Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uwubusisa Ngokucebile Umoya Ovumayo

UJehova Uwubusisa Ngokucebile Umoya Ovumayo

UMDALI wethu uye wabahlonipha abantu ngokubanika isipho esiyigugu senkululeko yokuzikhethela. Ngaphezu kwalokho, ubabusisa ngokucebile labo abasebenzisa inkululeko yabo yokuzikhethela ngokungenabugovu ekuqhubekiseleni phambili ukukhulekela kweqiniso futhi abafeza ingxenye yabo yokungcwelisa igama lakhe elingcwele nokusekela injongo yakhe enhle. UJehova akafuni simlalele ngoba nje kuyisibopho futhi sikwenza ngempoqo nangokusongelwa. Kunalokho, ukwazisa kakhulu ukuzinikela ngokuzithandela okushukunyiswa uthando oluqotho nokwazisa okujulile.

Ngokwesibonelo, lapho ama-Israyeli esehlane laseSinayi, uJehova wawayala ukuba akhe indawo yokukhulekela. Wathi: “Thathani phakathi kwenu umnikelo kaJehova. Wonke umuntu onenhliziyo ethandayo makawulethe njengomnikelo kaJehova.” (Eks. 35:5) UmIsrayeli ngamunye wayenganikela nganoma yini ayengakwazi ukunikela ngayo, futhi umnikelo ngamunye wokuzithandela—kungakhathaliseki ukuthi wawuyini noma ungakanani—wawungasetshenziswa ngendlela efanele ekufezeni le njongo kaNkulunkulu. Asabela kanjani?

“Wonke umuntu onhliziyo yakhe yayimqhuba [nawo] wonke umuntu omoya wakhe wawumqhubezela,” wenza umnikelo wokuzithandela, ewenza ‘ngenhliziyo ethandayo.’ Amadoda nabesifazane baletha ngokuzithandela okuthile okwakuyosiza emsebenzini kaJehova: iziqhano zokuhloba, amacici, izindandatho, igolide, isiliva, ithusi, intambo eluhlaza okwesibhakabhaka, uboya obunsomi, indwangu ebomvu ngokunsomi, ilineni elicolekile, uboya bembuzi, izikhumba zezinqama ezidaywe zaba bomvu, izikhumba zezimvu zamanzi, ukhuni lomtholo, amatshe ayigugu, ibhalsamu namafutha. Ekugcineni, “izinto zazanele ukuba kwenziwe wonke umsebenzi, futhi zingaphezu kokwaneleyo.”—Eks. 35:21-24, 27-29; 36:7.

Akuyona iminikelo yezinto ezibonakalayo eyajabulisa uJehova kakhulu, kodwa umoya ovumayo walabo abakusekela ngale ndlela ukukhulekela okuhlanzekile. Bashukumiseleka nokuba banikele ngesikhathi nangamandla abo. Ukulandisa kuthi: “Bonke abesifazane ababehlakaniphile enhliziyweni baphotha ngezandla zabo.” Yebo, “bonke abesifazane abanhliziyo zabo zazibaqhuba ngokuhlakanipha baphotha uboya bembuzi.” Ngaphezu kwalokho, uJehova wanika uBhezaleli ‘ukuhlakanipha, ukuqonda, nolwazi lwazo zonke izinhlobo zobungcweti.’ Eqinisweni, uNkulunkulu wanika uBhezaleli no-Oholiyabe amakhono okwenza wonke umsebenzi owawuyaliwe.—Eks. 35:25, 26, 30-35.

Lapho uJehova ecela ama-Israyeli ukuba enze umnikelo, wayeqiniseka ngokugcwele ukuthi “wonke umuntu onhliziyo yakhe yayimqhuba,” wayeyokusekela ukukhulekela kweqiniso. Wababusisa ngesandla esivulekile labo ababenenhliziyo evumayo ngokubanika isiqondiso nenjabulo echichimayo. Ngale ndlela uJehova wabonisa ukuthi lapho ebusisa umoya ovumayo wezinceku zakhe, angakuqinisekisa ukuthi azintuli lutho oludingekayo noma amakhono okufeza intando yakhe. (IHu. 34:9) Njengoba ukhonza uJehova ngokungenabugovu, uyowubusisa nakanjani umoya wakho ovumayo.