INDABA YOKUPHILA
UJehova Uye wangisiza Ngempela
Ngangihamba nomkami, u-Evelyn, sehla esitimeleni eHornepayne ezweni elinamahlathi enyakatho ye-Ontario, eCanada. Kwakusekuseni kakhulu, amakhaza eshubisa umnkantsha. Salandwa umzalwane wendawo, futhi ngemva kokudla ukudla kwasekuseni naye nomkakhe nendodana yabo, sadavuza eqhweni sishumayela endlini ngendlu. Ntambama ngalolo suku, nganikeza inkulumo yami yokuqala njengombonisi wesifunda. Sasibahlanu kuphela; abekho abanye abafika.
EMPELENI, leso sibalo esincane sababekhona enkulumweni yami ngo-1957 asizange singikhathaze. Phela ayangibulala amahloni. Eqinisweni, ngesikhathi ngisemncane, ngangivame ukucasha lapho kufika izivakashi ekhaya, ngisho noma kungabantu engibaziyo.
Ngiyaqonda ukuthi kungase kukumangaze ukuzwa ukuthi eziningi zezabelo zami enhlanganweni kaJehova ziye zangenza ngaxhumana nabantu abaningi
WAYESEBENZISA IBHAYIBHELI NENCWAJANA EMNYAMA
Kwakungawo-1940, lapho ngeSonto ekuseni, ilanga libalele, kufika u-Elsie Huntingford epulazini lasekhaya eningizimu-ntshonalanga ye-Ontario. Umama waya emnyango eyobheka ukuthi ubani owayengqongqoza, mina nobaba
UDade Huntingford wayefike ngesikhathi esihle kakhulu. Abazali bami babengamalungu akhuthele ase-United Church of Canada kodwa besanda kunquma ukulishiya. Kungani? Ngenxa yokuthi umfundisi wayechoma uhlu lwabo bonke abantu abanikelayo esontweni ephasishi elingasemnyango okungenwa kuwo bebhalwe ngokulandelana kobungako bemali abayinikelayo. Ngenxa yokuthi abazali bami babempofu, ngokuvamile amagama abo ayeba njalo ngasekugcineni futhi abadala besonto babacindezela ukuba banikele ngokwengeziwe. Omunye umfundisi wavuma ukuthi izinto ayezifundisa kwakungezona ayezikholelwa ngempela kodwa ekwenza ngoba engafuni ukuphelelwa umsebenzi wakhe. Ngenxa yalokho, salishiya isonto kodwa sasisayifuna indlela yokwanelisa isidingo sethu esingokomoya.
Njengoba umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe eCanada ngaleso sikhathi, uDade Huntingford wasiqhubela isifundo esebenzisa iBhayibheli kuphela namanothi athile ayewabhale encwajaneni emnyama. Kamuva lapho esebona ukuthi sasingeke simpimpe eziphathimandleni, wasiphathela izincwadi zokufunda iBhayibheli. Sasizifihla ngokucophelela njalo lapho kuphela isifundo. *
Naphezu kokuphikiswa nezingqinamba, uDade Huntingford washumayela izindaba ezinhle ngentshiseko. Intshiseko yakhe yangihlaba umxhwele futhi yangishukumisela ukuba ngimelele iqiniso. Ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuNkulunkulu ngemva nje konyaka abazali bami bebhapathiziwe njengoFakazi BakaJehova. Ngabhapathizwa ngo-February 27, 1949, emcengezini kathayela abalimi abaphuzisa kuwo imfuyo yabo. Ngangineminyaka engu-17. Ngemva kwalokho ngazimisela ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele.
UJEHOVA WANGISIZA UKUBA NGIBE NESIBINDI
Ngaba manqikanqika ukuphayona zisuka. Ngake ngathi ukusebenza ebhange nasehhovisi ngoba ngangizitshele ukuthi kudingeka ngibe nemali ezongisekela ngesikhathi ngiphayona. Nokho, njengomuntu osemusha ongenakho okuhlangenwe nakho, ngangiyibhubhudla ngokushesha yonke imali engangiyithola. Ngakho umzalwane othile ogama lakhe linguTed Sargent wangikhuthaza ukuba ngibe nesibindi ngibonise ukholo kuJehova. (1 IziKr. 28:10) Ngemva kwaleso sikhuthazo somusa, ngaqala ukuphayona ngo-November 1951. Nganginama-dollar angu-40 kuphela, ibhayisikili eliyisekeni nesikhwama esisha sezincwadi. Kodwa uJehova waqinisekisa njalo ukuthi ngiyazithola izinto engizidingayo. Yeka ukuthi ngimbonga kanjani uTed ngokungikhuthaza ukuba ngingenele inkonzo yamaphayona! Lokho kwaholela ezibusisweni ezengeziwe.
