Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lingisa Ukholo LukaMose

Lingisa Ukholo LukaMose

“Ngokholo uMose, lapho esekhulile, wenqaba ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro.”HEB. 11:24.

1, 2. (a) Isiphi isinqumo uMose asenza lapho eneminyaka engu-40 ubudala? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Kungani uMose akhetha ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu?

UMOSE wayekwazi lokho iGibhithe elalingamenzela khona. Wayezibona izithabathaba zemizi ehlala izicebi, kanti kwayena wayengowasebukhosini. ‘Wafundiswa konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe,’ cishe okwakuhlanganisa ubuciko, ulwazi ngezinkanyezi, izibalo nezinye izinhlobo zesayensi. (IzE. 7:22) Phakathi kwezinto ayengaba nazo kwakuyingcebo, igunya nelungelo umuntu ovamile waseGibhithe ayengagcina ngokuphupha nje ngalo!

2 Nokho, lapho eneminyaka engu-40, uMose wenza isinqumo okumelwe ukuba sawukhungathekisa umndeni wasebukhosini owawumkhulisile. Akazange akhethe ngisho nokuphila impilo “evamile” yabaseGibhithe kodwa wakhetha ukuphila nezigqila! Kungani? UMose wayenokholo. (Funda amaHebheru 11:24-26.) Ngokholo, uMose wabona ngalé kwezwe ayephila kulo. Njengendoda engokomoya, uMose wayenokholo ‘kuLowo ongabonakali,’ uJehova, nasekugcwalisekeni kwezithembiso zaKhe.Heb. 11:27.

3. Yimiphi imibuzo emithathu ezophendulwa kulesi sihloko?

3 Nathi kudingeka sikwazi ukubona ngalé kwalokho okubonakala emehlweni. Kumelwe sibe ‘uhlobo olunokholo.’ (Heb. 10:38, 39) Ukuze sisizwe siqinise ukholo lwethu, ake sihlole lokho okushiwo ngoMose kweyamaHebheru 11:24-26. Njengoba senza kanjalo, zama ukuthola izimpendulo zale mibuzo: Ukholo lwamshukumisela kanjani uMose ukuba enqabe izifiso zenyama? Lapho  ehlanjalazwa, ukholo lwamsiza kanjani ukuba awazise amalungelo akhe enkonzo? Kungani uMose ‘agxilisa amehlo akhe ekukhokhweni komvuzo’?

WAZENQABA IZIFISO ZENYAMA

4. Yini uMose ayiqaphela mayelana ‘nenjabulo esonweni’?

4 Amehlo okholo asiza uMose wabona ukuthi ‘injabulo esonweni’ ingeyesikhashana. Abanye babengase bathi nakuba iGibhithe lalicwile ekukhulekeleni izithombe nasekusebenzelaneni nemimoya, laliwumbuso omkhulu emhlabeni kuyilapho abantu bakaJehova befukuza njengezigqila! Noma kunjalo, uMose wayazi ukuthi uNkulunkulu wayengasiguqula leso simo. Nakuba labo bantu ababetamasa babebonakala bechuma, uMose wayenokholo lokuthi bazoshabalala. Ngenxa yalokho, akazange akhangwe ‘injabulo yesikhashana esonweni.’

5. Yini eyosisiza ukuba simelane ‘nenjabulo yesikhashana esonweni’?

5 Ungamelana kanjani ‘nenjabulo yesikhashana esonweni’? Ungalokothi ukhohlwe ukuthi injabulo yesono iyadlula. Ngamehlo okholo, bona ukuthi “izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo.” (1 Joh. 2:15-17) Zindla ngekusasa lezoni ezingaphenduki. Zimi ‘emhlabathini oshelelayo, ziyoqedwa ngendlela esabisa kakhulu!’ (IHu. 73:18, 19) Lapho ulingelwa ukuba wenze isono, zibuze, ‘Ngifuna ikusasa elinjani?’

6. (a) Kungani uMose enqaba “ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro”? (b) Kungani ucabanga ukuthi uMose wenza isinqumo esihle?

