INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Meyi 2014

Lo magazini ukhuluma ngezindlela ezintathu esingazisebenzisa enkonzweni yethu ukuze sinikeze izimpendulo ezigculisayo zemibuzo eyinselele. Kungani kubalulekile ukuba sihlale sithembekile enhlanganweni kaNkulunkulu?

‘Ukudla Kwami Kuwukwenza Intando KaNkulunkulu’

INkosi uDavide, umphostoli uPawulu noJesu Kristu babenesifiso sokwenza intando kaNkulunkulu. Singayilondoloza noma siyivuselele kanjani intshiseko yethu uma insimu esiyisebenzayo ilukhuni?

Kufanele ‘Simphendule Kanjani Umuntu Ngamunye’?

Singabonisana kanjani nabantu ngemiBhalo ngokuphumelelayo lapho sibhekene nemibuzo eyinselele? Cabangela izindlela ezintathu esingazisebenzisa ukuze sinikeze izimpendulo ezigculisayo.

Sebenzisa UMthetho Wegolide Enkonzweni Yakho

Kufanele simphathe kanjani umuntu ngamunye esihlangana naye enkonzweni? Amazwi kaJesu akuMathewu 7:12 ahlobene kanjani nomsebenzi wethu wokushumayela?

INDABA YOKUPHILA

UJehova Uye wangisiza Ngempela

UKenneth Little uchaza indlela uJehova uNkulunkulu aye wamsiza ngayo ukuba anqobe amahloni nokuzinyeza. Funda ubone indlela uNkulunkulu aye wayibusisa ngayo imizamo yakhe kukho konke ukuphila kwakhe.

UJehova UnguNkulunkulu Wokuhleleka

Ukulandisa okuphathelene no-Israyeli wasendulo nobuKristu bekhulu lokuqala kubonisa kanjani ukuthi izinceku zikaJehova emhlabeni kufanele zihleleke namuhla?

Ingabe Uhambisana Nenhlangano KaJehova?

Maduze lesi simiso sikaSathane sizophela. Kungani kubalulekile ukuba sihlale siqotho enhlanganweni uNkulunkulu ayisebenzisayo emhlabeni namuhla?

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

“Kunomsebenzi Omningi Wokuvuna Okumelwe Wenziwe”

Bangaphezu kuka-760 000 oFakazi BakaJehova abashumayela iqiniso leBhayibheli eBrazil. Waqala kanjani umsebenzi wokushumayela eNingizimu Melika?