Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

UJesu watshela abaSadusi ukuthi abavusiweyo “abashadi futhi abendiswa.” (Luka 20:34-36) Ingabe wayekhuluma ngovuko lwasemhlabeni?

Lona umbuzo obalulekile, ikakhulu kulabo abashonelwe abangane bomshado. Bangase balangazelele ukubuye bashade nabo futhi ezweni elisha lapho sebevusiwe. Omunye umfelwa wathi: “Mina nomkami asizange sikhethe ukuwuqeda umshado wethu. Isifiso sethu bekuwukuqhubeka sikhulekela uJehova ndawonye njengendoda nomfazi phakade. Ngisenayo leyo mizwa.” Ingabe sikhona isizathu esiphathekayo sokwethemba ukuthi abavusiweyo bayokwazi ukushada? Kalula nje, impendulo iwukuthi asazi.

Sekuyiminyaka izincwadi zethu zithi la mazwi kaJesu aphathelene novuko nokushada cishe abhekisela ovukweni lwasemhlabeni nokuthi labo abavuselwa ukuphila ezweni elisha kubonakala bengeke bashade. * (Math. 22:29, 30; Marku 12:24, 25; Luka 20:34-36) Nakuba singeke sigomele, kungenzeka yini ukuthi la mazwi kaJesu abhekisela ovukweni lwasezulwini? Ake sihlolisise lokho uJesu akusho.

Cabangela ukuthi kwakwenzenjani ukuze uJesu asho lawo mazwi. (Funda uLuka 20:27-33.) AbaSadusi, ababengakholelwa ovukweni, bazama ukuhila uJesu ngombuzo ophathelene novuko nelungiselelo lokungena inkosikazi yomfowenu. * UJesu waphendula: “Abantwana balesi simiso sezinto bayashada futhi bayendiswa, kodwa labo ababalwe njengabakufanelekelayo ukuzuza lesiya simiso sezinto nokuvuka kwabafileyo abashadi futhi abendiswa. Eqinisweni, ngeke besafa, ngoba banjengezingelosi, futhi bangabantwana bakaNkulunkulu ngokuba ngabantwana bovuko.”—Luka 20:34-36.

Kungani izincwadi zethu ziye zathi cishe uJesu wayekhuluma ngovuko lwasemhlabeni? Ngokuyinhloko, kwafinyelelwa kuleso siphetho ngenxa yezizathu ezimbili. Esokuqala, kucatshangwa ukuthi cishe abaSadusi babecabanga ngovuko lwasemhlabeni nokuthi uJesu wayezobaphendula ngokuvumelana nalokho ababekucabanga. Esesibili, uJesu waphetha impendulo yakhe ngokubhekisela ku-Abrahama, u-Isaka noJakobe—izinzalamizi ezithembekile ezinethemba lovuko lwasemhlabeni.—Luka 20:37, 38.

Nokho, kubonakala kungenzeka ukuthi uJesu wayecabanga ngovuko lwasezulwini. Singafinyelela kuleso siphetho ngasiphi isisekelo? Ake sicabangele izinkulumo ezimbili eziyisihluthulelo.

“Labo ababalwe njengabakufanelekelayo ukuzuza . . . [ukuvuka] kwabafileyo.” Abagcotshiweyo abathembekile ‘babalwa njengabawufanelekelayo uMbuso kaNkulunkulu.’ (2 Thes. 1:5, 11) Kuye kwathiwa balungile ukuba bathole ukuphila ngesisekelo sesihlengo; ngenxa yalokho, abafi njengezoni ezilahliwe. (Roma 5:1, 18; 8:1) Kuthiwa ‘bayajabula futhi bangcwele’ futhi babhekwa njengabakufanelekelayo ukuvuselwa ezulwini. (IsAm. 20:5, 6) Ngokuphambene, labo abavuselwa ukuphila emhlabeni bayohlanganisa “nabangalungile.” (IzE. 24:15) Kungashiwo yini ngabo ukuthi “babalwe njengabakufanelekelayo” ukuvuswa?

“Ngeke besafa.” Ezinye izinguqulo zihumusha le nkulumo ngokuthi “ngeke besabhekana nokufa” nangokuthi “ukufa akusenamandla phezu kwabo.” Abagcotshiweyo abaqeda inkambo yabo yasemhlabeni ngokwethembeka bavuselwa ezulwini futhi banikwa ukungafi—ukuphila okuphakade okungenakubhubhiseka. (1 Kor. 15:53, 54) Ukufa akusenamandla phezu kwalabo abathola uvuko lwasezulwini. *

Ngenxa yalokho okusanda kushiwo, singase siphethe ngokuthini? Kungenzeka ukuthi amazwi kaJesu ngokushada nokuvuka asebenza ovukweni lwasezulwini. Uma kunjalo, amazwi akhe angasitshela izinto eziningi ngalabo abavuselwa ukuphila ezulwini: Abasashadi, abasenakho ukufa, futhi ngandlela-thile banjengezingelosi—izidalwa zomoya eziphila endaweni yomoya. Nokho, isiphetho esinjalo siphakamisa imibuzo eminingana.

