Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Izwi Lakho ‘LinguYebo Libe LinguCha’?

Ingabe Izwi Lakho ‘LinguYebo Libe LinguCha’?

Cabanga ngalesi simo: Umdala oyilungu leKomiti Yokubonisana Nezibhedlela uhlele ukusebenza nomzalwane osemusha enkonzweni yasensimini ngeSonto ekuseni. Ekuseni ngalelo langa lo mdala uthola ucingo oluphuthumayo oluvela kumzalwane othile onkosikazi yakhe isanda kuthola ingozi yemoto futhi iphuthunyiswe esibhedlela. Ucela lo mdala ukuba amsize athole udokotela ozobambisana nabo endabeni yegazi. Ngakho, lo mdala uhoxisa isivumelwano abesenzile sokuya ensimini nalo mzalwane osemusha ukuze ayosekela lo mkhaya obhekene nesimo esiphuthumayo.

Cabanga ngesinye isimo: Umama ongayedwa onezingane ezimbili uthola isimemo esivela embhangqwaneni othile wasebandleni ummema ukuba awuvakashele nezingane ngosuku oluthile kusihlwa. Lapho etshela izingane zakhe ngalesi simemo, ziyajabula kakhulu. Ziyalulangazelela lolu suku. Nokho, lapho sekusele usuku olulodwa nje bavakashe, lo mbhangqwana utshela lo mama ukuthi sekuvele okuthile ngakho ucela ukusihoxisa isimemo. Kamuva lo mama uyathola ukuthi kungani lo mbhangqwana uhoxisile. Ngemva kokuba ummemile, wabe usumenywa abanye abangane bawo ukuba ufike kusihlwa ngalo lolo suku, futhi wavuma.

Yiqiniso, njengamaKristu kufanele siligcine izwi lethu. Akufanele nanini kube sengathi sithi ‘yebo kodwa sibe sithi cha.’ (2 Kor. 1:18) Nokho, njengoba lezi zibonelo ezimbili zibonisa, izimo azifani. Kungase kube nezikhathi lapho kubonakala kungekho esingakwenza ngaphandle kokuba sihoxise isivumelwano ebesisenzile. Umphostoli uPawulu wake wazithola ekuleso simo.

UPAWULU UMANGALELWA NGOKUBA IPHIXIPHIXI

Ngo-55 C.E., lapho uPawulu ese-Efesu phakathi nohambo lwakhe lwesithathu njengesithunywa sevangeli, wayehlose ukuwela uLwandle i-Aegean aye eKorinte futhi ngemva kwalokho aye eMakedoniya. Wayehlose ukuthi lapho esebuyela eJerusalema, avakashele ibandla laseKorinte okwesibili, ukuze ayolanda isipho salo somusa esasiya kubazalwane baseJerusalema. (1 Kor. 16:3) Lokhu kuyacaca kweyesi-2 Korinte 1:15, 16, ethi: “Nginalokhu kuqiniseka, ngaphambili ngangihlose ukuza kini, ukuze nijabule okwesibili, kuthi sengidlule kini ngiye eMakedoniya, bese ngibuya eMakedoniya ngiza kini futhi ningiphelezele ingxenye yendlela ngiye eJudiya.”

Kubonakala sengathi kwenye incwadi, uPawulu wayebatshelile abafowabo baseKorinte ngalokho ayehlele ukukwenza. (1 Kor. 5:9) Nokho, ngemva nje kokuba elobe leyo ncwadi, wezwa ngabendlu kaKlowe ukuthi kunezingxabano  ezinkulu ebandleni. (1 Kor. 1:10, 11) Wabe esenquma ukuba ashintshe ayekuhlelile, wabhala incwadi manje eyaziwa ngokuthi eyoku-1 Korinte. Kuleyo ncwadi uPawulu wabanikeza iseluleko nesiqondiso. Wachaza nokuthi uhambo lwakhe lwase lushintshile, wathi usezoqala ngokuya eMakedoniya bese eya eKorinte kamuva.1 Kor. 16:5, 6. *

Kubonakala sengathi lapho abazalwane baseKorinte bethola le ncwadi, abanye ‘babaphostoli abahle kakhulu’ kulelo bandla bamangalela uPawulu ngokuba iphixiphixi, umuntu ongazigcini izithembiso zakhe. Eziphendulela uPawulu wabuza: “Nokho, ngesikhathi ngiba nenhloso enjalo, angizitikanga kunoma ikuphi ukudlala, akunjalo? Noma iziphi izinto enginenjongo ngazo, ingabe nginenjongo engokwenyama, ukuthi kimi kufanele kube ‘uYebo, Yebo’ ‘noCha, Cha’?”2 Kor. 1:17; 11:5.

Singase sibuze, Kulesi simo, ingabe ngempela uPawulu ‘wayedlala’? Lutho neze! Igama elihunyushwe ngokuthi “ukudlala” linomqondo wobuphixiphixi, njengokungathi lowo muntu akathembekile, akazigcini izithembiso zakhe. Umbuzo kaPawulu ongadinge mpendulo othi “ingabe nginenjongo engokwenyama?” kwakufanele ukwenze kucace kumaKristu aseKorinte ukuthi isinqumo uPawulu asenza sokushintsha uhambo lwakhe akasenzanga ngoba engumuntu ongathembekile.

