Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ubuye Uqinise Abafowenu’

‘Ubuye Uqinise Abafowenu’

UPETRU wakhala kamunyu ngemva kokuphika ukuthi uyamazi uJesu. Nakuba kwakuzodingeka ukuba lo mphostoli asebenze kanzima ukuze aphinde alulame ngokomoya, uJesu wayefuna ukumsebenzisa ukuba asize abanye. Yingakho amtshela: “Lapho nje usubuyile, uqinise abafowenu.” (Luka 22:32, 54-62) UPetru wagcina esengomunye wezinsika zebandla lobuKristu lekhulu lokuqala. (Gal. 2:9) Ngokufanayo, umuntu owake wakhonza njengomdala angaphinde awuthwale lowo mthwalo wemfanelo futhi athole injabulo yokuqinisa akholwa nabo ngokomoya.

Abanye abake bakhonza njengababonisi baye bagudluzwa, futhi kungenzeka ukuthi lokho kwabenza bazizwa beyizehluleki. UJulio, * owakhonza njengomdala eNingizimu Melika iminyaka engaphezu kwengu-20, wathi: “Ingxenye enkulu yokuphila kwami ngangiyichitha ngilungiselela izinkulumo, ngivakashela abazalwane, futhi ngenza ukuhambela kokwelusa emalungwini ebandla! Kwaphela konke lokho ngokuphazima kweso, kwashiya isikhala esikhulu ekuphileni kwami. Ngamafuphi, ngingathi kwaba inkathi ebuhlungu kakhulu kimi.” Namuhla, uJulio usekhonza njengomdala futhi.

“KUBHEKENI NJENGENJABULO YODWA”

Umfundi uJakobe wabhala: “Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bazalwane, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene.” (Jak. 1:2) UJakobe wayebhekisela ezilingweni eziwumphumela woshushiso nokungapheleli kwethu. Wabalula izifiso zobugovu, izenzo zokukhetha nokunye. (Jak. 1:14; 2:1; 4:1, 2, 11) Lapho uJehova esiyala, kungase kube buhlungu. (Heb. 12:11) Kodwa akudingeki ukuba lolo vivinyo lusiphuce injabulo yethu.

Ngisho noma kungenzeka ukuthi siye sagudluzwa esikhundleni esithile somthwalo wemfanelo ebandleni, sisenalo ithuba lokuhlola izinga lokholo lwethu futhi sibonise uthando lwethu ngoJehova. Singazindla nangezizathu ezasenza sakhonza. Ingabe sasenzela ukuzizuzisa thina, noma ingabe sazikhandla ukuba sifinyelele lelo lungelo lenkonzo ngenxa yothando lwethu ngoNkulunkulu nokuqiniseka kwethu ukuthi ibandla lingelakhe futhi lifanelwe ukuphathwa ngesisa? (IzE. 20:28-30) Labo abake baba abadala abaqhubeka benikela inkonzo engcwele ngokujabula babonisa bonke abantu kuhlanganise noSathane ukuthi bamthanda ngeqiniso uJehova.

Lapho iNkosi uDavide inikezwa isiyalo ngenxa yezono ezimbi eyazenza, yakwamukela ukusolwa futhi yathethelelwa. UDavide wahlabelela: “Uyajabula umuntu okuvukela kwakhe kuxolelwe, osono sakhe simboziwe. Uyajabula umuntu uJehova angambaleli siphambeko, nokungekho nkohliso emoyeni wakhe.” (IHu. 32:1, 2) Isiyalo samcwengisisa uDavide futhi akungabazeki ukuthi samenza waba umalusi ongcono kakhulu wabantu bakaNkulunkulu.

Ngokuvamile abazalwane abaphinde bakhonze njengabadala baba abelusi abangcono kunangaphambili. Omunye wabo wathi: “Manje ngikuqonda kangcono ukuthi kufanele ngibaphathe kanjani labo abenza iphutha.” Omunye wathi: “Manje sengilazisa ngokwengeziwe ilungelo lokukhonza abafowethu.”

INGABE UNGABUYA?

