Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubhekana Nokuphela Kwaleli Zwe Elidala Sindawonye

Ukubhekana Nokuphela Kwaleli Zwe Elidala Sindawonye

“Singamalungu elinye nelinye.”—EFE. 4:25.

1, 2. Yini uNkulunkulu ayifunela abakhulekeli bakhe, abasha nabadala?

INGABE usemusha? Uma kunjalo, qiniseka ukuthi waziswa kakhulu njengelungu lebandla likaJehova lomhlaba wonke. Emazweni amaningi, intsha yakha isibalo esikhulu sabantu ababhapathizwayo. Akuve kukhuthaza ukubona intsha eningi kangaka izihlanganisa nalabo abaye banquma ukukhonza uJehova.

2 Njengosemusha, uyakujabulela yini ukuba phakathi kwenye intsha? Cishe kunjalo. Sithola injabulo ethile lapho sizithokozisa nontanga. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi sibasha noma sibadala, ukuthi sinesizinda esinjani, uNkulunkulu ufuna simkhulekele ngobunye. Umphostoli uPawulu waloba ukuthi intando kaNkulunkulu “iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:3, 4) IsAmbulo 7:9 sichaza abakhulekeli bakaNkulunkulu ngokuthi baphuma kuzo “zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi.”

3, 4. (a) Imuphi umoya ovamile entsheni eningi yanamuhla? (b) Isiphi isimo sengqondo esivumelana neyabase-Efesu 4:25?

3 Yeka umahluko okhona phakathi kwezinceku zikaJehova ezisencane nentsha yaleli zwe! Intsha eningi engamkhonzi uJehova iphila ukuphila kobugovu, igxila kuphela kulokho ekufunayo. Abacwaningi abathile bayibiza ngokuthi “ISizukulwane SikaMina.” Ibonisa ngendlela ekhuluma negqoka ngayo ukuthi ibabukela phansi abantu abadala kunayo, ebabheka “njengabayisidala.”

4 Lowo moya ukuyo yonke indawo. Kungakho izinceku zikaJehova ezisencane zithola ukuthi kudingeka ukuzikhandla ngempela ukuze ziwugweme futhi zamukele umbono kaNkulunkulu. Ngisho nasekhulwini lokuqala, uPawulu wakubona kudingekile ukukhuthaza ayekholwa nabo ukuba bagweme “umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli” ‘abake bahamba’ kuwo. (Funda eyabase-Efesu 2:1-3.) Kumelwe inconywe intsha esibonayo isidingo sokuwugwema lowo moya nesokusebenza ngobunye nabo bonke abafowabo. Isimo sengqondo esinjalo sivumelana namazwi kaPawulu athi “singamalungu elinye nelinye.” (Efe. 4:25) Njengoba sisondela ekupheleni kwaleli zwe elidala, ukusebenza ndawonye ngobunye kuyoba into ebaluleke ngokwengeziwe. Ake sicabangele izibonelo ezimbalwa eziseBhayibhelini ezizosisiza ukuba sisiqonde isidingo sokunamathelana, sokuba nobunye.

BANAMATHELANA

5, 6. Isiphi isifundo mayelana nokunamathelana esisobala endabeni kaLoti namadodakazi akhe?

5 Esikhathini esidlule, uJehova wayekujabulela ukuvikela abantu bakhe lapho besizana ngobunye ezikhathini zosizi. Izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla, ezincane nezindala, zingafunda ezibonelweni eziseBhayibhelini. Esinye sazo siphathelene noLoti.

6 ULoti nomndeni wakhe babesengozini ngoba iSodoma, umuzi ababehlala kuwo, lalizobhujiswa. Izingelosi zikaNkulunkulu zagqugquzela uLoti ukuba aphume futhi abalekele esifundeni sezintaba, zathi: “Baleka usindise umphefumulo wakho!” (Gen. 19:12-22) ULoti walalela, futhi amadodakazi akhe amabili abambisana naye, baphuma kulowo muzi. Kuyadabukisa ukuthi abanye abasondelene nabo abazange balalele. Ezinsizweni ezazithembisene umshado namadodakazi kaLoti, leli khehla ‘labonakala njengomuntu ontelayo.’ Lokho kwazilahlekisela ngokuphila kwazo. (Gen. 19:14) Kwasinda kuphela uLoti namadodakazi akhe, anamathela kuye.

