Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ubafunde ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo:

UJesu ‘wayishumayeza nini imimoya esetilongweni’? (1 Pet. 3:19)

Kubonakala sengathi esikhathini esithile ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wamemezela kule mimoya emibi ukuthi yayizothola isijeziso esiyifanele.—6/15, ikhasi 23.

Iziphi izinselele ezintathu zokwenza umshado wesibili usebenze?

Yilezi: Ukungavumeli umshado wokuqala ukwenze ungakwazi ukunaka owesibili; ukusebenzelana nabangane bakho abadala abangajwayelene nalowo osushade naye; ukwethemba umuntu osushade naye nakuba owokuqala engazange athembeke.—7/1, amakhasi 9-10.

UJesu ubahlulela nini abantu njengezimvu noma izimbuzi? (Math. 25:32)

UJesu uyokwahlulela abantu lapho eza phakathi nosizi olukhulu, ngemva kokubhujiswa kwenkolo yamanga.—7/15, ikhasi 6.

Abantu abangenamthetho okukhulunywa ngabo emfanekisweni kakolweni nokhula bayokhala nini futhi baququde amazinyo abo? (Math. 13:36, 41, 42)

Bayokhala phakathi nosizi olukhulu lapho beqaphela ukuthi ayikho indlela yokubalekela ukubhujiswa.—7/15, ikhasi 13.

Amazwi kaJesu ngenceku ethembekile neqondayo agcwaliseka nini? (Math. 24:45-47)

Aqala ukugcwaliseka ngemva kuka-1914, hhayi ngePhentekoste lika-33 C.E. Ngo-1919, le nceku yamiswa phezu kwabendlu, abahlanganisa wonke amaKristu anikezwa ukudla okungokomoya.—7/15, amakhasi 21-23.

UJesu uyimisa nini inceku ethembekile phezu kwakho konke okungokwakhe?

Lokho kuyokwenzeka esikhathini esizayo, phakathi nosizi olukhulu lapho inceku ethembekile ithola umvuzo wayo wasezulwini.—7/15, ikhasi 25.

Ingabe iBhayibheli aliwasho amagama abathile ngenxa yokuthi babebabi noma bengabalulekile?

Akufanele siphethe ngalokho. IBhayibheli aliwasho amagama abathile ababelungile nabathile ababebabi. (Ruthe 4:1-3; Math. 26:18) Sitshelwe amagama ezingelosi ezimbili nje kuphela ezithembekile.—8/1, ikhasi 10.

Ngaphandle kwamandla avela kuNkulunkulu, yini enye eyasiza oFakazi abangu-230 ukuba basinde ohambweni olude besuka ekamu lokuhlushwa eSachsenhausen?

Nakuba babebuthaka ngenxa yendlala nokugula, baqhubeka bekhuthazana ukuba baqhubeke behamba.—8/15, ikhasi 18.

Kungani ukulandisa kokuwela kwama-Israyeli uMfula iJordani angene ezweni Lesithembiso kusikhuthaza?

Nakuba umfula wawugcwele udla izindwani, uJehova wawumisa ukuze abantu bakhe bawele. Lokho kumelwe ukuba kwaluqinisa ukholo nokuthembela kwabo kuye, futhi lokhu kulandisa kungasiqinisa nathi.—9/15, ikhasi 16.

Yini esobala ngokukhuluma kweBhayibheli kaningi ngombala?

Ukukhuluma kweBhayibheli kaningi ngombala kubonisa ukuthi uNkulunkulu uyaqonda ukuthi umbala ungenza abantu bathinteke ngokomzwelo nokuthi umbala ungasisiza ekukhumbuleni izinto.—10/1, amakhasi 14-15.

Isiprofetho esikuMika 5:5 esikhuluma ngezikhulu eziphakeme nabelusi sigcwaliseka kanjani namuhla?

Siqonda ukuthi ‘abelusi abayisikhombisa nezikhulu eziphakeme eziyisishiyagalombili’ okukhulunywa ngazo kuMika 5:5 babhekisela kubadala abamisiwe ebandleni, abaqinisa abantu bakaNkulunkulu ukuze balungele ukuhlaselwa kwabo okuzayo okubikezelwe.—11/15, ikhasi 20.

Iziphi ezinye zezizathu ezenza sidinge uNkulunkulu?

UNkulunkulu unikeza isiqondiso esihle esisidingayo kanye nezimpendulo ezanelisayo ngezinkinga zokuphila. Usisiza ukuba siphile kahle futhi sijabule, futhi uyogcwalisa izithembiso eziseZwini lakhe ukuze lokhu kwenzeke.—12/1, amakhasi 4-6.