Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ukudla Kwami Kuwukwenza Intando KaNkulunkulu’

‘Ukudla Kwami Kuwukwenza Intando KaNkulunkulu’

Yini ekulethela injabulo enkulu? Ingabe ubuhlobo bethu njengabantu, njengomshado, ukunakekela umndeni, noma ukulondoloza ubungane? Ngokungangabazeki uyakujabulela ukudla nabantu obathandayo. Nokho, njengenceku kaJehova, into ekulethela injabulo ngokukhethekile ukwenza intando kaNkulunkulu, ukutadisha iZwi lakhe nokushumayela izindaba ezinhle, akunjalo?

Engomeni yokubonga uMdali, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide, yahlabelela: “O Nkulunkulu wami, ngikujabulele ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usezibilinini zami.” (IHu. 40:8) Naphezu kobunzima nezingcindezi abhekana nazo ekuphileni, uDavide wayekujabulela ngempela ukwenza intando kaNkulunkulu. Yebo, uDavide akayena ukuphela komkhulekeli kaJehova owayekujabulela ukukhonza uNkulunkulu weqiniso.

Umphostoli uPawulu wasebenzisa amazwi eHubo 40:8 lapho ekhuluma ngoMesiya noma uKristu. Waloba: “Lapho [uJesu] efika ezweni uthi: ‘ “Awuzange uwufune umhlatshelo nomnikelo, kodwa ungilungiselele umzimba. Awuzange uyamukele iminikelo yokushiswa ephelele nomnikelo wesono.” Khona-ke ngathi, “Bheka! Ngizile (kulotshiwe ngami emqulwini wencwadi) ukuba ngenze intando yakho, Nkulunkulu.” ’ ”Heb. 10:5-7.

Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wayekujabulela ukubuka indalo, ukuba nabangane nokudla nabanye. (Math. 6:26-29; Joh. 2:1, 2; 12:1, 2) Nokho, into ayenesithakazelo kuyo nayeyijabulela kakhulu ukwenza intando kaYise osezulwini. Eqinisweni, uJesu wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Joh. 4:34; 6:38) Abafundi bakaJesu bafunda eNkosini yabo imfihlo yenjabulo yangempela. Bahlanganyela ngentshiseko nangokuzithandela emsebenzini wokushumayela isigijimi soMbuso futhi bekwenza ngenjabulo enkulu.Luka 10:1, 8, 9, 17.

‘HAMBANI NIYOKWENZA ABAFUNDI’

UJesu wayala abalandeli bakhe: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho. Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:19, 20) Ukufeza lo myalo kuhilela ukushumayela kubantu nomaphi lapho betholakala khona, ukubuyela  kulabo ababonisa isithakazelo nokuqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abanjalo. Ukwenza lo msebenzi kungaba umthombo wenjabulo enkulu.

Uthando lusishukumisela ukuba siqhubeke sishumayela ngisho noma kwenzeka sihlangana nabantu abangasinaki

Kungakhathaliseki ukuthi abantu banesithakazelo esigijimini sethu noma cha, isimo sethu sengqondo sifeza indima ebaluleke kakhulu ekuyijabuleleni inkonzo. Kungani siqhubeka simemezela izindaba ezinhle ngisho noma kwenzeka sihlangana nabantu abangasinaki nabangenandaba nesigijimi sethu? Kungenxa yokuthi siyaqaphela ukuthi ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi kubonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane. Empeleni, ukuphila kwethu nokomakhelwane bethu kusengozini. (Hez. 3:17-21; 1 Thim. 4:16) Ake sixoxe ngamaphuzu ambalwa aye asiza izisebenzi eziningi esikanye nazo ezisemasimini alukhuni ukuba zilondoloze noma zivuselele intshiseko yazo ngenkonzo.

SEBENZISA WONKE AMATHUBA

Ukusebenzisa imibuzo efanele enkonzweni yethu kuvame ukuba nemiphumela emihle. Ngolunye usuku ekuseni, u-Amalia wabona umlisa mumbe efunda iphephandaba epaki. Waya kuye futhi wambuza ukuthi zikhona yini izindaba ezinhle ayezifundile. Lapho ephendula ngokuthi azikho, u-Amalia wathi, “Ngikuphathele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.” Lokhu kwavusa isithakazelo salo mlisa futhi wamukela isifundo seBhayibheli. Eqinisweni, u-Amalia wakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli ezintathu kulelo paki.