6 Ukholo lukaMose lwathonya nalokho akhetha ukukwenza ngokuphila kwakhe. “Ngokholo uMose, lapho esekhulile, wenqaba ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro.” (Heb. 11:24) UMose akazange azitshele ukuthi angakhonza uNkulunkulu njengelungu lomndeni wasebukhosini bese esebenzisa ingcebo nesikhundla sakhe ukuze asize abafowabo abangama-Israyeli. Kunalokho, wayezimisele ukuthanda uJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe, umphefumulo namandla. (Dut. 6:5) Isinqumo sakhe samvikela ebuhlungwini obukhulu. Kungakabiphi, ingcebo eningi yabaseGibhithe ayidela yathathwa—ithathwa yiwo kanye ama-Israyeli! (Eks. 12:35, 36) UFaro wahlaziswa wabe esebulawa. (IHu. 136:15) UMose yena wasinda futhi wasetshenziswa uNkulunkulu ukuba aholele sonke isizwe endaweni ephephile. Ukuphila kwakhe kwaba nenjongo ngempela.

7. (a) NgokukaMathewu 6:19-21, kungani kufanele sibheke ngalé kwalokho esikubona manje? (b) Landisa okuhlangenwe nakho okuqokomisa umehluko phakathi kwengcebo ebonakalayo nengokomoya.

7 Uma uyinceku kaJehova esencane, ukholo lungakusiza kanjani ekukhetheni umsebenzi? Wenza ngokuhlakanipha uma uhlelela ikusasa. Kodwa ingabe ukholo ezithembisweni zikaNkulunkulu luyokushukumisela ukuba ubekelele ikusasa lesikhashana noma laphakade? (Funda uMathewu 6:19-21.) USophie, umdansi we-ballet onekhono, wabhekana nalo mbuzo. Wanikwa imifundaze nezikhundla ezifiswayo ezinkampanini ze-ballet kulo lonke elase-United States. Uyavuma: “Kwakumnandi ukuthandwa. Eqinisweni, ngangizibona ngingcono kunontanga yami. Kodwa ngangingajabule.” USophie wabe esebukela i-video ethi Young People Ask—What Will I Do With My Life? Uthi: “Ngaqaphela ukuthi izwe lalinginike impumelelo nokuthandwa abalandeli, lona lase lithatha ukukhulekela kwami uJehova ngenhliziyo yonke. Ngathandaza ngobuqotho kuye. Ngabe sengikuyeka ukudansa.” USophie uzizwa kanjani ngesinqumo sakhe? “Angikukhumbuli ukuphila kwami kwangesikhathi esedlule. Namuhla ngijabule ngokuphelele. Mina nomyeni wami siyaphayona. Asidumile futhi asinazo izinto eziningi ezibonakalayo. Kodwa sinoJehova, sinabantu esibafundela iBhayibheli nemigomo engokomoya. Angizisoli nakancane.”

8. Isiphi iseluleko seBhayibheli esingasiza osemusha ekukhetheni lokho azokwenza ngokuphila kwakhe?

8 UJehova uyakwazi okukulungele. UMose wathi: “Yini uJehova uNkulunkulu wakho ayicelayo kuwe ngaphandle kokuba wesabe  uJehova uNkulunkulu wakho, ukuze uhambe ezindleleni zakhe zonke, umthande futhi umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho; ukuba ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engikuyala ngazo namuhla, kube kuhle kuwe?” (Dut. 10:12, 13) Lapho usemusha, khetha umsebenzi oyokwenza ukwazi ukuthanda uJehova futhi umkhonze “ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.” Ungaqiniseka ukuthi ukulandela leyo nkambo kuyoba “kuhle kuwe.”

