Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uqondisa Umsebenzi Wethu Wokufundisa Emhlabeni Wonke

UJehova Uqondisa Umsebenzi Wethu Wokufundisa Emhlabeni Wonke

“Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.”ISAYA 48:17.

1. Yini eye yawenza waba nzima umsebenzi wokushumayela?

LAPHO abantu bakaJehova beqala ukushumayela izindaba ezinhle eminyakeni engaphezu kwengu-130 edlule, babhekana nezinselele eziningi. * (Bheka umbhalo waphansi.) NjengamaKristu ekhulwini lokuqala, babeyiqembu elincane futhi beshumayela umyalezo iningi elalingawuthandi. Abanye abantu babebabheka njengabangafundile. Kamuva, lapho uSathane ephonswa phansi emhlabeni, bashushiswa. (IsAmbulo 12:12) Kusukela ngaleso sikhathi, bebelokhu beshumayela kulezi ‘zinsuku zokugcina okunzima ukubhekana nazo.’2 Thimothewu 3:1.

2. Yini uJehova abeyenza ukuze asisize ekushumayeleni?

2 Kodwa uJehova ubelokhu ebasiza abantu bakhe. Ufuna bashumayele izindaba ezinhle emhlabeni wonke, futhi ngeke avumele lutho ukuba luwuvimbe lowo msebenzi. Uye wasiza abantu bakhe ukuba bamkhulekele ngendlela ayamukelayo ngokubahlukanisa enkolweni yamanga. Nangesikhathi esidlule wenza okufanayo lapho ekhulula ama-Israyeli eBhabhiloni. (IsAmbulo 18:1-4) Lokho uJehova asifundisa kona kuyasizuzisa ngabanye. Usisiza ukuba sihlalisane ngokuthula, asiqeqeshe nokuba sifundise abanye ngaye. (Funda u-Isaya 48:16-18.) Ukuthi uJehova uqondisa umsebenzi wethu akusho ukuthi ngaso sonke isikhathi ushintsha izenzakalo zezwe ukuze asisize sishumayele. Yiqiniso, ezinye izinto eziye zenzeka emhlabeni ziwenze waba lula umsebenzi wethu wokushumayela. Kodwa sisashushiswa futhi sibhekana nezinye izinkinga ezibangelwa izwe likaSathane. Sikwazi ukushumayela kuphela ngoba sisizwa uJehova.Isaya 41:13; 1 Johane 5:19.

3. Isiprofetho sikaDaniyeli siye sagcwaliseka kanjani?

3 UDaniyeli waprofetha ukuthi esikhathini sokuphela, abantu abaningi babeyoliqonda iqiniso leBhayibheli. (Funda uDaniyeli 12:4.) Ngaphambi nje kokuqala ‘kwesikhathi sokuphela,’ uJehova wasiza abantu bakhe ukuba baqonde izimfundiso zeBhayibheli ezibalulekile nokuba balahle izimfundiso zamanga zeLobukholwa. Namuhla, abantu bakhe bafundisa iqiniso leBhayibheli kuwo wonke umhlaba. Kusobala ukuthi isiprofetho sikaDaniyeli siye sagcwaliseka. Abantu abacela ezigidini ezingu-8 baye bafunda iqiniso futhi balifundisa abanye. Iziphi-ke ezinye zezinto eziye zasiza abantu bakaJehova ukuba bashumayele emhlabeni wonke?

UKUHUMUSHA IBHAYIBHELI

4. Ngonyaka ka-1900, iBhayibheli lase lihunyushelwe ezilimini ezingaki?

4 Namuhla, abantu abaningi banalo iBhayibheli, futhi lokhu kuyasisiza ekubafundiseni izindaba ezinhle. Kodwa kunesikhathi lapho kwakungenjalo. Kwaphela amakhulu eminyaka, abefundisi beLobukholwa bengafuni ukuba abantu bafunde iBhayibheli. Baze babashushisa labo ababelifunda futhi babulala abathile ababelihumusha. Kodwa kwabe sekuthi ngawo-1800, izinhlangano ezithile zahumusha noma zanyathelisa iBhayibheli noma izingxenye zalo ngezilimi ezingaba ngu-400. Ngonyaka ka-1900, abantu abaningi base benalo iBhayibheli. Noma kunjalo, babengakuqondi elikufundisayo.

