Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhulekela Komkhaya—Ningakwenza Yini Kujabulise Ngokwengeziwe?

Ukukhulekela Komkhaya—Ningakwenza Yini Kujabulise Ngokwengeziwe?

Ubaba othile eBrazil uthi: “Izingxoxo zangobusuku bokuKhulekela Komkhaya ngokuvamile ziqhubeka kuze kube sebusuku kakhulu uma ngingawunqandi umkhaya wami.” Inhloko yomkhaya othile eJapane ithi indodana yayo eneminyaka eyishumi kuba sengathi ayisiboni isikhathi, ifuna nje ukuqhubeka. Kungani? Uyise uyaphawula: “Iba nomdlandla, futhi lokhu kunezela enjabulweni yayo.”

Yebo, akuzona zonke izingane eziba nomdlandla ngaleyo ndlela, futhi uma sikhuluma iqiniso, ezinye zingase zingakujabuleli ukukhulekela komkhaya. Kungani? Omunye ubaba eTogo waveza iphuzu eliwusizo, “Ukukhulekela uJehova akufanele kube into ecikayo.” Uma kucika, kungenzeka yini ukuthi kubangelwa indlela okuqhutshwa ngayo? Imikhaya eminingi iye yathola ukuthi ukukhulekela komkhaya kungafana nalokho u-Isaya akusho ngokuphathelene neSabatha, “injabulo enkulu.”Isaya 58:13, 14.

Obaba abangamaKristu bayaqaphela ukuthi ukuze imikhaya yabo ikujabulele ukukhulekela komkhaya, kufanele bonke bazizwe bekhululekile. URalf, onamadodakazi amathathu nendodana eyodwa, uthi ukukhulekela komkhaya wabo kuba sangxoxo, akubi njengesifundo; wonke umuntu uba nengxenye. Yebo, ngezinye izikhathi kungase kube inselele ukugcina wonke umuntu enesithakazelo futhi egxile endabeni okuxoxwa ngayo. Omunye umama uyavuma: “Angibi nawo njalo amandla okwenza ukukhulekela komkhaya kujabulise ngendlela ebengingathanda ngayo.” Ungakwenza yini wena lokhu?

UKUZIVUMELANISA NEZIMO NOKUSHINTSHASHINTSHA

Ubaba wezingane ezimbili eJalimane uthi, “Kudingeka sizivumelanise nezimo.” UNatalia, ongumama wezingane ezimbili uthi: “Into ebaluleke kakhulu emkhayeni wethu ukuba silokhu sishintshashintsha.” Imikhaya eminingi yenza ukukhulekela kwayo komkhaya kube nezingxenye  eziningana. UCleiton waseBrazil ongubaba wezingane ezimbili esezeve eminyakeni eyishumi nambili uyachaza, “Lokho kwenza isifundo sijabulise kakhulu futhi kwenza wonke amalungu omkhaya abe nengxenye.” Ngokwenza isikhathi sesifundo sibe nezingxenye eziningana, abazali banganakekela izidingo zengane ngayinye uma zishiyana kakhulu ngeminyaka. Abazali banganakekela izidingo zelungu ngalinye lomkhaya futhi bangazivumelanisa nezimo lapho bekhetha indaba ezofundwa nendlela ezofundwa ngayo.

Yini eminye imikhaya eyenzayo ekwandiseni izindlela zokufunda? Eminye iqala ukukhulekela komkhaya ngokucula izingoma zokudumisa uJehova. UJuan waseMexico uthi, “Kusenza sikhululeke futhi izingqondo zethu zikulungele ukufunda.” Umkhaya wakhe ukhetha izingoma ezihlobene nokunye kokwaziswa okuzoxoxwa ngakho ngalobo busuku.

ESri Lanka

Imikhaya eminingi ifunda ingxenye ethile yeBhayibheli ndawonye. Ukuze ishintshashintshe, yabela amalungu omkhaya ukuba afunde izingxenye zabantu abahlukahlukene okukhulunywa ngabo kuleyo ndaba yeBhayibheli. Ubaba othile eJapane uyavuma ukuthi “ekuqaleni wayengakujwayele ukufunda ngaleyo ndlela.” Kodwa kwakubathokozisa abafana bakhe ababili ukubona abazali babo bekujabulela ukwenza okuthile nabo. Eminye imikhaya ize izilingise izindaba zeBhayibheli. “Ngokuvamile [abantwana] babona izinto ezisekulandiseni kweBhayibheli thina bazali ebesingaziboni,” kusho uRoger, onamadodana amabili eNingizimu Afrika.

