Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Londoloza Intshiseko Yakho Ngenkonzo

Londoloza Intshiseko Yakho Ngenkonzo

UKUSHUMAYELA izindaba ezinhle kuwumsebenzi obaluleke kakhulu owenziwa emhlabeni namuhla. Kuyilungelo ukumelela uJehova kulo msebenzi wokufundisa. Nokho, ngezinye izikhathi kungaba inselele kubamemezeli namaphayona ukulondoloza intshiseko yabo ngenkonzo. Kungani?

Yini engakusiza ulondoloze intshiseko yakho ngenkonzo?

Abanye abamemezeli bathola ukuthi baxoxa nabantu abambalwa kakhulu lapho beshumayela endlini ngendlu ngenxa yokuthi abantu abaningi basuke bengekho emakhaya. Lapho abantu bekhona emakhaya, kungenzeka bangabi nasithakazelo esigijimini soMbuso futhi bangase ngisho basithukuthelele. Abanye abamemezeli banensimu enkulu nethelayo kodwa banovalo lokuthi ngeke bakwazi ukushumayela kubo bonke abakuyo. Kanti abanye sebeneminyaka beshumayela futhi sebeye badangala ngenxa yokuthi ukuphela akukafiki.

Enkonzweni yethu ziyoba khona izinselele ezingathinta intshiseko yethu. Siphila ezweni elilawulwa “omubi,” uSathane uDeveli, ngakho sikulindele ukuthi kuyoba nzima ukushumayela izindaba ezinhle.1 Johane 5:19.

Noma ngabe iziphi izinselele obhekana nazo enkonzweni yakho, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyokusiza uzinqobe. Kodwa yini ongayenza ukuze ukhulise intshiseko yakho ngenkonzo? Ake sixoxe ngokusikisela okumbalwa.

SIZA ABAMEMEZELI ABASHA

Unyaka ngamunye, kubhapathizwa izinkulungwane zabantu njengoFakazi BakaJehova. Uma usanda kubhapathizwa, ungafunda okuningi kulabo asebeneminyaka beshumayela. Uma sekuyiminyaka ungummemezeli, ingabe ungasiza ekuqeqesheni abasebasha? Ukwenza kanjalo kungakwanelisa kakhulu.

UJesu wayazi ukuthi abafundi bakhe babedinga ukuqondiswa ukuze babe abafundisi abaphumelelayo futhi wababonisa indlela yokushumayela. (Luka 8:1) Namuhla, abasebasha badinga ukuqeqeshwa okufanayo ukuze babe izikhonzi eziphumelelayo.

Akufanele sicabange ukuthi ukuphuma kommemezeli osemusha insimu kusho ukuthi usefunda nendlela yokufundisa. Udinga ukufundiswa umqeqeshi onomusa nothando. Ummemezeli onokuhlangenwe nakho kudingeka amfundise (1) ukulungiselela nokuprakthiza lokho azokusho kumninikhaya, (2) ukuxoxa nabantu, (3) ukuhambisa incwadi, (4) ukwenza izimpindelo kwabanesithakazelo (5) nokuqala isifundo seBhayibheli. Ummemezeli omusha angaba isikhonzi esiphumelelayo uma ebheka futhi alingise indlela ummemezeli onokuhlangenwe nakho afundisa ngayo. (Luka 6:40) Ummemezeli osemusha uyozethemba ngokwengeziwe lapho azi ukuthi ukhona ozomsiza lapho kudingeka. Ukumncoma nokumcebisa nakho kungamsiza ummemezeli osemusha.UmShumayeli 4:9, 10.

XOXA NOHAMBA NAYE ENKONZWENI

Naphezu kwayo yonke imizamo yakho yokuxoxa nabaninikhaya ensimini, ngezinye izinsuku uyothola ukuthi ingxoxo emnandi kakhulu oyoyijabulela yileyo oyoba nayo nalowo ohamba naye. Khumbula ukuthi uJesu wabathuma “ngababili” abafundi bakhe ukuyoshumayela. (Luka 10:1) Njengoba besebenza ndawonye, babengakhuthazana futhi bashukumiselane ekwenzeni okuhle. Sinethuba elihle ‘lokukhuthazana’ lapho sisebenza nabafowethu nodadewethu enkonzweni.Roma 1:12.

Iziphi ezinye zezinto eningase nixoxe ngazo? Ingabe omunye wenu usanda kuba nokuhlangenwe nakho okukhuthazayo? Ingabe kunephuzu elithakazelisayo olifunde esifundweni somuntu siqu noma somkhaya? Ingabe ukhuthazwe okuthile okuzwe emhlanganweni webandla? Ngezinye izikhathi ungase usebenze nommemezeli ongamazi kahle. Mhlawumbe ungambuza ukuthi walithola kanjani iqiniso. Yini eyamenza waqiniseka ukuthi lena inhlangano kaJehova? Imaphi amalungelo noma okuhlangenwe nakho aye waba nakho? Mhlawumbe ungamxoxela okuhlangenwe nakho kwakho. Kungakhathaliseki ukuthi abantu basabela kanjani ensimini, uma usebenza nothile, ninethuba elihle lokuqhubeka “nakhana.”1 Thesalonika 5:11.

