Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sebenzisa IZwi LikaNkulunkulu—Liyaphila!

Sebenzisa IZwi LikaNkulunkulu—Liyaphila!

“Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.”—HEB. 4:12.

1, 2. Isiphi isabelo uJehova asinika uMose, futhi wamqinisekisa ngani?

UCABANGA ukuthi ubuyozizwa kanjani ukube kwakudingeka ukuba ume phambi kombusi onamandla kunabo bonke emhlabeni bese ukhulumela abantu bakaJehova? Cishe uvalo beluyokuqeda, uzizwe ungafaneleki futhi unexhala. Ubuyolulungiselela kanjani udaba lwakho? Ubungenzani ukuze amazwi akho abe nesisindo kuqashelwe ukuthi umelele uNkulunkulu uMninimandla onke?

2 Yileso simo abhekana naso uMose. UJehova wayetshele ‘lo muntu owayemnene ukubadlula kude bonke abantu ababesebusweni bomhlaba’ ukuthi umthuma kuFaro ukuba ayokhulula abantu baKhe ekucindezelweni nasekugqilazweni eGibhithe. (Num. 12:3) Njengoba izenzakalo zabonisa, uFaro wayengumuntu odelelayo nozidlayo. (Eks. 5:1, 2) Noma kunjalo, uJehova wayefuna ukuba uMose atshele uFaro ukuba adedele izigqila zakhe eziyizigidi eziningana ziphume ezweni! Singaqonda ukuthi kungani uMose abuza uJehova: “Ngingubani mina ukuthi ngingaya kuFaro futhi ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibhithe?” Kumelwe ukuba uMose wayezinyeza, ezibona engafaneleki. Kodwa uNkulunkulu wamqinisekisa ngokuthi wayengezukuba yedwa. UJehova wathi: “Ngizoba nawe.”—Eks. 3:9-12.

3, 4. (a) Yini uMose ayeyesaba? (b) Isiphi isici esingakwenza ukuba uyiqonde inselele uMose ayebhekene nayo?

3 Yini uMose ayeyesaba? Cishe wayesaba ukuthi uFaro wayengeke amamukele noma amnake umuntu ongummeleli kaJehova uNkulunkulu. Wayesaba nokuthi abantu bakubo babengeke bakholelwe ukuthi uJehova wayemmisile ukuba abahole abakhiphe eGibhithe. Yingakho uMose athi kuJehova: “Ake ngithi abangikholelwa futhi abalilaleli izwi lami, ngoba bazothi, ‘UJehova akazange abonakale kuwe.’”—Eks. 3:15-18; 4:1.

4 Indlela uJehova asabela ngayo ekwesabeni kukaMose nezenzakalo ezalandela ingafundisa umuntu ngamunye kithi isifundo esinamandla. Yiqiniso, kungenzeka ukuthi akusoze kwadingeka ukuba ume phambi kwesikhulu esithile sikahulumeni esiphakeme. Kodwa ingabe wake wakuthola kunzima ukukhuluma ngoNkulunkulu nangoMbuso wakhe ngisho nanabantu abavamile, ohlangana nabo nsuku zonke? Uma kunjalo, cabangela lokho okungase kufundwe endabeni kaMose.

“YINI LEYO ESESANDLENI SAKHO?”

5. Yini uJehova ayiphathisa uMose, futhi lokho kwakudambisa kanjani ukwesaba kwakhe? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