7. UJehova wabasiza kanjani labo ababonisa umoya wobunye ngesikhathi ama-Israyeli ephuma eGibhithe?

7 Cabangela esinye isibonelo. Ngesikhathi ama-Israyeli ephuma eGibhithe, awaphumanga njengamaqembu azimele, iqembu ngalinye lizihambela ngendlela yalo. Nangesikhathi uMose “elulela isandla sakhe phezu kolwandle” futhi uJehova eluhlukanisa, uMose akazange awele yedwa noma nama-Israyeli ambalwa. Kunalokho, lonke ibandla lawela ngesivikelo sikaJehova. (Eks. 14:21, 22, 29, 30) Abonisa umoya wobunye, futhi ayehamba ‘neqembu elikhulu eliyingxubevange’ labangewona ama-Israyeli elakhetha ukuchema nawo. (Eks. 12:38) Asikwazi ukucabanga ukuthi kwakungaba nabantu abambalwa, mhlawumbe iqembu lentsha, elalingahamba lodwa, lizikhethele indlela eliyibona ingcono. Ukwenza kanjalo kwakungeke yini kube okungenangqondo futhi kulilahlekisele ngesivikelo sikaJehova?—1 Kor. 10:1.

8. Ngosuku lukaJehoshafati, abantu bakaNkulunkulu babonisa kanjani ukuthi banobunye?

8 Ngosuku lweNkosi uJehoshafati, abantu bakaNkulunkulu babhekana nesitha esesabekayo, “isixuku esikhulu” esivela ezindaweni ezizungezile. (2 IziKr. 20:1, 2) Kuyancomeka ukuthi izinceku zikaNkulunkulu azizange zizame ukunqoba isitha ngamandla azo. Kunalokho, zaphendukela kuJehova. (Funda eyesi-2 IziKronike 20:3, 4.) Azizange futhi ziphendukele kuJehova ngabanye, ngendlela omunye nomunye ayebona noma ezizwa ngayo. Ukulandisa kweBhayibheli kuyasitshela: “Bonke abakwaJuda babemi phambi kukaJehova, ngisho nabancane babo, omkabo namadodana abo.” (2 IziKr. 20:13) Abancane nabadala, bakulwela ndawonye ukulandela isiqondiso sikaJehova ngokholo futhi uJehova wabavikela esitheni sabo. (2 IziKr. 20:20-27) Akusona yini lesi isibonelo esihle sendlela izinceku zikaNkulunkulu okufanele zibhekane ngayo nezinselele?

9. Yini esingayifunda ngobunye ezenzweni nasesimweni sengqondo samaKristu okuqala?

9 AmaKristu okuqala nawo ayephawuleka ngokusebenza ndawonye. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba amaJuda namaproselithe amaningi ebe amaKristu, azinikela “ekufundiseni kwabaphostoli nasekwabelaneni izinto, ekudleni nasemithandazweni.” (IzE. 2:42) Lobu bunye babonakala ngokukhethekile phakathi nokushushiswa, ngesikhathi ayedingana ngaso kakhulu. (IzE. 4:23, 24) Awuvumi yini ukuthi kubalulekile ukusebenza ndawonye phakathi nezikhathi ezibucayi?

YIBANI NOBUNYE NJENGOBA USUKU LUKAJEHOVA LUSONDELA

10. Kunini lapho ubunye buyobaluleka nakakhulu khona?

10 Enye yezinkathi ezinzima kakhulu emlandweni wabantu iyasondela. Umprofethi uJoweli uyichaza ‘njengosuku lobumnyama nolwesigayegaye.’ (Joweli 2:1, 2; Zef. 1:14) Kuyoba isikhathi sokuba abantu bakaNkulunkulu babe nobunye. Khumbula amazwi kaJesu: “Yonke imibuso ehlukene phakathi iyachitheka.”—Math. 12:25.

11. Ikuphi ukuqhathanisa okusencwadini yeHubo 122:3, 4 okungasebenza kubantu bakaNkulunkulu namuhla? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

11 Phakathi naleso sikhathi esizayo esiyoba nzima kulesi simiso, kuyodingeka sibe nobunye ngempela. Ubunye obungokomoya okuyodingeka sibe nabo phakathi kwethu bungafaniswa nokusondelana okungokoqobo kwezindlu zaseJerusalema lasendulo. Lezo zindlu zazakhiwe zasondelana kakhulu kangangokuba umhubi uchaza iJerusalema “njengomuzi ohlanganiswé ndawonye ngobunye.” Lokho kusondelana kwakwenza izakhamuzi zikwazi ukusizana nokuvikelana. Ngaphezu kwalokho, ukwakhiwa kwalezo zindlu zisondelane kungabufanekisela kahle ubunye obungokomoya besizwe sonke lapho zonke “izizwe zikaJah” zazibuthene ukuze zimkhulekele. (Funda iHubo 122:3, 4.) Nathi ngendlela efanayo siyakudinga ‘ukuhlanganiswa ndawonye ngobunye,’ manje nasezinsukwini ezibucayi eziseza.