5. Imuphi umsebenzi oFakazi BakaJehova abaye bawenza ukuze bahumushe iBhayibheli?

5 Abantu bakaJehova babazi ukuthi kudingeka bazise abanye ngalokho iBhayibheli elikufundisayo, futhi benza kanjalo. Baqale basebenzisa amaBhayibheli ezinguqulo ezazitholakala, futhi bawahambisela abantu. Kusukela ngo-1950, baye banyathelisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele noma izingxenye zayo ngezilimi ezingaphezu kuka-120. Ngo-2013, banyathelisa uhlelo olubukeziwe lwe-Nguqulo Yezwe Elisha ngesiNgisi. Kulula ukuqonda nokuhumusha lolu hlelo. Lapho sisebenzisa iBhayibheli abantu abaliqondayo, kuba lula ukubafundisa iqiniso.

IZIKHATHI ZOKUTHULA

6, 7. (a) Iziphi izimpi eziye zalwiwa phakathi neminyaka eyikhulu edlule? (b) Izikhathi zokuthula emazweni athile zisisize kanjani ekushumayeleni?

6 Phakathi neminyaka eyikhulu edlule, kube nezimpi eziningi, kuhlanganise nezimpi zezwe ezimbili. Kufe izigidi zabantu. Ukuthula kube khona kanjani-ke, futhi kubasize kanjani abantu bakaJehova ukuba bashumayele? Ngesikhathi seMpi Yezwe II, owayehola emsebenzini woFakazi BakaJehova kwakunguNathan Knorr. Emhlanganweni wango-1942, wabeka inkulumo evusa amadlingozi enesihloko esithi “Ukuthula—Ingabe Kungahlala Njalo?” UMfoweth’ uKnorr wachaza isiprofetho sesAmbulo 17 wayesebonisa ngaso ukuthi i-Armagedoni yayingezukuba khona ngaleso sikhathi. Ngemva kwempi, kwakuzoba nesikhathi sokuthula.IsAmbulo 17:3, 11.

7 Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi ngemva kwempi kwaba nokuthula yonke indawo. Kusukela eMpini Yezwe II, kuye kwafa izigidi kwezinye izimpi. Kodwa emazweni amaningi, kuye kwaba nezikhathi zokuthula ezikwenze kwaba lula ngabantu bakaJehova ukushumayela. Kube namuphi umphumela? Phakathi neMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova babengaphansi kuka-110 000. Kodwa namuhla bacela ezigidini ezingu-8! (Funda u-Isaya 60:22.) Yebo, ngezikhathi zokuthula sikwazi ukushumayela izindaba ezinhle kubantu abaningi nakakhulu.

UKUTHUTHUKISWA KWEZINDLELA ZOKUHAMBA

8, 9. Ukuhamba kuye kwaba lula kanjani, futhi kungani lokhu kusisiza emsebenzini wethu?

8 Lapho abantu bakaJehova beqala ukushumayela e-United States, kwakungelula ukuhamba. Ngo-1900, eminyakeni engaba ngu-21 beqale ukunyathelisa INqabayokulinda ngesiNgisi, kwakunezimoto ezingaba ngu-8 000 kuphela futhi imbalwa imigwaqo emihle kulelo zwe. Kodwa namuhla, kunezimoto ezingaphezu kwezigidi eziyinkulungwane nengxenye emhlabeni wonke futhi kunemigwaqo eminingi emihle ezindaweni eziningi. Ngakho, siyakwazi ukusebenzisa izimoto nemigwaqo ukuze siyoshumayela kubantu abasezindaweni ezicezile nokunzima ukuzifinyelela. Kodwa ngisho noma sihlala endaweni okungahambeki kalula kuyo futhi kudingeka sihambe amabanga amade ngezinyawo, senza konke esingakwenza ukuze siyoshumayeza abantu nomaphi lapho betholakala khona.Mathewu 28:19, 20.