WAWAZISA AMALUNGELO AKHE ENKONZO

9. Chaza ukuthi yini eyayingenza kube nzima ngoMose ukuba afeze isabelo sakhe.

9 UMose “wabheka isihlamba sikaKristu njengengcebo enkulu kunemicebo yaseGibhithe.” (Heb. 11:26) UMose wayethunywe ‘njengoKristu,’ noma “Ogcotshiweyo,” ngoba wayekhethwe uJehova ukuba akhiphe ama-Israyeli eGibhithe. UMose wayazi ukuthi ukwenza lo msebenzi kwakungeke kube lula, empeleni kwakuyoba “isihlamba.” Wayeke waklolodelwa omunye umIsrayeli owathi: “Ubani okumise isikhulu nomahluleli phezu kwethu?” (Eks. 2:13, 14) Kamuva, uMose ngokwakhe wabuza uJehova: “UFaro yena angangilalela kanjani nje nempela?” (Eks. 6:12) Ukuze akulungele futhi akwazi ukubhekana nokuhlanjalazwa, uMose watshela uJehova ngokwesaba nangokukhathazeka kwakhe. UJehova wamsiza kanjani uMose ukuba afeze isabelo sakhe esinzima?

10. UJehova wamhlomisela kanjani uMose isabelo sakhe?

10 Okokuqala, uJehova waqinisekisa uMose: “Ngizoba nawe.” (Eks. 3:12) Okwesibili, uJehova wamqinisa idolo ngokumtshela enye incazelo yegama lakhe: “Ngiyoba Yilokho Engiyoba Yikho.” * (Eks. 3:14) Okwesithathu, wanikeza uMose amandla okwenza izimangaliso ezafakazela ukuthi wayethunywe uNkulunkulu ngempela. (Eks. 4:2-5) Okwesine, uJehova wanikeza uMose umsizi nomkhulumeli, u-Aroni, ukuze amsize ekufezeni isabelo sakhe. (Eks. 4:14-16) Lapho esezofa, uMose wayeqiniseka ngempela ukuthi uNkulunkulu uyazihlomisa izinceku zakhe ukuze zifeze noma isiphi isabelo azinika sona kangangokuthi wamtshela ngelikhulu iqholo uJoshuwa, owayesezothatha isikhundla sakhe: “UJehova nguye ohamba phambi kwakho. Yena uqobo uzoqhubeka enawe. Ngeke akulahle noma akushiye . . . Ungesabi noma wethuke.”Dut. 31:8.

11. Kungani uMose asazisa kakhulu isabelo sakhe?

11 Ngenxa yokusekelwa uJehova, uMose wasazisa kakhulu isabelo sakhe esesabekayo, esibheka “njengengcebo enkulu kunemicebo yaseGibhithe.” Kwakuyini ngempela ukukhonza uFaro uma kuqhathaniswa nokukhonza uNkulunkulu uMninimandla onke? Kwakuyomzuzisa ngani ukuba yinkosana eGibhithe uma kuqhathaniswa nokuba “uKristu” noma ogcotshiweyo kaJehova? UMose wavuzwa ngokuba nesimo sengqondo sokwazisa. Wajabulela ubuhlobo obukhethekile noJehova, owamenza wakwazi ukwenza “izenzo ezinkulu ezithuthumelisayo” njengoba ayeholela ama-Israyeli eZweni Lesithembiso.Dut. 34:10-12.

12. Yimaphi amalungelo esiwanikwa uJehova okufanele siwazise?

12 Nathi sithunyiwe. Esebenzisa iNdodana yakhe, uJehova usabele inkonzo, njengoba ayabela umphostoli uPawulu nabanye. (Funda eyoku-1 Thimothewu 1:12-14.) Sonke sinelungelo lokumemezela izindaba ezinhle. (Math. 24:14; 28:19, 20) Abanye bayizikhonzi zesikhathi esigcwele. Abazalwane ababhapathiziwe abavuthiwe bakhonza abanye ebandleni njengezinceku ezikhonzayo nabadala. Nokho, amalungu angakholwa omndeni wakini nabanye bangase bakungabaze ukubaluleka kwala malungelo noma baze ngisho bakuhlambalaze  ngokuzidela kwakho. (Math. 10:34-37) Uma bephumelela ukukwenza udangale, ungase uqale ukuthandabuza ukuthi kufanele yini ngempela uzidele noma ukuthi ungakwazi yini ukufeza isabelo sakho. Uma lokho kwenzeka kuwe, ukholo lungakusiza kanjani ukuba ukhuthazele?