UPawulu wabonisa ngokuqinile ukuthi lezo zinsolo zingamanga, wabhala: “Kodwa uNkulunkulu kungathenjelwa kuye ukuthi inkulumo yethu ebhekiswe kini ayiyena uYebo kodwa ibe inguCha.” (2 Kor. 1:18) Ngokuqinisekile, uPawulu wayenesithakazelo esiqotho kubafowabo nodadewabo baseKorinte lapho eshintsha izinhlelo zakhe. Kweyesi-2 Korinte 1:23, sifunda ukuthi washintsha uhlelo lwakhe lwasekuqaleni lokuya eKorinte ‘ngenjongo yokuphephisa bona.’ Yebo, wayebanike ithuba lokuba balungise izinto ngaphambi kokuba afike kubo. Kwaba njengoba ayefisa. Ngesikhathi eseMakedoniya, uPawulu wezwa ngoThithu ukuthi ngempela incwadi yakhe yayibenze badabuka futhi baphenduka, okwamjabulisa kakhulu.2 Kor. 6:11; 7:5-7.

‘U-AMEN’ OSHIWO KUNKULUNKULU

Ukumangalelwa kukaPawulu ngokuba iphixiphixi kwakungase kusikisele ukuthi uma ayengenakwethenjwa ezithembisweni zakhe azenza nsuku zonke, wayengenakwethenjwa nasemsebenzini wakhe wokushumayela. Nokho, uPawulu wakhumbuza abaseKorinte ukuthi wayebashumayeze ngoJesu Kristu. “INdodana kaNkulunkulu, uKristu Jesu, okwashunyayelwa ngayo phakathi kwenu kusetshenziswa thina, okuwukuthi, kusetshenziswa mina noSilvanu noThimothewu, ayibanga uYebo kodwa ibe inguCha, kodwa uYebo uye waba nguYebo ngokuqondene nayo.” (2 Kor. 1:19) Ingabe uJesu Kristu, uPawulu ayemlingisa, wake wenza ngokungathembeki? Cha! Kukho konke ukuphila kwakhe nenkonzo yakhe, uJesu wayehlale ekhuluma iqiniso. (Joh. 14:6; 18:37) Uma lokho uJesu ayekushumayela kwakuyiqiniso eliphelele nelinokwethenjelwa futhi uPawulu ayeshumayela isigijimi esifanayo, kumelwe ukuba nalokho okwakushunyayelwa yilo mphostoli kwakunokwethenjelwa.

Yebo, uJehova ‘unguNkulunkulu weqiniso.’ (IHu. 31:5) Lokhu sikubona kulokho uPawulu akuloba ngokulandelayo: ‘Kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izithembiso zikaNkulunkulu, ziye zaba nguYebo ngaye,’ okuwukuthi uKristu. Ukugcina kukaJesu ubuqotho ngokuphelele ngesikhathi esemhlabeni kwasusa noma yikuphi ukungabaza ngezithembiso zikaJehova. UPawulu uyaqhubeka: ‘Ngakho-ke no-“Amen” ushiwo ngaye uJesu kuNkulunkulu ngenjongo yenkazimulo ngathi.’ (2 Kor. 1:20) UJesu uyisiqinisekiso esiphilayo, noma ‘u-Amen,’ sokuthi zonke izithembiso zikaJehova uNkulunkulu ziyogcwaliseka!

Njengoba nje uJehova noJesu bekhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi, noPawulu wayekhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi. (2 Kor. 1:19) Wayengelona iphixiphixi, umuntu owenza izithembiso ‘ngenjongo engokwenyama.’  (2 Kor. 1:17) Kunalokho, ‘wayehamba ngomoya.’ (Gal. 5:16) Wayebakhathalela ngobuqotho labo ayesebenzelana nabo. UYebo wakhe wayesho uYebo!

INGABE UYEBO WAKHO USHO UYEBO?

Ezikhathini zanamuhla, kuvamile ukuba abantu abangaphili ngezimiso zeBhayibheli benze izithembiso bese bezephula ngenxa nje yenkinga encane noma uma kuvela enye into engcono. Kwezamabhizinisi “uyebo” akahlali ‘enguyebo,’ ngisho nalapho izivumelwano zibhalwe phansi. Abaningi abasawubheki umshado njengesibopho sokuphila konke, kanti uyisivumelwano phakathi kwabantu ababili. Kunalokho, inani elanda ngendlela emangalisayo lezehlukaniso libonisa ukuthi abaningi sebebheka umshado njengesibopho esingasho lutho esinganqanyulwa kalula nje.2 Thim. 3:1, 2.

Kuthiwani ngawe? Ingabe uYebo wakho usho uYebo? Yiqiniso, njengoba kuchaziwe ekuqaleni kwalesi sihloko, kungenzeka kudingeke uhoxise isivumelwano osenzile, hhayi ngenxa yokuthi uyiphixiphixi kodwa ngenxa yezimo ezingaphezu kwamandla akho. Kodwa uma njengomKristu wenza isithembiso noma uzibophezela ukwenza into ethile, kufanele wenze konke ongakwenza ukuze uthembeke. (IHu. 15:4; Math. 5:37) Uma wenza kanjalo, uyokwaziwa njengomuntu onokwethenjelwa, umuntu oligcinayo izwi lakhe, ohlale ekhuluma iqiniso. (Efe. 4:15, 25; Jak. 5:12) Uma abantu bebona ukuthi bangakwethemba ezindabeni zansuku zonke, bayothambekela ngokwengeziwe ekukulaleleni lapho ukhuluma nabo ngeqiniso loMbuso kaNkulunkulu. Ngakho-ke, masiqinisekise ukuthi uYebo wethu usho uYebo ngempela!

^ isig. 7 Ngempela, ngemva kwesikhashana ebhale eyoku-1 Korinte, uPawulu waya eMakedoniya ngendlela edlula eTrowa, lapho ayilobela khona eyesi-2 Korinte. (2 Kor. 2:12; 7:5) Kamuva waya eKorinte.