Senza konke esingakwenza ukuze siyoshumayeza abantu nomaphi lapho betholakala khona

9 Sisebenzisa nezinye izinhlobo zezinto zokuhamba. Sithumela amaBhayibheli nezinye izincwadi ngamaloli, imikhumbi nezitimela. Lokhu kusho ukuthi ngamasonto ambalwa nje singathumela izincwadi kubafowethu nodadewethu abahlala ezindaweni ezicezile. Ababonisi bezigodi, amalungu amaKomiti Amagatsha, izithunywa zevangeli nabanye bahamba ngendiza lapho beyonikeza izinkulumo emihlanganweni emikhulu nalapho beyosiza amabandla. Amalungu eNdikimba Ebusayo nabanye abazalwane abavela endlunkulu yomhlaba wonke nabo bahamba ngendiza lapho beya emazweni amaningi beyokhuthaza futhi beyoqeqesha abafowabo nodadewabo. Konke lokhu kusiza abantu bakaJehova ukuba babe nobunye.IHubo 133:1-3.

ULIMI NOMSEBENZI WOKUHUMUSHA

10. IsiNgisi sisetshenziswa kanjani emhlabeni wonke?

10 Ekhulwini lokuqala, ulimi olwalukhulunywa abantu abaningi ababehlala endaweni yoMbuso WamaRoma kwakuyisiGreki. Namuhla, ulimi olukhulunywa abantu abaningi emhlabeni wonke isiNgisi. Eqinisweni, incwadi ethi English as a Global Language ithi cishe ingxenye eyodwa kwezine yabantu abasemhlabeni iyasikhuluma noma iyasiqonda isiNgisi. Abantu abaningi bafunda isiNgisi ngoba sisetshenziswa emhlabeni wonke kwezamabhizinisi, ezombusazwe, ezesayensi nezobuchwepheshe.

11. IsiNgisi siye sawuthinta kanjani umsebenzi wabantu bakaJehova?

11 Ukusetshenziswa kabanzi kwesiNgisi kuye kwasiza ekusakazeni iqiniso. Esikhathini esidlule, izincwadi zethu zazitholakala ngesiNgisi kuqala. Abantu abaningi babekwazi ukuzifunda njengoba isiNgisi sikhulunywa emhlabeni wonke. Kusetshenziswa isiNgisi nasendlunkulu yethu yomhlaba wonke. Ezikoleni zethu ezisePatterson, eNew York, kuqeqeshwa abafowethu nodadewethu abavela emazweni ngamazwe abasiqondayo isiNgisi.

OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bayaluqonda ‘ulimi oluhlanzekile’ lweqiniso leBhayibheli futhi banobunye

12. Izincwadi zethu ziye zahunyushelwa ezilimini ezingaki, futhi izinhlelo zama-computer ziye zasiza kanjani kulokhu?

12 Kodwa sinomthwalo wemfanelo wokushumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke. Yingakho sihumusha izincwadi zethu ngezilimi ezingaphezu kuka-700. Sikwaze kanjani ukwenza lokhu? Ama-computer nezinhlelo zama-computer ezinjenge-MEPS, kuye kwasisiza emsebenzini wokuhumusha. Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bayakwazi ukuqonda ‘ulimi oluhlanzekile’ lweqiniso leBhayibheli futhi babe nobunye.Funda uZefaniya 3:9.

IMITHETHO NEZINQUMO ZEZINKANTOLO

13, 14. Imithetho nezinqumo zezinkantolo kuye kwasisiza kanjani?

13 Imithetho yaseRoma yawasiza ngezindlela eziningi amaKristu ekhulwini lokuqala ekushumayeleni. Nanamuhla, imithetho yamazwe amaningi iyasisiza njengoba senza umsebenzi wokushumayela. Ngokwesibonelo, imithetho yase-United States inikeza abantu ilungelo lokuzikhethela inkolo, lokukhuluma ngezinkolelo zabo nelokuhlangana ndawonye. Lokhu kusho ukuthi kulelo zwe sinenkululeko yokuba nemihlangano nokushumayela. Sinanenkululeko yokuhlela umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke sisendlunkulu yethu yomhlaba wonke e-United States. Yiqiniso, zikhona izikhathi lapho kuye kwadingeka ukuba siye ezinkantolo siyovikela ilungelo lethu lokushumayela izindaba ezinhle. (Filipi 1:7) Lapho amajaji nabasizi bawo kulezo zinkantolo bezama ukusiphuca ilungelo lethu lokushumayela, siye saya ezinkantolo eziphakeme lapho ngokuvamile sifike sanqoba khona.

