Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uthola ‘Ukudla Ngesikhathi Esifanele’?

Ingabe Uthola ‘Ukudla Ngesikhathi Esifanele’?

SIPHILA esikhathini esinzima kunazo zonke emlandweni wesintu. (2 Thim. 3:1-5) Uthando lwethu ngoJehova nokuzimisela kwethu ukuphila ngezindinganiso zakhe zokulunga kuvivinywa nsuku zonke. UJesu wasibona kusengaphambili lesi sikhathi sezinkathazo, futhi waqinisekisa abalandeli bakhe ukuthi babeyothola isikhuthazo abasidingayo ukuze bakwazi ukukhuthazela kuze kube sekugcineni. (Math. 24:3, 13; 28:20) Ukuze abaqinise, wamisa inceku ethembekile ezolungiselela “ukudla” okungokomoya “ngesikhathi esifanele.”—Math. 24:45, 46.

Kusukela kwamiswa inceku ethembekile ngo-1919, izigidi ‘zabendlu’ zazo zonke izilimi ziye zabuthelwa enhlanganweni kaNkulunkulu futhi ziyondliwa ngokomoya. (Math. 24:14; IsAm. 22:17) Nokho, ukudla okungokomoya akutholakali ngesilinganiso esifanayo ngazo zonke izilimi futhi akubona bonke abakwaziyo ukuthola izincwadi zethu ezifakwe kuyi-Internet. Ngokwesibonelo, abaningi abakwazi ukuthola ama-video nezihloko ezitholakala kuphela engosini yethu ethi jw.org. Ingabe lokhu kusho ukuthi kunabanye abaphuthelwa ukudla abakudingayo ukuze bahlale bephilile ngokomoya? Ukuze sifinyelele esiphethweni esinembile, ake siphendule imibuzo emine esemqoka.

1. Siyini isithako esiyinhloko sokudla uJehova akulungiselelayo?

Lapho uSathane elinga uJesu ukuba aphendule amatshe abe izinkwa, uJesu waphendula: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Math. 4:3, 4) Amazwi kaJehova alotshwe eBhayibhelini. (2 Pet. 1:20, 21) Ngenxa yalokho, iBhayibheli liyisithako esiyinhloko sokudla kwethu okungokomoya.—2 Thim. 3:16, 17.

Inhlangano kaJehova iye yenza ukuba INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele noma eyingxenye itholakale ngezilimi ezingaphezu kuka-120, futhi kunezelwa ezinye izilimi unyaka ngamunye. Ngaphezu kwale nguqulo, kunezinkulungwane zezigidi zamakhophi ezinye izinguqulo zeBhayibheli eliphelele noma eliyingxenye ezitholakalayo ngezinkulungwane zezilimi. Lo msebenzi omuhle kangaka uvumelana nentando kaJehova yokuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:3, 4) Ngenxa yokuthi “akukho ndalo engabonakali emehlweni” kaJehova, singaqiniseka ukuthi uyobadonsela enhlanganweni yakhe abantu “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya” futhi abanikeze ukudla okungokomoya.—Heb. 4:13; Math. 5:3, 6; Joh. 6:44; 10:14.

2. Izincwadi zethu zifeza yiphi indima ekunikezeni ukudla okungokomoya?

Ukuze umuntu abe nokholo oluqinile, kudingeka angagcini kuphela ngokulifunda iBhayibheli. Kumelwe akuqonde lokho akufundayo futhi akusebenzise. (Jak. 1:22-25) Umthenwa ongumTopiya ekhulwini lokuqala waliqaphela leli qiniso. Wayefunda iZwi likaNkulunkulu lapho umvangeli uFiliphu embuza: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” Umthenwa waphendula: “Ngingakwazi kanjani nje nempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” (IzE. 8:26-31) UFiliphu wasabela ngokumsiza lo mthenwa ukuba abe nolwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu. Lokho lo mthenwa akufunda kwamthinta kakhulu kangangokuba wabhapathizwa. (IzE. 8:32-38) Izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini ziye zasisiza nathi ukuba sibe nolwazi olunembile lweqiniso. Ziye zathinta imizwelo yethu futhi zasishukumisela ukuba sikusebenzise esikufundayo.—Kol. 1:9, 10.

Ngalezi zincwadi, izinceku zikaJehova zinikezwa insada yezinto ezingokomoya ukuze zidle futhi ziphuze. (Isaya 65:13) Ngokwesibonelo, INqabayokulinda, etholakala ngezilimi ezingaphezu kwezingu-210, ichaza iziprofetho zeBhayibheli, ikhulisa ukuqonda kwethu amaqiniso ajulile angokomoya futhi isishukumisela ukuba siphile ngezimiso zeBhayibheli. I-Phaphama! enyatheliswa ngezilimi ezingaba yikhulu, isinika ulwazi olubanzi ngendalo kaJehova futhi isibonisa indlela yokusebenzisa iseluleko seBhayibheli esiwusizo. (IzAga 3:21-23; Roma 1:20) Inceku ethembekile isinikeza ukwaziswa okusekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezingaphezu kuka-680! Ingabe ubekela eceleni isikhathi usuku ngalunye sokufunda iBhayibheli? Uyawufunda yini umagazini ngamunye nazo zonke izincwadi ezenziwa zitholakale ngolimi lwakho unyaka ngamunye?