5 Ngesikhathi uMose esho ukuthi wayesaba ukuthi amazwi akhe angase athathwe kalula, uNkulunkulu wamlungiselela ukuba akwazi ukusingatha isimo ayezobhekana naso. Ukulandisa okuku-Eksodusi kuthi: “UJehova wathi [kuMose]: ‘Yini leyo esesandleni sakho?’ yena wathi: ‘Yinduku.’ Wathi: ‘Yiphonse phansi.’ Ngakho wayiphonsa phansi, yaba yinyoka; uMose wayibalekela. Manje uJehova wathi kuMose: ‘Yelula isandla uyibambe ngomsila.’ Waselula isandla sakhe wayibamba, yaba yinduku entendeni yesandla sakhe.” UNkulunkulu wabe esethi: “Ukuze . . . bakholwe ukuthi uJehova uNkulunkulu . . . ubonakele kuwe.” (Eks. 4:2-5) Yebo, uNkulunkulu waphathisa uMose into ayezofakazela ngayo ukuthi umyalezo wakhe wawuvela kuJehova. Lokho okwakubonakala kwabanye kuyinduku nje kwaphila ngamandla kaNkulunkulu! Yeka ukuthi leso sibonakaliso sasiyokwenza amazwi kaMose abe namandla kangakanani, sibe ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi wayesekelwa nguJehova! Yingakho uJehova amtshela: “Le nduku uzoyiphatha ngesandla ukuze wenze ngayo izibonakaliso.” (Eks. 4:17) Njengoba ayesenalobo bufakazi begunya likaNkulunkulu esandleni sakhe, uMose wayengahamba futhi amelele uNkulunkulu weqiniso ngesibindi phambi kwabantu bakubo naphambi kukaFaro.—Eks. 4:29-31; 7:8-13.

6. (a) Yini okufanele ibe sesandleni sethu lapho sishumayela, futhi kungani? (b) Chaza indlela ‘izwi likaNkulunkulu eliphila’ ngayo nokuthi “linamandla” ngayiphi indlela.

6 Lapho siphuma siyoxoxa nabanye ngesigijimi seBhayibheli, kungabuzwa umbuzo ofanayo nakithi: “Yini leyo esesandleni sakho?” Ezimweni eziningi, sisuke siphethe iBhayibheli, silungele ukulisebenzisa. UJehova ukhuluma nathi ngeZwi lakhe elilotshiwe eliphefumulelwe, nakuba abanye bengase balibheke njengencwadi nje. (2 Pet. 1:21) Liqukethe izithembiso zikaNkulunkulu eziphathelene nezinto ezizokwenzeka lapho sekubusa uMbuso wakhe. Yingakho umphostoli uPawulu abhala: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.” (Funda amaHebheru 4:12.) Zonke izithembiso zikaJehova zinamandla, azimile ndawonye, ngoba usebenzela njalo ukuzigcwalisa. (Isaya 46:10; 55:11) Uma umuntu esekuqaphela lokhu ngeZwi likaJehova, lokho akufundayo kuba namandla kakhulu ekuphileni kwakhe.

7. ‘Singaliphatha kanjani izwi leqiniso ngokufanele’?

7 Yebo, uJehova usiphathise iZwi lakhe eliphilayo elilotshiwe esingafakazela ngalo ukuthi isigijimi sethu sikholekile futhi sivela kuye. Akumangalisi ukuthi ngemva kokubhalela amaHebheru, uPawulu wanxusa umntanakhe ongokomoya uThimothewu ukuba ‘enze konke okusemandleni akhe ukuba aphathe izwi leqiniso ngokufanele.’ (2 Thim. 2:15) Singasisebenzisa kanjani iseluleko sikaPawulu? Ngokufunda ngokuzwakalayo imiBhalo ekhethwe kahle engathinta izinhliziyo zalabo abasilalelayo. Amapheshana akhululwa ngo-2013 aklanyelwe ukusisiza ukuba senze lokho kanye.

FUNDA UMBHALO OKHETHWE KAHLE!

8. Omunye umbonisi wenkonzo wathini ngamapheshana?

8 Wonke amapheshana amasha ahlelwe ngendlela efanayo. Ngakho lapho sesifunde ukusebenzisa elilodwa, sisuke sesifunde ukuwasebenzisa wonke. Ingabe kulula ukuwasebenzisa? Omunye umbonisi wenkonzo eHawaii, e-U.S.A., wabhala: “Besingacabangi ukuthi la mathuluzi amasha ayoba usizo kangaka kokubili emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu nalapho sifakaza obala.” Uye wathola ukuthi indlela amapheshana abhalwe ngayo ishukumisa abantu ukuba baphendule kalula futhi ngokuvamile lokhu kuholela ezingxoxweni ezithakazelisayo. Unomuzwa wokuthi lokhu kungenxa yombuzo onezimpendulo eziningana osekuqaleni kwepheshana. Umninikhaya akudingeki akhathazeke ngokuthi uzonikeza impendulo enganembile.

