INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Febhuwari 2014

Lo magazini uchaza izenzakalo ezivusa amadlingozi okukhulunywa ngazo kumaHubo 45. Usisiza nokuba simazise uJehova uNkulunkulu njengoMondli, uMlungiseleli, uMvikeli noMngane wethu omkhulu.

Dumisani UKristu—INkosi Ekhazimulayo!

Izenzakalo ezivusa amadlingozi ezichazwe kumaHubo 45 zisithinta kanjani thina namuhla?

Jabulani Ngomshado WeWundlu!

Ubani umlobokazi, futhi uKristu ubelokhu emlungiselela lo mshado ngayiphi indlela? Obani abazohlanganyela ekujabuleleni lo mshado?

Umfelokazi WaseZarefati Wavuzwa Ngenxa Yokholo Lwakhe

Ukuvuswa kwendodana yalo mfelokazi kwaba esinye sezenzakalo ezaluqinisa kakhulu ukholo lwakhe. Iziphi izifundo esingazifunda kuye?

UJehova—UMondli NoMvikeli Wethu

Yazisa uJehova uNkulunkulu njengoBaba wethu osezulwini. Funda indlela ongaqinisa ngayo ubuhlobo bakho noNkulunkulu njengoMondli, uMlungiseleli noMvikeli Omkhulu.

UJehova—UMngane Wethu Omkhulu

Cabanga ngesibonelo sika-Abrahama nesikaGideyoni, abangane abakhulu bakaJehova uNkulunkulu. Iziphi izimfuneko okumelwe sihlangabezane nazo ukuze sibe abangane bakaJehova?

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani amaJuda ‘ayekulindele’ ukufika kukaMesiya ekhulwini lokuqala?

‘Bona Ubuhle BukaJehova’

INkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo yayilazisa ilungiselelo likaNkulunkulu lokukhulekela kweqiniso. Singakujabulela kanjani ukukhulekela kweqiniso namuhla?

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

Ifilimu Eyakha Ukholo Esineminyaka Eyikhulu

Lona unyaka wekhulu kwaboniswa okokuqala i-“Photo-Drama of Creation,” eyayiklanyelwe ukwakha ukholo eBhayibhelini njengeZwi likaNkulunkulu.