Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Yenzani Lokhu Ukuze Ningikhumbule’

‘Yenzani Lokhu Ukuze Ningikhumbule’

“Ngemva kokubonga, yasihlephula [isinkwa] yathi: ‘Lokhu kusho umzimba wami ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.’”—1 KOR. 11:24.

1, 2. Yini okungenzeka ukuthi abaphostoli babeyicabanga ngokuphathelene nokunqunywa kwesikhathi sohambo oluya eJerusalema.

‘NJENGOBA amafu engasekho, siyibona kahle inyanga ilucezu. Izolo kusihlwa, abalindi eJerusalema kumelwe ukuba babone ucezwana lwayo lokuqala. Kuthé lapho iSanhedrini izwa ngalokhu, yabe isimemezela ukuqala kwenyanga entsha, kaNisani. Lezi zindaba zisakazeke zaze zafika nakithi kusetshenziswa imililo eyizinhlabamkhosi noma izithunywa. Ngokuqinisekile, uJesu uzofuna ukubhekisa amabombo eJerusalema ukuze afike ngaphambi kwePhasika.’

2 Yile micabango okungenzeka yayisezingqondweni zabantu abathile ababenoJesu ePhereya (ngaphesheya kweJordani) ohambweni lwakhe lokugcina oluya eJerusalema. (Math. 19:1; 20:17, 29; Marku 10:1, 32, 46) Lapho nje selunqunyiwe usuku lokuqala lwenyanga yamaJuda kaNisani, iphasika laligujwa ngemva kwezinsuku ezingu-13, ngemva kokushona kwelanga ngoNisani 14.

3. Kungani kufaneleka ukuba amaKristu abe nesithakazelo osukwini lwePhasika?

3 Usuku lweSidlo SeNkosi Sakusihlwa, oluqondana nalelo okwakugujwa ngalo iPhasika, luzoba ngemva kokushona kwelanga ngomhla ka-April 14, 2014. Luyoba usuku olukhethekile kumaKristu eqiniso nakwabathakazelayo. Ngani? Ngenxa yalokho esikufunda kweyoku-1 Korinte 11:23-25: “INkosi uJesu ngobusuku eyayizonikelwa ngabo yathatha isinkwa, futhi ngemva kokubonga, yasihlephula yathi: ‘Lokhu kusho umzimba wami ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.’ Yenza okufanayo nangokuqondene nendebe.”

4. (a) Imiphi imibuzo engase iphakame ngokuphathelene neSikhumbuzo? (b) Usuku lweSikhumbuzo lunqunywa kanjani minyaka yonke? (Bheka ibhokisi elithi  “ISikhumbuzo Sika-2014.”)

4 Cishe uyoba khona kulesi senzakalo uJesu athi abalandeli bakhe kufanele basikhumbule minyaka yonke. Zibuze kusengaphambili: ‘Kufanele ngibulungiselele kanjani lobo busuku? Iziphi izinto ngokuqondile eziyosetshenziswa? Iyiphi inqubo ezolandelwa kuleso senzakalo?  Futhi leso senzakalo nezinto ezizosetshenziswa kufanele zisho ukuthini kimi?’

IZIFANEKISELO

5. Yini uJesu ayala ukuba ilungiswe ngokuphathelene nePhasika lokugcina aligubha nabaphostoli?

5 Lapho uJesu etshela abaphostoli ukuba bayolungisa ikamelo ababezodlela kulo iPhasika, akazange anikeze imininingwane yokuhlotshiswa kwalo; kunalokho, cishe wayefuna nje ikamelo elifanelekayo, elihlanzekile nelizokwanela abamenyiwe. (Funda uMarku 14:12-16.) Babezolungisa izinto ezithile ezazidingeka kuleso sidlo, ezihlanganisa nesinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu. Lapho beqeda ukudla isidlo sePhasika, uJesu wagxila kulezo zifanekiselo ezimbili.

6. (a) Ngemva kwesidlo sePhasika, yini uJesu ayisho ngesinkwa? (b) Kusetshenziswa isinkwa esinjani ngeSikhumbuzo?

