Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Jabulani Ngomshado WeWundlu!

Jabulani Ngomshado WeWundlu!

“Masijabule sichichime injabulo . . . ngoba umshado weWundlu ufikile.”—ISAM. 19:7.

1, 2. (a) Umshado kabani oyoba isizathu esikhethekile sokujabula ezulwini? (b) Imiphi imibuzo ephakamayo?

UKULUNGISELELA umshado kuhlale kudinga isikhathi. Kodwa sizogxila emshadweni okhetheke kakhulu—umshado wasebukhosini. Cabanga nje! Sekuyiminyaka engaba ngu-2 000 ulungiselelwa. Manje, isikhathi sokuba umkhwenyana ahlanganiswe nomlobokazi wakhe sisondela ngokushesha. Maduze kuzozwakala umculo wenjabulo esigodlweni seNkosi, futhi izixuku ezisezulwini zizohlabelela: “Dumisani uJah, ngoba uJehova uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, uqalile ukubusa njengenkosi. Masijabule sichichime injabulo, futhi masimnike inkazimulo, ngoba umshado weWundlu ufikile nomkalo uzilungisile.”—IsAm. 19:6, 7.

2 Leli “Wundlu” elimshado walo uzoba isizathu sokujabula ezulwini, uJesu Kristu. (Joh. 1:29) Uwugqokele kanjani umshado wakhe? Ubani umlobokazi wakhe? Uwulungiselelwe kanjani umshado? Unini lo mshado? Lo mshado uzoba isizathu sokujabula ezulwini, kodwa ingabe labo abanethemba lokuphila phakade emhlabeni bayohlanganyela kulokho kujabula? Masiyihlole ngokukhulu ukulangazela le mibuzo njengoba siqhubeka nokudingida iHubo 45.

 ‘IZINGUBO ZAYO ZIQHOLWE NGAMAKHA’

3, 4. (a) Kuthiwani ngezingubo zoMkhwenyana zomshado, futhi yini enezela enjabulweni yakhe? (b) Angobani “amadodakazi amakhosi” futhi ingubani “indlovukazi” ehlanganyela enjabulweni yoMkhwenyana?

3 Funda iHubo 45:8, 9UMkhwenyana, uJesu Kristu, ugqoka izingubo zakhe zomshado ezikhazimulayo zasebukhosini. Kuyafaneleka ukuthi izingubo zakhe zithaphuka iphunga elimnandi ‘elinjengelamakha ekhethelo isibili,’ afana nemure nekhasiya, ayephakathi kwezithako okwakwenziwa ngazo amafutha angcwele okugcoba ayesetshenziswa kwa-Israyeli.—Eks. 30:23-25.

4 Umculo wasezulwini ozwakala endlini yakhe yobukhosi unezela enjabulweni uMkhwenyana ayizwayo njengoba umshado wakhe usondela. Injabulo yakhe uyihlanganyela ‘nendlovukazi,’ ingxenye esezulwini yenhlangano kaNkulunkulu, ehlanganisa “amadodakazi amakhosi,” okungukuthi, izingelosi ezingcwele. Akuve kuvusa amadlingozi ukuzwa izidalwa zasezulwini zithi: “Masijabule sichichime injabulo . . . ngoba umshado weWundlu ufikile”!

UMLOBOKAZI UWULUNGISELELWE UMSHADO

5. Ubani “umkaWundlu”?

5 Funda iHubo 45:10, 11. Sesibonile ukuthi ubani uMkhwenyana, kodwa ubani umlobokazi wakhe? Umlobokazi wakhiwa iqembu lamalungu ebandla eliholwa uJesu Kristu. (Funda eyabase-Efesu 5:23, 24.) Ayoba ingxenye yoMbuso kaMesiya. (Luka 12:32) La maKristu angu-144 000 agcotshwe ngomoya ‘aqhubeka elandela iWundlu kungakhathaliseki ukuthi liyaphi.’ (IsAm. 14:1-4) Aba “umkaWundlu,” futhi ahlale naye ezulwini.—IsAm. 21:9; Joh. 14:2, 3.

6. Kungani abagcotshiweyo bebizwa ngokuthi “indodakazi yenkosi,” futhi kungani becelwa ukuba ‘bakhohlwe abantu bakubo’?

6 Lona ozoba umlobokazi akabizwa ngokuthi “O ndodakazi” kuphela, kodwa nangokuthi “indodakazi yenkosi.” (IHu. 45:13) Ingubani le “nkosi”? AmaKristu agcotshiwe aba ‘abantwana’ bokutholwa bakaJehova. (Roma 8:15-17) Njengoba bezoba umlobokazi wasezulwini, abagcotshiweyo bayalwa ukuba ‘bakhohlwe abantu bakubo nendlu kayise [ongokwenyama].’ Kumelwe bagcine izingqondo zabo “zigxilé ezintweni zaphezulu, hhayi ezintweni zomhlaba.”—Kol. 3:1-4.