12. Yini ezosisiza sisinde ekuhlaselweni okuzayo kwabantu bakaNkulunkulu?

12 Kungani ‘ukuhlanganiswa kwethu ndawonye ngobunye’ kuyobaluleka kangaka ngaleso sikhathi? Isiprofetho esikuHezekeli isahluko 38 sikhuluma ngokuhlasela ‘kukaGogi wezwe lakwaMagogi’ abantu bakaNkulunkulu. Kuyobe kungesona isikhathi sokuvumela noma yini ukuba isihlukanise. Ngokuqinisekile ngeke silufune ezweni usizo. Kunalokho, siyofuna ukunamathela kubafowethu. Yiqiniso, asinakusinda ngenxa nje yokuthi siyingxenye yeqembu. Ngaleso sikhathi sosizi, uJehova neNdodana yakhe bayovikela labo ababiza igama likaJehova. (Joweli 2:32; Math. 28:20) Nokho, ingabe kunengqondo ukucabanga ukuthi labo abangazange babulondoloze ubunye nomhlambi kaNkulunkulu—abadukile—bayosinda?—Mika 2:12.

13. Intsha eyesaba uNkulunkulu ingafunda ziphi izifundo kulokhu esesixoxe ngakho kuze kube manje?

13 Akucaci yini ukuthi akuphusile ukulandela izindlela zentsha ezihlukanisayo efuna ukuziphilela yodwa? Sisondela esikhathini esizodingana ngempela kuso. Lokho kubhekisele kithi sonke, abasha nabadala! Yebo, manje yisikhathi sokufunda ukusebenza ndawonye nokuhlakulela ubunye obuzosisiza kakhulu ezinsukwini ezizayo.

“SINGAMALUNGU ELINYE NELINYE”

14, 15. (a) Namuhla uJehova uqeqesha abasha nabadala ngayiphi injongo? (b) Yisiphi iseluleko uJehova asinikeza sona ukuze asikhuthaze ukuba sibe nobunye?

14 UJehova usisiza ukuba ‘simkhonze silinganisene ihlombe nehlombe.’ (Zef. 3:8, 9) Usiqeqeshela ukuba sifanelekele injongo yakhe yaphakade. Ihlanganisani? Injongo yakhe iwukuba “abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu.” (Funda eyabase-Efesu 1:9, 10.) Yebo, ufuna ukuhlanganisa zonke izidalwa ezithandayo ezulwini nasemhlabeni zibe nobunye futhi uzophumelela ukukwenza lokhu. Ingabe lokho kuyakusiza njengomuntu osemusha ukuba ubone ukuthi kudingeka usebenze ngobunye nenhlangano kaJehova?

15 Kwamanje uJehova usifundisa ukuba sibe nobunye ngenjongo yokuba sibe nobunye phakade. ImiBhalo isitshela ngokuphindaphindiwe ukuba ‘sinakekelane ngokufanayo,’ ‘sithandane omunye nomunye,’ ‘siqhubeke siduduzana’ futhi ‘sakhane.’ (1 Kor. 12:25; Roma 12:10; 1 Thes. 4:18; 5:11) UJehova uyazi ukuthi amaKristu awaphelele futhi lokhu kungakwenza kube inselele ukuba nobunye, ngakho kudingeka silwele ‘ukuthethelelana ngokukhululekile.’—Efe. 4:32.

16, 17. (a) Iyiphi enye injongo yemihlangano yobuKristu? (b) Intsha ingafundani esibonelweni sikaJesu lapho esemusha?

16 UJehova ubuye asilungiselele imihlangano yobuKristu ukuze asisize sifunde ukunamathelana. Sekukaningi sifunda isikhuthazo esikweyamaHebheru 10:24, 25. Enye injongo yale mihlangano ukuba “sicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.” Nokho, kuyaphawuleka ukuthi le mihlangano ilungiselelwe ngenjongo yokuba “sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba [sibona] usuku lusondela.”

17 Lapho esemusha, uJesu wabeka isibonelo esihle sokuwazisa la malungiselelo. Ngesikhathi eneminyaka engu-12, waya nabazali bakhe embuthanweni omkhulu ongokomoya. Kwaba nesikhathi lapho bamfuna bangamthola, hhayi ngoba ayezule nabanye abantwana. Kunalokho, uJosefa noMariya bamthola ethempelini exoxa nabafundisi ngezinto ezingokomoya.—Luka 2:45-47.

