kwangathi izinqumo ozenza nsuku zonke zingabonisa ukuthi uwuhlobo lomuntu okufanelekelayo ukuthola isibusiso sikaNkulunkulu saphakade.—Funda amaHebheru 10:38, 39.

^ isig. 7 Esinye isizathu salo mkhuba ukuba umkhulu nogogo bakwazi ukubukisa ngabazukulu babo kubangane nezihlobo.