7. (a) UKristu ubemlungiselela kanjani lowo ozoba umlobokazi wakhe? (b) Umlobokazi umbheka kanjani lowo ozoba uMkhwenyana wakhe?

7 Phakathi namakhulu eminyaka, uKristu ubelokhu emlungiselela lowo ozoba umlobokazi wakhe ukuze alungele umshado wasezulwini. Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi uKristu “[walithanda] ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo, ukuze alingcwelise, elihlanza ngokuligeza ngamanzi esebenzisa izwi, ukuze ethule ibandla kuye ngokwakhe lisebukhazikhazini balo, lingenabala nambimbi noma enye yezinto ezinjalo, kodwa ukuze libe ngcwele futhi lingabi nasici.” (Efe. 5:25-27) UPawulu watshela amaKristu agcotshiwe aseKorinte lasendulo: “Ngiyakhweleza ngani ngesikhwele sokuhlonipha uNkulunkulu, ngoba mina luqobo nganithembisa umshado nendoda eyodwa ukuze nginethule njengentombi emsulwa kuKristu.” (2 Kor. 11:2) UJesu Kristu, iNkosi enguMkhwenyana, uyabazisa “ubuhle” obungokomoya balowo ozoba umlobokazi wakhe. Umlobokazi umbheka ‘njengenkosi’ yakhe futhi ‘uyamkhothamela’ njengomyeni wakhe wakusasa.

UMLOBOKAZI ‘ULETHWA ENKOSINI’

8. Kungani kufaneleka ukuchaza umlobokazi ngokuthi ‘uyakhazimula’?

8 Funda iHubo 45:13, 14a. Umlobokazi uchazwa ngokuthi ‘uyakhazimula’ njengoba elungele umshado wasebukhosini. Encwadini yesAmbulo 21:2, umlobokazi ufaniswa nomuzi, ­iJerusalema  ­Elisha futhi ‘uhlotshiselwe umyeni wakhe.’ Lo muzi osezulwini “unenkazimulo kaNkulunkulu” futhi uyabengezela ‘njengetshe eliyigugu, njengetshe lejaspi elicwebezela njengekristalu.’ (IsAm. 21:10, 11) Ubukhazikhazi beJerusalema Elisha buchazwe kahle kakhulu encwadini yesAmbulo. (IsAm. 21:18-21) Yingakho nje umhubi echaza umlobokazi ngokuthi ‘uyakhazimula’! Singakulindela lokho ngoba lo mshado wasebukhosini usezulwini.

9. Ingubani “inkosi” umlobokazi alethwa kuyo, futhi ugqoke kanjani?

9 Lowo umlobokazi alethwa kuye uMkhwenyana—iNkosi EnguMesiya. Ubelokhu emlungiselela umlobokazi wakhe, ‘emhlanza ngokumgeza ngamanzi esebenzisa izwi.’ Umlobokazi ‘ungcwele futhi akanasici.’ (Efe. 5:26, 27) Umlobokazi wakhe naye kumelwe asigqokele ngokufanele lesi senzakalo. Yilokho kanye akwenzile! Empeleni, ‘izembatho zakhe zifakelwe igolide futhi uyolethwa enkosini embethe isembatho esilukiwe.’ Ukuze alungele umshado weWundlu, “unikwé ukuba avunule ngelineni elikhanyayo, elihlanzekile, nelicolekileyo, ngoba ilineni elicolekileyo limelela izenzo ezilungileyo zabangcwele.”—IsAm. 19:8.

‘UMSHADO UFIKILE’

10. Kulindeleke ukuba ube nini umshado weWundlu?

10 Funda isAmbulo 19:7. Kulindeleke ukuba ube nini umshado weWundlu? Nakuba ‘umkalo ezilungisele’ umshado, lokho okushiwo ngemva kwala mazwi akuchazi umshado ngokwawo. Kunalokho, kunikeza incazelo ecacile yengxenye yokugcina yosizi olukhulu. (IsAm. 19:11-21) Ingabe lokhu kusho ukuthi umshado uba ngaphambi kokuba iNkosi enguMkhwenyana iphelelise ukunqoba kwayo? Cha. Imibono esencwadini yesAmbulo ayinikezwanga ngendlela izenzakalo ezilandelana ngayo. KumaHubo 45, umshado wasebukhosini uba ngemva kokuba iNkosi, uJesu Kristu, ibhince inkemba yayo futhi ‘yaphuma iyonqoba’ izitha zayo.—IHu. 45:3, 4.