18. Imithandazo yethu ingaba kanjani nomthelela ebunyeni?

18 Ngaphezu kokuhlakulela uthando ngomunye nomunye nokusebenzisa imihlangano yobuKristu ekuqiniseni isibopho sobunye, singathandazelana. Ukuzisho ngokuqondile izinto esizicelela abafowethu kuJehova kusikhumbuza ukuthi kudingeka sikhathalelane. Lezi akuzona izinto ezingenziwa futhi okufanele zenziwe amaKristu amadala kuphela. Uma usemusha, ingabe uyawasebenzisa la mathuba ukuze wakhe isibopho esiqinile nomndeni wakini ongokomoya? Ukwenza kanjalo kungakusiza ukuba uqiniseke ukuthi lapho leli zwe elidala libhujiswa, ungatholakali uzihlanganise nalo.

Sonke singabathandazela abafowethu (Bheka isigaba 18)

UKUBONISA UKUTHI “SINGAMALUNGU ELINYE NELINYE”

19-21. (a) Iyiphi indlela evelele esibonisa ngayo ukuthi “singamalungu elinye nelinye”? Nikeza izibonelo. (b) Isiphi isifundo osithola endleleni abazalwane abathile abasabela ngayo lapho kwenzeke izinhlekelele?

19 Abantu bakaJehova sebephila ngokuvumelana nesimiso esikweyabaseRoma 12:5: “Singamalungu elinye nelinye.” Singabubona ubufakazi balokhu lapho kugadla izinhlekelele. Ngo-December 2011, isiphepho sabangela izikhukhula ezinkulu esiqhingini saseMindanao, ePhilippines. Ngobusuku obubodwa, izindlu ezingaphezu kuka-40 000 zagcwala amanzi, okuhlanganisa neziningi zabafowethu. Nokho, ihhovisi legatsha libika ukuthi “abazalwane bakwezinye izindawo babethumela izinto zokusiza ngisho nangaphambi kokuba amakomiti okusiza ngezikhathi zezinhlekelele aqale ukusebenza.”

20 Ngokufanayo, ngesikhathi ukuzamazama komhlaba okukhulu okwahambisana ne-tsunami kugadla empumalanga yeJapane, abafowethu nodadewethu abaningi balahlekelwa kakhulu. Abanye basala bengenalutho nhlobo. UYoshiko, omuzi wakhe wacekeleka phansi, wayehlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-40 ukusuka eHholo LoMbuso. Uyabika: “Samangala lapho kamuva sizwa ukuthi umbonisi wesifunda (osaziwa ngokuthi umbonisi wesigodi) wafika ngosuku lwangemva kokuzamazama komhlaba ehamba nomunye umzalwane bezosibheka.” Emomotheka kakhulu, uyanezela: “Sakwazisa ngempela ukubona izidingo zethu ezingokomoya zinakekelwa kahle kakhulu ngebandla. Ngaphezu kwalokho, saphiwa amajazi, izicathulo, izikhwama namaphijama.” Elinye ilungu lekomiti yokusiza lithi: “Abazalwane kulo lonke elaseJapane babemunye, bezama ukusizana. Abanye abazalwane beza bezosiza bevela kude le e-United States. Lapho bebuzwa ukuthi kungani beye bahamba ibanga elide kangaka, bathi, ‘Simunye nabafowethu baseJapane futhi badinga usizo.’” Awuziqhenyi yini ngokuba ingxenye yenhlangano ewakhathalela kangaka amalungu ayo? Ungaqiniseka ngokuthi uJehova akeve ejabula ngokubona umoya onjalo wobunye.

21 Ukuba nalowo moya manje kuzosisiza sikwazi ukubhekana ngobunye nezinsizi eziseza ngisho noma kungenzeka sihlukaniswe nabafowethu bakwezinye izingxenye zomhlaba. Eqinisweni, lowo moya uyasiqeqesha ukuze sikwazi ukubhekana nobunzima okungenzeka kakhulu sihlangabezane nabo njengoba lesi simiso esidala siwohloka. UFumiko, owakhahlanyezwa isiphepho eJapane, uthi: “Ukuphela kuseduze kakhulu. Kudingeka siqhubeke sisiza abafowethu njengoba sibheke phambili esikhathini lapho zingeke zisaba khona izinhlekelele.”

22. Ubunye bobuKristu bungaba nayiphi inzuzo ehlala njalo?

22 Abasha nabadala abafunda ukuphishekela ubunye manje, empeleni bazilungiselela ukusinda ekupheleni kwaleli zwe elibi nelingenabo ubunye. Njengasezikhathini ezedlule, uNkulunkulu wethu uzobakhulula abantu bakhe. (Isaya 52:9, 10) Hlale ukhumbula ukuthi ungaba phakathi kwalabo bantu abakhululiwe uma ulwela ukuba ingxenye yabantu bakaNkulunkulu abanobunye. Siyosizwa nawukujulisa ukwazisa kwethu ngalokho esesikutholile. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngale ndaba.