INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Septhemba 2014

Lo magazini uqukethe izihloko ezifundwayo ezizofundwa kusukela ngo-October 27 kuya ku-November 30, 2014.

Ingabe ‘Uyazama Ukufinyelela’ Amalungelo Enkonzo?

Ungakwenza kanjani ngendlela eyamukelekayo?

Ingabe Uyaqiniseka Ukuthi Uthole Iqiniso? Kungani?

Lesi sihloko sizodingida ezinye zezizathu ezenza abantu abaningi bavume ukuthi oFakazi BakaJehova baneqiniso. Sizocabangela nezizathu zokuthi kungani oFakazi beqiniseka ukuthi baneqiniso.

Khonza UNkulunkulu Ngokwethembeka Naphezu ‘Kwezinsizi Eziningi’

Wonke umuntu ubhekana nezinsizi ngenxa yokuthi siphila ezweni likaSathane. Iziphi ezinye zezindlela uSathane ahlasela ngazo? Singazilungiselela kanjani ukuze sibhekane nazo?

Bazali—Yelusani Abantwana Benu

Abazali banomthwalo wokukhulisa abantababo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Lesi sihloko sixoxa ngezindlela ezintathu abazali abangelusa ngazo abantababo futhi babasize ukuba bathande uJehova.

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe lokho okushiwo yiBhayibheli kumaHubo 37:25 nakuMathewu 6:33 kusho ukuthi uJehova akasoze avumela umKristu ukuba alambe?

Isitha Sokugcina, Ukufa, Senziwa Ize

Ukufa nakho konke okukubangelayo kudala ukuhlupheka okubi kakhulu. Kungani abantu befa? ‘Isitha sokugcina, ukufa,’ siyokwenziwa kanjani “ize”? (1 Korinte 15:26) Thola indlela izimpendulo eziqokomisa ngayo ubulungisa bukaJehova, ukuhlakanipha kwakhe futhi ngokuyinhloko uthando lwakhe.

Khumbulani Abasenkonzweni Yesikhathi Esigcwele

Abakhulekeli bakaJehova abaningi bayazikhandla enkonzweni yesikhathi esigcwele. Yini esingayenza ukuze sikhumbule ‘umsebenzi wabo wokuthembeka nomshikashika wabo wothando’?—1 Thesalonika 1:3.