Ngaphezu kokukhiqiza izincwadi, inhlangano kaJehova ilungiselela izinhlaka zezinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini ezinikezwa emihlanganweni yethu yebandla, yesigodi neyesifunda. Uyazijabulela yini izinkulumo, amadrama, imiboniso nezingxoxo ezinikezwa kuleyo mibuthano? Ngokuqinisekile uJehova usenzela idili elingokomoya!—Isaya 25:6.

3. Uma izincwadi ezikhiqizwayo zingatholakali zonke ngolimi lwakho, ingabe ngeke wondleke kahle ngokomoya?

Impendulo ingucha. Futhi akufanele kusimangaze ukuthi ngezinye izikhathi ezinye izinceku zikaJehova zingathola ukudla okungokomoya okungaphezu kwalokho okutholwa abanye. Kungani kungafanele kusimangaze? Cabanga ngabaphostoli. Bafundiswa izinto eziningi ukwedlula abanye abafundi abaningi bangekhulu lokuqala. (Marku 4:10; 9:35-37) Noma kunjalo, lokho akusho ukuthi labo abanye abafundi babengondlekile kahle ngokomoya; babekuthola ababekudinga.—Efe. 4:20-24; 1 Pet. 1:8.

Kuhle nokuphawula ukuthi okuningi kwalokho uJesu akusho nakwenza emhlabeni akuzange kulotshwe emaVangelini. Umphostoli uJohane wabhala: “Eqinisweni, kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenza, lezo engicabanga ukuthi, uma bezingalotshwa ngemininingwane egcwele, izwe ngokwalo belingenakukwazi ukuyiqukatha imiqulu ebiyolotshwa.” (Joh. 21:25) Ngisho noma ukwaziswa abalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala ababenakho ngomuntu ophelele uJesu kwakukuningi kunokwethu, akusho ukuthi asondlekile. UJehova uye waqinisekisa ukuthi sazi okwanele ngoJesu ukuba sikwazi ukulandela ezinyathelweni zakhe.—1 Pet. 2:21.

Cabanga nangezincwadi abaphostoli abazithumela emabandleni ekhulu lokuqala. Okungenani kunencwadi eyodwa eyabhalwa uPawulu engafakwanga eBhayibhelini. (Kol. 4:16) Ingabe ukudla kwethu akwanele ngoba singenayo leyo ncwadi? Cha. UJehova uyakwazi esikudingayo futhi usinike okwanele okungasigcina siqinile ngokomoya.—Math. 6:8.

UJehova uyakwazi esikudingayo futhi usinike okwanele okungasigcina siqinile ngokomoya

Namuhla, amaqembu athile ezinceku zikaJehova anokudla okungokomoya okungaphezu kwalokho okutholakalayo kwabanye. Ingabe ukhuluma ulimi olunezincwadi ezimbalwa kuphela ezitholakalayo? Uma kunjalo, yazi ukuthi uJehova uyakukhathalela. Tadisha izincwadi onazo, futhi uma kunokwenzeka, yana emihlanganweni yolimi oluqondayo. Qiniseka nangokuthi uJehova uyokugcina uqinile ngokomoya.—IHu. 1:2; Heb. 10:24, 25.

4. Uma ungenakukwazi ukuthola ukwaziswa okukhishwa engosini yethu ethi jw.org, ingabe uyoba buthaka ngokomoya?

Engosini yethu, sifaka omagazini bethu nezinye izincwadi eziyizinsiza kufunda iBhayibheli. Le ngosi inanokwaziswa okusiza imibhangqwana, intsha nalabo abanezingane ezisencane. Imindeni iyazuza ngokuxoxa ngalokhu kwaziswa ekuKhulekeleni kwayo Komkhaya. Ngaphezu kwalokho, ingosi yethu isibikela ngezinhlelo ezikhethekile, ezinjengokwethweswa iziqu eGileyadi nomhlangano waminyaka yonke, futhi isiza abazalwane emhlabeni wonke ukuba bahlale bazi ngezinhlekelele zemvelo nokuthi kuqhubekani ngamacala asezinkantolo athinta abantu bakaJehova. (1 Pet. 5:8, 9) Le ngosi ibuye ibe ithuluzi elinamandla lokushumayela, yenze izindaba ezinhle zitholakale ngisho nasemazweni umsebenzi wethu ovinjelwe noma obekelwe imingcele kuwo.

Nokho, ungahlale uqinile ngokomoya kungakhathaliseki ukuthi uyakwazi ukungena kule ngosi yethu noma cha. Inceku ethembekile iye yasebenza kanzima ukuze ilungiselele ukwaziswa okunyatheliswayo okwanele ukuba kugcine ilungu ngalinye labendlu kaJesu londlekile ngokomoya. Ngakho, akudingeki uzizwe ubophekile ukuba uthenge umshini othile wobuchwepheshe ukuze nje ukwazi ukusebenzisa i-jw.org. Abanye bangase bazenzele amalungiselelo okuba banyathelise ukwaziswa okuthile okusengosini yethu bese bekunikeza labo abangakwazi ukungena kuyo, kodwa akudingeki ukuba amabandla enze lokhu.

Siyambonga uJesu ngokugcina isithembiso sakhe sokunakekela izidingo zethu ezingokomoya. Njengoba lezi zinsuku zokugcina ezinzima zisondela ngokushesha ekupheleni kwazo, singaqiniseka ukuthi uJehova uyoqhubeka elungiselela “ukudla” okungokomoya “ngesikhathi esifanele.”