Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ubeyazi Indlela’

‘Ubeyazi Indlela’

UGUY HOLLIS PIERCE, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, uqede inkambo yakhe yasemhlabeni ngoLwesibili, March 18, 2014. Ubeneminyaka engu-79 ngesikhathi kugcwaliseka ithemba lakhe lokuba omunye wabafowabo bakaKristu abavusiwe.—Heb. 2:10-12; 1 Pet. 3:18.

UGuy Pierce wazalelwa e-Auburn, eCalifornia, e-U.S.A., ngo-November 6, 1934, futhi wabhapathizwa ngo-1955. Ngo-1977 washada nomkakhe ayemthanda, uPenny futhi baba nezingane. Ukukhulisa kwakhe izingane kwamsiza wakwazi ukusebenzelana nabanye njengobaba. Yena noPenny baqala ukuphayona ngo-1982, futhi kusukela ngo-1986 wakhonza njengombonisi wesifunda (manje owaziwa njengombonisi wesigodi) e-United States, inkonzo ayenza iminyaka engu-11.

Ngo-1997, uGuy noPenny Pierce baqala ukukhonza njengamalungu omkhaya waseBethel e-United States. UMfoweth’ uPierce wasebenza eMnyangweni Wenkonzo, kwathi ngo-1998 wathola isabelo sokukhonza njengomsizi weKomiti Yezisebenzi YeNdikimba Ebusayo. Ukuthi uMfoweth’ uPierce usemiswe njengelungu leNdikimba Ebusayo kwamenyezelwa ngo-October 2, 1999, emhlanganweni waminyaka yonke we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Eminyakeni yamuva, ukhonze emakomitini ahlukahlukene ahlanganisa eyeZisebenzi, eyokuBhala, eyokuNyathelisa neyabaXhumanisi.

Abantu bezizinda namasiko angefani bebemthanda ngoba ubengumuntu othanda ukumomotheka nokuncokola. Nokho, izimfanelo ebezimenza athandeke nakakhulu kwabanye uthando, ukuthobeka, inhlonipho ayenayo ngemithetho nezimiso zokulunga kanye nokholo lwakhe kuJehova olungantengantengi. KuGuy Pierce ilanga lalingamane lingaphumi kunokuba izithembiso zikaJehova zingagcwaliseki, futhi ubekujabulela ukuxoxa nabantu emhlabeni wonke ngaleli qiniso.

UMfoweth’ uPierce ubekhonza uJehova ngokungakhathali, evuka ekuseni kakhulu futhi ngokuvamile asebenze kuze kube sebusuku. Wahamba umhlaba wonke ekhuthaza abafowabo nodadewabo abangokomoya, futhi ngisho noma ematasa, ubezinika njalo isikhathi sokuxoxa namalungu ngamanye omkhaya waseBethel nabanye ababefuna ukuba nobudlelwano naye nababedinga iseluleko nosizo lwakhe. Ngisho nangemva kweminyaka eminingi, abafowabo abangokomoya bayawukhumbula umoya wakhe wokungenisa izihambi, ukuba kwakhe nobungane nezikhuthazo zakhe ezingokomBhalo.

Lo mfowethu nomngane wethu othandekayo ushiya umkakhe nezingane eziyisithupha kanye nabazukulu nabantwana babazukulu. Unanenqwaba yabantwana abangokomoya. Inkulumo yesikhumbuzo kaMfoweth’ uPierce yanikezwa eBethel yaseBrooklyn ngoMgqibelo, March 22, 2014, uMark Sanderson naye oyilungu leNdikimba Ebusayo. Phakathi kwezinto akhuluma ngazo, wakhuluma ngethemba lasezulwini uMfoweth’ uPierce ayenalo futhi wafunda la mazwi kaJesu: “Endlini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi. . . . Uma ngihamba nginilungisela indawo, ngiyobuye ngize futhi ngizonamukela ekhaya kimi, ukuze kuthi lapho ngikhona nani nibe khona. Futhi niyayazi indlela eya lapho ngiya khona.”—Joh. 14:2-4.

Yebo, sizomkhumbula kakhulu uMfoweth’ uPierce. Noma kunjalo, siyajabula ngokuthi ‘ubeyazi indlela’ eya ‘endaweni ayohlala’ kuyo phakade.