Kusihlwa ngolunye usuku ngasekupheleni kuka-August 1952, ngathola ucingo luvela eToronto. Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eCanada lalingimema ukuba ngizoqala inkonzo yaseBethel ngo-September. Nakuba nganginamahloni futhi ngingakaze ngivakashele egatsheni, ngajabula ngoba amanye amaphayona ayengixoxele izinto ezinhle ngeBethel. Ngavele ngazizwa ngisekhaya lapho nje ngifika.
“ABAZALWANE BAFUNA UBABONISE UKUTHI UYABAKHATHALELA”
Ngemva kweminyaka emibili ngiseBethel, ngamiswa njengenceku yebandla (manje eyaziwa ngokuthi umxhumanisi wendikimba yabadala) esikhundleni sikaBill Yacos eQenjini LaseShaw eToronto. * Njengoba ngangineminyaka engu-23 ubudala, ngazizwa njengomfana wasemapulazini ongazi lutho. Kodwa ngokuthobeka nangothando uMfoweth’ uYacos wangibonisa lokho okwakumelwe ngikwenze. UJehova wangisiza ngempela.
UMfoweth’ uYacos
UMKAMI UBONISA UTHANDO OLUQOTHO
UJehova uye wangisiza ngendlela ekhethekile kusukela ngo-January 1957. Ngaleyo nyanga ngashada no-Evelyn, owayethweswe iziqu ekilasini le-14 leSikole SaseGileyadi. Ngaphambi kokuba sishade, wayekhonza esifundazweni saseQuebec esikhuluma isiFulentshi. Ngalezo zinsuku iQuebec yayilawulwa kakhulu iSonto LamaRoma Katolika. Ngakho isabelo sakhe sasinzima kakhulu, kodwa wanamathela ngobuqotho kuso nakuJehova.
U-Evelyn wanamathela ngobuqotho nakimi. (Efe. 5:31) Eqinisweni, ubuqotho bakhe bavivinywa siqeda nje ukushada! Sasihlele ukuthatha uhambo lokuya eFlorida, e-U.S.A., kodwa ngosuku lwangemva komshado wethu, igatsha langicela ukuba ngiye emhlanganweni owawuzothatha isonto lonke eBethel yaseCanada. Yebo, lo mhlangano waziphazamisa izinhlelo zethu, kodwa mina no-Evelyn sasifuna ukwenza noma yini uJehova ayesicela ukuba siyenze. Ngenxa yalokho sayikhohlwa indaba yokuya eholidini langemva komshado. Phakathi nalelo sonto, wasebenza insimu eseduze nehhovisi legatsha. Nakuba leyo nsimu yayihluke kakhulu kweyaseQuebec, wakhuthazela.
Ekupheleni kwalelo sonto, kwenzeka into eyangishiya ngibambe ongezansi
Sasisalindelwe izinguquko eziningi. Ngesikhathi ngikhonza njengombonisi wesigodi ngasekupheleni kuka-1960, ngathola isimemo sokuya ekilasini lama-36 leSikole SaseGileyadi, eBrooklyn, eNew York, elalizoqala ekuqaleni kuka-February 1961 futhi lithathe izinyanga eziyishumi. Yiqiniso, ngangijabule, kodwa injabulo yami yaphazamiseka lapho ngiqaphela ukuthi u-Evelyn wayengamenywanga. Kunalokho, njengawo wonke amakhosikazi ayenabayeni abamenyiwe, wacelwa ukuba abhale incwadi asho ukuthi uyavuma ukuba sihlukaniswe okungenani izinyanga eziyishumi. U-Evelyn wayekhala mi izinyembezi, kodwa savumelana ngokuthi ngiye esikoleni futhi wajabula ngokuthi ngangizothola ukuqeqeshwa okuwusizo eGileyadi.
Ngesikhathi ngisahambile, u-Evelyn wakhonza egatsheni laseCanada. Waba nelungelo elikhethekile lokuhlala ekamelweni elilodwa nodade othandekayo ogcotshiwe, uMargaret Lovell. Yebo, wayengikhumbula futhi nami ngimkhumbula kakhulu. Nokho, ngosizo lukaJehova sazijwayela izabelo zethu zesikhashana. Ukuvuma kwakhe ukudela isikhathi sokuba ndawonye nami ukuze ngibe usizo ngokwengeziwe kuJehova nasenhlanganweni yakhe kwangithinta ngokujulile.
