Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lingisa Ukuthobeka Nesisa SikaJesu

Lingisa Ukuthobeka Nesisa SikaJesu

“[UKristu] wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.”1 PETRU 2:21.

1. Kungani ukulingisa uJesu kuyosisondeza kakhudlwana kuJehova?

NGOKUVAMILE sizama ukulingisa abantu esibahloniphayo. Kubo bonke abantu abake baphila, uJesu Kristu nguyena muntu ongcono kakhulu ukuba simlingise. Ngani? Wake wathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Johane 14:9) Lokhu kungenxa yokuthi uJesu ubulingisa ngokuphelele ubuntu bukaYise. Ngakho, lapho sifunda ngoJesu, sisuke sifunda ngoJehova. Lapho silingisa uJesu, sisondela kakhudlwana kuJehova, uMuntu omkhulu kunabo bonke ezulwini nasemhlabeni. Yeka ilungelo!

2, 3. (a) Kungani uJehova asinika incazelo eningiliziwe ngokuphila kukaJesu, futhi yini uNkulunkulu wethu alindele ukuba siyenze? (b) Yini esizoyidingida kulesi sihloko nakwesilandelayo?

2 EBhayibhelini, uJehova usinike incazelo eningiliziwe ngokuphila kukaJesu. Kungani? UNkulunkulu wethu ufuna siyazi iNdodana yakhe ukuze sikwazi ukuyilingisa ngokuseduze. (Funda eyoku-1 Petru 2:21.) IBhayibheli lifanisa isibonelo uJesu asishiyela sona nezinyathelo. Kusho ukuthini lokho? UJehova ufuna silandele izinyathelo zeNdodana yakhe, silingise uJesu kukho konke akwenza. Yiqiniso, uJesu wayephelele, ngakho uJehova akalindele ukuba siyilingise ngokuphelele iNdodana yakhe. Kunalokho, ufuna senze okusemandleni ethu ukulingisa uJesu.

3 Ake sihlole ezinye zezimfanelo ezinhle zikaJesu. Kulesi sihloko, sizodingida ukuthobeka nesisa sakhe. Kwesilandelayo, sizoxoxa ngesibindi nokuqonda kwakhe. Sizophendula imibuzo emithathu ngemfanelo ngayinye: Isho ukuthini? UJesu wayibonisa kanjani le mfanelo? Singamlingisa kanjani?

UJESU UTHOBEKILE

4. Kusho ukuthini ukuba othobekile?

4 Kuyini ukuthobeka? Abantu abaningi abaqhoshayo bacabanga ukuthi ukuthobeka kuwuphawu lobuthakathaka noma lokungazethembi. Kodwa ingabe lokho kuyiqiniso? Empeleni, ukuze sithobeke, kudingeka siqine futhi sibe nesibindi. Ukuthobeka kuphambene nokuqhosha nokuzazisa. Igama elithi “ukuthobeka” eBhayibhelini lingahunyushwa nangokuthi ‘ukuthobeka kwengqondo.’ (Filipi 2:3) Ukuze sithobeke, kudingeka siqale sibe nesimo sengqondo esifanele ngathi ngokwethu. Ngokwesibonelo, esinye isichazamazwi seBhayibheli sithi: “Ukuthobeka kuwukwazi ukuthi siphansi kangakanani ngempela phambi kukaNkulunkulu.” Ngaphezu kwalokho, uma sithobekile, ngeke sibe nomuzwa wokuthi singcono kunabanye abantu. (Roma 12:3) Akulula kubantu abangaphelele ukubonisa le mfanelo. Kodwa singakufunda ukuthobeka uma sizindla ngobukhulu bukaJehova futhi silingisa isibonelo sikaJesu.

Uma sithobekile, ngeke sibe nomuzwa wokuthi singcono kunabanye abantu

5, 6. (a) Ungubani uMikayeli ingelosi enkulu? (b) UMikayeli wasibonisa kanjani isimo sengqondo sokuthobeka?

5 UJesu wakubonisa kanjani ukuthobeka? INdodana kaNkulunkulu ibilokhu ithobekile, kokubili njengengelosi enamandla ezulwini nanjengomuntu ophelele emhlabeni. Ake sihlole izibonelo ezimbalwa.