11. UKristu uyophelelisa ukunqoba kwakhe ngaluphi uhlelo?

11 Ngakho-ke singaphetha ngokuthi izenzakalo ziyolandela lolu hlelo: Okokuqala, kuyokhishwa isahlulelo phezu “kwesifebe esikhulu,” iBhabhiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAm. 17:1, 5, 16, 17; 19:1, 2) Ngemva kwalokho, uKristu uyobe esekhipha izahlulelo zikaNkulunkulu kuso sonke isimiso esibi sikaSathane emhlabeni ngokusibhubhisa e-Armagedoni, ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ (IsAm. 16:14-16; 19:19-21) Ekugcineni, le Nkosi eyiQhawe iyophelelisa ukunqoba kwayo ngokuphonsa uSathane namademoni akhe kwalasha, babe sesimweni sokungenzi lutho njengokungathi bafile.—IsAm. 20:1-3.

12, 13. (a) Uzoba nini umshado weWundlu? (b) Ezulwini, obani abayojabula ngomshado weWundlu?

12 Njengoba amaKristu agcotshiwe eqeda inkambo yawo yasemhlabeni phakathi nenkathi yokuba khona kukaKristu, avuselwa ekuphileni kwasezulwini. Esikhathini esithile ngemva kokuba iBhabhiloni Elikhulu libhujisiwe, uJesu uyobuthela kuye wonke amalungu asele esigaba somlobokazi. (1 Thes. 4:16, 17) Ngakho-ke, wonke amalungu ‘omlobokazi’ ayobe esezulwini ngaphambi kokuba kugqashuke impi ye-Armagedoni. Ngemva kwaleyo mpi, umshado weWundlu usungaqhubeka-ke. Yeka ukuthi lowo mshado uyoba isenzakalo esijabulisa kanjani! IsAmbulo 19:9 sithi: “Bayajabula abamenyelwe esidlweni sakusihlwa somshado weWundlu.” Ayojabula ngempela amalungu angu-144 000 esigaba somlobokazi. INkosi enguMkhwenyana iyochichima injabulo ngokuba nenani eliphelele lalabo ezobusa nabo, ngokomfanekiso ‘bedla futhi  bephuza nayo etafuleni layo embusweni wayo.’ (Luka 22:18, 28-30) Nokho, akuyena uMkhwenyana nomlobokazi wakhe kuphela abazojabula ngalo mshado weWundlu.

13 Njengoba siphawulile ekuqaleni, izixuku zasezulwini zihlabelela ngobunye: “Masijabule sichichime injabulo, futhi masimnike inkazimulo [uJehova], ngoba umshado weWundlu ufikile nomkalo uzilungisile.” (IsAm. 19:6, 7) Nokho, kuthiwani ngezinceku zikaJehova emhlabeni? Ingabe nazo ziyohlanganyela kulokho kujabula?

“ZIYOLETHWA NGOKUTHOKOZA”

14. Zingobani ‘izintombi ezingabangane’ bomlobokazi okukhulunywa ngazo kumaHubo 45?

14 Funda iHubo 45:12, 14b, 15. Umprofethi uZakariya wabikezela ukuthi esikhathini sokuphela, abantu bezizwe babeyokujabulela ukuzihlanganisa nensali ka-Israyeli ongokomoya. Wabhala: “Kuyothi ngalezo zinsuku amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe abambe, yebo, impela abambe umphetho wengubo yendoda engumJuda, athi: ‘Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’” (Zak. 8:23) KumaHubo 45:12, la madoda “ayishumi” angokomfanekiso kubhekiselwa kuwo ngokuthi “indodakazi yaseThire” nangokuthi “abacebile.” Eza ensalini egcotshiweyo ephethe izipho, ‘ethambisa ubuso bayo’ futhi enxusa ukuba iwasize ngokomoya. Kusukela ngo-1935, izigidi zabantu ziye zavumela insali ukuba ‘izilethe ekulungeni.’ (Dan. 12:3) La bangane abaqotho bamaKristu agcotshiwe baye bahlanza ukuphila kwabo, baba izintombi ngomqondo ongokomoya. ‘Lezi zintombi ezingabangane’ bomlobokazi ziye zazinikezela kuJehova futhi zazibonisa ziyizikhonzi ezithembekile zeNkosi enguMkhwenyana.

15. ‘Izintombi ezingabangane’ ziye zasebenza kanjani ndawonye nalabo besigaba somlobokazi abasesemhlabeni?