6 Umphostoli uMathewu wayekhona futhi kamuva wabhala: “UJesu wathatha isinkwa, futhi ngemva kokusho isibusiso, wasihlephula, wasinikeza abafundi, wathi: ‘Thathani, yidlani.’” (Math. 26:26) ‘Kwakuyisinkwa’ esingenamvubelo njengoba kwakusetshenziswa sona ngePhasika. (Eks. 12:8; Dut. 16:3) Sasenziwa ngofulawa kakolweni namanzi, kwakungafakwa lutho oluyimvubelo noma isinongo, esinjengosawoti. Ngenxa yokuthi sasingenamvubelo, sasingeke sikhukhumale. Sasizoba isicaba, sifohlozele, kube lula ukusihlephula. Namuhla, ngaphambi kokuba kufike uSuku lweSikhumbuzo, abadala bebandla bangase bacele othile ukuba enze isinkwa esinjalo ngofulawa kakolweni namanzi, asipheke epanini elifakwe amafutha kancane. (Uma ufulawa kakolweni ungatholakali, kungase kusetshenziswe ufulawa welayisi, ibhali, ummbila, noma wokunye okusanhlamvu okufanayo.) Noma kungase kusetshenziswe ama-matzo amaJuda, kube yilawo angafakwanga umthombo, amaqanda noma u-anyanisi.

7. UJesu wayekhuluma ngewayini laluphi uhlobo, futhi nhloboni yewayini elingase lisetshenziswe namuhla eSikhumbuzweni?

7 UMathewu waqhubeka: “[UJesu] wathatha nendebe, esebongile, wabanika yona, wathi: ‘Phuzani kuyo, nonke.’” (Math. 26:27, 28) Lokho uJesu akuthatha kwakuyindebe yewayini elibomvu. (Kwakungenakuba ujusi wamagilebhisi ayesanda kukhanywa, ngoba sasesidlule kudala  isikhathi sokuvuna amagilebhisi.) Iwayini lalingeyona ingxenye yesidlo sokuqala esenziwa eGibhithe, noma kunjalo uJesu akazange amelane nokuba khona kwalo ngePhasika. Waze wasebenzisa elinye lalo phakathi neSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ngakho amaKristu ayalisebenzisa iwayini eSikhumbuzweni. Njengoba sasingekho isizathu sokuthuthukisa inani legazi likaJesu, iwayini elisetshenziswayo akulona elixutshwe nogologo noma izinongo. Kufanele kusetshenziswe iwayini elibomvu elingaxutshwe nalutho, kungaba elenziwe ekhaya noma elithengiwe, njengeBeaujolais, iBurgundy noma iChianti.

IZIFANEKISELO EZINENCAZELO EBALULEKILE

8. Kungani amaKristu enesithakazelo kulokho okushiwo isinkwa newayini?

8 Umphostoli uPawulu wakwenza kwacaca ukuthi namanye amaKristu ngaphandle kwabaphostoli kwakumelwe asigcine iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Nakhu akubhalela ayekholwa nabo eKorinte: “Ngakwamukela eNkosini lokho engakudlulisela nakini, ukuthi iNkosi uJesu . . . yathatha isinkwa, futhi ngemva kokubonga, yasihlephula yathi: ‘Lokhu kusho umzimba wami ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.’” (1 Kor. 11:23, 24) Ngenxa yalokho, kuze kube namuhla amaKristu ayaqhubeka egcina lesi senzakalo esikhethekile minyaka yonke futhi anesithakazelo kulokho okushiwo isinkwa newayini.

9. Imuphi umbono oyiphutha abanye abanawo ngesinkwa uJesu asisebenzisa?

9 Abanye abantu abasontayo bathi uJesu washo la mazwi ngale ndlela: ‘Lokhu kungumzimba wami,’ ngakho bakholelwa ukuthi isinkwa saphenduka ngokuyisimangaliso saba inyama yakhe yangempela. Nokho lokho kuphambene namaqiniso. * Umzimba kaJesu wawuphambi kwabaphostoli abathembekile, ngokufanayo nesinkwa esingenamvubelo  ababezosidla. Kusobala ukuthi uJesu wayekhuluma ngomqondo ongokomfanekiso, njengoba enza nangezinye izikhathi.—Joh. 2:19-21; 4:13, 14; 10:7; 15:1.

10. Isinkwa esisetshenziswa phakathi neSidlo SeNkosi Sakusihlwa simelelani?

10 Isinkwa abaphostoli ababesibona futhi abasebezosidla sasisho umzimba kaJesu. Muphi? Ngesinye isikhathi, izinceku zikaNkulunkulu zaba nomuzwa wokuthi ngenxa yokuthi uJesu wasihlephula isinkwa kanti alikho nelilodwa ithambo lakhe elaphulwa, isinkwa sasisho “umzimba kaKristu,” oyibandla labagcotshiweyo. (Efe. 4:12; Roma 12:4, 5; 1 Kor. 10:16, 17; 12:27) Nokho, ngokuhamba kwesikhathi kwaqondwa ukuthi kokubili amaqiniso asobala nemiBhalo kubonisa ukuthi isinkwa simelela umzimba kaJesu njengomuntu, ayewulungiselelwe. UJesu ‘wahlupheka enyameni,’ waze wabethelwa ngisho nokubethelwa. Ngakho, eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa, isinkwa sifanekisela lowo mzimba wenyama uJesu ‘athwala ngawo izono zethu.’—1 Pet. 2:21-24; 4:1; Joh. 19:33-36; Heb. 10:5-7.

