INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Novemba 2013

Singabonisa kanjani ukuthi siyasazisa isineke sikaNkulunkulu njengoba silindele uJehova ukuba athathe isinyathelo sokuqeda lesi simiso esibi? UJehova noJesu bawelusa kanjani umhlambi wabo osemhlabeni namuhla?

“Niphaphamele Ukuthandaza”

Kungani kufanele amaKristu eqiniso athandaze njalo? Obani abazuzayo lapho uthandazela abanye?

Indlela Esingasiza Ngayo Ekunakekeleni Izidingo Zabanye

Funda uzwe ngendlela iminikelo eyenzelwa umsebenzi womhlaba wonke woFakazi BakaJehova esiza ngayo ekunakekeleni izidingo zabanye ezingokwenyama nezingokomoya.

Singasilondoloza Kanjani ‘Isimo Sengqondo Sokulinda’?

Yiziphi izenzakalo eziyophawula ukuphela kwenkathi yethu yokulinda uJehova ukuba abhubhise lesi simiso esibi? Singakubonisa kanjani ukwazisa ngesineke sikaNkulunkulu?

INDABA YOKUPHILA

Ukukhonza UNkulunkulu Kungumuthi Kuye!

U-Onesmus wazalwa enesifo sokukhumuzeka kwamathambo okuthiwa i-osteogenesis imperfecta. Izithembiso zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini zamkhuthaza kanjani?

Lokho Okushiwo Abelusi Abayisikhombisa Nezikhulu Eziyisishiyagalombili Kithi Namuhla

UHezekiya, u-Isaya, uMika nezikhulu zaseJerusalema bazibonakalisa kanjani bengabelusi abahle? Obani namuhla abamelela abelusi abayisikhombisa nezikhulu eziphakeme eziyisishiyagalombili?

Lalelani Abelusi Abamiswe UJehova

Ababonisi bamiswe umoya ongcwele ukuba beluse ibandla likaNkulunkulu. Kungani izimvu kufanele zibalalele?

Belusi, Lingisani ABelusi Abakhulu Kunabo Bonke

Lapho ilungu lebandla lidinga usizo olungokomoya, abadala bangasiza kanjani? Abadala bangabalingisa kanjani aBelusi abakhulu kunabo bonke, uJehova noJesu Kristu?

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

“Nganginjengofudu Negobolondo Lalo”

Ngasekupheleni kuka-1929, isimo somnotho embulungeni yonke sawa sangena enkathini eyaziwa ngokuthi iNkathi Yokuwohloka Okukhulu Komnotho. Abamemezeli besikhathi esigcwele bamisa kanjani phakathi naleso sikhathi esibucayi?