Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

I-“Eureka Drama” Yasiza Abaningi Ukuba Bathole Iqiniso LeBhayibheli

I-“Eureka Drama” Yasiza Abaningi Ukuba Bathole Iqiniso LeBhayibheli

“EUREKA!” Lelo zwi elilodwa nje lisho ukuthi “Ngilitholile!” Ngesikhathi sesasasa elikhulu langekhulu le-19 leminyaka lokufuna igolide eCalifornia, e-U.S.A., wawuzwa umvukuzi ememeza kanje lapho ethole igolide. Nokho, uCharles Taze Russell nabaFundi BeBhayibheli ababekanye naye bathola okuthile okuyigugu nakakhulu—iqiniso leBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, babezimisele ukulihlanganyela nabanye.

Ngehlobo lika-1914, izigidi emadolobheni amakhulu zaziye zabuthana ukuze zibone i-“Photo-Drama of Creation,” ifilimu eyayithatha amahora ayisishiyagalombili eyakhiqizwa iNhlangano YabaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke (i-I.B.S.A.). Ngezithombe zayo ezinyakazayo ezazimangalisa, ama-slide anemibala egqamile, ukulandisa okuvusa amadlingozi nonqambothi lomculo wezinsimbi, le filimu esekelwe eBhayibhelini yafundisa abayibukele, iqala ekudalweni kwezinto, iqhubekele emlandweni wabantu kuze kube sekupheleni kokuBusa KukaJesu Kristu Kweminyaka Eyinkulungwane.—IsAm. 20:4. *

Kodwa kuthiwani ngalabo ababehlala emadolobheni amancane nasemaphandleni? Ukuze kungabikho muntu olambele iqiniso ophuthelwayo, ngo-August 1914 i-I.B.S.A. yakhulula i-“Eureka Drama”—inguqulo ephathekayo ye-“Photo-Drama” kodwa engenazo izingxenye ezinyakazayo. Kwakunezinhlobo ezintathu owawungakhetha kuzo futhi inguqulo ngayinye yayitholakala ngezilimi eziningana: I-“Eureka X” yayinakho konke ukulandisa okuqoshiwe nomculo. I-“Eureka Y” yayinakho konke okuqoshiwe kanye nama-slide ayenemibala emihle. I-“Eureka Family Drama,” eyayihloselwe ukusetshenziswa ekhaya, yayinokulandisa okukhethiwe nezingoma. Amagilamafoni nemishini yokuyidlala engabizi kakhulu nakho kwakutholakala.

Kwakusetshenziswa umshini wokudlala ama-slide ekuboniseni ama-slide anemibala emihle

Njengoba sasingekho isidingo sokuthola umshini wokudlala amafilimu noma isihenqo esikhulu, abaFundi BeBhayibheli babekwazi ukunikeza le nkulumo emaphandleni, okwabenza bafinyelela amasimu amasha ngesigijimi soMbuso. I-“Eureka X” eyayinokulandisa nomculo kuphela wawungayidlala emini noma ebusuku. Umshini wama-slide wokudlala i-“Eureka Y” wawusebenza ngaphandle kukagesi, usebenzisa isibani esikhanyiswa ngomsizi okuthiwa i-carbide. Umbiko owavela kuyi-Watch Tower yolimi lwaseFinland wathi: “Siyakwazi ukubukisa lezi zithombe cishe nomaphi.” Ayengeve eyiqiniso lawo mazwi!

Esikhundleni sokuqasha amahholo amakhulu emidlalo yaseshashalazini, abaFundi BeBhayibheli abongayo babevame ukuthola izindawo ababengazisebenzisa mahhala, njengasezikoleni, ezinkantolo, eziteshini zezitimela nasemakamelweni okuhlala alabo ababenemizi emikhulu. Emapulazini kaningi yayibukiswa ngaphandle, kube ‘nesihenqo’ esasenziwe ngeshidi elikhulu elimhlophe elaliphanyekwa odongeni lwendlu yokugcina ukudla. U-Anthony Hambuch wabhala: “Abanikazi bamapulazi babenza ishashalazi elincane ezingadini zabo zezithelo, besebenzisa izingodo eziningi ukuze abantu bakwazi ukuhlala bajabulele le drama.” Leli qembu le-“Eureka” lalisebenzisa “inqola yeDrama” ukuze lithuthe imishini eliyidingayo, izikhwama zezingubo, amatende nezinto zokupheka.

Abantu ababebukela i-“Eureka” kwezinye izindawo babeba idlanzana, kwezinye babe izinkumbi. E-United States, kweza abangu-400 endlini eyayisetshenziswa njengesikole edolobhaneni elinabantu abangu-150. Kwezinye izindawo abantu babehamba amakhilomitha angu- 8 ukuya nangu-8 ukubuya ukuze babone i-“Eureka Drama.” ESweden, omakhelwane bakaCharlotte Ahlberg ababuthana emzini wakhe omncane “bathinteka ngempela” ngokulalela leyo nkulumo eqoshiwe. Kwelinye idolobha elicezile elinezimayini e-Australia yabukwa abantu abangu-1 500 ngasikhathi sinye. I-Watch Tower yesiNgisi yabika ukuthi ezikoleni zamabanga aphakeme nasemakolishi, “oprofesa nabafundi bathathekile izithombe nayizinkulumo nomculo oqoshiwe okukule drama yethu emangalisayo.” I-“Eureka Drama” yayithandwa ngisho nasemabhayisikobho.

UKUHLAKULELA IMBEWU YEQINISO

I-“Eureka Drama” yaba ithuluzi eliwusizo ‘eMsebenzini Wokwandisa Amakilasi.’ Kulo Msebenzi amakilasi abaFundi BeBhayibheli ayethumela izikhulumi ziyosungula amakilasi amasha okutadisha iBhayibheli. Akulula ukuthola ukuthi bangaki ngempela abayibona i-“Eureka Drama.” Amakhophi amaningi ale “Drama” abukiswa kaningi. Noma kunjalo, ngo-1915, emaqenjini e-“Drama” angu-86, angu-14 kuphela amaqembu ayebika njalo. Nakuba ubalisa ngokungabi nezibalo eziphelele, umbiko ofushanisiwe wokuphela konyaka wathi bangaphezu kwesigidi abantu abayibonile le “Drama.” Abangu-30 000 bacela izincwadi zeBhayibheli.

Nakuba i-“Eureka Drama” ingase ingakhunjulwa kangako kodwa cishe yabonwa izigidi zabantu kusukela e-Australia kuya e-Argentina, kusukela eNingizimu Afrika kuya eziqhingini ezakha iNgilandi, eNdiya, naseziqhingini zoLwandle iCaribbean. Abaningi kuzo balithola iqiniso leBhayibheli—eliyigugu ukwedlula igolide—futhi babengababaza bathi “Eureka!”

^ isig. 4 Bheka esithi “Ezivela Ezinqolobaneni Zethu—Ifilimu Eyakha Ukholo Esineminyaka Eyikhulu” kuyi-Nqabayokulinda ka-February 15, 2014, amakhasi 30-32.