11, 12. (a) Yini uJesu ayisho ngokuphathelene newayini? (b) Iwayini elisetshenziswa eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa limelelani?

11 Lokho kusisiza ukuba siqonde lokho uJesu abe esekusho ngewayini. Siyafunda: “Yenza okufanayo nangokuqondene nendebe, ngemva kokudla isidlo sakusihlwa, yathi: ‘Le ndebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami.’” (1 Kor. 11:25) AmaBhayibheli amaningi abeka la mazwi ngendlela efana neyenguqulo yezwi nezwi kaRobert Young: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami.” (Omalukeke sizenzele.) Ingabe leyo ndebe uJesu ayeyiphethe ngempela yayiyisivumelwano esisha? Cha. Igama elithi “indebe” lalibhekisela kulokho okwakukuyo—iwayini. UJesu wathi lelo wayini lalisho ukuthini noma lalimelelani? Igazi lakhe elachitheka.

12 EVangelini LikaMarku, sithola la mazwi kaJesu: “Lokhu kusho ‘igazi’ lami ‘lesivumelwano,’ elizothululwa ngenxa yabaningi.” (Marku 14:24) Yebo, igazi likaJesu ‘lalizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.’ (Math. 26:28) Ngenxa yalokho, iwayini elibomvu limelela kahle igazi likaJesu langempela. Ngalelo gazi, singathola ukukhululwa ngesihlengo, “ukuthethelelwa kweziphambeko zethu.”—Funda eyabase-Efesu 1:7.

Abaphostoli baphuza iwayini elalimelela igazi likaJesu lesivumelwano (Bheka izigaba 11, 12)

UKUKHUMBULA UKUFA KUKAKRISTU

13. Chaza indlela esenziwa ngayo iSikhumbuzo sokufa kukaKristu.

13 Uma uzobe uqala ukuba seSikhumbuzweni noFakazi BakaJehova, yini ongayilindela? Cishe lowo mbuthano uzoba sendaweni ebukekayo nehlanzekile enkulu ngokwanele ukuba bonke basijabulele kahle leso senzakalo. Kungenzeka kube nemihlobiso yezimbali engeqisi, kodwa ngeke kube nemihlobiso ewubukhazikhazi noma kube nokuthile okudonsa amehlo njengokungathi kusemcimbini. Umdala ofanelekayo uyodingida lokho iBhayibheli elikushoyo ngaleso senzakalo ngendlela ecacile nehloniphekile. Uyosiza bonke abakhona ukuba bakwazise lokho uKristu asenzele kona. Wafa njengesihlengo ukuze thina siphile. (Funda amaRoma 5:8-10.) Isikhulumi siyochaza amathemba amabili ahlukile iBhayibheli eliwanikeza amaKristu.

14. Imaphi amathemba okuyoxoxwa ngawo enkulumweni yeSikhumbuzo?

14 Ithemba lokuqala elokubusa noKristu ezulwini, okungabalandeli bakaKristu abambalwa abanalo, njengabaphostoli abathembekile. (Luka 12:32; 22:19, 20; IsAm. 14:1) Ithemba lesibili elamaKristu amaningi akhonza uNkulunkulu ngokwethembeka esikhathini sethu. Anethemba lokuphila phakade emhlabeni epharadesi elibuyiselwe. Ngaleso sikhathi intando kaNkulunkulu iyokwenziwa emhlabeni njengasezulwini, into amaKristu osekuyisikhathi eside eyithandazela. (Math. 6:10) ImiBhalo isinikeza namazwibela ajabulisayo ezimo ezinhle kakhulu ayozijabulela phakade.—Isaya 11:6-9; 35:5, 6; 65:21-23.

15, 16. Kwenziwani ngesinkwa phakathi neSidlo SeNkosi Sakusihlwa?

 15 Ngasekupheleni kwaleyo nkulumo, isikhulumi siyobonisa ukuthi sekuyisikhathi sokufeza lokho uJesu atshela abaphostoli bakhe ukuba bakwenze. Njengoba sekushiwo, kuyosetshenziswa izifanekiselo ezimbili, isinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu. Zingase zibekwe etafuleni eduze nesikhulumi. Isikhulumi siyogxilisa ukunaka kwethu ekulandiseni kweBhayibheli okuchaza lokho uJesu akusho nakwenza lapho emisa lesi senzakalo. Ngokwesibonelo, ekulandiseni okukuMathewu sifunda lokhu: “UJesu wathatha isinkwa, futhi ngemva kokusho isibusiso, wasihlephula, wasinikeza abafundi, wathi: ‘Thathani, yidlani. Lokhu kusho umzimba wami.’” (Math. 26:26) UJesu wahlephula isinkwa esingenamvubelo ukuze adlulisele esinye kubaphostoli bakhe ababehlezi nhlangothi zonke zakhe. Emhlanganweni ozoba ngo-April 14 uyobona isinkwa esingenamvubelo esesihleshuliwe sibekwe emapuletini amancane.

