Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyaqiniseka Ukuthi Uthole Iqiniso? Kungani?

Ingabe Uyaqiniseka Ukuthi Uthole Iqiniso? Kungani?

“Nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.”—ROMA 12:2.

1. Yini abefundisi beLobukholwa abayenza phakathi nesikhathi sempi?

INGABE kuyintando kaNkulunkulu ukuba amaKristu eqiniso aye empini futhi abulale abantu bezinye izizwe? Yilokho okuye kwenziwa abaningi abaye bazibiza ngamaKristu phakathi neminyaka eyikhulu edlule. Abefundisi bamabutho abangamaKatolika baye babusisa amabutho nezikhali zawo ukuba abulale amanye amaKatolika esizwe alwa naso. Abefundisi bamaProthestani nabo baye benza okufanayo. IMpi Yezwe II iyisibonelo esivelele sokubulalana okwaba umphumela.

2, 3. Yini oFakazi BakaJehova abayenza phakathi neMpi Yezwe II nakamuva, futhi ngani?

2 Yini oFakazi BakaJehova abayenza phakathi naleso sikhathi sempi? Umlando ubonisa ukuthi balondoloza ukungathathi-hlangothi kobuKristu. Sasiyini isisekelo salokho kuma kwabo? Ngokuyinhloko, sasiyisibonelo nezimfundiso zikaJesu. Wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Joh. 13:35) Banaka nendlela ebanzi okusebenza ngayo izizathu umphostoli uPawulu azinikeza lapho ebhalela amaKristu aseKorinte.—Funda eyesi-2 Korinte 10:3, 4.

3 Ngakho-ke, amaKristu eqiniso anonembeza oqeqeshwe ngeBhayibheli awayifundi impi noma ahlanganyele kuyo. Izinkulungwane zoFakazi, abasha nabadala, abesilisa nabesifazane ziye zashushiswa ngenxa yokunamathela kulokhu kuma kobuKristu. Abaningi baye bahlushwa emakamu nasemajele, befukuziswa ngempoqo. Phakathi nenkathi yobuNazi eJalimane, abanye babulawa ngisho nokubulawa. Naphezu kokushushiswa ngonya eYurophu, oFakazi abazange bawukhohlwe umsebenzi abawuphathisiwe wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova. Bawenza ngokwethembeka—emajele, emakamu okuhlushwa nasekudingisweni. * Kamuva, oFakazi abazange bahlanganyele nasekuqothulweni kwesizwe okwenzeka eRwanda ngo-1994. Baqhubeka bengathathi hlangothi nasezimpini zamuva emazweni aseBalkan okwachitheka kuzo amathantala egazi ngesikhathi sokuqhekeka kwezwe elalaziwa ngokuthi iYugoslavia.

4. Ukungathathi-hlangothi koFakazi BakaJehova kubathinte kanjani ababukele?

4 Ukungathathi-hlangothi ngokuphelele koFakazi BakaJehova kuye kwaqinisekisa izinkulungwane zababukele emhlabeni wonke ukuthi oFakazi banothando lweqiniso ngoNkulunkulu nomakhelwane. Ngamanye amazwi, baqhuba ubuKristu beqiniso. Nokho, zikhona nezinye izici zokukhulekela kwethu eziye zenza ukuba lapho abantu abaningi bebona oFakazi BakaJehova, baqiniseke ukuthi babona amaKristu eqiniso.

UMSEBENZI WOKUFUNDISA OMKHULU KUNAYO YONKE EMLANDWENI

5. Iluphi ushintsho abalandeli bakaKristu bokuqala okwadingeka balwenze?

5 Kusukela ekuqaleni kwenkonzo yakhe, uJesu wagcizelela ukubaluleka kokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Wakhetha abafundi abangu-12 ukuba bahlanganyele naye ekubekeni isisekelo senkonzo eyayizokwenziwa emhlabeni wonke; ngemva kwalokho waqeqesha iqembu labafundi abangu-70. (Luka 6:13; 10:1) Babekulungele ukuyisa izindaba ezinhle kwabanye, kumaJuda kuqala. Kwabe sekulandela izindaba ezabamangaza! Kwakuzodingeka bayise izindaba ezinhle nakubantu bezizwe abangasokile. Yeka ushintsho okumelwe ukuba kwaba yilo kubafundi abangamaJuda abashisekayo!—IzE. 1:8.