ENingizimu Afrika

Enye indlela yokushintshashintsha ukwenza umsebenzi othile ndawonye, njengokwakha umkhumbi kaNowa noma ithempeli likaSolomoni. Imisebenzi enjengale ifuna kwenziwe ucwaningo olungajabulisa ngempela. Ngokwesibonelo, intombazanyana ethile yase-Asia eneminyaka emihlanu yayisekamelweni lokuhlala nabazali bayo nogogo. Babedweba umdlalo osekelwe ohambweni lomphostoli uPawulu njengesithunywa sevangeli. Eminye imikhaya iye yadweba imidlalo esekelwe ekulandiseni okusencwadini ka-Eksodusi. Ukushintshashintsha “kwenzé ukukhulekela komkhaya wethu kwajabulisa, kwenza ngisho nomkhaya wethu ngokwawo wajabula ngokwengeziwe,” kusho uDonald oneminyaka engu-19 eTogo. Ukhona yini umsebenzi owucabangayo ongenza ukuba ukukhulekela komkhaya wenu kujabulise ngisho nangokwengeziwe?

E-United States of America

UKULUNGISELELA KUBALULEKE KAKHULU

Nakuba ukushintshashintsha nokuzivumelanisa nezimo kwenza ukukhulekela komkhaya kujabulise, ukuze kube okufundisa ngempela, kudingeka ukuba wonke amalungu omkhaya alungiselele. Ngezinye izikhathi, ojahidada bayakhathala, ngakho kudingeka obaba bayicabangele indaba abayikhethayo futhi bazinike isikhathi sokuyilungiselela kahle. Omunye ubaba uthi, “Lapho ngilungiselele kahle, wonke umuntu uba nengxenye ezuzisayo esifundweni.” Ubaba othile eJalimane uwutshela kusengaphambili umkhaya wakhe lokho okuzofundwa emasontweni alandelayo. Lapho efaka i-DVD esekelwe eBhayibhelini esimisweni sokukhulekela komkhaya wabo, omunye ubaba wezingane eziyisithupha ezingakevi eminyakeni eyishumi nambili eBenin uzinika imibuzo kusengaphambili. Ngempela, ukulungiselela kuyalithuthukisa izinga lokukhulekela kwethu komkhaya.

Lapho umkhaya wazi kusengaphambili ukuthi yini ezofundwa, uyakwazi ukuxoxa ngakho phakathi nesonto okuyinto ewenza ukulangazelele. Uma wonke umuntu enengxenye ayabelwe, uyozizwa eyingxenye yalokho kukhulekela komkhaya.

LWELANI UKUKWENZA NJALO

Miningi imikhaya ekuthola kuyinselele ukuba nokukhulekela komkhaya njalo.

Obaba abaningi kudingeka basebenze amahora amaningi ukuze bakwazi ukondla imikhaya yabo. Ngokwesibonelo, omunye ubaba eMexico uphuma ekhaya ekuseni ngehora lesithupha aze abuye ebusuku ngehora lesishiyagalombili. Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukuba kushintshwe isikhathi sokuKhulekela Komkhaya ngenxa yomunye umhlangano wobuKristu.

Noma kunjalo, kudingeka sizimisele ngokuqinile ukuba sibe nokukhulekela komkhaya njalo. ULoïs waseTogo oneminyaka engu-11 usitshela lokhu ngokuzimisela komkhaya wakubo: “Nakuba ngezinye izikhathi kudingeka siqale ukukhulekela komkhaya sekwephuzile ngenxa yokuthile okuye kwavela phakathi nosuku, akwenzeki singabi nakho ukukhulekela komkhaya.” Ungaqonda ukuthi kungani eminye imikhaya ihlela ukuba ukukhulekela komkhaya kube sekuqaleni kwesonto. Uma kuba nokuthile okungalindelekile, iyakwazi ukuphinde ihlele olunye usuku ngasekupheleni kwalelo sonto.

Njengoba nje igama elithi “ukukhulekela komkhaya” libonisa, kuyingxenye yokukhulekela kwenu uJehova. Kwangathi wonke amalungu omkhaya wenu angaletha kuJehova ‘amaduna ezinkomo ezindebe zawo’ masonto onke. (Hos. 14:2) Kwangathi leso sikhathi singaba esijabulisayo kumuntu ngamunye emkhayeni, “ngoba injabulo kaJehova iyisiphephelo senu.”Neh. 8:9, 10.