Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lingisa Isibindi Nokuqonda KukaJesu

Lingisa Isibindi Nokuqonda KukaJesu

“Nakuba ningakaze nimbone, niyamthanda. Nakuba ningambhekile manje, kodwa nibonisa ukholo kuye.”1 PETRU 1:8.

1, 2. (a) Singakuthola kanjani ukuphila okuphakade? (b) Yini engasisiza ukuba sihlale sigxilile ohambweni lwethu?

LAPHO siba amaKristu, kuba sengathi siqala uhambo. Uma sihlala sithembekile kuNkulunkulu, uhambo lwethu luyoba impumelelo futhi sikwazi ukuphila phakade. UJesu wathi: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:13) Yebo, ukuze siluqede uhambo lwethu, kumelwe sihlale sithembekile kuNkulunkulu kuze kube “sekupheleni,” kungaba ukuphela kokuphila kwethu noma kwaleli zwe elibi. Kodwa kumelwe siqaphe ukuba leli zwe lingasiphambukisi. (1 Johane 2:15-17) Singahlala kanjani sigxilile ohambweni lwethu?

2 UJesu wasibekela isibonelo esiphelele. Ngokutadisha lokho iBhayibheli elikushoyo ngohambo lukaJesu, noma indlela yakhe yokuphila, singafunda ukuthi uluhlobo luni lomuntu. Siyobe sesimthanda futhi sibe nokholo kuye. (Funda eyoku-1 Petru 1:8, 9.) Umphostoli uPetru wathi uJesu wasishiyela isibonelo sokusilandela eduze. (1 Petru 2:21) Uma sisilingisa ngokucophelela isibonelo sikaJesu, siyokwazi ukukhuthazela kuze kube sekupheleni. * (Bheka umbhalo waphansi.) Esihlokweni esandulele, sifunde indlela esingalingisa ngayo isibonelo sikaJesu sesisa nokuthobeka. Kulesi sihloko, sizofunda indlela yokulingisa isibonelo sakhe sesibindi nokuqonda.

UJESU UNESIBINDI

3. Siyini isibindi, futhi sisithola kanjani?

3 Isibindi siwumuzwa ongasiqinisa futhi usisize ukuba sikhuthazelele izimo ezinzima. Sisisiza nokuba simelele okulungile. Singasisiza ukuba sihlale sizolile futhi sithembekile kuNkulunkulu lapho sibhekene novivinyo. Isibindi sihlobene nokwesaba, ithemba nothando. Kanjani? Lapho sesaba ukudumaza uNkulunkulu, ngeke sivumele ukuthonywa ukwesaba abantu. (1 Samuweli 11:7; IzAga 29:25) Ukubeka ithemba lethu kuJehova kusisiza ukuba sigxile esikhathini esizayo, hhayi ovivinyweni lwethu. (IHubo 27:14) Uthando lokuzidela lusishukumisela ukuba sibonise isibindi ngisho nalapho sishushiswa. (Johane 15:13) Isibindi sisithola ngokuthembela kuNkulunkulu nangokulingisa iNdodana yakhe.IHubo 28:7.

4. UJesu wasibonisa kanjani isibindi ethempelini? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

4 Lapho eneminyaka engu-12, uJesu wabonisa isibindi ngenkathi ‘esethempelini, ehlezi phakathi kwabafundisi.’ (Funda uLuka 2:41-47.) Labo bafundisi benkolo babewazi kahle uMthetho KaMose, kodwa futhi bewazi namasiko amaJuda. La masiko ayekwenza kube nzima ukugcina uMthetho. Kodwa uJesu akaluvumelanga ulwazi lwabo ukuba lumenze athule. Wayengesabi. Wayelokhu “ebabuza.” Yebo, uJesu wayengabuzi imibuzo ngokuvamile ebingabuzwa umfana omncane. Kunalokho, singamcabanga ebuza imibuzo ejulile eyabenza balalelisisa futhi bacabanga. Uma bazama ukumhila ngemibuzo eyayizodala impikiswano, bahluleka. Bonke ababemlalele, kuhlanganise nalabo bafundisi, bamangala “ngenxa yokuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe.” Yebo, uJesu walimelela ngesibindi iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu!

5. Iziphi izindlela uJesu abonisa ngazo isibindi enkonzweni yakhe?

5 Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wabonisa isibindi ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, wabonisa abantu ukuthi abaholi benkolo babebadukisa ngezimfundiso zabo zamanga. (Mathewu 23:13-36) UJesu akazange futhi avumele izwe ukuba limonakalise. (Johane 16:33) Waqhubeka eshumayela naphezu kokuphikiswa. (Johane 5:15-18; 7:14) Wahlanza ithempeli kabili ngokubaxosha ngesibindi labo ababengcolisa ukukhulekela kweqiniso lapho.Mathewu 21:12, 13; Johane 2:14-17.