6. Yini eyenza uPetru waqaphela ukungakhethi kukaJehova?

6 Umphostoli uPetru wathunywa emzini kaKorneliyu, oweZizwe ongasokile. Ngemva kwalokho waqaphela ukuthi uNkulunkulu akakhethi. UKorneliyu nabendlu yakhe babhapathizwa. Manje ubuKristu base busakazekela ensimini entsha futhi enkulu; abantu ezizweni zonke base bezokuzwa iqiniso futhi balamukele. (IzE. 10:9-48) Manje umhlaba wonke wawusuyinsimu.

7, 8. Isiphi isinyathelo inhlangano kaJehova eye yasithatha? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

7 Phakathi nomlando wanamuhla woFakazi BakaJehova, abaholayo baye bawuqhubekisela phambili ngentshiseko umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle nokufundisa emhlabeni. Namuhla, oFakazi abashisekayo abacishe babe izigidi ezingu-8 benza konke abangakwenza ukuze basakaze isigijimi sikaKristu ngezilimi ezingaphezu kuka-600, futhi kusazonezelwa nezinye! OFakazi BakaJehova baziwa kahle ngenkonzo yabo yendlu ngendlu nangokushumayela kwabo emgwaqweni, ngezinye izikhathi bashumayela ngokubeka izincwadi ematafuleni nasezinqoleni.

8 Kunabahumushi abangaphezu kuka-2 900 abaqeqeshwe ngokukhethekile ukuba bahumushe iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo. Umsebenzi wabo awugcini ngokuhumusha izincwadi ngezilimi ezingase zibhekwe njengezinkulu. Bahumushela ezilimini ezihlanganisa namakhulu ezilimi ezingaziwa kangako kodwa ezikhulunywa izigidi zabantu. Ngokwesibonelo, kunezigidi zabantu baseSpain abakhuluma ulimi lomdabu lwesiCatalan nsuku zonke. Muva nje, ulimi lwesiCatalan nezinhlobo zalo luye lwavuselelwa e-Andorra, e-Alicante, eziQhingini ZaseBalearic naseValencia. Manje oFakazi BakaJehova bakhiqiza izincwadi zeBhayibheli ngesiCatalan, futhi kuqhutshwa imihlangano yobuKristu ngalolu limi oluthinta izinhliziyo zabantu abalukhulumayo.

9, 10. Yini ebonisa ukuthi inhlangano kaNkulunkulu ikhathalela izidingo ezingokomoya zabo bonke abantu?

9 Le nqubo yokuhumusha nokufundisa iyenziwa nakwamanye amazwe amaningi. Ngokwesibonelo, nakuba ezweni laseMexico kukhulunywa iSpanishi, kunamaqembu amakhulu abantu bomdabu abakhuluma ezinye izilimi. AmaMaya angelinye lawo. Igatsha laseMexico labela iqembu labahumushi besiMaya ukuba liyohlala engxenyeni yezwe elizokwazi ukukhuluma nokuzwa kuyo lolu limi nsuku zonke. Esinye isibonelo eseqembu elikhuluma isiNepali, olungolunye lwezilimi ezikhulunywa eNepal, enabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-29. Kukhulunywa izilimi ezingaba ngu-120 kuleli zwe, kodwa abantu abangaphezu kwezigidi eziyishumi bakhuluma isiNepali futhi abaningi basibheka njengolimi lwabo lwesibili. Izincwadi zethu zeBhayibheli sezikhiqizwa nangalolu limi.

10 Indlela asekelwa ngayo la maqembu amaningi abahumushi emhlabeni ibonisa ukuthi inhlangano kaJehova iwubheka njengobaluleke kakhulu umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke. Emikhankasweni eye yenziwa emhlabeni wonke kuye kwasakazwa mahhala izigidi ngezigidi zamapheshana, izincwajana nomagazini emphakathini. Izindleko zalezi zincwadi zikhokhelwa ngeminikelo yokuzithandela yoFakazi BakaJehova, abaye balandela isiqondiso sikaJesu: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.”—Math. 10:8.

Iqembu labahumushi lilungiselela izincwadi ngesiJalimane Sezinga Eliphansi (Bheka isigaba 10)

Izincwadi zesiJalimane Sezinga Eliphansi ziwusizo eParaguay (Bheka nesithombe esisekuqaleni)

11, 12. Umsebenzi wokushumayela owenziwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ube namuphi umphumela omuhle kwabanye?