14 Nakwamanye amazwe siye saya ezinkantolo siyovikela inkululeko yethu yokukhulekela uJehova neyokushumayela. Lapho icala lisilahla, siye saya ezinkantolo zamazwe ngamazwe. Ngokwesibonelo, sekukaningi siya eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu. Ngo-June 2014, sase sinqobe amacala angu-57 kuleyo Nkantolo, futhi izinqumo zayo kumelwe zihlonishwe emazweni amaningi aseYurophu. Ngisho noma ‘sizondwa yizizwe zonke,’ imithetho yamazwe amaningi iye yasivumela ukuba sikhulekele uJehova ngokukhululekile.Mathewu 24:9.

IZINTO EZISUNGULIWE EZIBE USIZO

Sinyathelisa izincwadi zeBhayibheli ngezilimi eziningi

15. Izindlela zokunyathelisa ziye zathuthuka kanjani futhi lokhu kuye kwasisiza kanjani?

15 Izindlela ezintsha zokunyathelisa ziye zasisiza ukuba sishumayele izindaba ezinhle kubantu abaningi ngokwengeziwe. Kwaphela amakhulu eminyaka abantu besebenzisa indlela yokunyathelisa eyasungulwa nguJohannes Gutenberg cishe ngo-1450. Kodwa kule minyaka engu-200 edlule, imishini yokunyathelisa iye yathuthuka ngezindlela eziningi. Kwasungulwa indlela yokunyathelisa eyi-offset; ngemva kwalokho, ukunyathelisa kwashesha futhi izinga lomsebenzi lathuthuka. Ukwenza iphepha nokuhlanganisa izincwadi nakho akubange kusabiza. Lolu shintsho luye lwazithinta kanjani izincwadi zethu? Ngo-1879, kwanyatheliswa INqabayokulinda yokuqala ngesiNgisi kuphela. Yayingenazo izithombe futhi kwanyatheliswa amakhophi angu-6 000. Namuhla, INqabayokulinda inyatheliswa ngezilimi ezingaphezu kuka-200. Inezithombe ezinhle ezinemibala futhi kunyatheliswa amakhophi angaphezu kuka-50 000 000 kamagazini ngamunye.

16. Iziphi izinto ezisunguliwe eziye zasisiza ukuba sishumayele emhlabeni wonke? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

16 Izinto eziningi ezisungulwe phakathi neminyaka engu-200 edlule ziye zasiza abantu bakaJehova ekushumayeleni izindaba ezinhle. Sesikhulumile ngezitimela, izimoto nezindiza. Kodwa kuye kwaba khona namabhayisikili, imishini yokubhala, imishini yeBraille, izincwadi zocingo, izingcingo, amakhamera, imishini yokuqopha umsindo nezithombe, umsakazo, ithelevishini, amabhayisikobho, ama-computer ne-Internet. Nakuba lezi zinto zingasungulwanga abantu bakaJehova, bayazisebenzisa ekukhiqizeni amaBhayibheli nezinye izincwadi ngezilimi eziningi nasekushumayeleni emhlabeni wonke. Ngale ndlela, ‘bancela ubisi lwezizwe,’ njengoba nje iBhayibheli laprofetha.Funda u-Isaya 60:16.

UJehova uyasithanda futhi ufuna sisebenze kanye naye

17. (a) Yini esobala ngomsebenzi wokushumayela? (b) Kungani uJehova efuna ukuba sisebenze kanye naye?

17 Kusobala ukuthi umsebenzi wethu wokushumayela uqondiswa uJehova. UJehova usinikeze lo msebenzi, hhayi ngoba engenakuwenza ngaphandle kosizo lwethu kodwa ngenxa yokuthi uyasithanda futhi ufuna sisebenze kanye naye. Ngokushumayela, simbonisa ukuthi siyamthanda nokuthi siyabathanda abanye abantu. (Marku 12:28-31; 1 Korinte 3:9) Asive simbonga uJehova ngokusisiza sishumayele emhlabeni wonke. Ngakho, kwangathi singasebenzisa wonke amathuba esinawo okushumayela ngoJehova nangoMbuso wakhe!

^ isig. 1 Kusukela cishe ngo-1870, abantu bakaJehova babaziwa ngokuthi abaFundi BeBhayibheli. Ngo-1931, baqala ukusebenzisa igama elithi oFakazi BakaJehova.Isaya 43:10.