UJesu wayitshela ngesibindi inkantolo ephakeme yamaJuda ukuthi unguKristu futhi uyiNdodana kaNkulunkulu

6. UJesu wasibonisa kanjani isibindi ngosuku lokugcina esemhlabeni?

6 Ake sihlole isibindi sikaJesu ngosuku lokugcina esemhlabeni. UJesu wayazi ukuthi kwakuzokwenzekani lapho nje uJuda esemkhaphele. Noma kunjalo, esidlweni sePhasika, uJesu wathi kuJuda: “Lokho okwenzayo, kwenze masinyane.” (Johane 13:21-27) Kwabe sekuthi ensimini yaseGetsemane, uJesu waziveza ngesibindi emasosheni ayezombopha. Ngisho noma ukuphila kwakhe kwakusengozini, wavikela abafundi bakhe, wathi emasosheni: “Bayekeni laba bahambe.” (Johane 18:1-8) Kamuva, lapho inkantolo ephakeme yamaJuda imphonsa imibuzo, uJesu wavuma ngesibindi ukuthi unguKristu futhi uyiNdodana kaNkulunkulu. Wayengesabi, yize umpristi ophakeme ayefuna ibhaxa lokumbulala. (Marku 14:60-65) UJesu wagcina ubuqotho bakhe kuNkulunkulu waze wafa esigxotsheni sokuhlushwa. Ngaphambi nje kokuba afe, wakhamuluka: “Kufeziwe!”Johane 19:28-30.

LINGISA ISIBINDI SIKAJESU

7. Basha, nizizwa kanjani ngokuba oFakazi BakaJehova, futhi ningabonisa kanjani ukuthi ninesibindi?

7 Singasilingisa kanjani isibindi sikaJesu? Esikoleni. Basha, nisuke nibonisa isibindi lapho nitshela enifunda nabo kanye nabanye ukuthi ningoFakazi BakaJehova. Ngokwenza kanjalo, nibonisa ukuthi niyaziqhenya ngokubizwa ngegama likaJehova, ngisho noma kungenza abanye banihleke. (Funda iHubo 86:12.) Abanye bangase bafune ukuba nikholelwe ekuziphendukeleni kwemvelo. Kodwa ningaqiniseka ukuthi lokho iBhayibheli elikushoyo ngendalo kuyiqiniso. Ningasebenzisa incwajana ethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking ukuze niphendule labo abafuna ukwazi “isizathu sethemba elikini.” (1 Petru 3:15) Niyokwaneliseka ngokwazi ukuthi nibe nesibindi sokumelela iqiniso leBhayibheli!

8. Sinaziphi izizathu zokushumayela ngesibindi?

8 Enkonzweni. NjengamaKristu eqiniso, kudingeka siqhubeke ‘sikhuluma ngesibindi ngokugunyazwa uJehova.’ (IzEnzo 14:3) Kungani singashumayela ngesibindi? Okokuqala, siyazi ukuthi esikushumayelayo kuvela eBhayibhelini. Kuyiqiniso. (Johane 17:17) Okwesibili, “siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu,” futhi usinike umoya wakhe ongcwele ukuze usisize. (1 Korinte 3:9; IzEnzo 4:31) Okwesithathu, siyamthanda uJehova kanye nabantu, okusishukumisela ukuba senze konke esingakwenza ukuze sazise abanye izindaba ezinhle. (Mathewu 22:37-39) Ngenxa yokuthi sinesibindi, ngeke siyeke ukushumayela. Sizimisele ukubafundisa iqiniso labo ‘abaphuphuthekiswe,’ noma abakhohliswe, abaholi benkolo. (2 Korinte 4:4) Sizoqhubeka sishumayela izindaba ezinhle ngisho noma abanye bewenqaba umyalezo wethu noma besishushisa.1 Thesalonika 2:1, 2.

9. Singasibonisa kanjani isibindi lapho sibhekene novivinyo?

9 Lapho sibhekene novivinyo. Lapho sithembela kuNkulunkulu, uyosinika ukholo nesibindi esisidingayo ukuze sikhuthazelele izimo ezinzima. Uma sishonelwa umuntu esimthandayo, siyadabuka, kodwa asiphelelwa ithemba. Siyaqiniseka ukuthi ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke’ uyosiqinisa. (2 Korinte 1:3, 4; 1 Thesalonika 4:13) Uma sigula noma silimele, singase sibe sezinhlungwini, kodwa siyazenqaba zonke izindlela zokwelashwa eziyodumaza uNkulunkulu. (IzEnzo 15:28, 29) Uma sicindezelekile, ‘inhliziyo yethu ingase isilahle,’ kodwa asililahli ithemba. Sithembela kuJehova, ‘oseduze nalabo abaphukile enhliziyweni.’ * (Bheka umbhalo waphansi.)1 Johane 3:19, 20; IHubo 34:18.