6 Isimo sakhe sengqondo. Encwadini yeBhayibheli kaJude, sifunda ngokuphila kukaJesu ngaphambi kokuba eze emhlabeni. (Funda uJude 9.) NjengoMikayeli ingelosi enkulu, uJesu ‘waba nokungezwani noDeveli’ futhi ‘waphikisana’ naleyo ngelosi embi “ngesidumbu sikaMose.” Ngemva kokuba uMose efile, uJehova wangcwaba isidumbu sakhe endaweni esasingeke sitholwe muntu kuyo. (Duteronomi 34:5, 6) Mhlawumbe uDeveli wayefuna ukulinga ama-Israyeli ukuba asebenzise isidumbu sikaMose ekukhulekeleni kwamanga. Kungakhathaliseki ukuthi bubi buni uDeveli ayebuhlosile, uMikayeli wamnqanda ngesibindi. Enye incwadi ithi amazwi athi ‘waba nokungezwani’ nathi ‘waphikisana’ asetshenziselwa nokuchaza “impikiswano engokomthetho” futhi angase asikisele ukuthi ‘uMikayeli wayethi uDeveli akanalo ilungelo lokuthatha isidumbu sikaMose.’ Noma kunjalo, le ngelosi enkulu yayazi ukuthi igunya layo lilinganiselwe. Ngakho, yadlulisela leli cala kuJehova, uMahluleli Ophakeme, okunguye yedwa owayenelungelo lokwahlulela uSathane. Yeka isimo sengqondo sokuthobeka uJesu asibonisa!

Ngokuthobeka uJesu wenza konke uJehova ayemtshele ukuba akwenze, “kwaze kwaba sekufeni”

7. UJesu wakubonisa kanjani ukuthobeka ngenkulumo nangezenzo zakhe?

7 Lapho uJesu esemhlabeni, wabuye wabonisa ukuthobeka ngenkulumo nangezenzo zakhe. Inkulumo yakhe. UJesu akazange nanini afune ukubukwa. Kunalokho, wayefuna ukuba lonke udumo luye kuYise. (Marku 10:17, 18; Johane 7:16) UJesu akazange nanini akhulume nabafundi bakhe ngendlela eyayibenza bazizwe beyiziphukuphuku noma bebancane. Kunalokho, wayebahlonipha futhi ebabonisa ukuthi uyabethemba ngokubancoma ngezimfanelo zabo ezinhle. (Luka 22:31, 32; Johane 1:47) Izenzo zakhe. UJesu wakhetha ukuphila ukuphila okulula, wangaba nezinto ezibonakalayo eziningi. (Mathewu 8:20) Wayezimisele ukwenza umsebenzi ophansi, abaningi ababengazimisele ukuwenza. (Johane 13:3-15) Wabeka isibonelo esiphelele sokuthobeka nangokulalela. (Funda eyabaseFilipi 2:5-8.) Ngokungafani nabantu abaqhoshayo abakuzondayo ukulalela abanye, ngokuthobeka uJesu wenza konke uJehova ayemtshele ukuba akwenze, “kwaze kwaba sekufeni.” Kusobala ukuthi uJesu, iNdodana yomuntu, ‘uthobekile ngenhliziyo.’Mathewu 11:29.

LINGISA UKUTHOBEKA KUKAJESU

8, 9. Singakubonisa kanjani ukuthobeka?

8 Singakulingisa kanjani ukuthobeka kukaJesu? Isimo sethu sengqondo. Lapho sithobekile, siyazi ukuthi igunya lethu lilinganiselwe. Ngakho-ke, siyazi ukuthi asinalo ilungelo lokwahlulela abanye abantu. Ngeke sibagxeke noma singabaze izisusa zabo. (Luka 6:37; Jakobe 4:12) Ukuthobeka kusisiza sigweme ukuba ‘abalunge ngokwedlulele.’ Lokhu kusho ukuthi ngeke sibe nomuzwa wokuthi singcono kunalabo abangenawo amakhono noma amalungelo esinawo. (UmShumayeli 7:16) Abadala abathobekile abacabangi ukuthi bangcono kunabafowabo nodadewabo. Kunalokho, laba belusi abanothando ‘babheka abanye njengabakhulu,’ okungukuthi, njengababalulekile kunabo.Filipi 2:3; Luka 9:48.

9 Cabanga ngoW. J. Thorn, owakhonza njengombonisi ojikelezayo kusukela ngo-1894. Ngemva kweminyaka eminingi, wabelwa ukuyonakekela izinkukhu eKingdom Farm eyayisemaphandleni aseNew York. Njalo lapho eba nomuzwa wokuthi kufanele ngabe wenza umsebenzi obaluleke kakhudlwana, uMfoweth’ uThorn wayezitshela: “Wena luthuli nje olungelutho. Yini onayo oqhosha ngayo?” (Funda u-Isaya 40:12-15.) Yeka isimo sengqondo sokuthobeka!