9, 10. (a) Amapheshana ethu asishukumisela kanjani ukuba sisebenzise iBhayibheli? (b) Imaphi amapheshana oye waphumelela kakhulu ekuwasebenziseni, futhi kungani?

9 Ipheshana ngalinye lisishukumisela ukuba sifunde umBhalo okhethwe kahle. Ngokwesibonelo, bheka ipheshana elithi Ingabe Ukuhlupheka Kuyoke Kuphele? Kungakhathaliseki ukuthi umninikhaya ukhetha impendulo ethi “yebo,” “cha,” noma ethi, “mhlawumbe” ekuphenduleni lo mbuzo, vula ikhasi elingaphakathi futhi ngaphandle kokunezela okuthile, umane uthi, “Nakhu iBhayibheli elikushoyo.” Yibe usufunda isAmbulo 21:3, 4.

10 Ngokufanayo, lapho usebenzisa ipheshana elithi Ucabangani NgeBhayibheli? akunandaba ukuthi umninikhaya ukhetha yiphi impendulo kwezintathu ezisekuqaleni kwepheshana. Mane uvule ikhasi elingaphakathi bese uthi, “IBhayibheli lithi ‘yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.’” Unganezela ngokuthi, “Empeleni, leli vesi alipheleli lapha.” Yibe usuvula iBhayibheli lakho, uyifunde yonke eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.

11, 12. (a) Ikuphi ukwaneliseka okuthola enkonzweni yasensimini? (b) Amapheshana angakusiza kanjani ukuba ulungiselele izimpindelo?

11 Indlela umninikhaya asabela ngayo iyonquma ukuthi kungakanani eningakufunda futhi nixoxe ngakho epheshaneni. Kunoma ikuphi, ngaphandle kokujabulela ukuthi uye wanika abantu amapheshana, uthola nokwaneliseka kokubafundela okuthile eZwini likaNkulunkulu—ngisho noma uye wakwazi ukufunda ivesi elilodwa noma amabili kuphela ekuhambeleni kokuqala. Kamuva, ungakwazi ukuyiqhubekisela phambili ingxoxo.

12 Ngemuva kwepheshana ngalinye kunombuzo ongaphansi kwesihloko esithi “Cabanga Ngalokhu” nemiBhalo eningaxoxa ngayo lapho uphindela. Epheshaneni elithi Ulibona Linjani Ikusasa? umbuzo eningaxoxa ngawo ekuhambeleni okulandelayo uthi “UNkulunkulu uyolishintsha kanjani izwe lethu ukuze libe ngcono?” futhi kukhonjwé uMathewu 6:9, 10 noDaniyeli 2:44. Epheshaneni elithi Ingabe Abafileyo Bangaphinde Baphile Ngempela? umbuzo wakhona uthi “Kungani siguga futhi sifa?” futhi kulo kukhonjwe uGenesise 3:17-19 neyabaseRoma 5:12.

13. Chaza indlela yokusebenzisa amapheshana ekuqaleni izifundo zeBhayibheli.

13 Sebenzisa amapheshana njengezinsiza zokuqala izifundo zeBhayibheli. Lapho umuntu esebenzisa ikhodi engemuva kwepheshana ukuze angene engosini yethu, iyomyisa kokuthile okungase kumkhuthaze ukuba atadishe iBhayibheli. La mapheshana aqokomisa nencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! futhi akuholele esifundweni esithile kuyo. Ngokwesibonelo, ipheshana elithi Ubani Ngempela Olawula Izwe? likuholela esifundweni 5 sale ncwajana. Ipheshana elithi Siyini Isihluthulelo Sokuba Nomndeni Ojabulayo? likuholela esifundweni 9. Ngokusebenzisa la mapheshana ngendlela okuhloswe ukuba asetshenziswe ngayo, uyobe ulandela isimiso esihle sokusebenzisa iBhayibheli ekuhambeleni kokuqala nasezimpindelweni. Ukwenza lokho kungaholela ekuqaleni izifundo ezengeziwe. Yini enye ongayenza ukuze usebenzise iZwi likaNkulunkulu ngokuphumelelayo enkonzweni yakho?