UJESU UNOKUQONDA

10. Kuyini ukuqonda, futhi umKristu onokuqonda ukhuluma futhi enze kanjani?

10 Ukuqonda kuyikhono lokubona umahluko phakathi kokulungile nokungalungile bese ukhetha ukwenza okulungile. (Hebheru 5:14) UmKristu onokuqonda wenza izinqumo eziyoqinisa ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Uyaqapha ukuba angalimazi abanye ngamazwi akhe. Kunokubalimaza, ujabulisa uJehova ngoba ukhetha amazwi abasizayo. (IzAga 11:12, 13) ‘Uyephuza ukuthukuthela.’ (IzAga 14:29) ‘Uqonda ngqo phambili,’ okusho ukuthi, wenza izinqumo ezinhle kukho konke ukuphila kwakhe. (IzAga 15:21) Singakufunda kanjani ukuba abanokuqonda? Kumelwe sitadishe iZwi likaNkulunkulu futhi sikusebenzise esikufundayo. (IzAga 2:1-5, 10, 11) Singatadisha futhi silingise nesibonelo sikaJesu esiphelele sokuqonda.

11. UJesu wakubonisa kanjani ukuqonda enkulumweni yakhe?

11 UJesu wabonisa ukuqonda kukho konke ayekusho nayekwenza. Enkulumweni yakhe. Lapho eshumayela izindaba ezinhle, uJesu wasebenzisa amazwi omusa amangaza ababemlalele. (Mathewu 7:28; Luka 4:22) Wayevamile ukufunda noma abhekisele eZwini likaNkulunkulu. Kunoma isiphi isimo, wayazi kahle ukuthi imiphi imiBhalo efanelekela ukusetshenziswa. (Mathewu 4:4, 7, 10; 12:1-5; Luka 4:16-21) Amazwi akhe ayebathinta ngokujulile abantu abamuzwa echaza imiBhalo. Ngemva kokuvuka kwakhe, uJesu wakhuluma nabafundi ababili ababesendleleni eya e-Emawuse. Wabachazela imiBhalo eyayisebenza kuye. Kamuva laba bafundi bathi: “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini njengoba ebekhuluma kithi endleleni, njengoba ebesikhanyisela imiBhalo ngokugcwele?”Luka 24:27, 32.

12, 13. Iziphi izibonelo ezibonisa ukuthi uJesu wayephuza ukuthukuthela futhi ecabangela?

12 Ngemizwelo nesimo sakhe sengqondo. Ukuqonda kwasiza uJesu ukuba ‘ephuze ukuthukuthela.’ (IzAga 16:32) Wayekwazi ukulawula imizwelo yakhe, futhi ‘enomoya omnene.’ (Mathewu 11:29) UJesu wayehlale ebabekezelela abafundi bakhe naphezu kwamaphutha abo. (Marku 14:34-38; Luka 22:24-27) Wahlala ezolile ngisho nalapho ephathwa kabi.1 Petru 2:23.

13 Ukuqonda kwasiza uJesu ukuba abe ocabangelayo. Wayeziqonda izizathu zoMthetho KaMose, okwathonya indlela ayephatha ngayo abantu. Ngokwesibonelo, cabanga ngowesifazane ‘owayenomopho.’ (Funda uMarku 5:25-34.) Lona wesifazane wadabula esixukwini sabantu, wathinta ingubo kaJesu, waphulukiswa. NgokoMthetho, wayengcolile, ngakho kwakungafanele athinte muntu. (Levitikusi 15:25-27) Kodwa uJesu akamkhakhabisanga. Kungani? Kungenxa yokuthi wayeqonda ukuthi izimfanelo ‘ezinjengesihe nokwethembeka’ zazibaluleke kakhulu kunokunamathela ngokuqinile eMthethweni. (Mathewu 23:23) Ngomusa, uJesu wathi: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile. Hamba ngokuthula, uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.” Yeka isibonelo esihle sendlela ukuqonda okwamshukumisa ngayo uJesu ukuba abonise umusa!

14. Yini uJesu akhetha ukuyenza, futhi wahlala kanjani egxilile enkonzweni yakhe?

14 Endleleni yakhe yokuphila. UJesu wabonisa ukuqonda ngendlela aphila ngayo. Wakhetha inkonzo njengomsebenzi wakhe oyinhloko. (Luka 4:43) Ngaphezu kwalokho, uJesu wenza izinqumo ezamsiza ukuba agxile kulo msebenzi futhi asiqede isabelo sakhe. Ngokwesibonelo, wagcina ukuphila kwakhe kulula ukuze akwazi ukusebenzisa isikhathi namandla akhe enkonzweni. (Luka 9:58) Wayazi ukuthi kwakubalulekile ukuqeqesha abanye ukuze baqhubeke nomsebenzi wokushumayela ngemva kokufa kwakhe. (Luka 10:1-12; Johane 14:12) Wathembisa abafundi bakhe ukuthi wayeyobasiza enkonzweni “kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”Mathewu 28:19, 20.