10. Singakubonisa kanjani ukuthobeka enkulumweni nasezenzweni zethu?

10 Inkulumo yethu. Uma sithobeke ngempela, lokhu kuyothonya indlela esikhuluma ngayo nabanye. (Luka 6:45) Lapho sikhuluma nabo, ngeke sigxile emalungelweni ethu nasezintweni esizifezile. (IzAga 27:2) Kunalokho, siyoncoma abafowethu nodadewethu ngezinto ezinhle abazenzayo futhi sigxile ezimfanelweni zabo ezinhle nasemakhonweni abo. (IzAga 15:23) Izenzo zethu. AmaKristu athobekile awazami ukuzitholela udumo noma ukuvelela kuleli zwe. Kunalokho, akhetha ukuphila ukuphila okulula, enze ngisho nemisebenzi ephansi, ukuze akwazi ukukhonza uJehova ngezinga okungenzeka ngalo. (1 Thimothewu 6:6, 8) Okubaluleke kakhulu, singabonisa ukuthobeka ngokulalela. Kumelwe sithobeke ukuze ‘silalele abaholayo’ ebandleni, samukele futhi silandele isiqondiso senhlangano kaJehova.Hebheru 13:17.

UJESU UNESISA

11. Siyini isisa?

11 Siyini isisa? Igama elithi “isisa” lisho ubumnene nokukhathalela. Isisa siyisici sothando futhi sithi asifane nobubele nesihe. IBhayibheli likhuluma ‘ngobubele besisa’ ‘nangokunakekela abanye ngesisa.’ (Efesu 4:32; 5:29) Enye incwadi yeBhayibheli ithi ukubonisa isisa kungaphezu nje kokubadabukela abaswele. Ithi ukuba nesisa kusho “ukukhathalela abanye kangangokuba sizihilele futhi sisize” ngokwenza okuthile okuyothuthukisa ukuphila kwabo. Isisa yimfanelo eshukumisela umuntu ukuba enze umahluko ekuphileni kwabanye.

12. Yini ebonisa ukuthi uJesu wayenobubele besisa ngabanye, futhi isisa sakhe samshukumisela ukuba enzeni?

12 UJesu wasibonisa kanjani isisa? Imizwa nezenzo zakhe zesisa. UJesu wayenobubele besisa ngabanye. Lapho ebona umngane wakhe uMariya nabanye bekhala ngenxa yokufa kukaLazaru, uJesu wakhala kanye nabo. (Funda uJohane 11:32-35.) Ububele obabumenze wafuna ukuvusa indodana yomfelokazi bamshukumisela ukuba avuse noLazaru. (Luka 7:11-15; Johane 11:38-44) Lesi senzo sesisa kungenzeka sanikeza uLazaru ithuba lokuthola ukuphila ezulwini. Ngaphambili uJesu wayebe nesisa ngesixuku eseza kuye. Ububele bakhe besisa bamshukumisela ukuba ‘asifundise izinto eziningi.’ (Marku 6:34) Leso senzo sakushintsha ukuphila kwalabo abalandela izimfundiso zakhe! Isisa sikaJesu sasingaphezu nje kokuba umuzwa. Sasimshukumisela nokuba asize abantu abaswele.Mathewu 15:32-38; 20:29-34; Marku 1:40-42.

13. UJesu wakhuluma kanjani nabanye ngesisa? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

13 Amazwi akhe esisa. Ububele bukaJesu bamshukumisela ukuba akhulume nabanye ngesisa, ikakhulu abacindezelekile. Umphostoli uMathewu wacaphuna amazwi ka-Isaya akhuluma ngoJesu. U-Isaya wathi: “Akukho mhlanga ofohlokile ayowuphula; futhi intambo yefilakisi esifiphele, ngeke ayicime.” (Isaya 42:3; Mathewu 12:20) Kusho ukuthini lokho? UJesu akazange ahlukumeze abantu noma abaphathe kabi. Kunalokho, wayekhuluma ngendlela ebaqabulayo. Washumayela isigijimi sethemba ‘kwabanhliziyo zaphukileyo.’ (Isaya 61:1) Wabiza abantu ‘ababekhandleka nababesindwa’ ukuba beze kuye ukuze ‘batholele imiphefumulo yabo ukuqabuleka.’ (Mathewu 11:28-30) Waqinisekisa abafundi bakhe ukuthi uNkulunkulu umkhathalela ngesisa umkhulekeli waKhe ngamunye, kuhlanganise ‘nabancane,’ noma labo izwe elalibabheka njengabangabalulekile.Mathewu 18:12-14; Luka 12:6, 7.