 15 Insali yesigaba somlobokazi ibilokhu ilwazisa kakhulu usizo lwalezi ‘zintombi ezingabangane’ njengoba zishumayela ngentshiseko ‘izindaba ezinhle zombuso’ kuwo wonke umhlaba owakhiwe. (Math. 24:14) Akuwona kuphela ‘umoya nomlobokazi abathi: “Woza!”’ kodwa nalabo abezwayo bathi, “Woza!” (IsAm. 22:17) Yebo, “ezinye izimvu” zasabela lapho zizwa amalungu esigaba esigcotshiwe somlobokazi ethi “Woza!” zabe sezihlanganyela nomlobokazi ekutheni “Woza!” kwabakhileyo emhlabeni.—Joh. 10:16.

16. Iliphi ilungelo uJehova alinike ezinye izimvu?

16 Insali egcotshiwe iyabathanda abangane bayo futhi iyakujabulela ukwazi ukuthi uYise woMkhwenyana, uJehova, unike lezi ezinye izimvu emhlabeni ilungelo lokuhlanganyela ekujabuleleni umshado weWundlu wasezulwini. Kwabikezelwa ukuthi lezi ‘zintombi ezingabangane’ “ziyolethwa ngokuthokoza nangokujabula.” Yebo, ezinye izimvu ezinethemba lokuphila phakade emhlabeni, ziyohlanganyela enjabulweni ezoba sezulwini nasemhlabeni lapho umshado weWundlu uqhubeka ezulwini. Kuyafaneleka ukuthi incwadi yesAmbulo, ngokomfanekiso, ichaza amalungu ‘esixuku esikhulu’ ngokuthi ‘ami phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu.’ Anikela inkonzo engcwele kuJehova esegcekeni lasemhlabeni lethempeli lakhe elingokomoya.—IsAm. 7:9, 15.

Umshado weWundlu uletha injabulo ‘ezintombini ezingabangane’ bomlobokazi (Bheka isigaba 16)

“ESIKHUNDLENI SOKHOKHO BAKHO KUYOBA KHONA AMADODANA AKHO”

17, 18. Umshado weWundlu uyiveza kanjani inzalo, futhi obani uKristu ayoba uyise kubo phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane?

17 Funda iHubo 45:16. ‘Izintombi ezingabangane’ bomlobokazi kaKristu osezulwini ziyoba nesinye isizathu sokujabula lapho zibona lowo mshado uveza inzalo ezweni elisha. INkosi enguMkhwenyana iyonaka umhlaba futhi ivuse “okhokho” bayo basemhlabeni, abayoba “amadodana” ayo asemhlabeni. (Joh. 5:25-29; Heb. 11:35) Iyomisa abanye kubo babe ‘izikhulu emhlabeni wonke.’ Ngokungangabazeki, uKristu uyomisa nabanye kubadala banamuhla abathembekile ukuba bahole ezweni elisha.—Isaya 32:1.

18 Phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, uKristu uyoba ubaba nakwabanye futhi. Eqinisweni, bonke abakhileyo emhlabeni abathola ukuphila okuphakade bayokuthola ngoba bebonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu. (Joh. 3:16) Ngaleyo ndlela uba “uYise ongunaphakade” kubo.—Isaya 9:6, 7.

SISHUKUMISELEKA ‘UKUBA SIKHULUME NGEGAMA LAYO’

19, 20. Izenzakalo ezivusa amadlingozi okukhulunywa ngazo kumaHubo 45 ziwathinta kanjani wonke amaKristu eqiniso namuhla?

19 Funda iHubo 45:1, 17. Ngempela, izenzakalo ezilotshwe kumaHubo 45 zithinta wonke amaKristu. Insali yabagcotshiweyo emhlabeni iyajabula ngethemba lokuthi maduze izohlanganiswa nabafowabo noMkhwenyana wayo. Ezinye izimvu zishukumiseleka ukuba ziqhubeke zizithoba eNkosini yazo ekhazimulayo futhi ziyajabula ngelungelo lokuba nobudlelwano namalungu aseleyo omlobokazi wayo emhlabeni. Ngemva komshado wabo, uKristu nalabo ayohlanganyela nabo uMbuso bayolethela abakhileyo emhlabeni izibusiso ezingenakubalwa.—IsAm. 7:17; 21:1-4.

20 Njengoba sibheke phambili ekugcwalisekeni ‘kwendaba enhle’ ephathelene neNkosi enguMesiya, asishukumiseleki yini ukuba ‘sikhulume ngegama layo’? Kwangathi singaba phakathi kwalabo ‘abayodumisa iNkosi kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.’