XOXA NGEZINDABA EZIKHATHAZA ABANTU

14, 15. Ungasilingisa kanjani isimo sengqondo uPawulu ayenaso ngenkonzo?

14 UPawulu wayenesifiso esiqotho sokufinyelela “abantu abaningi” enkonzweni yakhe. (Funda eyoku-1 Korinte 9:19-23.) Phawula ukuthi uPawulu wayethemba ‘ukuzuza amaJuda, ukuzuza labo abaphansi komthetho, ukuzuza labo abangenawo umthetho nokuzuza ababuthakathaka.’ Yebo, wayefuna ukufinyelela ‘abantu bazo zonke izinhlobo’ ukuze uma kunokwenzeka ‘asindise abathile.’ (IzE. 20:21) Singasilingisa kanjani isimo sengqondo sikaPawulu njengoba silungiselela ukuyoxoxa ngeqiniso ‘nabantu bazo zonke izinhlobo’ abasensimini yethu?—1 Thim. 2:3, 4.

15 INkonzo Yethu YoMbuso iba nezintshumayelo ezisikiselwayo nyanga zonke. Zizame. Kodwa uma kuwukuthi kunezinye izindaba ezikhathaza abantu abasensimini yakini, zenzele izintshumayelo ezivusa isithakazelo ukuze uhlangabezane nezidingo zabo. Cabanga ngendawo ohlala kuyo, ngabantu abahlala khona nangalokho okubakhathaza kakhulu. Yibe usucabanga ngomBhalo okhuluma ngalezo zidingo zabo. Umbonisi wesifunda nomkakhe basho lokhu ngendlela bona abagxila ngayo eBhayibhelini: “Abaninikhaya abaningi bayasivumela ukuba sifunde ivesi elilodwa uma sifushanisa futhi sihlala endabeni. Sibingelela umninikhaya ngendlela evamile sesiliphethe iBhayibheli futhi silivulile, ngemva kwalokho sifunde umBhalo.” Cabangela izihloko ezimbalwa eziphumelelayo, imibuzo nemiBhalo ongase ukuzame ensimini yakini.

Ingabe ulisebenzisa ngokuphumelelayo iBhayibheli namapheshana enkonzweni yakho? (Bheka izigaba 8-13)

16. Chaza indlela u-Isaya 14:7 angase asetshenziswe ngayo enkonzweni.

16 Uma uhlala endaweni evame ukuba nezinxushunxushu, ungase umbuze umuntu: “Ucabanga ukuthi kungaba njani uma lokhu bekungaba isihloko esiphambili emaphephandabeni namuhla: ‘Wonke umhlaba usuphumule, usukhululekile ekuphazanyisweni. Abantu beneme ngokukhamuluka kwenjabulo’? Yilokho iBhayibheli elikushoyo ku-Isaya 14:7. Eqinisweni iBhayibheli liqukethe izithembiso eziningi zezikhathi zokuthula ezizoba khona esikhathini esizayo.” Yibe usucela ukufunda esinye salezo zithembiso eBhayibhelini.

17. Ungayiqala kanjani ingxoxo ngencwadi kaMathewu 5:3?

17 Ingabe kunzima ngamadoda amaningi ukuthola umsebenzi wokuziphilisa endaweni yakini? Uma kunjalo ungase uqale ingxoxo ngokubuza: “Umuntu kudingeka abe nemali engakanani ukuze enze umndeni wakhe ujabule?” Ngemva kwempendulo yakhe, unganezela ngokuthi: “Amadoda amaningi athola imali engaphezu kwaleyo, kodwa noma kunjalo imindeni yawo ayanelisekile. Ngakho, yini ngempela edingekayo?” Yibe usufunda uMathewu 5:3 futhi ubuze ukuthi angesijabulele yini isifundo seBhayibheli.