11 Njengabashumayeli nabafundisi abangamaKristu, oFakazi BakaJehova baqiniseka kakhulu ukuthi bathole iqiniso kangangokuthi badela izinto eziningi ukuze bahlanganyele isigijimi nabantu bezinye izizwe, ezinkulu nezincane. Abaningi baye benza ukuphila kwabo kwaba lula, bafunda olunye ulimi futhi bajwayela indlela yokuphila ehlukile ukuze bahlanganyele kulo msebenzi wobuKristu obaluleke kakhulu. Lo msebenzi wokushumayela nokufundisa ezizweni zonke ungesinye isici esiqinisekisa abaningi ukuthi oFakazi BakaJehova bangabalandeli beqiniso bakaKristu Jesu.

12 Konke lokhu oFakazi bakwenza ngoba beqiniseka ukuthi bathole iqiniso. Kodwa yini enye eye yaqinisekisa izigidi zabantu ukuthi oFakazi BakaJehova baneqiniso?—Funda eyabaseRoma 14:17, 18.

OKWENZA BAKHOLELWE

13. OFakazi baye bayigcina kanjani inhlangano ihlanzekile?

13 Singazuza kulokho okushiwo amaKristu azinikele esikhathi sethu, aqinisekayo ukuthi athole iqiniso. Enye inceku kaJehova engumakadebona yaveza imizwa yayo ngale ndlela: “Senza konke okusemandleni ukuze sigcine inhlangano kaJehova ihlanzekile futhi ingangcolile ngokokuziphatha, kungakhathaliseki ukuthi ubani okudingeka elulekwe noma anikezwe isiyalo.” Ifinyelelwa kanjani le ndinganiso ephakeme yokuziphatha? Ngokusebenzisa izindinganiso eziseZwini likaNkulunkulu nesibonelo esabekwa uJesu nabafundi bakhe. Ngakho, emlandweni wanamuhla woFakazi BakaJehova, bambalwa okuye kwadingeka basuswe ekuhlanganyeleni namanye amaKristu ngoba bengafuni ukuzivumelanisa nezindinganiso zikaNkulunkulu. Abaningi—kuhlanganise nalabo ngaphambili ababephila ngendlela uNkulunkulu angayivumeli kodwa asebeshintshile—balondoloza indlela yokuphila ehlanzekile neyisibonelo.—Funda eyoku-1 Korinte 6:9-11.

14. Yini abayenzile abantu abaningi ababesusiwe ekuhlanganyeleni, futhi kwaba namuphi umphumela?

14 Kuthiwani ngalabo okuye kwadingeka basuswe ekuhlanganyeleni ngokuvumelana nesiqondiso esingokomBhalo? Izinkulungwane ziye zaphenduka ezenzweni zazo ezazingebona ubuKristu futhi zaphinde zamukelwa ebandleni. (Funda eyesi-2 Korinte 2:6-8.) Ukunamathela esimisweni seBhayibheli sokuziphatha esiphakeme kuye kwaphumela ebandleni lobuKristu elihlanzekile elenza abantu balethembe futhi baqiniseke ukuthi lingelobuKristu. Ukuthi oFakazi BakaJehova banamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu—ngokungafani nokuyekelela esikubona njalo emasontweni amaningi—kukodwa kuye kwaqinisekisa abaningi ukuthi naba abantu abaphila ngeqiniso.

15. Yini eyaqinisekisa omunye umzalwane ukuthi uthole iqiniso?

15 Kungani abanye osekuyisikhathi eside bengoFakazi bekholelwa ukuthi bathole iqiniso? Omunye umzalwane oseneminyaka engaphezu kwengu-50 wachaza: “Kusukela ngineminyaka eyeve eshumini nambili bengilokhu ngikholelwa ukuthi ukholo lwami lusekelwe ezintweni ezintathu ezinjengezinsika noma izisekelo: (1) ukuthi uNkulunkulu ukhona; (2) ukuthi uyena owaphefumulela iBhayibheli; (3) nokuthi usebenzisa futhi abusise ibandla lobuKristu loFakazi BakaJehova namuhla. Njengoba ngilokhu ngitadisha kuyo yonke le minyaka, ngiye ngazama ukuba ngizihlole njalo lezi zinsika futhi ngizibuze ukuthi zisekelwe ezizathwini eziqine ngempela yini. Ubufakazi bensika ngayinye bebulokhu bukhula kakhulu unyaka ngamunye, buqinisa ukholo lwami futhi bujulisa nokuqiniseka kwami ukuthi ngempela sineqiniso.”