LINGISA UKUQONDA KUKAJESU

Ukuqonda kusisiza sazi lokho abantu abakudingayo bese sikhetha amazwi ethu ngokucophelela (Bheka isigaba 15)

15. Singakubonisa kanjani ukuqonda enkulumweni yethu?

15 Singakulingisa kanjani ukuqonda kukaJesu? Enkulumweni yethu. Lapho sixoxa nabafowethu nodadewethu, sisebenzisa amagama azobakhuthaza, hhayi azobenza badangale. (Efesu 4:29) Lapho sikhuluma nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu, amazwi ethu kufanele “ayoliswe ngosawoti,” okungukuthi, kufanele sikhulume nabo ngendlela engacunuli. (Kolose 4:6) Sizama ukuqonda lokho abantu abakudingayo nalokho abanesithakazelo kukho bese siwakhetha ngokucophelela amazwi ethu. Uma sisebenzisa amazwi anomusa, abantu bangase bafune ukusilalela, futhi isigijimi sethu singase sibathinte izinhliziyo. Ngaphezu kwalokho, lapho sichaza izinkolelo zethu, sisebenzisa iBhayibheli noma nini lapho kungenzeka khona ngoba iZwi likaNkulunkulu yilo elinegunya. Siyazi ukuthi okushiwo iBhayibheli kunamandla ngaphezu kwanoma yini thina esingase siyisho.Hebheru 4:12.

16, 17. (a) Singabonisa kanjani ukuthi siyephuza ukuthukuthela futhi siyacabangela? (b) Singahlala kanjani sigxilile enkonzweni yethu?

16 Emizwelweni nasesimweni sethu sengqondo. Ukuqonda kusisiza ukuba silawule imizwelo yethu lapho sicindezelekile, futhi kusisiza ukuba ‘sephuze ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19) Lapho abantu besicasula, sizama ukuqonda ukuthi kungani bekhuluma noma benza ngendlela abenza ngayo. Kube sekuba lula ukubathethelela nokungabathukutheleli. (IzAga 19:11) Ukuqonda kusisiza nokuba sibe abacabangelayo. Asilindeli ukuphelela kubafowethu nodadewethu. Kunalokho, siyakhumbula ukuthi kungenzeka banezinkinga esingaziqondi ngokugcwele. Sizimisele ukulalela imibono yabo. Lapho kungenzeka khona, siyahoxa, singaphikeleli ukuba izinto zenziwe ngendlela yethu.Filipi 4:5.

17 Endleleni yethu yokuphila. Siyazi ukuthi ukushumayela izindaba ezinhle kuyilungelo elikhulu kunawo wonke esiyoke sibe nawo. Ngakho, sifuna ukwenza izinqumo eziyosisiza sihlale sigxilile enkonzweni yethu. Sikhetha ukubeka uJehova kuqala ekuphileni kwethu. Siphila ukuphila okulula ukuze sikwazi ukusebenzisa isikhathi namandla ethu ekushumayeleni izindaba ezinhle ngaphambi kokuba kufike ukuphela.Mathewu 6:33; 24:14.

18. Singaqhubeka kanjani nohambo lwethu oluya ekuphileni okuphakade, futhi uzimisele ukwenzani?

18 Kube injabulo ukufunda ngezinye zezimfanelo ezinhle zikaJesu! Cabanga ukuthi kungasizuzisa kanjani ukutadisha ngezinye izimfanelo zakhe nokufunda ukuba njengaye kakhudlwana. Ngakho, masizimisele ukulingisa uJesu. Ngokwenza kanjalo, siyoqhubeka nohambo lwethu oluya ekuphileni okuphakade futhi siyosondela ngokwengeziwe kuJehova.

^ isig. 2 Eyoku-1 Petru 1:8, 9 yayibhalelwe amaKristu anethemba lasezulwini. Kodwa amazwi kaPetru angasebenza nakumaKristu anethemba lokuphila phakade emhlabeni.

^ isig. 9 Ukuze uthole izibonelo zabantu ababonisa isibindi lapho bebhekene nezimo ezivivinyayo, bheka INqabayokulinda ka-December 1, 2000, amakhasi 24-28; i-Phaphama! ka-May 8, 2003, amakhasi 26-29; neka-January 22, 1995, amakhasi 11-15.