18. Ungayisebenzisa kanjani incwadi kaJeremiya 29:11 ukuze ududuze abanye?

18 Ingabe abantu endaweni yakini bakhahlanyezwe inhlekelele ethile muva nje? Ungaqala ingxoxo yakho ngokuthi: “Ngize kwakho ukuzoxoxa nawe ngamazwi enduduzo. (Funda uJeremiya 29:11.) Uphawulile yini ukuthi iziphi izinto ezintathu uNkulunkulu asifunela zona? ‘Ukuthula, ikusasa, nethemba.’ Akukhuthazi yini ukwazi ukuthi usifunela impilo engcono? Kodwa kungenzeka kanjani lokho?” Yibe usuvula isifundo esifanele encwajaneni ethi Izindaba Ezinhle.

19. Chaza indlela esingasebenzisa ngayo isAmbulo 14:6, 7 lapho sixoxa nabantu abasontayo.

19 Ingabe uhlala endaweni enabantu abathanda inkolo? Uma kunjalo, ungase uqale ingxoxo ngokubuza: “Uma ingelosi ibingake ikhulume nawe, ingabe ubuyokulalela ekushoyo? (Funda isAmbulo 14:6, 7.) Njengoba le ngelosi ithi ‘sesabe uNkulunkulu,’ ngeke yini kube okubalulekile ukuthola ukuthi ikhuluma ngamuphi uNkulunkulu? Ingelosi isisiza sazi ukuthi imuphi ngokuthi ‘yiLowo owenza izulu nomhlaba.’ Imuphi lowo Nkulunkulu?” Yibe usufunda iHubo 124:8 elithi: “Usizo lwethu lusegameni likaJehova, uMenzi wezulu nomhlaba.” Ngemva kwalokho ungabe usucela ukumchazela okwengeziwe ngoJehova uNkulunkulu.

20. (a) IzAga 30:4 zingasetshenziswa kanjani ekufundiseni othile ngegama likaNkulunkulu? (b) Ukhona yini umBhalo okhethekile ovame ukuthola imiphumela emihle lapho uwusebenzisa?

20 Ungase uqale ingxoxo nomuntu osemusha ngokuthi: “Ngingathanda ukukufundela umBhalo obuza umbuzo obaluleke kakhulu. (Funda izAga 30:4.) Akekho umuntu oyifanelekelayo le ncazelo, ngakho kumelwe ukuthi kuchazwa uMdali wethu. * Singathola kanjani ukuthi lingubani igama lakhe? Ngingajabula ukukubonisa lona eBhayibhelini.”

VUMELA IZWI LIKANKULUNKULU LENZE INKONZO YAKHO IBE NAMANDLA

21, 22. (a) UmBhalo okhethwe kahle ungakushintsha kanjani ukuphila komuntu? (b) Yini ozimisele ukuyenza njengoba ufeza inkonzo yakho?

21 Awazi ukuthi abantu bayosabela kanjani emBhalweni othile okhethwe kahle. Ngokwesibonelo, oFakazi ababili e-Australia bangqongqoza emzini womunye wesifazane osemusha. Omunye wabo wambuza, “Uyalazi yini igama likaNkulunkulu?” wabe esemfundela umBhalo owodwa—iHubo 83:18. Lona wesifazane uthi “Bangishiya ngikhexile! Lapho sebehambile, ngangena emotweni ngahamba ibanga elingamakhilomitha angu-56 ngiya esitolo esidayisa izincwadi ngiyobheka leli gama kwezinye izinguqulo zeBhayibheli, ngabe sengilibheka nasesichazamazwini. Ngemva kokuziqinisekisa ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, ngazibuza ukuthi yini enye engingayazi.” Ngemva nje kwalokho, yena nalowo ayezoshada naye baqala ukutadisha iBhayibheli, futhi kamuva babhapathizwa.

22 IZwi likaNkulunkulu liyakushintsha ukuphila kwalabo abalifundayo futhi babe nokholo ezithembisweni zikaJehova eziphilayo. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13.) Isigijimi seBhayibheli sinamandla ngaphezu kwanoma yini enye esingase siyisho ngenjongo yokufinyelela inhliziyo yomunye umuntu. Yingakho kufanele silisebenzise iZwi likaNkulunkulu noma nini lapho kuvela ithuba. Liyaphila!

^ isig. 20 Bheka esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-July 15, 1987, ikhasi 31.