16. Yini ephathelene neqiniso eyahlaba omunye udade umxhwele?

16 Omunye udade oshadile okhonza endlunkulu yomhlaba wonke eNew York waphawula lokhu ngenhlangano kaJehova: “Iyona yodwa ememezela igama likaJehova ngesibindi. Yeka ukuthi lokho kufaneleka kanjani lapho sikhumbula ukuthi igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 eBhayibhelini! Ngiyasazisa isikhuthazo esikweyesi-2 IziKronike 16:9: ‘Amehlo [kaJehova] aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.’” Uyaqhubeka: “Iqiniso liye langibonisa ukuthi ngingaba kanjani nenhliziyo ephelele ukuze uJehova angibonise ngokukhululekile amandla akhe. Ubuhlobo bami noJehova buyigugu kimi ngaphezu kwanoma yini enye. Ngiyayazisa nendima kaJesu ekusinikezeni ulwazi olujulile ngoNkulunkulu olungiqinisayo.”

17. Yini aqiniseka ngayo owayengakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, futhi ngani?

17 Omunye umuntu owayengakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona wavuma: “Indalo ingenza ngiqiniseke ukuthi uNkulunkulu ufuna isintu sijabulele ukuphila futhi ngenxa yalokho ngeke avumele ukuhlupheka kuqhubeke phakade. Ngaphezu kwalokho, njengoba izwe licwila ngokwengeziwe ekuziphatheni kokungamesabi uNkulunkulu, abantu bakaJehova bayaqhubeka bebonisa ukholo, intshiseko nothando ngokwengeziwe. Umoya kaJehova kuphela ongaveza lesi simangaliso sosuku lwanamuhla.”—Funda eyoku-1 Petru 4:1-4.

18. Ikuthinta kanjani imizwa eyavezwa abazalwane ababili?

18 Omunye umzalwane osekuyisikhathi eside enguFakazi wanikeza izizathu ezimenza alikholelwe iqiniso esilishumayelayo: “Ukutadisha kwami phakathi nayo yonke le minyaka kungiqinisekisile ukuthi oFakazi baye bazikhandla kakhulu ukuze babuyele esibonelweni sobuKristu bekhulu lokuqala. Ngibubone ngawami ubunye boFakazi BakaJehova obusemhlabeni wonke njengoba ngihamba amazwe. Iqiniso eliseBhayibhelini linginike ukwaneliseka nenjabulo.” Lapho omunye umzalwane oneminyaka engaphezu kwengu-60 ebuzwa ukuthi kungani eqiniseka ukuthi uthole iqiniso, wagxila kuJesu Kristu, wachaza: “Siye safunda ngokucophelela ngokuphila nenkonzo kaJesu futhi sesiyasiqonda isibonelo sakhe. Senze izinguquko endleleni yethu yokuphila ukuze sisondele kakhulu kuNkulunkulu ngoKristu Jesu. Siye saqaphela ukuthi umhlatshelo wesihlengo kaKristu uyisisekelo sensindiso yethu. Siyazi nokuthi wavuswa kwabafileyo. Sinobufakazi bofakazi bokuzibonela balelo qiniso.”—Funda eyoku-1 Korinte 15:3-8.

YINI OKUMELWE SIYENZE NGEQINISO?

19, 20. (a) Imuphi umthwalo wemfanelo uPawulu awugcizelela ebandleni laseRoma? (b) NjengamaKristu azinikezele, yiliphi ilungelo esilinikiwe?

19 NjengamaKristu abathandayo omakhelwane bawo, asikwazi ukuligcina kithi ulwazi oluyigugu lweqiniso. UPawulu wabonisana nabafowabo ebandleni laseRoma ngale ndlela: “Uma ulivuma obala lelo zwi ‘elisemlonyeni wakho siqu,’ ukuthi uJesu uyiNkosi, futhi ubonisa ukholo enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyosindiswa. Ngoba ngenhliziyo umuntu ubonisa ukholo kube ngukulunga, kodwa ngomlomo umuntu uvuma obala kube yinsindiso.”—Roma 10:9, 10.

20 NjengoFakazi BakaJehova abazinikezele, siyaqiniseka ukuthi sineqiniso futhi siyaqaphela ukuthi sinikezwe ilungelo lokufundisa abanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Njengoba sifeza isabelo sethu sokushumayela, kwangathi izinhliziyo zabanye zingathinteka, zingathintwa nje kuphela yilokho esikufundisayo okuvela eBhayibhelini kodwa zithintwe nawukuqiniseka kwethu okungenakungatshazwa.

^ isig. 3 Bheka ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, amakhasi 190-198, 448-454.