THUTHUKISA IZINGA LESIFUNDO SOMUNTU SIQU

Ukuze silondoloze intshiseko yethu ngenkonzo, kudingeka sithuthukise izinga lesifundo somuntu siqu. “Inceku ethembekileyo neqondayo” inyathelisa ukwaziswa okuphathelene nezindaba eziningi ezihlukahlukene esingazitadisha. (Mathewu 24:45) Ake sixoxe ngesibonelo esisodwa sendaba engasifanelekela kahle isifundo somuntu siqu: Kungani umsebenzi wokushumayela ubaluleke kakhulu? Ibhokisi elithi “ Kungani Kufanele Ulondoloze Intshiseko Yakho Ngenkonzo?” linikeza ezinye zezizathu.

Ukuhlola amaphuzu akuleli bhokisi kungakukhuthaza ukuba uqhubeke ushumayela ngentshiseko. Kwesinye isifundo somuntu siqu, zama ukubhala ezinye izizathu ezingokomBhalo zokushumayela ngentshiseko. Yibe usuzindla ngazo. Lapho wenza lokhu, intshiseko yakho ngenkonzo iyokhula.

ZIMISELE UKUZAMA IZINDLELA EZINTSHA

Inhlangano kaJehova isinikeza njalo ukusikisela okusisiza sithuthukise inkonzo yethu. Ngokwesibonelo, ngaphezu komsebenzi wendlu ngendlu, singazama nokubhala izincwadi, ukushumayela ngocingo, ukushumayela emigwaqweni noma kwezinye izindawo zomphakathi nokushumayela ngokwethukela noma ensimini yamabhizinisi. Mhlawumbe singahlela nokushumayela ezindaweni ezinoFakazi abambalwa noma ezingenabo nhlobo.

Ingabe uzimisele ukuzama izindlela ezintsha? Abaningi abaye bakuzama lokhu kusikisela baye baphumelela. Cabanga ngezibonelo ezintathu.

Udade okuthiwa u-April wanquma ukuzama ukusikisela okukwesinye sezihloko ze-Nkonzo Yethu YoMbuso kwendlela yokuqala izifundo zeBhayibheli. Wacela abantu abathathu asebenza nabo ukubafundela iBhayibheli. U-April wamangala futhi wajabula lapho bobathathu bevuma ukufundelwa, baqala ukuya emihlanganweni yebandla.

Siye sakhuthazwa nokuba sifune abantu abangase babe nesithakazelo ezihlokweni ezithile komagazini bethu. Umbonisi wesigodi e-United States wanquma ukuhambisela izimenenja zazo zonke izitolo zendawo zamathayi isihloko se-Phaphama! esikhuluma ngamathayi. Yena nomkakhe bahambisa ne-Phaphama! eyayikhuluma ngodokotela emahhovisi odokotela angaphezu kwekhulu. Uthi le mizamo iye yasiza abantu ukuba bajwayelane nomsebenzi wethu wokushumayela nezincwadi zethu. Ngemva kokubazi kangcono abantu bakuleyo nsimu, lo mbonisi wesigodi nomkakhe baye bakwazi ukwenza izimpindelo ezengeziwe.

Udade okuthiwa uJudy wabhalela endlunkulu yomhlaba wonke ebonga ngesikhuthazo sokushumayela ngocingo. Wathi unina, owayeneminyaka engu-86 ubudala futhi enezinkinga eziningi zempilo, wayeshumayela njalo ngocingo. Ngenxa yalokho, waqala ukufundela owesifazane owayeneminyaka engu-92 ubudala!

Ukusikisela okusezincwadini zethu kuyasebenza ngempela. Kuzame! Kungakusiza ulondoloze injabulo nentshiseko yakho ngenkonzo.

ZIBEKELE IMIGOMO EFINYELELEKAYO

Yini esenza siphumelele emsebenzini wethu wokushumayela? Akulona inani lezincwadi esizihambisayo, lezifundo zeBhayibheli esiziqhubayo, noma labantu esibasizayo babe oFakazi BakaJehova. Cabanga ngoNowa. Ngaphandle komndeni wakhe, bangaki abantu abasiza ukuba babe abakhulekeli bakaJehova? Nokho, akungabazeki ukuthi wayengumshumayeli ophumelelayo. Okubalulekile ukuba sikhonze uJehova ngokwethembeka.1 Korinte 4:2.

Abamemezeli abaningi bayaqaphela ukuthi ukuze babe nomdlandla ngomsebenzi wokushumayela, kudingeka bazibekele imigomo efinyelelekayo. Imiphi eminye yale migomo? Embalwa yayo isebhokisini elithi “ Zibekele Imigomo Efinyelelekayo.

Cela uJehova akusize wenze inkonzo yakho ibe ejabulisayo nenenjongo. Lapho ufinyelela imigomo yakho, uyozizwa wanelisekile ngokwazi ukuthi wenza konke ongakwenza ekushumayeleni izindaba ezinhle.

Kuyiqiniso ukuthi ukushumayela izindaba ezinhle kungaba inselele. Kodwa kunezinto ongazenza ukuze ushiseke enkonzweni yakho. Xoxa ngendlela ekhuthazayo nohamba naye, yenza isifundo somuntu siqu singaphuthi futhi sibe nenjongo, zama ukusikisela kwenceku ethembekileyo neqondayo futhi uzibekele imigomo efinyelelekayo. Okubaluleke kunakho konke, khumbula ukuthi uJehova uNkulunkulu ukunikeze ilungelo lokushumayela izindaba ezinhle njengomunye woFakazi bakhe. (Isaya 43:10) Yebo, uyothola injabulo enkulu njengoba uqhubeka ulondoloza intshiseko yakho ngenkonzo!