13. UJehova usihlomisela kanjani ukufeza izabelo ezingokwasezulwini?

13 Nxusa uJehova ngokholo umcele akusekele. Mtshele okwesabayo nokukukhathazayo. Nguye okuthumile futhi uzokusiza ukuba uphumelele. Kanjani? Ngezindlela ezifanayo asiza ngazo uMose. Okokuqala, uJehova uyakuqinisekisa: “Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza. Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.” (Isaya 41:10) Okwesibili, uJehova ukukhumbuza ukuthi izithembiso zakhe zithembekile: “Ngikukhulumile nokukukhuluma; ngizokuletha futhi. Ngikwakhile, ngizokwenza futhi.” (Isaya 46:11) Okwesithathu, uJehova ukupha “amandla angaphezu kwavamile” ukuze ufeze inkonzo yakho. (2 Kor. 4:7) Okwesine, ukuze akusize ukhuthazele esabelweni sakho, uBaba wethu onakekelayo ukunikeza abazalwane emhlabeni wonke abangabakhulekeli beqiniso ‘abaqhubeka beduduzana futhi bakhana.’ (1 Thes. 5:11) Njengoba uJehova ekuhlomisela ukufeza izabelo zakho, ukholo lwakho kuye luyokhula futhi uyoqonda ukuthi amalungelo owatholayo enkonzweni yakhe ayingcebo edlula noma iyiphi ingcebo emhlabeni.

“WAGXILISA AMEHLO AKHE EKUKHOKHWENI KOMVUZO”

14. Kungani uMose ayeqiniseka ngokuthi uzothola umvuzo?

14 UMose “wagxilisa amehlo akhe ekukhokhweni komvuzo.” (Heb. 11:26) Yebo, nakuba lwaluluncane ulwazi ayenalo ngekusasa, waluvumela ukuba lulolonge indlela abheka ngayo izinto. Njengokhokho wakhe u-Abrahama, uMose wayeqiniseka ukuthi uJehova angabavusa abafile. (Luka 20:37, 38; Heb. 11:17-19) Ithemba lezibusiso zesikhathi esizayo lasiza uMose ukuba angayibheki njengeyize iminyaka engu-40 ayichitha ephila njengombaleki nengu-40 ayichitha esehlane. Nakuba ayengenayo yonke imininingwane ngokuthi zazizogcwaliseka kanjani izithembiso zikaNkulunkulu, ngamehlo okholo wakwazi ukuwubona umvuzo ongabonakali.

15, 16. (a) Kungani kudingeka sigxile emvuzweni wethu? (b) Yiziphi izibusiso ozibheke ngabomvu lapho sekubusa uMbuso?

15 Ingabe amehlo akho ‘agxile ekukhokhweni’  komvuzo wakho? Njengoba kwakunjalo ngoMose, nathi asinayo yonke imininingwane mayelana nezithembiso zikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ‘asisazi isikhathi esimisiwe’ sosizi olukhulu. (Marku 13:32, 33) Noma kunjalo, sazi okuningi ngePharadesi elizayo ukwedlula lokho okwakwaziwa uMose. Nakuba singenayo yonke imininingwane kodwa sinezithembiso eziningi zikaNkulunkulu zokuthi ukuphila kuyoba njani eMbusweni wakhe ‘esingagxilisa’ amehlo ethu kuzo. Ukuba nesithombe esicacile sezwe elisha ezingqondweni zethu kuyosishukumisela ukuba siwufune kuqala lowo Mbuso. Kungenzeka kanjani lokho? Cabanga ngalokhu: Ungayithenga yini indlu ongazi lutho ngayo? Ngeke wayithenga! Ngendlela efanayo, ngeke sachitha isikhathi sethu siphishekela ithemba elingacacile. Ngokholo, kumelwe sibone ngokucacile ukuthi ukuphila ngaphansi koMbuso kuyoba njani.