UJanice wenze indawo yakhe yomsebenzi yaba insimu ashumayela kuyo. Lapho unogada nayesebenza naye bebonisa isithakazelo esihlokweni esithile esasikuyi-Nqabayokulinda, uJanice wababuza ukuthi angabalethela yini omagazini njalo. Wabuza nomunye ayesebenza naye, owahlatshwa umxhwele ukuhlukahluka kwezihloko okukhulunywa ngazo kuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Lokhu kwenza ukuba nesinye isisebenzi sicele omagazini. UJanice uthi: “Yeka indlela uJehova angibusisa ngayo!” Wagcina enomzila kamagazini wabantu abangu-11 emsebenzini.

YIBA NESIMO SENGQONDO ESIHLE

Umbonisi ojikelezayo wakhuthaza abamemezeli ukuba lapho besenkonzweni yendlu ngendlu, bangaphethi ingxoxo yabo nomninikhaya ngokumane bathi bazobuya futhi ngolunye usuku. Kunalokho, wathi kungcono bambuze: “Ungathanda yini ukuba ngikubonise indlela esiqhuba ngayo isifundo seBhayibheli?” noma, “Ungathanda ukuba ngibuye ngaluphi usuku nesikhathi ukuze siqhubeke nengxoxo yethu?” Lo mbonisi ojikelezayo wabika ukuthi lapho besebenzisa le ndlela, abazalwane nodade bakwelinye ibandla ayelikhonza baqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-44 ngesonto elilodwa.

Ukubuyela ngokushesha—mhlawumbe ezinsukwini ezimbalwa nje ngemva kokuhambela kokuqala—kungaba okuphumelela kakhulu. Kungani? Ngenxa yokuthi ukwenza kanjalo kubonisa ukuthi sinesithakazelo sangempela sokusiza abantu abanhliziyo ziqotho ukuba baqonde iBhayibheli. Lapho ebuzwa ukuthi kungani avuma ukuba oFakazi BakaJehova  bamfundele iBhayibheli, omunye owesifazane wathi, “Ngaqala ukufunda ngoba bangibonisa isithakazelo esiqotho nothando.”

Ungase ubuze umninikhaya, “Ungathanda yini ukuba ngikubonise ukuthi sisiqhuba kanjani isifundo seBhayibheli?”

Ngemva kwesikhashana eye eSikoleni Senkonzo Samaphayona, uMadaí wayeseqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-15 futhi esedlulisele ezinye ezinhlanu kwabanye abamemezeli. Abantu abaningana kulabo ayebafundela baqala ukuba khona njalo emihlanganweni yethu. Yini eyasiza uMadaí ukuba aqale izifundo eziningi kangaka? Isikole sasigcizelele isidingo sokuqhubeka ebuyela aze abathole labo ababonise isithakazelo ekuqaleni. Omunye uFakazi osesize abantu abaningi ukuba bafunde amaqiniso eBhayibheli uthi, “Ngifunde ukuthi ukuphikelela ekwenzeni izimpindelo kubaluleke kakhulu ekusizeni abantu abafuna ukwazi uJehova.”

Ukubuyela ngokushesha kubantu esibathole ensimini kubonisa ukuthi sinesithakazelo sangempela kulabo abafuna ukuqonda iBhayibheli

Ukwenza izimpindelo nokuqhuba izifundo zeBhayibheli kudinga ukuzikhandla. Nokho, imivuzo eba khona idlula kude noma ikuphi ukuzikhandla okudingekayo. Ngokuzikhandla emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, singasiza abanye ukuba ‘bafinyelele olwazini olunembile lweqiniso,’ futhi lokho kungaholela ekusindisweni kwabo. (1 Thim. 2:3, 4) Kanti, kithina kungaholela ekwanelisekeni nasenjabulweni engenakuqhathaniswa.