Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ubafunde ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo:

Isiphi isikhathi okwakumelwe iwundlu lePhasika lihlatshwe ngaso ngoNisani 14?

Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zithi kwakumelwe lihlatshwe phakathi “kokuhlwa okubili,” okusho ukuthi ngemva kokushona kwelanga noma lapho kuhwalala kodwa ngaphambi kokuba kube mnyama ngokuphelele. (Eks. 12:6)12/15, amakhasi 18-19.

Iziphi izimiso zeBhayibheli intsha engazisebenzisa ukuze ikhethe ngokuhlakanipha?

Ezintathu zazo yilezi: (1) Funa kuqala uMbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe. (Math. 6:19-34) (2) Thola injabulo ngokukhonza abanye. (IzE. 20:35) (3) Jabulela ukukhonza uNkulunkulu ebusheni bakho. (UmSh. 12:1)1/15, amakhasi 19-20.

Imaphi amahhashi abagibeli abane abelokhu egabavula kusukela ngo-1914?

Njengomgibeli wehhashi elimhlophe, uJesu uye wathatha isinyathelo sokususa uSathane namademoni akhe ezulwini. Umgibeli wehhashi elibomvu okomlilo umelela izimpi eziye zahlupha isintu. Umgibeli wehhashi elimnyama umelela indlala. Umgibeli wehhashi eliphaphathekile uletha ukufa ngezifo eziwumshayabhuqe, ubulala izigidi zabantu. (IsAm. 6:2-8)2/1, amakhasi 6-7.

Unini “umshado weWundlu?” (IsAm. 19:7)

“Umshado weWundlu” uba ngemva kokuba iNkosi, uJesu Kristu, iphelelise ukunqoba kwayo, okungukuthi, ngemva kokuba iBhabhiloni Elikhulu libhujisiwe nempi ye-Armagedoni isiphelile.2/15, ikhasi 10.

Kungani amaJuda osukwini lukaJesu ‘ayekulindele’ ukufika kukaMesiya? (Luka 3:15)

Asinakuqinisekisa ukuthi amaJuda ekhulu lokuqala ayesiqonda njengathi isiprofetho sikaDaniyeli. (Dan. 9:24-27) Noma kunjalo, kungenzeka ukuthi ayezwile ngesimemezelo izingelosi ezasenza kubelusi abathile noma ngalokho umprofethikazi u-Ana akusho lapho ebona umntwana uJesu ethempelini. Ngaphezu kwalokho, kwakuye kwafika ababhula ngezinkanyezi bezofuna lowo ozalwe “eyinkosi yamaJuda.” (Math. 2:1, 2) Kamuva, uJohane umBhapathizi wabonisa ukuthi kwase kuseduze ukuba uKristu avele.2/15, amakhasi 26-27.

Singakugwema kanjani ukuba uYebo wethu angabi uCha? (2 Kor. 1:18)

Kuyavunywa ukuthi ngezinye izikhathi isimo esingaphezu kwamandla singenza kube nzima ngathi ukufeza izwi lethu. Uma senza isithembiso noma sizibophezela ekwenzeni into ethile, kufanele senze okusemandleni ukuze sisifeze.3/15, ikhasi 32.

Singamelana kanjani nesilingo sokubuka izithombe zobulili ezingcolile?

Nazi izinyathelo ezintathu eziwusizo (1) Ukuwasusa ngokushesha amehlo ethu uma kwenzeka sizithela esithombeni esivusa inkanuko. (2) Ukuqapha imicabango yethu ngokugxila ezintweni ezinhle nasekuthandazeni kuNkulunkulu. (3) Ukuqapha indlela esihamba ngayo ngokugwema ama-movie noma izingosi ze-Internet ezinezithombe zobulili ezingcolile.4/1, amakhasi 10-12.

Imiphi imiphumela engahlosiwe engaba khona uma umKristu eshiya umndeni wakhe ayosebenza kwelinye izwe?

Lapho abazali bekhetha ukungahlali ndawonye njengomndeni, izingane zabo zingase zilimale ngokomzwelo nangokokuziphatha. Zingagcina sezimcasukela umzali noma abazali. Abantu abangahlali nalabo abashade nabo bangase babhekane nesilingo sokuziphatha kabi ngokobulili.4/15, amakhasi 19-20.

Yayiphulelwani imilenze yezelelesi ezaziphanyekwa esigxotsheni?

AmaRoma ayebulala ezinye izelelesi ngokuziphanyeka esigxotsheni. AmaJuda acela ukuba imilenze yezelelesi ezaziseceleni kukaJesu yephulwe. Lokho kwakuzokwenza ukuba kube nzima ngalezo zelelesi ukuphefumula, bese kusheshisa ukufa kwazo. Ngakho, kwakungeke kudingeke ukuba zihlale esigxotsheni ubusuku bonke. (Dut. 21:22, 23)5/1, ikhasi 11.

Imiphi imibuzo emine okufanele siyikhumbule njalo lapho sishumayeza abantu ensimini?

Bangobani? Ngibashumayeza kuphi? Ngibashumayeza nini? Kufanele ngibashumayeze kanjani?5/15, amakhasi 12-15.

Ukubhema kuye kwaba okubulala kangakanani?

Kule minyaka eyikhulu edlule kuye kwabulala abantu abayizigidi eziyikhulu. Okwamanje, kubulala abayizigidi eziyisithupha unyaka ngamunye.6/1, ikhasi 3.