Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Singawasiza Kanjani Amakholwa Esikanye Nawo Ahlukanisile?

Singawasiza Kanjani Amakholwa Esikanye Nawo Ahlukanisile?

Cishe ukhona umuntu omaziyo ohlukanisile—mhlawumbe futhi bangaphezu koyedwa. Lokhu kungenxa yokuthi izehlukaniso zivame kakhulu. Ngokwesibonelo, ucwaningo olwenziwa ePoland lwabonisa ukuthi abantu abaneminyaka engu-30 ubudala asebeneminyaka emithathu kuya kweyisithupha beshadile, cishe bazohlukana; futhi akubona abantu abanaleyo minyaka yobudala kuphela abahlukanisayo.

Eqinisweni, “izibalo zibonisa ukuthi [eYurophu] ingxenye yalabo abashadayo izohlukanisa,” kubika i-Institute for Family Policy yaseSpain. Isimo siyefana nakwamanye amazwe athuthukile.

UKUFIKELWA IMIZWELO ENAMANDLA EHLUKAHLUKENE

Yini ehilelekile kulesi sehlukaniso esesande kangaka? Omunye umeluleki wezemishado osemnkantsh’ ubomvu waseMpumalanga Yurophu waphawula: “Isehlukaniso simane nje siwukukwenza kube ngokomthetho lokho okusuke sekwenzekile kakade—ukuphela kobuhlobo okulandelwa ukwehlukana, into ebuhlungu kakhulu.” Wanezela ngokuthi kuvame ukulandelwa “igagasi lemizwelo enamandla—intukuthelo, ukuzisola, ukudumala, amahloni nokuphelelwa yithemba.” Ngezinye izikhathi lokhu kwenza umuntu acabange ukuzibulala. “Ngemva kokuhlukanisa ngokuphelele enkantolo, kube sekuqala isiwombe esilandelayo. Egajwe imizwa yokuzizwa engelutho futhi eyedwa, umuntu ohlukanisile angase azibuze: ‘Njengoba sengihlukanisile, ngiyini nje ngempela? Ngisaphilelani?’ ”

Ekhumbula indlela ayezizwa ngayo eminyakeni embalwa edlule, u-Ewa uthi: “Ngemva kokuhlukanisa, ngangiba namahloni lapho omakhelwane nozakwethu emsebenzini bengichaza ngokuthi ‘odivosile.’ Ngangigcwele intukuthelo. Njengoba ngangishiywe nezingane ezimbili, kwadingeka ngibe umama ngibuye ngibe ubaba kuzo.” * U-Adam, owakhonza njengomdala ohlonishwayo iminyaka engu-12, uyaphawula: “Ngiye ngalahlekelwa ukuzihlonipha kakhulu kangangokuthi ngezinye izikhathi ngigcwala intukuthelo futhi ngiyalingeka ukuba ngizahlukanise nawo wonke umuntu.”

UMSHIKASHIKA WOKUBUYE UKWAZI UKULINGANISELA

Ngenxa yokukhathazeka kakhulu ngekusasa labo, abanye baye bakuthola kunzima ukubuye bakwazi ukulinganisela—ngisho nangemva kweminyaka behlukanisile. Bangase baphethe ngokuthi abanye abanandaba nabo. Ngaphezu kwalokho, omunye umlobeli wephephandaba obhala ngezehlukaniso uthi ngemva kokwehlukanisa umuntu kudingeka ‘ashintshe imikhuba yakhe futhi afunde ukubhekana nezinkinga eyedwa.’

UStanisław uyakhumbula: “Ngemva kokuhlukanisa, lowo owayeyinkosikazi yami wangivimbela ukuba ngivakashele amantombazanyana ami amabili. Lokho kwangenza ngaba nomuzwa wokuthi akusekho muntu onendaba nami nokuthi kumelwe ukuba ngisho noJehova usengilahlile. Angibange ngisakufuna ukuphila.  Ngokuhamba kwesikhathi ngaqaphela ukuthi nganginephutha kangakanani.” UWanda ohlukanisile naye wahlushwa umuzwa wokungaqiniseki ngekusasa. Uthi: “Ngangizitshela ukuthi ngemva kwesikhashana, abantu—kuhlanganise nengikholwa nabo—ngeke besaba nandaba nami nezingane zami. Noma kunjalo, manje ngiyabona ukuthi abazalwane basisekela kanjani futhi bangisiza njengoba ngangizama ukukhulisa abantwana bami ukuba babe abakhulekeli bakaJehova.”

Ungabona ekuphawuleni okunjalo ukuthi ngemva kwesehlukaniso abanye bagajwa imizwa engakhi. Bangase bazibone bengaselutho, bacabange ukuthi abalusizo lwalutho futhi abakufanelekele ukunakwa. Leyo mizwa ingabenza futhi bagxeke labo abasondelene nabo. Ngenxa yalokho, bangase baqale ukucabanga ukuthi ibandla alinaluthando futhi alinaluzwela. Nokho, okuhlangenwe nakho okunjengokukaStanisław noWanda kubonisa ukuthi abantu abahlukanisile bangagcina bebonile ukuthi abafowabo nodadewabo bayabakhathalela ngempela. Eqinisweni, amaKristu abakanye nawo aye abanakekela ngendlela ekhethekile, ngisho noma ekuqaleni babengaluqapheli usizo lwawo.

LAPHO UFIKELWA UMUZWA WESIZUNGU NOKUZIZWA ULAHLIWE

Hlale ukhumbula ukuthi naphezu kwemizamo yethu emihle kakhulu, amakholwa esikanye nawo ahlukanisile angase ahlaselwe isizungu ngezinye izikhathi. Ikakhulu odade abahlukanisile bangase babe nomuzwa wokuthi bambalwa abanendaba nabo. U-Alicja uyavuma: “Sekudlule iminyaka engu-8 ngahlukanisa. Nokho, ngezinye izikhathi ngisazizwa ngingelutho. Ezikhathini ezinjalo, ngithambekela ekuzahlukaniseni bese ngisidinda isililo futhi ngibe nemizwa yokuzidabukela.”

Nakuba imizwelo echazwe lapha ivamile kumuntu ohlukanisile, iBhayibheli liseluleka ukuba singazihlukanisi. Ukwenza ngokuphambene nalesi seluleko kungasenza senqabe “konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” (IzAga 18:1) Nokho, lowo ozizwa enesizungu kufanele aqonde ukuthi uyobe ebonisa ukuhlakanipha okusebenzayo uma egwema ukulokhu efuna iseluleko noma induduzo kothile wobulili obuhlukile. Uma ekugwema lokhu, ngeke kwakheke imizwa yothando engafanele.

Esikholwa nabo abahlukanisile bangase bahlaselwe imizwelo eyinselele, ehlanganisa nokukhathazeka ngekusasa, isizungu ngisho nokuzizwa belahliwe. Siqaphela ukuthi imizwa enjalo ivamile futhi ngesikhathi esifanayo kunzima ukuyinqoba, kufanele silingise uJehova ngokubasekela ngobuqotho abazalwane nodade abanjalo. (IHu. 55:22; 1 Pet. 5:6, 7) Singaqiniseka ukuthi bayolwazisa kakhulu noma iluphi usizo esibanika lona. Ngempela, bayothola usizo kubangane beqiniso ebandleni!IzAga 17:17; 18:24.

^ isig. 6 Amanye amagama ashintshiwe.