Umhubi waloba: “[UJehova] ngeke aqhubeke esola kuze kube phakade.” (IHu. 103:9) Ngakho akufanele sicabange ukuthi uNkulunkulu ngeke aphinde amethembe umuntu oye wenza iphutha elibi. URicardo, owalahlekelwa amalungelo akhe enkonzo ngemva kokukhonza njengomdala iminyaka eminingi uthi: “Ngazicasukela kakhulu ngokwehluleka kwami. Imizwa yokungafaneleki yangivimbela isikhathi eside ukuba ngibuyele ekukhonzeni abafowethu njengombonisi. Ngangingethembi ukuthi ngingaphinde ngizibonakalise ngiwumuntu onokwethenjwa. Kodwa njengoba ngikujabulela ukusiza abanye, ngakwazi ukuqhuba izifundo zeBhayibheli, ukukhuthaza abafowethu eHholo LoMbuso nokusebenza nabo enkonzweni yasensimini. Lokho kwangisiza ukuba ngibuye ngakhe ukuzethemba, futhi manje ngikhonza njengomdala futhi.”

UJehova uye wasiza amadoda ukuba abuye athole injabulo yawo nesifiso sawo sokuphinde akhonze

Ukufukamela intukuthelo kungamvimbela umzalwane ukuba akhonze njengomdala. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukuba njengenceku kaJehova, uDavide, okwadingeka ukuba ibalekele inkosi enomhawu, uSawule! UDavide wenqaba ukuziphindiselela kuSawule, ngisho nalapho kuvela amathuba okwenza kanjalo. (1 Sam. 24:4-7; 26:8-12) Lapho uSawule efa empini, uDavide wamlilela, ebhekisela kuye nasendodaneni yakhe uJonathani ngokuthi abantu “ababethandeka futhi bemnandi.” (2 Sam. 1:21-23) UDavide akazange afukamele intukuthelo.

Uma unomuzwa wokuthi uye waba isisulu sokungaqondwa noma uphathwé ngendlela engenabulungisa, ungavumeli ukuba intukuthelo ibuse imicabango yakho. Ngokwesibonelo, lapho uWilliam ethathelwa imithwalo yakhe yemfanelo njengomdala ngemva kokukhonza iminyaka engaba ngu-30 eBrithani, wathukuthelela abanye babadala. Wasizwa yini ukuba abuye abe nombono onokulinganisela? Wathi: “Ukufunda incwadi kaJobe kwangikhuthaza. Uma uJehova asiza uJobe ukuba abuyisane nabangane bakhe abathathu, uyongisiza kangakanani mina ukuba ngibuyisane nabadala abangamaKristu!”—Jobe 42:7-9.

UNKULUNKULU UYABABUSISA LABO ABAPHINDE BAKHONZE NJENGABELUSI

Uma wakhetha ukuhoxa emsebenzini wokwalusa umhlambi kaNkulunkulu, kungaba kuhle ukuba ucabangisise ngalokho okwakwenza wahoxa. Ingabe wawugajwe izinkinga zomuntu siqu? Ingabe kunezinye izinto ezaba ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwakho? Ingabe wadikibaliswa ukungapheleli kwabanye? Kunoma ikuphi, khumbula ukuthi lapho ukhonza njengomdala wawunamathuba okusiza abanye ngezindlela ezengeziwe. Izinkulumo zakho zabaqinisa, isibonelo sakho sabakhuthaza nokuhambela kwakho kokwelusa kwabasiza ukuba bakhuthazelele izilingo zabo. Umsebenzi wakho njengomdala othembekile wawenza inhliziyo kaJehova ijabule, njengoba nje wawuyijabulisa neyakho.—IzAga 27:11.

Bonisa uthando lwakho ngoJehova ngokuhlanganyela ngenjabulo enkonzweni engcwele

UJehova uye wasiza amadoda ukuba abuye athole injabulo yawo nesifiso sawo sokuhola ebandleni. Uma wazicelela ngokwakho ukuhoxa elungelweni lokukhonza njengomdala noma wagudluzwa, ungabuye ‘uzame ukufinyelela ukuba umbonisi.’ (1 Thim. 3:1) UPawulu ‘akakaze ayeke ukuthandazela’ ukuba amaKristu aseKolose agcwale ulwazi olunembile lwentando kaNkulunkulu ‘ukuze ahambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele.’ (Kol. 1:9, 10) Uma uphinde uthola ilungelo lokukhonza njengomdala, cela uJehova akunike amandla, ukubekezela nenjabulo. Kulezi zinsuku zokugcina, abantu bakaNkulunkulu bayakudinga ukusekelwa ngokomoya ngabadala abanothando. Ingabe ungakwazi futhi uzimisele ukuqinisa abafowenu?

^ isig. 3 Amanye amagama ashintshiwe.