Ngemva kokuba seGileyadi cishe izinyanga ezintathu, uMfoweth’ uNathan Knorr, okunguyena owayehola emsebenzini womhlaba wonke ngaleso sikhathi, weza kimi nenkiyankiya yesicelo. Wangibuza ukuthi ngingakujabulela yini ukushiya eSikoleni SaseGileyadi ngaleso sikhathi ngibuyele eCanada ngiyofundisa okwesikhashana eSikoleni Senkonzo SoMbuso egatsheni. Wangitshela ukuthi angiphoqelekile ukuba ngisamukele leso sicelo. Ngingaqeda izifundo zami zeSikole SaseGileyadi uma ngithanda bese mhlawumbe ngabelwa emsebenzini wezithunywa zevangeli. Washo nokuthi uma nginquma ukubuyela eCanada, kungenzeka ngingaphinde ngimenywe futhi eGileyadi nokuthi ngokuhamba kwesikhathi ngangizokwabelwa ukuba ngibuyele ensimini eCanada. Wakushiyela kimi ukuba ngibonisane nomkami bese nginquma.
U-Evelyn wayesengitshelile ukuthi uzibheka kanjani izabelo ezingokwasezulwini, ngakho ngamphendula ngokushesha uMfoweth’ uKnorr, “Sijabulela ukwenza noma yini inhlangano kaJehova efuna ukuba siyenze.” Selokhu kwathi nhlo, sinomuzwa wokuthi kungakhathaliseki ukuthi ikuphi thina esikukhethayo, kufanele siye nomaphi lapho inhlangano kaJehova esabela ukuba siye khona.
Ngakho, ngo-April 1961, ngahamba eBrooklyn ngabuyela eCanada ngiyofundisa eSikoleni Senkonzo SoMbuso. Kamuva, saqala ukukhonza njengamalungu omkhaya waseBethel. Ngamangala lapho kufika isimemo sokuya ekilasini lama-40 leSikole SaseGileyadi elalizoqala ngo-1965. Nangaleso sikhathi kwadingeka ukuba u-Evelyn abhale incwadi asho ukuthi uyavuma ukuba sihlukaniswe. Kodwa ngemva kwamasonto ambalwa, sajabula lapho ethola esakhe isimemo esimmemela ukuba aye nami esikoleni.
Ngemva kokufika eSikoleni SaseGileyadi, uMfoweth’ uKnorr wasitshela ukuthi abafundi ababebhalise ukufunda ulimi lwesiFulentshi njengoba nathi sasenzile, babeyothunyelwa e-Afrika. Nokho, ngesikhathi sithweswa iziqu, sabelwa eCanada! Ngamiswa njengombonisi wegatsha omusha (manje osebizwa ngokuthi umxhumanisi weKomiti Yegatsha). Njengoba ngangineminyaka engu-34 nje kuphela ubudala, ngakhumbuza uMfoweth’ uKnorr: “Hhayi bo, phela ngisemncane kabi.” Kodwa wangikhuthaza. Zisuka amadaka, ngalwela ukuba ngixoxe nabazalwane abadala kunami nababenokuhlangenwe nakho eBethel ngaphambi kokwenza izinqumo ezinqala.
IBETHEL —INDAWO YOKUFUNDA NOKUFUNDISA
Inkonzo yaseBethel inginike amathuba amaningi okufunda kwabanye. Ngiyawahlonipha futhi ngiwazisa kakhulu amanye amalungu eKomiti Yegatsha. Ngiye ngathonywa nangezindlela eziningi ezinhle amakhulu amadoda nabesifazane abangamaKristu
Inkonzo yaseBethel iye yanginika nethuba lokufundisa abanye futhi ngiqinise ukholo lwabo. Umphostoli uPawulu watshela uThimothewu: “Qhubeka ezintweni owazifunda.” Wabuye wathi: “[Izinto] owazizwa ngami ngokusekela kofakazi abaningi, lezi zinto ziphathise amadoda athembekile, ayokufanelekela ngokwanele ukuba nawo afundise abanye.” (2 Thim. 2:2; 3:14) Ngezinye izikhathi amanye amaKristu aye angibuze ukuthi iziphi izifundo engizifunde phakathi neminyaka engu-57 ngikhonza eBethel. Impendulo yami elula yile, “Zimisele ukwenza lokho inhlangano kaJehova efuna ukuba ukwenze, futhi ukwenze ngokushesha wethembele kuye ukuba akusize.”
Kunjengokungathi bekuyizolo lokhu ngifika eBethel okokuqala, ngiyinsizwa enamahloni, engenakho okuhlangenwe nakho. Nokho, phakathi nayo yonke le minyaka, uJehova ubelokhu ‘ebambe isandla sami sokunene.’ Ikakhulu ngomusa nangosizo olufika ngesikhathi lwesikholwa nabo, uyaqhubeka engiqinisekisa: “Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.”
^ isig. 10 Ngo-May 22, 1945, uhulumeni waseCanada wayeka ukuvimbela umsebenzi wethu.
^ isig. 16 Ngaleso sikhathi, uma kwakunamabandla angaphezu kwelilodwa edolobheni elithile, lawo mabandla ayebizwa ngokuthi amaqembu.