Yeka indlela okuyojabulisa ngayo ukuxoxa nezinceku ezithembekile ezinjengoMose! (Bheka isigaba 16)

16 Ukuze sigqame isithombe onaso engqondweni yakho ngoMbuso kaNkulunkulu, ‘gxila’ ekuziboneni uphila ePharadesi. Sebenzisa iso lakho lengqondo. Ngokwesibonelo, uma ufunda ngabantu baseBhayibhelini ababephila ngaphambi kobuKristu, cabanga ngalokho ongase ubabuze khona lapho bevuswa. Cabanga ngalokho abangase bakubuze kona ngokuthi kwakunjani ukuphila ezinsukwini zokugcina. Cabanga ngenjabulo enkulu oyoba nayo lapho uhlangana nokhokho bakho abaphila emakhulwini eminyaka edlule futhi ubafundisa ngakho konke uNkulunkulu aye wabenzela kona. Zibone usujabule njengoba ufunda ngezilwane eziningi zasendle, uzibonela eduze zihlezi ngokuthula. Cabanga ukuthi uyozizwa usondelene kakhulu kangakanani noJehova njengoba uthuthukela ekupheleleni.

17. Ukuba nesithombe esicacile somvuzo wethu ongabonakali kungasisiza kanjani namuhla?

17 Ukuba nesithombe esicacile ezingqondweni zethu somvuzo wethu ongabonakali kusisiza ukuba siqhubeke sikhuthazela, sijabule futhi senze izinqumo ezisekelwe ekusaseni laphakade elilondekile. UPawulu wabhalela amaKristu agcotshiwe: “Uma sinethemba ngesingakuboni, siyaqhubeka sikulindela ngokukhuthazela.” (Roma 8:25) Lokhu kusebenza ngendlela efanayo kuwo wonke amaKristu anethemba lokuphila okuphakade. Nakuba singakawutholi umvuzo wethu, ukholo lwethu luqine kangangokuba siyaqhubeka sikulindele ngesineke ‘ukukhokhwa komvuzo.’ NjengoMose, ayikho iminyaka esiyichitha enkonzweni kaJehova esiyibheka njengeyize. Kunalokho, siyaqiniseka ukuthi “izinto ezibonwayo zingezesikhashana, kodwa izinto ezingabonwayo zihlala phakade.”Funda eyesi-2 Korinte 4:16-18.

18, 19. (a) Kungani kumelwe silwele ukulondoloza ukholo lwethu? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

18 Ukholo lusenza sibone “ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.” (Heb. 11:1) Umuntu obheka izinto ngeso lenyama akakuboni ukubaluleka kokukhonza uJehova. Ingcebo engokomoya ‘iwubuwula’ kuye. (1 Kor. 2:14) Nokho, thina sinethemba lokuphila phakade futhi sibone uvuko, izinto izwe elingaziboni. Njengezazi zefilosofi zosuku lukaPawulu ezambiza ngokuthi “iphoshophosho” elingazi lutho, abantu abaningi namuhla bacabanga ukuthi ithemba esilishumayelayo liyimbudane.IzE. 17:18.

19 Kumelwe silwe kanzima ukuze silondoloze ukholo lwethu njengoba siphila phakathi kwabantu abangenalo ukholo. Nxusa uJehova ukuba “ukholo lwakho lungapheli.” (Luka 22:32) Yikhumbule njalo imiphumela yesono, ukubaluleka kokukhonza uJehova nethemba lakho lokuphila okuphakade. Ukholo lukaMose lwamenza wabona ngalé kwalezo zinto. Esihlokweni esilandelayo, sizohlola ukuthi ukholo lwamsiza kanjani uMose ukuba abone “Lowo ongabonakali.”Heb. 11:27.

^ isig. 10 Lapho sikhuluma ngamazwi atholakala ku-Eksodusi 3:14, esinye isazi seBhayibheli sabhala: “Akukho okungamvimba ekwenzeni intando yakhe . . . Leli gama [elithi Jehova] laliyoba inqaba yama-Israyeli, inqolobane yaphakade yamathemba nenduduzo.”