Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ubafunde ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo:

Ingabe kuyafaneleka ngamaKristu ukuba asishise isidumbu?

Ukuthi isidumbu siyashiswa noma cha kuyisinqumo somuntu siqu. Nakuba iBhayibheli lingakhulumi ngokuqondile ngalo mkhuba, kuyaphawuleka ukuthi isidumbu seNkosi uSawule nesendodana yayo uJonathani zashiswa zabe sezingcwatshwa. (1 Sam. 31:2, 8-13)—6/15, ikhasi 7.

Kungani siqiniseka ukuthi uNkulunkulu akayona imbangela yezinto ezimbi?

UNkulunkulu ulungile kuzo zonke izindlela zakhe. Unobulungisa, uthembekile futhi uqotho. UJehova ubuye abe nothando nesihe. (Dut. 32:4; IHu. 145:17; Jak. 5:11)—7/1, ikhasi 4.

Iziphi izinselele umuntu angase abhekane nazo lapho ethuthela kwelinye izwe ngenjongo yokuyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona?

Ezintathu zazo yilezi (1) ukujwayela indlela ehlukile yokuphila, (2) ukukhumbula ekhaya, (3) ukuthola abangane phakathi kwabazalwane bendawo. Abaningi ababhekane ngokuphumelelayo nalezi zinselele baye babusiswa ngokucebile.—7/15, amakhasi 4-5.

Kungani abafowabo bakaJosefa bamhlasela?

Phakathi kokunye, uJakobe wayemthanda kakhulu uJosefa, wamnika ingubo ekhethekile. Abafowabo bakaJosefa baba nomona bamthengisa ebugqilini.—8/1, amakhasi 11-13.

Kungani amapheshana amasha ephumelela kangaka futhi kulula ukuwasebenzisa?

Wonke ahlelwe ngendlela efanayo. Ipheshana ngalinye lisishukumisela ukuba sifunde umBhalo futhi sibuze umninikhaya umbuzo. Kungakhathaliseki ukuthi uphendula kanjani, singalivula ngaphakathi bese simbonisa okushiwo iBhayibheli. Singambonisa nombuzo esizoxoxa ngawo ekuhambeleni okulandelayo.—8/15, amakhasi 13-14.

Iyini iSyriac Peshitta?

IsiSyriac, ulimi lwesigodi lwesi-Aramu, sasisetshenziswa kakhulu ngekhulu lesibili noma lesithathu C.E. Kubonakala sengathi isiSyriac saba ulimi lokuqala okwahunyushelwa kulo izingxenye ezithile zemiBhalo YamaKristu YesiGreki. IBhayibheli lesiSyriac laziwa ngokuthi i-Peshitta.—9/1, amakhasi 13-14.

Abazali abangamaKristu bangenzani ukuze beluse abantwana babo?

Kubaluleke kakhulu ukubalalela abantwana ukuze ubazi. Lwela ukubondla ngokomoya. Baqondise ngothando, mhlawumbe lapho bezama ukuqonda izinto ezingokomoya abazingabazayo.—9/15, amakhasi 18-21.

Iziphi izinto ezingeke ziphinde zibe khona lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu?

Izinkinga zempilo, ukufa, ukuntuleka kwemisebenzi, izimpi, indlala nobumpofu ngeke kusaba khona.—10/1, amakhasi 6-7.

Isiphi isivumelwano eBhayibhelini esivumela abanye ukuba babuse noKristu?

Ngemva kokudla iPhasika lokugcina nabaphostoli, uJesu wenza nabafundi bakhe abathembekile isivumelwano esingase sibizwe ngokuthi isivumelwano soMbuso. (Luka 22:28-30) Sabaqinisekisa ukuthi babeyobusa noJesu ezulwini.—10/15, amakhasi 16-17.

Nikeza izibonelo ezimbili eziseBhayibhelini ezibonisa ukuthi uSathane ungumuntu ongokoqobo.

ImiBhalo ithi uSathane wakhuluma noJesu ezama ukumlinga. Nangosuku lukaJobe, uSathane wakhuluma noNkulunkulu. Lokhu kulandisa kubonisa ukuthi uSathane ungumuntu ongokoqobo.—11/1, amakhasi 4-5.

Babengobani abantu ‘abayisizwe segama lakhe’ uJakobe akhuluma ngabo njengoba kushiwo kuzEnzo 15:14?

Babengamakholwa angamaJuda nangewona amaJuda ayekhethwe uNkulunkulu ukuba abe uhlanga olukhethiwe ukuze ‘amemezele kabanzi ubuhle’ baLowo owawabiza. (1 Pet. 2:9, 10)—11/15, amakhasi 24-25.

Yayikuphi iTimgad, futhi babenasiphi isimo sengqondo abantu abathile bakhona?

ITimgad yayiwumuzi omkhulu owawungaphansi kweRoma eNyakatho Afrika (e-Algeria yanamuhla). Umbhalo oqoshiwe owavubukulwa obonisa lokho abathile eTimgad ababekukholelwa ufundeka kanje: “Ukuzingela, Ukugeza, Ukudlala, Ukuhleka—Ukuphila-ke Lokho!” Lo mbono uyefana nalowo okukhulunywa ngawo kweyoku-1 Korinte 15:32.—12/1, amakhasi 8-10.