LINGISA ISISA SIKAJESU

14. Singababonisa kanjani abanye imizwa yesisa?

14 Singasilingisa kanjani isisa sikaJesu? Imizwa yethu yesisa. IBhayibheli lithi masisebenzele ekuboniseni “uthando lomzwelo,” ngisho noma kungeyona into engokwemvelo kithi. Le mizwa iyingxenye ‘yobuntu obusha’ uJehova alindele wonke amaKristu ukuba abugqoke. (Funda eyabaseKolose 3:9, 10, 12.) Ungayibonisa kanjani imizwa yesisa? IBhayibheli lithi: “Yanulekani.” (2 Korinte 6:11-13) Lalelisisa lapho othile ekutshela indlela azizwa ngayo nalokho okumkhathazayo. (Jakobe 1:19) Cabanga bese uzibuza: ‘Ukube bekuyimi osesimweni sakhe, bengizozizwa kanjani? Bengizodingani?’1 Petru 3:8.

15. Yini esingayenza ukuze sisize labo okungenzeka bashonelwe noma bayahlupheka?

15 Izenzo zethu zesisa. Isisa siyosishukumisela ukuba sisize abanye, ikakhulu labo abasosizini lokushonelwa noma abahluphekayo. Singabasiza kanjani? EyabaseRoma 12:15 ithi: “Khalani nabantu abakhalayo.” Ezikhathini eziningi, abantu basuke bedinga induduzo kunezixazululo. Badinga umngane onesithakazelo kubo futhi obalalelayo. Omunye udade owaduduzwa abazalwane nodade ngemva kokushonelwa indodakazi yakhe uthi, “Ngangikwazisa lapho abafowethu nodadewethu befika bamane nje bakhale kanye nami.” Isisa singasibonisa nangokusiza abanye ngezindlela ezingokoqobo. Mhlawumbe kunomfelokazi odinga usizo ekulungiseni izinto ezithile ekhaya lakhe. Noma mhlawumbe kunomKristu osekhulile odinga usizo ukuze aye emihlanganweni yebandla, ensimini, noma kudokotela. Ngisho nesenzo esincane somusa singenza umahluko omkhulu ekuphileni komuntu. (1 Johane 3:17, 18) Okubaluleke kakhulu, singabonisa abanye isisa ngokwenza konke okusemandleni ekushumayeleni izindaba ezinhle. Lena yindlela engcono kakhulu yokwenza umahluko ekuphileni kwabantu abaqotho!

Ingabe ubakhathalela ngobuqotho abafowenu nodadewenu? (Bheka isigaba 15)

16. Yini esingayisho ukuze sikhuthaze labo abacindezelekile?

16 Amazwi ethu esisa. Imizwa yethu yesisa iyosishukumisela ukuba ‘sikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:14) Yini esingayisho ukuze sikhuthaze abanjalo? Singabatshela ukuthi sibakhathalela kangakanani. Singabancoma, sibasize babone izimfanelo zabo ezinhle namakhono abo. Singabakhumbuza ukuthi uJehova wabasiza ukuba bathole iqiniso, ngakho kumelwe ukuba bayigugu kuye. (Johane 6:44) Singabaqinisekisa ukuthi uJehova uzikhathalela ngokujulile izinceku zakhe ‘ezaphukile enhliziyweni’ noma ‘ezinomoya ochobozekile.’ (IHubo 34:18) Amazwi ethu esisa angabaqabula ngempela labo abadinga induduzo.IzAga 16:24.

17, 18. (a) UJehova ulindele ukuba abadala baziphathe kanjani izimvu zakhe? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

17 Badala, uJehova ulindele ukuba niziphathe ngesisa izimvu zakhe. (IzEnzo 20:28, 29) Khumbulani ukuthi kuwumthwalo wenu wemfanelo ukufundisa, ukukhuthaza nokwenza izimvu zakhe ziqabuleke. (Isaya 32:1, 2; 1 Petru 5:2-4) Ngakho, umdala onobubele besisa ngeke azame ukulawula abafowabo—abashayele imithetho noma abenze bazizwe kabi ngoba efuna benze okwengeziwe, bebe bengenakukwazi. Kunalokho, umdala ufuna ukuba abafowabo nodadewabo bajabule ngempela, futhi uthemba ukuthi uthando lwabo ngoJehova luyobashukumisela ukuba banike uNkulunkulu okungcono kakhulu abangamnika kona.Mathewu 22:37.

18 Njengoba sizindla ngokuthobeka nesisa sikaJesu, siyoshukumiseleka ukuba simlingise. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngokuthi singasilingisa kanjani isibindi nokuqonda kukaJesu.