Owokuqala, kungani uJesu ayengabhekisela ovukweni lwasezulwini lapho ephendula abaSadusi, cishe ababecabanga ngovuko lwasemhlabeni? UJesu akazange ngaso sonke isikhathi aphendule abaphikisi bakhe ngokwalokho ababekucabanga. Ngokwesibonelo, kumaJuda ayefuna awenzele isibonakaliso, wathi: “Dilizani leli thempeli, mina ngizolivusa ngezinsuku ezintathu.” Cishe uJesu wayazi ukuthi babecabanga ngesakhiwo sethempeli, “kodwa wayekhuluma ngethempeli elingumzimba wakhe.” (Joh. 2:18-21) Mhlawumbe uJesu akazange azizwe ephoqelekile ukuba abaphendule labo baSadusi abambuluzayo, ababengakholelwa ovukweni noma ekutheni izingelosi zikhona. (IzAga 23:9; Math. 7:6; IzE. 23:8) Kunalokho, kungenzeka ukuthi wayemane efuna ukwembula amaqiniso ngovuko lwasezulwini ayezozuzisa abafundi bakhe abaqotho, ababeyothola lolo vuko ngolunye usuku.

Owesibili, kungani uJesu aphetha ingxoxo yakhe nabo ngokubhekisela ku-Abrahama, u-Isaka noJakobe ababezovuselwa emhlabeni? (Funda uMathewu 22:31, 32.) Phawula ukuthi uJesu wandulelisa amazwi akhe aphathelene nalezo zinzalamizi ngamazwi athi “ngokuqondene novuko lwabafileyo.” Leyo nkulumo ebonisa ushintsho lomqondo wendaba ingase ivumele nokushintsha kulokho obekugxilwe kukho. Ecaphuna ezincwadini zikaMose abaSadusi ababethi bayazamukela, uJesu wabe esesebenzisa amazwi uJehova awasho kuMose esihlahleni esivuthayo ukuze anikeze ubufakazi obengeziwe bokuthi uvuko—lwasemhlabeni—luyinjongo kaNkulunkulu eqinisekile.—Eks. 3:1-6.

Owesithathu, uma kuwukuthi amazwi kaJesu mayelana novuko nokushada asebenza ovukweni lwasezulwini, ingabe lokhu kusho ukuthi abayovuselwa emhlabeni bazokwazi ukushada? IZwi likaNkulunkulu aliwuphenduli ngokuqondile lowo mbuzo. Eqinisweni, uma uJesu ayekhuluma ngovuko lwasezulwini, khona-ke amazwi akhe awakhanyisi lutho ngokuphathelene nokuthi abayovuselwa emhlabeni bayokwazi yini ukushada ezweni elisha noma cha.

Okwamanje, siyazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu lisho ngokuqondile ukuthi ukufa kuyasiqeda isibopho somshado. Ngakho, akudingeki ukuba umuntu oshonelwe umngane womshado azizwe enecala uma enquma ukuphinde ashade. Yisinqumo somuntu siqu leso, futhi abasenzayo akufanele bagxekwe ngokufuna imfudumalo yokuba nomngane womshado.—Roma 7:2, 3; 1 Kor. 7:39.

Kuyaqondakala ukuthi singase sibe nemibuzo eminingi ngokuphila ezweni elisha. Kunokuqagela ngokungadingeki izimpendulo zaleyo mibuzo, sizomane silinde sibone. Kodwa nakhu esiqiniseka ngakho: Abantu abalalelayo bayojabula ngoba uJehova uyozanelisa zonke izidingo zabo ngendlela engcono ngangokunokwenzeka.—IHu. 145:16.

^ isig. 4 Bheka INqabayokulinda ka-June 1, 1987, amakhasi 30-31.

^ isig. 5 Ngezikhathi zeBhayibheli, kwakuyisiko ukungena umkamfowenu ngokuba umuntu ashade nenkosikazi yomfowabo ofe engenandodana ngenjongo yokumvezela inzalo ukuze igama lakhe lingafi.—Gen. 38:8; Dut. 25:5, 6.

^ isig. 9 Labo abavuselwa ukuphila emhlabeni bayoba nethemba lokuthola ukuphila okuphakade, hhayi ukungafi. Ukuze ufunde okwengeziwe ngomahluko okhona phakathi kokungafi nokuphila okuphakade, bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1989 amakhasi 29-30 [ngesiNgisi eka-April 1, 1984, amakhasi 30-31].