INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Agasti 2014

Lo magazini uqukethe izihloko ezifundwayo ezizofundwa kusukela ngo-September 29 kuya ku-October 26, 2014.

Ingabe Uthola ‘Ukudla Ngesikhathi Esifanele’?

Ingabe kumelwe umuntu akuthole konke ukudla okungokomoya inceku ethembekile ekulungiselelayo ukuze aqhubeke eqinile ngokomoya?

Iyini Indima Yabesifazane Enjongweni KaJehova?

Funda uzwe ukuthi ukuhlubuka kwase-Edene kwaba namuphi umphumela emadodeni nakwabesifazane. Funda ngezibonelo zabesifazane abathile besikhathi esidlule. Thola nokuthi abesifazane abangamaKristu banaliphi iqhaza emsebenzini kaNkulunkulu namuhla.

Sebenzisa IZwi LikaNkulunkulu—Liyaphila!

Bonke oFakazi BakaJehova bafuna ukuphumelela enkonzweni yabo. Cabangela ukusikisela okumbalwa kwendlela yokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu elinamandla kanye namapheshana ukuze siqale izingxoxo nabantu.

Indlela UJehova Asondela Ngayo Kithi

Kudingeka sibe nobuhlobo obuseduze noJehova. Funda uzwe ukuthi isihlengo neBhayibheli kukufakazela kanjani ukuthi uJehova usidonsela kuye.

Yizwa Izwi LikaJehova Nomaphi Lapho Ukhona

Funda uzwe ukuthi kubaluleke kangakanani ukulalela izwi likaJehova nokukhulumisana naye. Lesi sihloko sizokusiza ukuba ubone izindlela esingagwema ngazo ukuvumela uSathane nokuthambekela kwethu siqu esonweni kusiphazamise ekulaleleni uJehova.

‘Ubuye Uqinise Abafowenu’

Uma umzalwane ake wakhonza njengomdala kodwa engasenalo lelo lungelo, angakwazi yini ukubuye ‘azame ukufinyelela ukuba umbonisi’?

Imibuzo Evela Kubafundi

Lapho uJesu ethi abavusiweyo “abashadi futhi abendiswa,” ingabe wayekhuluma ngovuko lwasemhlabeni?

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

I-“Eureka Drama” Yasiza Abaningi Ukuba Bathole Iqiniso LeBhayibheli

Le nguqulo efushanisiwe ye-“Photo-Drama of Creation” babekwazi ukuyibukisa ezindaweni ezicezile ngisho noma ugesi ungekho.