16 Kuyosetshenziswa amapuleti anele ukuba adluliswe kubo bonke abakhona ngesikhashana nje. Ngeke kube nemicikilisho ebukisayo lapho kwenziwa lokhu. Kwenziwa umthandazo omfushane, ngemva kwalokho kudluliswe amapuleti ngendlela ehlelekile, ebonakala ifaneleka endaweni. Bambalwa (mhlawumbe angabikho) abayodla isinkwa, njengoba kube njalo emabandleni amaningi lapho kudluliswa isinkwa kulesi senzakalo ngo-2013.

17. ESikhumbuzweni, silandelwa kanjani isiqondiso sikaJesu ngokuphathelene newayini?

17 Kuyobe sekugxilwa kulokho uMathewu aqhubeka ekuchaza: “[UJesu] wathatha nendebe, esebongile, wabanika yona, wathi: ‘Phuzani kuyo, nonke; ngoba lokhu kusho “igazi” lami “lesivumelwano,” elizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.’” (Math. 26:27, 28) Kulandelwa leso sibonelo, kuyokwenziwa omunye umthandazo bese kudluliswa ‘izindebe’ zewayini elibomvu kubo bonke abakhona.

18. Uma bembalwa noma kungekho ngisho noyedwa odla izifanekiselo, kungani kusabalulekile ukuba khona?

18 Iningi labantu ababa khona eSikhumbuzweni bakugwema ngenhlonipho ukudla izifanekiselo ezidluliswayo ngoba uJesu wabonisa ukuthi yilabo kuphela abayobusa eMbusweni wakhe wasezulwini okumelwe badle. (Funda uLuka 22:28-30; 2 Thim. 4:18) Bonke abanye ababa khona bayoba izibukeli ezinenhlonipho. Noma kunjalo, kubalulekile ukuba babe khona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa ngoba kubonisa indlela abawazisa kakhulu ngayo umhlatshelo kaJesu. Phakathi neSikhumbuzo, bangazindla ngezibusiso abangazithola ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaJesu. Banethuba lokuba phakathi ‘kwesixuku esikhulu’ esiyosinda “osizini olukhulu.” Labo bangabakhulekeli abayobe ‘behlanze izembatho zabo zaba mhlophe egazini leWundlu.’—IsAm. 7:9, 14-17.

19. Yini ongayenza ukuze ulungiselele futhi uzuze eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa?

19 OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bayawulungiselela lo mhlangano okhethekile. Kusasele amasonto ngaphambi kwalolo suku, siyohlanganyela ekumemeni abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba babe khona. Ngaphezu kwalokho, ezinsukwini eziholela eSikhumbuzweni, iningi lethu liyofunda ukulandisa kweBhayibheli kwalokho uJesu akwenza nalokho okwenzeka ngosuku lwango-33 C.E. oluqondana naso. Siyobe sesizihlele kahle izimo zethu ukuze siqiniseke ukuthi siba khona. Kuhle ukufika ngaphambi kwengoma nomthandazo wokuvula ukuze samukele abasivakashele futhi silalelisise sonke isimiso. Sonke, amalungu ebandla nabavakashile, siyozuza ngempela ngokuhambisana nesikhulumi emaBhayibhelini ethu lapho sicacisa amaphuzu. Okubaluleke nakakhulu, ukuba khona kwethu eSikhumbuzweni kuyobonisa ukuthi siwazisa ngokusuka enhliziyweni umhlatshelo kaJesu futhi kuyobonisa ukuthi silalela umyalo awunikeza: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—1 Kor. 11:24.

^ isig. 9 Isazi esingumJalimane uHeinrich Meyer siyaphawula: “Ngenxa yokuthi umzimba kaJesu wawungakahleshulwa (wayesaphila), nokuthi, ngaleso sikhathi, igazi laKhe lalingakachithwa, akekho kwababemenyiwe [abaphostoli] owayengacabanga . . . ukuthi empeleni wayedla umzimba kaJesu uqobo futhi ephuza igazi leNkosi, [ngakho] akunakwenzeka ukuthi uJesu ngokwakhe wayehlose ukuba amazwi aKhe alula aqondwe ngomqondo ababengawamukeli ngaleso sikhathi.”